Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJobe—Indoda Ekhuthazelayo Neqotho

UJobe—Indoda Ekhuthazelayo Neqotho

UJobe—Indoda Ekhuthazelayo Neqotho

“Ingabe ubeké inhliziyo yakho encekwini yami uJobe, ukuthi akukho muntu onjengaye emhlabeni, umuntu ongasoleki futhi oqotho, owesaba uNkulunkulu futhi okugwemayo okubi?”—JOBE 1:8.

1, 2. (a) Iziphi izenzakalo ezingalindelekile ezehlela uJobe? (b) Chaza ukuphila kukaJobe ngaphambi kokuba aficwe yilezi zenzakalo.

 INDODA ethile yayibonakala inakho konke—ingcebo, ukuhlonishwa, impilo enhle nomkhaya ojabulayo. Yabe seyehlelwa izinto ezintathu ezibuhlungu izikhathi zilandelana. Ngesikhashana nje, yalahlekelwa ingcebo yayo. Ngemva kwalokho, isivunguvungu esingalindelekile sabulala zonke izingane zayo. Kusenjalo, yaphathwa isifo esiqeda amandla esayishiya inamathumba abuhlungu umzimba wonke. Cishe uyakhumbula ukuthi leyo ndoda nguJobe, umuntu osemqoka encwadini yeBhayibheli ebizwa ngegama lakhe.—Jobe, izahluko 1 no-2.

2 UJobe waquma: “O ukube benginjengasezinyangeni zakudala.” (Jobe 3:3; 29:2) Lapho kufika usizi, ubani nje ongafisi izinsuku esezadlula. UJobe wayephile ngobuqotho, kunjengokungathi uvikelekile ezintweni ezibuhlungu. Abantu abavelele babemhlonipha, befuna izeluleko zakhe. (Jobe 29:5-11) Wayecebile, kodwa enombono wokulinganisela ngemali. (Jobe 31:24, 25, 28) Lapho ehlangana nabafelokazi noma izintandane eziswele wayezisiza. (Jobe 29:12-16) Wahlala ethembekile nakumkakhe.—Jobe 31:1, 9, 11.

3. UJehova wayembheka kanjani uJobe?

3 UJobe wayephila ngokungasoleki ngoba wayekhulekela uNkulunkulu. UJehova wathi: “Akukho muntu onjengaye emhlabeni, umuntu ongasoleki futhi oqotho, owesaba uNkulunkulu futhi okugwemayo okubi.” (Jobe 1:1, 8) Naphezu kokuziphatha kwakhe ngobuqotho, izinsizi zamphuca ukuphila kwakhe okuntofontofo. Konke ayekuqongelele kwanyamalala, futhi ubuhlungu, usizi nokukhungatheka kwavivinya lokho ayikho ngempela.

4. Kungani kuzosisiza ukuxoxa ngosizi lukaJobe?

4 Yebo, uJobe akayona ukuphela kwenceku kaNkulunkulu eyehlelwa usizi. Maningi amaKristu namuhla abhekana nesimo esifana nesakhe. Ngenxa yalokhu, kunemibuzo emibili ekufanelekelayo ukuba sixoxe ngayo: Ukukhumbula usizi lukaJobe kungasisiza kanjani lapho sivelelwa izinhlekelele? Kungasifundisa kanjani ukuzwelana ngokwengeziwe nabanye abasosizini?

Impikiswano Novivinyo Lobuqotho

5. NgokukaSathane, kungani uJobe ayekhonza uNkulunkulu?

5 Okwehlela uJobe kwakungavamile. UJobe wayengazi ukuthi uDeveli wayengabaze izisusa zakhe zokukhonza uNkulunkulu. Lapho uJehova ebhekisela ezimfanelweni ezinhle zikaJobe emhlanganweni othile ezulwini, uSathane waphendula: “Awuzange yini wena umbiyele yena nendlu yakhe nakho konke anakho nxazonke?” Ngakho, uSathane wathi uJobe wayeshukunyiswa ubugovu—wabopha ngabhande linye zonke ezinye izinceku zikaNkulunkulu. Wathi kuJehova: “Ngiyacela, ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho ubone ukuthi ngeke yini akuthuke khona kanye ebusweni bakho.”—Jobe 1:8-11.

6. Iyiphi impikiswano ebalulekile eyaphakanyiswa uSathane?

6 Lena kwakuyimpikiswano ebalulekile. USathane wayebekela inselele indlela uJehova abusa ngayo. Kungenzeka ngempela yini ukuba uNkulunkulu abuse indawo yonke ngothando? Noma, njengoba kwasikisela uSathane, ingabe kuyogcina kunqobe ubugovu ngaso sonke isikhathi? Ngenxa yokwethemba inceku yakhe ukuthi iqotho, uJehova wamvumela uDeveli ukuba asebenzise uJobe njengesibonelo ekutholeni izimpendulo. Ngakho, nguSathane uqobo owabangela izinhlekelele ezehlela uJobe zilandelana. Lapho uSathane ehluleka ekuqaleni, wahlukumeza uJobe ngesifo esibuhlungu. Wathi: “Isikhumba ngesikhumba, futhi umuntu uyokhipha konke anakho ngenxa yomphefumulo wakhe.”—Jobe 2:4.

7. Iziphi izindlela izinceku zikaNkulunkulu namuhla ezibhekana ngazo nokuvivinywa okufana nokukaJobe?

7 Nakuba iningi lamaKristu namuhla lingahlupheki ngezinga uJobe ahlupheka ngalo, kukhona izinsizi ezinhlobonhlobo eziwehlelayo. Amaningi ayashushiswa noma abhekane nezinkinga ekhaya. Ubunzima bezomnotho noma impilo ebuthaka kungakhungathekisa. Amanye aye afela ukholo lwawo. Yebo, akumelwe siphethe ngokuthi zonke izinhlupheko esibhekana nazo zibangelwa uSathane ngokuqondile. Empeleni, ezinye izinkinga zingase zibangelwe amaphutha ethu uqobo noma ufuzo. (Galathiya 6:7) Sonke sibhekana nemiphumela emibi yokukhula nezinhlekelele zemvelo. IBhayibheli likwenza kucace ukuthi okwamanje, uJehova akazivikeli ngokuyisimangaliso izinceku zakhe kulezi zinsizi.—UmShumayeli 9:11.

8. USathane angazama kanjani ukusebenzisa izinsizi esibhekana nazo?

8 Nokho, uSathane angase asebenzise izinsizi zethu ukuze awohloze ukholo lwethu. Umphostoli uPawulu wakhuluma ngokuhlushwa “iva enyameni, ingelosi kaSathane,” eyayilokhu ‘imshaya.’ (2 Korinte 12:7) Kungakhathaliseki ukuthi lena kwakuyinkinga esemzimbeni, njengeyamehlo, noma okunye, uPawulu wayeqonda ukuthi uSathane wayengasebenzisa leyo nkinga nokukhungatheka eyayikubangela ukuze aphuce uPawulu injabulo nobuqotho bakhe. (IzAga 24:10) Namuhla, uSathane angase ashoshozele amalungu omkhaya, esifunda nabo esikoleni, noma ngisho ohulumeni bomashiqela ukuba bashushise izinceku zikaNkulunkulu ngandlela-thile.

9. Kungani kungafanele zisimangaze ngokweqile izinhlupheko noma ushushiso?

9 Singabhekana kanjani nalezi zinkinga ngempumelelo? Ngokuzibheka njengethuba lokubonisa ukuthi uthando lwethu ngoJehova nokuzithoba kwethu ebukhosini bakhe akushintshashintshi. (Jakobe 1:2-4) Kungakhathaliseki ukuthi yini esibangela usizi, ukuqonda ukubaluleka kokuba qotho kuNkulunkulu kuyosisiza sihlale siqinile ngokomoya. Umphostoli uPetru wabhalela amaKristu: “Bathandekayo, ningakhungathekiswa ukusha enikuzwayo, okwenzeka kini ngenjongo yokunivivinya, njengokungathi nehlelwa yinto eyinqaba.” (1 Petru 4:12) UPawulu wachaza: “Bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.” (2 Thimothewu 3:12) USathane usabubekela inselele ubuqotho boFakazi BakaJehova, njengoba enza kuJobe. Empeleni, iBhayibheli libonisa ukuthi uSathane uyakuqinisa ukuhlasela kwakhe abantu bakaNkulunkulu kulezi zinsuku zokugcina.—IsAmbulo 12:9, 17.

Ukungaqondi Neseluleko Esibi

10. Isimo sikaJobe sasinzima ngani?

10 Thina sisesimweni esingcono kunesikaJobe. Yena wayengazi ukuthi kungani ehlelwa izinhlekelele. Ngephutha, waphetha ngokuthi ngandlela-thile ‘uJehova wayephile, futhi uJehova wayethathile.’ (Jobe 1:21) Kungenzeka ukuthi uSathane wayefuna uJobe acabange ukuthi ukuhlupheka kwakhe kwakubangelwa uNkulunkulu.

11. Chaza indlela uJobe asabela ngayo ezinsizini abhekana nazo.

11 UJobe wadikibala kakhulu, nakuba enqaba ukwethuka uNkulunkulu njengoba umkakhe ayemnxenxa ukuba enze kanjalo. (Jobe 2:9, 10) Wathi: ‘Ababi kubonakala kubahambela kahle kakhulu kunami.’ (Jobe 21:7-9) Kumelwe ukuba wazibuza, ‘UNkulunkulu ungijeziselani?’ Kwakuba nezikhathi lapho ayencamela khona ukufa. Wathi: “O ukube ubungangithukusa eShiyoli, ukube ubungangigcina ngisithekile kuze kunqamuke intukuthelo yakho!”—Jobe 14:13.

12, 13. Amazwi abangane bakaJobe abathathu amthinta kanjani?

12 UJobe wayenabangane abathathu abamvakashela, njengokungathi ‘bazozwelana naye futhi bamduduze.’ (Jobe 2:11) Nokho, baba “ngabaduduzi abayinkathazo.” (Jobe 16:2) UJobe wayengase azuze kubangane ayengathululela kubo izinkinga zakhe, kodwa laba abathathu banezela ekudidekeni kwakhe, bamenza wakhungatheka nakakhulu.—Jobe 19:2; 26:2.

13 Kungenzeka ukuthi uJobe wayezibuza: ‘Kungani kwenzeka kimi? Ngenzeni?’ Abangane bakhe banikeza izincazelo ezazimlahlekisa ngokuphelele. Bathatha ngokuthi uJobe wayezibangele yena lokhu kuhlupheka ngokwenza isono esithile esingathí sina. U-Elifazi wabuza: “Ubani omsulwa owake washabalala? . . . Ngokwalokho engikubonile, labo abaceba okulimazayo nalabo abahlwanyela inkathazo bayovuna kona.”—Jobe 4:7, 8.

14. Kungani kungafanele sivele sithi umuntu uhlupheka ngoba engaziphethe kahle?

14 Yiqiniso, izinkinga zingavela uma sihlwanyela ngokuvumelana nenyama esikhundleni somoya. (Galathiya 6:7, 8) Nokho, kulesi simiso sezinto, izinkinga zingavela kungakhathaliseki ukuthi siziphatha kanjani. Ngaphezu kwalokho, akunakushiwo neze ukuthi abalungileyo abehlelwa usizi. UJesu Kristu, ‘owayengangcolile, ehlukanisiwe nezoni,’ wafa kabuhlungu esigxotsheni sokuhlushwa, kanti umphostoli uJakobe wafela ukholo. (Hebheru 7:26; IzEnzo 12:1, 2) Ukucabanga okuyiphutha kuka-Elifazi nabangane bakhe ababili kwenza uJobe wazama ukuvikela idumela lakhe elihle, wagcizelela ubumsulwa bakhe. Noma kunjalo, ukuphikelela kwabo bethi ukuhlupheka kukaJobe kwakumfanele kungenzeka kwathonya umbono kaJobe ngobulungisa bukaNkulunkulu.—Jobe 34:5; 35:2.

Ukuthola Usizo Lapho Sibhekene Nosizi

15. Ikuphi ukucabanga okuyosisiza lapho sibhekene nokuhlupheka?

15 Sikhona yini isifundo esingasifunda kulokhu? Izinsizi, ukugula, noma ushushiso kungase kubonakale kungenabulungisa nakancane. Kuba sengathi abanye abantu azibehleli eziningi zalezi zinkinga. (IHubo 73:3-12) Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke sizibuze le mibuzo ebalulekile: ‘Ingabe uthando lwami ngoNkulunkulu lungishukumisela ukuba ngimkhonze noma sekunjani? Ngiyakulangazelela yini ukwenza uJehova akwazi “ukuphendula omklolodelayo?”’ (IzAga 27:11; Mathewu 22:37) Akumelwe nanini sivumele amazwi angenangqondo ashiwo abanye asenze singabaze uBaba wethu osezulwini. Omunye umKristu othembekile owagula iminyaka eminingi wake wathi: “Ngiyazi ukuthi noma yini uJehova ayivumelayo, ngiyokwazi ukubhekana nayo. Ngiyazi ukuthi uyonginika amandla engiwadingayo. Selokhu kwathi nhlo, wenza kanjalo.”

16. IZwi likaNkulunkulu libasiza kanjani ababhekene nobunzima?

16 Ngokuqondene namaqhinga kaSathane, kunokuthile esikuqondayo uJobe ayengakuqondi. “Asibona abangenalwazi ngamacebo akhe,” noma ubuqili. (2 Korinte 2:11) Ngaphezu kwalokho, sinomtapo wokuhlakanipha esingatapa kuwo. EBhayibhelini, sithola izindaba zabesilisa nabesifazane abathembekile abakhuthazelela izinhlobonhlobo zobunzima. Umphostoli uPawulu, owahlupheka kakhulu, wabhala: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) Omunye uFakazi waseYurophu owaboshelwa ukholo lwakhe phakathi nempi yezwe yesibili wathenga iBhayibheli ngokudela ukudla izinsuku ezintathu. Uthi: “Yeka indlela okwangizuzisa ngayo lokho! Nakuba ngalamba ngokwenyama, ngathola ukudla okungokomoya okwaqinisa mina nabanye ovivinyweni lwethu ngalezo zikhathi ezinzima. Lelo Bhayibheli lisekhona nanamuhla.”

17. Imaphi amalungiselelo kaNkulunkulu angasisiza ukuba sikhuthazele?

17 Ngaphandle kwenduduzo esemiBhalweni, sinezinsiza-kutadisha zeBhayibheli eziningi ezinikeza isiqondiso esinengqondo sokubhekana nezinkinga. Uma ubheka i-Watch Tower Publications Index, cishe uzothola okuhlangenwe nakho komunye umKristu owake wabhekana novivinyo oluthi alufane nolwakho. (1 Petru 5:9) Kungase kusize nokuxoxa ngezimo zakho nabadala abanozwela noma amanye amaKristu avuthiwe. Ngaphezu kwakho konke, lapho uthandaza ungathembela osizweni oluvela kuJehova nomoya wakhe ongcwele. UPawulu wamelana kanjani ‘nokushaywa’ uSathane? Ngokufunda ukuncika emandleni kaNkulunkulu. (2 Korinte 12:9, 10) Wabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Filipi 4:13.

18. Amanye amaKristu angasinikeza kanjani isikhuthazo esiyigugu?

18 Ngakho, usizo luyatholakala, futhi ungalokothi unqikaze ukulucela. Kunesaga esithi: “Ingabe uzibonise udangele ngosuku losizi? Amandla akho ayoba mancane.” (IzAga 24:10) Njengoba nje umuhlwa ungagcina uyiwisile indlu yezingodo, nokudumazeka kungabuwohloza ubuqotho bomKristu. Ukuze sigweme le ngozi, uJehova usisekela ngezinceku zakhe esikanye nazo. Ngobusuku bokuboshwa kwakhe, ingelosi yabonakala kuJesu yamqinisa. (Luka 22:43) Lapho esohambweni oluya eRoma eyisiboshwa, uPawulu “wabonga uNkulunkulu, wama isibindi” lapho ehlangana nabazalwane eSigcawini sika-Aphiyo naseTresi Thaberne. (IzEnzo 28:15) UFakazi othile waseJalimane usalukhumbula namanje usizo aluthola lapho efika ekamu lokuhlushwa laseRavensbrück esemusha, ethukile. Uyakhumbula: “Ngathi ngifika nje ngathola omunye umKristu owangamukela ngokufudumele. Omunye udade othembekile wanginakekela, waba njengomama wami ongokomoya.”

“Zibonakalise Uthembekile”

19. Yini eyasiza uJobe ukuba amelane nemizamo kaSathane?

19 UJehova wachaza uJobe njengomuntu ‘obambelele ngokuqinile ebuqothweni bakhe.’ (Jobe 2:3) Nakuba ayedumazekile futhi engaqondi ukuthi kungani ehlupheka, uJobe akazange nanini antengantenge empikiswaneni ebalulekile yobuqotho. Wenqaba ukulahla izindinganiso ayekade ephila ngazo. Wagomela: “Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami ngize ngiphangalale!”—Jobe 27:5.

20. Kungani ukukhuthazela kufaneleka?

20 Ukuzimisela okufanayo kuyosisiza ukuba sigcine ubuqotho bethu kunoma iziphi izimo—lapho sibhekene nezilingo, ukuphikiswa, noma izinhlupheko. UJesu watshela ibandla laseSmirna: “Ungazesabi izinto osazohlupheka ngazo. Bheka! UDeveli uzoqhubeka ephonsa abanye kini etilongweni ukuze nivivinywe ngokugcwele, ukuze futhi nibe nosizi [izinkinga, izinhlupheko, noma ukucindezelwa] izinsuku eziyishumi. Zibonakalise uthembekile kuze kube ngisho nasekufeni, khona-ke ngiyokunika umqhele wokuphila.”—IsAmbulo 2:10.

21, 22. Lapho sibhekene nosizi, singaduduzwa ukwazi ini?

21 Kulesi simiso esibuswa uSathane, ukukhuthazela nobuqotho bethu kuzovivinywa. Nokho, uJesu usiqinisekisa ukuthi njengoba sibheke esikhathini esizayo, asinasizathu sokwesaba. Into ebalulekile ukuzibonakalisa sithembekile. UPawulu wathi: “Usizi lungolomzuzwana,” kuyilapho “inkazimulo,” noma umvuzo uJehova asithembisa wona, ‘inesisindo esidlulele ngokwengeziwe futhi ihlala phakade.’ (2 Korinte 4:17, 18) Ngisho nosizi lukaJobe lwalungolwesikhashana uma luqhathaniswa neminyaka eminingi ejabulisayo aba nayo ngaphambi nangemva kovivinyo lwakhe.—Jobe 42:16.

22 Noma kunjalo, kungase kube nezikhathi ekuphileni kwethu lapho uvivinyo esibhekene nalo lubonakala lungapheli futhi izinhlupheko zithi azibe ngaphezu kwamandla. Esihlokweni esilandelayo, sizohlola indlela lokho okwehlela uJobe okungasifundisa ngayo izifundo ezengeziwe ngokukhuthazela. Sizobheka nezindlela esingaqinisa ngazo abanye ababhekana nosizi.

Ungaphendula Kanjani?

• Iyiphi impikiswano ebalulekile uSathane ayiphakamisa ngobuqotho bukaJobe?

• Kungani usizi kungafanele lusimangaze ngokweqile?

• UJehova usisiza kanjani ukuba sikhuthazele?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 23]

Ukucwaninga, ukukhuluma namaKristu avuthiwe nokuthulula inhliziyo yethu ngomthandazo kungasisiza sikhuthazele