Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Niye Nezwa Ngokukhuthazela KukaJobe”

“Niye Nezwa Ngokukhuthazela KukaJobe”

“Niye Nezwa Ngokukhuthazela KukaJobe”

“Niye nezwa ngokukhuthazela kukaJobe futhi nabona umphumela uJehova awunikeza, ukuthi uJehova unothando futhi unesihe.”—JAKOBE 5:11.

1, 2. Iluphi uvivinyo omunye umbhangqwana wasePoland owabhekana nalo?

 UHARALD ABT wayengakayihlanganisi iminyaka emibili engomunye woFakazi BakaJehova lapho ibutho likaHitler lidla iDanzig (manje eyiGdańsk) enyakatho yePoland. Izinto zabe seziba nzima, empeleni zaba yingozi, kumaKristu eqiniso lapho. Amaphoyisa eGestapo azama ukuphoqa uHarald ukuba asayine incwadi yokuphika ukholo lwakhe, kodwa wenqaba. Ngemva kokuchitha amasonto athile esejele, uHarald wathunyelwa ekamu lokuhlushwa laseSachsenhausen, lapho asongelwa futhi washaywa kaningi khona. Esinye isikhulu sakhomba ushimula kahhavini wokushisa izidumbu, sathi kuHarald, “Uma unamathela okholweni lwakho, uzokhuphuka laphaya uye kuJehova wakho zingakapheli izinsuku ezingu-14.”

2 Lapho uHarald eboshwa, umkakhe, u-Elsa, wayesancelisa intombazanyana yabo enezinyanga eziyishumi. Kodwa amaphoyisa eGestapo awamyekanga u-Elsa. Kungakabiphi, waphucwa umntanakhe, yena wathunyelwa ekamu lokubulawa e-Auschwitz. Kodwa waqhubeka ephila iminyaka eminingi, njengoHarald. Kuyi-Nqabayokulinda ka-October 15, 1980, ungazifundela okwengeziwe ngendlela abakhuthazela ngayo. UHarald wabhala: “Ngichithe iminyaka engu-14 yokuphila kwami ngisemakamu okuhlushwa nasemajele ngenxa yokholo lwami kuNkulunkulu. Abanye baye bangibuze: ‘Umkakho wakusiza yini ukuba ukhuthazelele konke lokhu?’ Akeve angisiza! Kusukela ekuqaleni nje ngangazi ukuthi wayengasoze ahlehla okholweni lwakhe, futhi ukwazi lokho kwangiqinisa. Ngangazi ukuthi wayengancamela ukungibona ngiyisidumbu kunokuba ezwe ukuthi ngikhululeke ngenxa yokuhlehla [okholweni]. . . . U-Elsa wakhuthazelela izinhlupheko eziningi eminyakeni ayichitha emakamu okuhlushwa amaJalimane.”

3, 4. (a) Iziphi izibonelo ezingakhuthaza amaKristu ukuba akhuthazele? (b) Kungani iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sihlole okwenzeka kuJobe?

3 Akulula neze ukubhekana nokuhlushwa, njengoba oFakazi abaningi bengavuma. Ngenxa yalokho, iBhayibheli leluleka wonke amaKristu: “Thathani abaprofethi abakhuluma egameni likaJehova njengesibonelo sokukhuthazela ngaphansi kokubi nokubekezela.” (Jakobe 5:10) Sekuyizinkulungwane zeminyaka izinceku zikaNkulunkulu eziningi zishushiswa ngaphandle kwesizathu. Izibonelo zaleli ‘fu elikhulu lofakazi’ zingasikhuthaza ukuba siqhubeke siwugijima ngokukhuthazela umncintiswano wethu wobuKristu.—Hebheru 11:32-38; 12:1.

4 EBhayibhelini, uJobe uyisibonelo esivelele sokukhuthazela. UJakobe wabhala: “Bhekani! Sithi bayajabula labo abaye bakhuthazela. Niye nezwa ngokukhuthazela kukaJobe futhi nabona umphumela uJehova awunikeza, ukuthi uJehova unothando futhi unesihe.” (Jakobe 5:11) Okwehlela uJobe kusinika umbono mayelana nomvuzo oyotholwa abathembekile ababusiswa uJehova. Okubaluleke kakhulu, kuveza amaqiniso ayosisiza ezikhathini zosizi. Incwadi kaJobe isisiza ukuba siphendule le mibuzo: Lapho sisekulingweni, kungani kumelwe sizame ukuqonda izimpikiswano eziyinhloko ezihilelekile? Iziphi izimfanelo nezimo zengqondo ezisisiza ukuba sikhuthazele? Singawaqinisa kanjani amanye amaKristu asezinhluphekweni?

Ukuthola Umbono Ogcwele

5. Iyiphi inselele eyinhloko okufanele siyikhumbule lapho sibhekene novivinyo noma izilingo?

5 Ukuze sihlale siqinile ngokomoya lapho sisebunzimeni, kudingeka siqonde konke okuhilelekile. Ngale kwalokho, izinkinga zethu zingafiphaza umbono wethu ongokomoya. Okubaluleke kakhulu yimpikiswano yobuqotho kuNkulunkulu. UBaba wethu osezulwini usinxusa ngamazwi ngamunye okufanele awabheke ngokungathí sina: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.” (IzAga 27:11) Yeka ilungelo eliyingqayizivele! Naphezu kobuthakathaka nokungapheleli kwethu, singamenza uMdali wethu ajabule. Lokho sikwenza lapho uthando lwethu ngoJehova lusenza simelane novivinyo nezilingo. Uthando lweqiniso lobuKristu lukhuthazelela zonke izinto. Aluhluleki nanini.—1 Korinte 13:7, 8.

6. USathane umklolodela kanjani uJehova, futhi ngezinga elingakanani?

6 Incwadi kaJobe ibonisa ngokucacile ukuthi nguSathane oklolodela uJehova. Iveza nobubi balesi sitha esingabonakali nesifiso saso sokonakalisa ubuhlobo bethu noNkulunkulu. Njengoba kwabonakala endabeni kaJobe, eqinisweni uSathane uthi zonke izinceku zikaJehova zinezisusa zobugovu futhi ufuna ukubonisa ukuthi uthando lwazo ngoNkulunkulu lungaphola. Sekuyizinkulungwane zeminyaka eklolodela uNkulunkulu. Lapho uSathane exoshwa ezulwini, izwi elivela lapho lambiza ngokuthi “ummangaleli wabafowethu,” lathi ubamangalela “imini nobusuku phambi kukaNkulunkulu wethu.” (IsAmbulo 12:10) Ngokukhuthazela ngokwethembeka singabonisa ukuthi izinto abamangalela ngazo zingamanga.

7. Iyiphi indlela engcono kunazo zonke esingamelana ngayo nobuthakathaka obungokwenyama?

7 Kumelwe sikhumbule ukuthi uDeveli uyosebenzisa noma iluphi usizi esingase sibhekane nalo ukuze azame ukusiqhelisa kuJehova. Wamlinga nini uJesu? Lapho uJesu elambile ngemva kokuzila izinsuku eziningi. (Luka 4:1-3) Nokho, amandla kaJesu angokomoya amenza wakwazi ukumelana ngokuqinile nezilingo zikaDeveli. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukumelana nanoma ibuphi ubuthakathaka obungokwenyama—mhlawumbe obubangelwa ukugula noma ukukhula—ngosizo lwamandla angokomoya! Nakuba “umuntu esinguye ngaphandle ewohloka,” asiyeki ngoba “umuntu esinguye ngaphakathi wenziwa musha usuku nosuku.”—2 Korinte 4:16.

8. (a) Imizwelo edikibalisayo ingalimaza kanjani? (b) Isiphi isimo sengqondo uJesu ayenaso?

8 Ngaphezu kwalokho, imizwelo edikibalisayo ingamlimaza umuntu ngokomoya. Umuntu angase azibuze, ‘UJehova angayivumela kanjani le nto?’ Lapho ephathwe kabi, omunye angase abuze, ‘Umzalwane angangiphatha kanjani kanje?’ Imizwa enjalo ingasenza singazinaki izimpikiswano eziyinhloko, kodwa sigxile ngokuphelele ezimweni zethu. Ukukhungatheka kukaJobe ngenxa yabangane bakhe abathathu ababenhlanhlatha kubonakala kwamlimaza ngokomzwelo ngezinga elifanayo nalelo ukugula kwakhe okwamlimaza ngalo ngokwenyama. (Jobe 16:20; 19:2) Ngokufanayo, umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi ukuqhubeka uthukuthele ‘kunganikeza uDeveli indawo,’ noma ithuba. (Efesu 4:26, 27) Kunokuba amaKristu abhodlele kubantu noma agxile ngokweqile ebubini besimo, kungcono alingise uJesu ‘ngokuzibeka kulowo owahlulela ngokulunga,’ uJehova uNkulunkulu. (1 Petru 2:21-23) Ukuba ‘nesimo sengqondo’ sikaJesu kungaba isivikelo esikhulu ekuhlaseleni kukaSathane.—1 Petru 4:1.

9. Isiphi isiqinisekiso uNkulunkulu asinika sona mayelana nemithwalo okudingeka siyithwale noma izilingo esibhekana nazo?

9 Ngaphezu kwakho konke, akumelwe nanini sibheke izinkinga zethu njengobufakazi obuqinisekile bokuthi uNkulunkulu akajabuli ngathi. Lokho kucabanga okuyiphutha kwamlimaza uJobe lapho abaduduzi-mbumbulu bakhe bemgxeka ngokhahlo. (Jobe 19:21, 22) IBhayibheli lisiqinisekisa ngala mazwi: “UNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Ngokuphambene nalokho, uJehova uthembisa ukusisiza sithwale noma imuphi umthwalo esibhekene nawo nokusinikeza indlela yokuphunyula kunoma isiphi isilingo esisifikelayo. (IHubo 55:22; 1 Korinte 10:13) Ngokusondela kuNkulunkulu ezikhathini zosizi, singalondoloza umbono ofanele futhi simelane ngempumelelo noDeveli.—Jakobe 4:7, 8.

Usizo Lokukhuthazela

10, 11. (a) Yini eyasiza uJobe ukuba akhuthazele? (b) Ukuba nonembeza omuhle kwamsiza kanjani uJobe?

10 Naphezu kwesimo sikaJobe esinzima—kuhlanganise nokugxekwa abaduduzi-mbumbulu nokudideka kwakhe ngokuqondene nembangela yangempela yosizi lwakhe—uJobe walondoloza ubuqotho bakhe. Yini esingayifunda ekukhuthazeleni kwakhe? Ngokungangabazeki, isizathu esiyisisekelo sokuphumelela kwakhe kwakuwukwethembeka kwakhe kuJehova. ‘Wayemesaba uNkulunkulu futhi ekugwema okubi.’ (Jobe 1:1) Leyo kwakuyindlela yakhe yokuphila. UJobe wenqaba ukufulathela uJehova, ngisho nalapho engaqondi ukuthi kungani izinto zazimane zamphendukela. UJobe wayekholelwa ukuthi kufanele akhonze uNkulunkulu kukuhle noma kukubi.—Jobe 1:21; 2:10.

11 Okunye okwaduduza uJobe ukuba nonembeza omuhle. Lapho kubonakala sengathi wayesezokufa, kwamduduza ukwazi ukuthi wayenze okusemandleni akhe ukuze asize abanye, wayenamathele ezindinganisweni zikaJehova zokulunga nokuthi wayegweme zonke izinhlobo zokukhulekela kwamanga.—Jobe 31:4-11.

12. UJobe wasabela kanjani osizweni aluthola ku-Elihu?

12 Nokho, kuyiqiniso ukuthi uJobe wayedinga usizo ukuze alungise umbono wakhe ezicini ezithile. Lolo sizo walwamukela ngokuthobeka—okungesinye isihluthulelo sokukhuthazela kwakhe ngempumelelo. UJobe wasilalela ngenhlonipho iseluleko sika-Elihu esihlakaniphile, futhi wasabela kahle lapho uJehova emlungisa. Wavuma: ‘Ngakhuluma, kodwa ngangingaqondi. Ngiyahoxa, futhi ngiphenduka othulini nasemlotheni.’ (Jobe 42:3, 6) Naphezu kwesifo esasisamphethe, uJobe wajabula ngokuthi lokhu kulungiswa kokucabanga kwakhe kwakumsondeze ngokwengeziwe kuNkulunkulu. Wathi: “Sengiyazi ukuthi [wena Jehova] uyakwazi ukwenza zonke izinto.” (Jobe 42:2) Ngenxa yokuthi uJehova wamchazela ubukhulu bakhe, uJobe wasiqonda ngokucace kakhudlwana isimo sakhe uma eqhathaniswa noMdali.

13. Ukubonisa isihe kwamsiza kanjani uJobe?

13 Okokugcina, uJobe uyisibonelo esivelele sesihe. Abaduduzi-mbumbulu bakhe bamzwisa ubuhlungu obukhulu, kodwa lapho uJehova emcela ukuba abathandazele, wakwenza. Ngemva kwalokho, uJehova wamphulukisa. (Jobe 42:8, 10) Kusobala ukuthi intukuthelo ngeke isisize ukuba sikhuthazele, kanti uthando nesihe kuyosisiza. Ukunganqotshwa intukuthelo kuyasiqabula ngokomoya, futhi uJehova uyayibusisa leyo nkambo.—Marku 11:25.

Abeluleki Abahlakaniphile Abasisiza Ukuba Sikhuthazele

14, 15. (a) Iziphi izimfanelo eziyokwenza umeluleki akwazi ukwelapha abanye? (b) Chaza ukuthi kungani u-Elihu aphumelela ekusizeni uJobe.

14 Esinye isifundo esingasithola endabeni kaJobe ukubaluleka kwabeluleki abahlakaniphile. Abeluleki abanjalo banjengabafowabo bomuntu ‘abazalelwe isikhathi sosizi.’ (IzAga 17:17) Nokho, njengoba okwehlela uJobe kubonisa, abanye abeluleki bangalimaza kunokuba belaphe. Umeluleki omuhle kudingeka abonise uzwela, inhlonipho nomusa, njengoba kwenza u-Elihu. Abadala namanye amaKristu avuthiwe kungase kudingeke balungise ukucabanga kwabazalwane abasindwa izinkinga, futhi abeluleki abanjalo bangafunda lukhulu ngalesi sici encwadini kaJobe.—Galathiya 6:1; Hebheru 12:12, 13.

15 Indlela u-Elihu ayisingatha ngayo indaba inezifundo eziningi ezinhle. Walalela ngesineke ngaphambi kokuphendula, ngemva kokuba abangane abathathu bakaJobe bekhulume amazwi ayiphutha. (Jobe 32:11; IzAga 18:13) U-Elihu wambiza ngegama uJobe, emncenga njengomngane. (Jobe 33:1) Ngokungafani nabaduduzi-mbumbulu abathathu, akazange azibheke njengongcono kunoJobe. Wathi: “Nami futhi ngabunjwa ngobumba.” Wayengafuni ukunezela ebuhlungwini bukaJobe ngamazwi angenangqondo. (Jobe 33:6, 7; IzAga 12:18) Kunokumgxeka uJobe ngendlela aziphatha ngayo, u-Elihu wamtusa ngokulunga kwakhe. (Jobe 33:32) Okubaluleke kakhulu, u-Elihu wabheka izinto ngombono kaNkulunkulu, futhi wasiza uJobe ukuba agxile eqinisweni lokuthi uJehova akasoze enza okungenabulungisa. (Jobe 34:10-12) Wakhuthaza uJobe ukuba alinde uJehova, kunokuba azame ukubonisa ukuthi ulungile. (Jobe 35:2; 37:14, 23) Ngokuqinisekile abadala abangamaKristu nabanye bangazuza kulezi zifundo.

16. Abaduduzi-mbumbulu bakaJobe abathathu baba kanjani amathuluzi kaSathane?

16 Iseluleko esihlakaniphile sika-Elihu sihlukile emazwini alimazayo ka-Elifazi, uBhilidadi noSofari. UJehova wabatshela: “Nina madoda anizange nikhulume okuyiqiniso ngami.” (Jobe 42:7) Ngisho noma babengathi babeqonde ukusiza, baba amathuluzi kaSathane kunokuba abangane abathembekile. Kusukela ekuqaleni, bobathathu bacabanga ukuthi uJobe uzenzile. (Jobe 4:7, 8; 8:6; 20:22, 29) Ngokuka-Elifazi, uNkulunkulu akazethembi izinceku zakhe, futhi akanandaba nokuthi silungile noma cha. (Jobe 15:15; 22:2, 3) Waze wabeka uJobe amacala angawenzanga. (Jobe 22:5, 9) Ngakolunye uhlangothi, u-Elihu wamsiza uJobe ngokomoya, okuyiwona mgomo womeluleki onothando ngaso sonke isikhathi.

17. Yini okufanele siyikhumbule lapho sisesimweni esivivinyayo?

17 Kunesinye futhi isifundo sokukhuthazela esingasithola encwadini kaJobe. UNkulunkulu wethu onothando uyasibona isimo sethu, uzimisele ukusisiza ngezindlela ezihlukahlukene futhi uyakwazi ukusisiza. Ekuqaleni sikhulume ngalokho okwenzeka ku-Elsa Abt. Cabanga ngesiphetho afinyelela kuso: “Ngaphambi kokuba ngiboshwe, ngangike ngafunda incwadi kadade othile eyathi lapho usovivinyweni olukhulu umoya kaJehova ubangela ukuba ufikelwe ukuzola. Ngacabanga ukuthi kukhona nehaba elithile. Kodwa lapho uvivinyo selubhekene nami, ngabona ukuthi wayeqinisile. Kuba njalo ngempela. Kunzima ukukucabanga uma ungakaze ukuzwe. Kwenzeka ngempela kimi. UJehova uyasiza.” U-Elsa wayengakhulumi ngalokho uJehova ayengakwenza noma akwenza ezinkulungwaneni zeminyaka edlule, osukwini lukaJobe. Wayekhuluma ngesikhathi sethu. Yebo, “uJehova uyasiza”!

Uyajabula Umuntu Okhuthazelayo

18. Iziphi izinzuzo uJobe azithola ngokukhuthazela?

18 Ababaningi kithi okuyoke kudingeke babhekane nosizi olunzima njengolukaJobe. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi iluphi uvivinyo esilutholayo kulesi simiso sezinto, sinezizathu ezinengqondo zokugcina ubuqotho bethu, njengoba uJobe enza. Empeleni, ukukhuthazela kwakucebisa ukuphila kukaJobe. Kwamphelelisa, wangantula lutho. (Jakobe 1:2-4) Kwaqinisa ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. UJobe wavuma: “Ngizwile ngawe ngenzwabethi, kodwa manje iso lami liyakubona.” (Jobe 42:5) Kwabonakala ukuthi uSathane ungumqambimanga ngoba wahluleka ukuphula ubuqotho bukaJobe. Nangemva kwamakhulu eminyaka, uJehova wakhuluma ngenceku yakhe uJobe njengeyisibonelo sokulunga. (Hezekeli 14:14) Nanamuhla, umlando wakhe wobuqotho nokukhuthazela uyabashukumisa abantu bakaNkulunkulu.

19. Kungani unomuzwa wokuthi ukukhuthazela kuwufanele umzamo?

19 Lapho uJakobe ebhalela amaKristu ekhulu lokuqala ngokukhuthazela, wabhekisela ekwanelisekeni okukulethayo. Wasebenzisa isibonelo sikaJobe ukuze awakhumbuze ukuthi uJehova uzinika umvuzo ocebile izinceku zakhe ezithembekile. (Jakobe 5:11) KuJobe 42:12 siyafunda: “UJehova wabusisa isiphetho sikaJobe kamuva ngaphezu kwesiqalo sakhe.” UNkulunkulu wakubuyisa sekuphindwe kabili lokho okwakulahlekele uJobe, futhi waphila ngenjabulo isikhathi eside. (Jobe 42:16, 17) Ngokufanayo, noma ibuphi ubuhlungu, ukuhlupheka, noma usizi esingase silukhuthazelele phakathi nokuphela kwalesi simiso sezinto luyosuswa lungaphinde lukhunjulwe ezweni elisha likaNkulunkulu. (Isaya 65:17; IsAmbulo 21:4) Siye sezwa ngokukhuthazela kukaJobe, futhi ngosizo lukaJehova, sizimisele ukulingisa isibonelo sakhe. IBhayibheli liyathembisa: “Uyajabula umuntu oqhubeka ekhuthazelela ukulingwa, ngoba lapho amukeleka uyokwamukela umqhele wokuphila uJehova awuthembisa labo abaqhubeka bemthanda.”—Jakobe 1:12.

Ungaphendula Kanjani?

• Singayenza kanjani inhliziyo kaJehova ijabule?

• Kungani kungafanele siphethe ngokuthi izinkinga zethu zibonisa ukuthi uNkulunkulu akajabuli ngathi?

• Iziphi izici ezasiza uJobe ukuba akhuthazele?

• Singamlingisa kanjani u-Elihu lapho siqinisa amanye amaKristu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 28]

Umeluleki omuhle ubonisa uzwela, inhlonipho nomusa

[Izithombe ekhasini 29]

U-Elsa noHarald Abt