Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Wayesekhulile Kodwa Engenasizungu

Wayesekhulile Kodwa Engenasizungu

Wayesekhulile Kodwa Engenasizungu

LAPHO ukuguga kuzipha amandla, abaningi bayakhubazeka, bangabe besakwazi ukuzihlanganisa nomphakathi. Nokho, akubanga njalo ngoFernand Rivarol waseGeneva, eSwitzerland, owashona eneminyaka engu-95 ubudala. Wayehlala yedwa ngoba washonelwa umkakhe kanti indodakazi yakhe ishadile inomuzi wayo. Nakuba ayehlala esendlini, wayengenaso isizungu. Wayevame ukuhlala endlini yokudlela, athinte abantu ngocingo axoxe nabo ngezinto eziphathelene noNkulunkulu.

Ekuphileni kwakhe okwakuthakazelisa, kwake kwaba nesikhathi lapho uFernand ayengakwazi khona ukuphuma endlini. Kungani? Ngemva nje kokuba yena nomkakhe bebe oFakazi BakaJehova abashisekayo ngo-1939, kwaqala iMpi Yezwe II eYurophu. UFernand wanamathela esinqumweni sakhe esisekelwe eBhayibhelini sokungabulali muntu. Ngenxa yalokho, waphelelwa umsebenzi futhi waboshwa izikhathi eziningana, sezizonke zaba iminyaka emihlanu nengxenye. Phakathi naleso sikhathi wayehlukanisiwe nomkakhe nentombazanyana yabo.

Ekhumbula konke okwenzeka, uFernand wathi: “Abantu abaningi babecabanga ukuthi ngiyeke umsebenzi omuhle ngashiya nomkhaya wami. Abantu babengizonda, bengiphathisa okwesigelekeqe. Noma kunjalo, uma ngicabanga ngaleyo minyaka enzima, into engiyikhumbula ukudlula noma yini enye indlela uJehova asisekela futhi wasisiza ngayo. Sekudlule iminyaka eminingi lokho kwenzeka, kodwa ngisamethemba kakhulu uJehova njengoba ngangimethemba ngalesiya sikhathi.”

Lolu kholo lwalushukumisa uFernand ukuba asebenzise ucingo axoxele abanye ngethemba elisekelwe emiBhalweni. Uma kwenzeka exoxa kamnandi nothile, wayemthumelela izincwadi zeBhayibheli ngeposi. Wayephinde ashayele lowo muntu ucingo ukuze athole ukuthi wayezijabulele yini izincwadi. Ngezinye izikhathi abantu babemphendula ngencwadi ebonisa ukwazisa, okuyinto eyayimjabulisa kakhulu.

Ukhona umuntu onjengoFernand ongakuthinta nawe lapho uhlala khona. Muphe indlebe uzwe ukuthi yini ayikholelwayo. OFakazi BakaJehova bangathanda ukuxoxa nawe ngezinkolelo zabo.