Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwanda Okuqabulayo Esiqhingini Esihle

Ukwanda Okuqabulayo Esiqhingini Esihle

Ukwanda Okuqabulayo Esiqhingini Esihle

AKUNGABAZEKI ukuthi abavakashela eTaiwan bahlatshwa umxhwele uhlaza olumila ezindaweni ezishisayo olumboze lesi siqhingi. Izitshalo ezincane zerayisi ezinhle futhi eziluhlaza ziyashintsha zibe nombala osagolide uma selivuthiwe. Izintaba zinamahlathi aminyene futhi enile. Ngokungafani namadolobha amakhulu aminyene, uhlaza olumila endle nasezintabeni buyaqabula ngempela. Empeleni, yilokho okwashukumisela umuntu wokuqala waseNtshonalanga owabona lesi siqhingi ukuba asethe igama elithi i-Ilha Formosa, noma “Isiqhingi Esihle.”

Yebo, iTaiwan iyisiqhingi esihle kodwa esincane—ingamakhilomitha angu-390 ubude namakhilomitha angu-160 ububanzi. Indawo enkulu yalesi siqhingi igcwele izintaba eziphakeme. IYü Shan (iNtaba iMorrison) iphakeme kuneNtaba iFuji yaseJapane noma iNtaba iCook yaseNew Zealand. Amathafa awumngcingo asogwini azungeza izintaba ezimaphakathi aze afinyelele olwandle, futhi agcwele inqwaba yabantu baseTaiwan, kumanje enabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-22.

Ukwanda Ngokomoya

Nokho, kunokwanda okubonakala ngokwengeziwe eTaiwan—ukwanda ngokomoya. Lokhu kubonakala ngentshiseko abantu abasha nabadala abayibonisayo lapho nje sebemazi uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Ngempela, kuhlaba umxhwele ukubona ukwanda kwenani lalabo abasebenza ngentshiseko ukuze basize abanye bafunde ngoJehova nangezinjongo zakhe.

Ukwanda kwenza kube nesidingo sokunwetshwa kwezakhiwo. Ngo-December 1990, kwathengwa indawo ukuze kwandiswe ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Izakhiwo ezaziseTaipei zase zizincane kakhulu ukuba zinganakekela izidingo zabamemezeli boMbuso baseTaiwan ababengu-1 777 ngaleso sikhathi. Ngemva kweminyaka eminingana izisebenzi zokuzithandela zendawo nezivela kwamanye amazwe ezincane nezindala zisebenza ngenkuthalo, ngo-August 1994 izakhiwo ezintsha futhi ezinhle eHsinwu zase zilungele ukusetshenziswa. Ngaleso sikhathi babengu-2 515 ababeshumayela izindaba ezinhle ezivela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Manje, ngemva kweminyaka engaphezu kweyishumi, leli nani seliye laphindeka kabili, laba ngu-5 500, futhi inyanga nenyanga ingxenye eyodwa kwezine yalelo nani ihlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele. Okuphawuleka kakhulu izinsizwa nezintombi eziqabula “njengamaconsi amazolo” ekuseni.—IHubo 110:3.

Ukuthuthuka Ngokomoya Kwabantwana

Abamemezeli abaningi bezindaba ezinhle abashisekayo basebancane impela. Abanye basanda kuqala isikole. Ngokwesibonelo, edolobheni elisenyakatho yeTaiwan, kwamenywa umbhangqwana ukuba uze okokuqala ngqá eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, lapho oFakazi BakaJehova befundiswa khona indlela yokufundisa amaqiniso eBhayibheli. Lo mbhangqwana wakhexa lapho ubona umfana omncane, uWeijun, efunda iBhayibheli endaweni yesikhulumi kamnandi ukudlula nabanye abantu abadala. Kwabe sekuthi kweminye imihlangano owaya kuyo, wahlatshwa umxhwele kakhulu ukuthi ngisho nabantwana abangakangeni esikoleni baphendula ngobuhlakani. Lo mbhangqwana waphawula indlela abaziphatha kahle ngayo abantwana eHholo LoMbuso.

Kungani laba bantwana begxile kangaka emfundweni yeBhayibheli kuleli zwe elinamaBuddha namaTao amaningi? Kungenxa yokuthi abazali babo abangamaKristu baye basebenzisa izimiso zeBhayibheli futhi baye bakha ukuphila komkhaya okujabulisayo okugxile ebuhlotsheni noJehova. Ngenxa yokuthi abazali bakaWeijun bayazama ukwenza isifundo seBhayibheli somkhaya nenkonzo yasensimini kujabulise, umfowabo nodadewabo abadala kunaye sebengoFakazi ababhapathiziwe. Muva nje lapho uWeijun ecela ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela obala, unina wathi lo mfana kakade wayesehambise omagazini abaningi ngaleyo nyanga kunalabo ababehanjiswe umkhaya wonke. Kusobala ukuthi uyakujabulela ukuxoxa ngeqiniso, ukuphendula emihlanganweni nokuhlanganyela nabanye lokho akufundile.

Njengoba Bekhula

Laba bantwana baqhuba kanjani lapho bekhula? Iningi liyaqhubeka nokubonisa uthando oluqotho ngoJehova nangenkonzo. Ngokwesibonelo, uHuiping ufunda isikole. Ngolunye usuku uthisha wakhe wathi kunenkolo ethile engalamukeli igazi kodwa wayengazi ukuthi iyiphi. Ngemva kokuba sebeqedile ukufunda, lo mKristu osemusha wachazela uthisha ukuthi leyo nkolo kwakungoFakazi BakaJehova nesizathu sokuba balenqabe.

Omunye uthisha wabonisa ikilasi i-video ekhuluma ngezifo ezidluliselwa ngobulili. Le video yakhuluma ngeyoku-1 Korinte 6:9, kodwa lo thisha wathi iBhayibheli alibenqabeli ubungqingili. Nalapho uHuiping wabonisa nalo thisha umbono kaNkulunkulu ngale ndaba.

Lapho uShuxia owayefunda noHuiping ekilasini elungiselela indaba ngobudlova basekhaya, uHuiping wamnikeza i-Phaphama! ka-November 8, 2001, enesihloko esithi “Usizo Kwabesifazane Abashaywayo” futhi wamchazela ukuthi ukwaziswa okuningi okuqukethwe yile Phaphama! ngale ndaba kusekelwe eBhayibhelini. Ngokuhamba kwesikhathi, uShuxia waba ummemezeli ongabhapathiziwe. Manje yena noHuiping bashumayela izindaba ezinhle kwabanye.

AmaKristu amaningi afunda isikole athola ukuthi kuyinselele ukwaziwa njengomuntu ophila ngezimiso zeBhayibheli. Lokhu kunzima ikakhulu emadolobheni amancane asemaphandleni. UZhihao kwakudingeka abhekane nokucindezela kontanga ngenxa yokholo lwakhe nomsebenzi wakhe wokushumayela. Uthi: “Ngangizizwa ngikhungatheke kakhulu kangangokuthi ngangesaba ukuthi ngizohlangana nengifunda nabo ekilasini ngenkathi ngishumayela. Ngezinye izikhathi kwakuba nabayishumi futhi bangigcone!” Ngolunye usuku, uthisha wabela uZhihao ukuba axoxele ikilasi ngenkolo yakhe. “Nganquma ukuqala ingxoxo yami ngoGenesise isahluko 1 ngabe sengixoxa ngemibuzo enjengokuthi: Ubani owadala umhlaba nazo zonke izinto ezikuwo? Umuntu wadalwa kanjani? Ngemva nje kokufunda iBhayibheli, abanye baqala ukungihleka, bethi ngangikholelwa ezeni. Nokho, ngaqhubeka ngaze ngayiqeda ingxoxo yami. Ngemva kwalokho ngaba nethuba lokuxoxa ubuso nobuso nabathile kwengangifunda nabo ngomsebenzi wethu nangezinkolelo zethu. Manje, lapho bengibona ngishumayela, abasangihleki!”

UZhihao uyaqhubeka: “Ngenxa yokuthi abazali bami bangoFakazi, njalo ekuseni sixoxa ngetekisi losuku. Sibuye sitadishe neBhayibheli futhi sibe khona njalo emihlanganweni. Yingakho ngikwazi ukubhekana nanoma ubani ongase afune ukungigcona lapho ngizama ukuxoxa nabanye ngamaqiniso eBhayibheli aqabulayo.”

UTingmei ufunda esikoleni samantombazane sezobuchwepheshe. Wake wamenywa ukuba aye epikinikini nabanye ayefunda nabo ekilasini kanye nabafana bakwesinye isikole. Wayibona ingozi ngalokho kuzihlanganisa wabe esenquma ukungayi. Wamenywa izikhathi eziningana, ngisho noma ayexoxa nafunda nabo ngezihloko ezinhle ezisencwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. * Amantombazane ayemhleka usulu, ethi uyisidala. Nokho, ukuhlakanipha kokulalela izimiso zeBhayibheli kwabonakala ngokushesha lapho enye yamantombazane ikhulelwa futhi ikhipha isisu. UTingmei uthi: “Ukwenza lokho okushiwo uJehova kuye kwangenza ngaba nonembeza ohlanzekile. Ngenxa yalokho, nginenjabulo yangaphakathi kanye nomuzwa ojulile wokwaneliseka.”

Ukunqoba Izithiyo Ezivimbela Ukwanda

URuiwen ungomunye wabangane abakhulu bakaTingmei. Ngenkathi esemncane, uRuiwen wayenomuzwa wokuthi ukuya emihlanganweni yobuKristu nokuhlanganyela enkonzweni yasensimini kwakuwumsebenzi okhathazayo. Nokho, njengoba ayebona umahluko okhona phakathi kothando lweqiniso kulabo abasebandleni akulo nobungane obungayi ndawo kwayefunda nabo ekilasini, waqala ukuqiniseka ukuthi kwakudingeka enze izinguquko ezithile ekuphileni kwakhe. URuiwen waqala ukushumayeza afunda nabo esikoleni futhi ngokushesha wabona ngokucace kakhulu okudingeka akwenze. Waqala ngokuba iphayona elisizayo, esebenza enkonzweni amahora angaphezu kwangu-50 ngenyanga. Ngemva kwalokho waba iphayona elivamile, eshumayela amahora angaphezu kwangu-70 ngenyanga. URuiwen uthi: “Kunzima ukuchaza indlela engimbonga ngayo uJehova. Akakaze angilahle. Ngisho noma ngake ngenza izinto ezimdumazayo, kodwa usangithanda. Umama nabanye ebandleni bangibonisa uthando olufanayo. Ngenxa yokuthi manje ngiqhuba izifundo zeBhayibheli ezinhlanu, ngizizwa ngihilelekile emsebenzini owanelisa kunayo yonke.”

Kwesinye isikole esiphakeme emaphandleni, izingane ezimbili ezingoFakazi zabelwa ukuba ziyomelela isikole emqhudelwaneni womdanso womdabu. Lapho izwa ngenjongo yalowo mqhudelwano, le ntsha engoFakazi yaba nomuzwa wokuthi ukuba nengxenye kwakuzongqubuzana nonembeza bayo abaqeqeshwe ngezimiso zeBhayibheli. Lapho izama ukuchaza umbono wayo futhi icela ukukhishwa, isicelo sayo senqatshwa. Kunalokho, othisha bayitshela ukuthi ngenxa yokuthi kwakuyisabelo sayo, kumelwe ihambe. Njengoba le ntsha engoFakazi yayingazimisele ukuyekethisa, isebenzisa i-computer yangena engosini yomnyango wezemfundo futhi yathumela incwadi eyayichaza inkinga eyayibhekene nayo. Nakuba le ntsha ingayitholanga impendulo evela kulo mnyango, ngokushesha isikole sathola isiqondiso sokuba singaphoqi noma ubani ukuba angenele lowo mqhudelwano. Yeka ukuthi yajabula kanjani le ntsha ukubona ukuthi ukuqeqeshwa ngeBhayibheli eyakuthola akuzange kulolonge kuphela onembeza bayo kodwa kwayinika namandla okumelela okulungile!

Ngisho nalabo abakhubazekile bathola injabulo enkulu ngokuhlanganyela nabanye ithemba labo eliseBhayibhelini. UMinyu wazalwa ekhubazekile. Njengoba engakwazi ukusebenzisa izandla zakhe, uphenya amakhasi eBhayibheli ngolimi aze athole ivesi alifunayo. Uma enikeza inkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini eHholo LoMbuso, ulala kusofa ophansi bese umsizi wakhe ehlala esihlalweni esiphansi ambambele umbhobho. Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ukubona imizamo kaMinyu lapho elungiselela lezi zinkulumo!

Lapho uMinyu efuna ukuba ummemezeli woMbuso, abanye odade ebandleni bafunda indlela yokufakaza ngocingo ukuze bamsize. Ucindezela izinkinobho ngolimi kuyilapho lab’ odade bebhala phansi labo abashayele ucingo. Uwujabulela kakhulu lo msebenzi kangangokuthi uye waba iphayona elisizayo, ekhuluma ngocingo nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu amahora angu-50 kuya kwangu-60 inyanga ngayinye. Abathile baye bathatha izincwadi zeBhayibheli bavuma nokuba aphinde abashayele. Manje uqhuba izifundo zeBhayibheli ezintathu nabantu abathola efakaza ngocingo.

Yebo, njengamazolo aqabulayo, izinsizwa—nezintombi—ezisemabandleni oFakazi BakaJehova angu-78 eTaiwan ngokuzithandela nangentshiseko ziyisa izindaba ezinhle zoMbuso ezisindisa ukuphila ezigidini zabantu bakulesi siqhingi. Lokhu kuyingxenye encane kuphela yokugcwaliseka kwalesi siprofetho esilandelayo emhlabeni wonke: “Abantu bakho bayozinikela ngokuzithandela ngosuku lwempi yakho. Ebukhazikhazini bobungcwele, kusukela esibelethweni sokuntwela kokusa, uneqembu lakho lezinsizwa elinjengamaconsi amazolo.” (IHubo 110:3) Yeka ukuthi le ntsha iyisikhuthazo kanjani kwabanye abamemezeli abadala! Ngaphezu kwalokho, yeka ukuthi imjabulisa kanjani uYise osezulwini, uJehova uNkulunkulu!—IzAga 27:11.

[Imibhalo yaphansi]

^ Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 10]

KUDINGEKA AMAHHOLO OMBUSO ENGEZIWE

Ngenxa yokwanda eTaiwan, kuye kwadingeka amaHholo oMbuso engeziwe futhi lokhu kuyinselele enkulu. Ngani? Ngenxa yokuthi kwezinye izindawo, ngaphandle kwezithile zasemaphandleni, cishe ayikho indawo efanelekayo yokwakha amaHholo OMbuso. Ngaphezu kwalokho, izindawo zimba eqolo, nemithetho yokwaba izindawo iqinile. Emadolobheni amakhulu, ukuphela kwendlela yokuyithola iwukuthenga amahhovisi bese eguqulwa abe amaHholo OMbuso. Noma kunjalo, iningi lamahhovisi linophahla lwangaphakathi oluphansi, izindleko zokuwanakekela zimba eqolo, kunzima ukungena, noma kunezinye izici ezenza angafaneleki ukuba asetshenziswe njengamaHholo OMbuso.

Noma kunjalo, eminyakeni yamuva, oFakazi BakaJehova eTaiwan baye bakwazi ukuthola amaHholo OMbuso amasha amaningana. Ukufuna izindawo ezintsha kuyaqhubeka njengoba oFakazi bebonisa ukuthi bazimisele ukukhokha nokuthuthukisa amakhono okwakha adingekayo.