Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amaphuzu Avelele ENcwadi Yesihlanu YamaHubo

Amaphuzu Avelele ENcwadi Yesihlanu YamaHubo

IZwi LikaJehova Liyaphila

Amaphuzu Avelele ENcwadi Yesihlanu YamaHubo

IZICEBI zingase zithi: “Amadodana ethu afana nezitshalo ezincane ezikhulile ebusheni bawo, amadodakazi ethu anjengamagumbi aqoshwé ngendlela yasesigodlweni, izingobo zethu zigcwele, . . . imihlambi yethu yanda ngezinkulungwane.” Ngaphezu kwalokho, zingabuye zithi: “Bayajabula abantu okubahambela kanjalo!” Nokho, umhubi usho okuhlukile, uthi: “Bayajabula abantu abaNkulunkulu wabo nguJehova!” (IHubo 144:12-15) Bangathini ukungajabuli? UJehova unguNkulunkulu ojabulayo futhi labo abamkhulekelayo bayajabula. (1 Thimothewu 1:11) Leli qiniso libonakala ngokucacile eqoqweni lokugcina lezingoma eziphefumulelwe uNkulunkulu, lamaHubo 107 kuya ku-150.

INcwadi Yesihlanu YamaHubo iqokomisa nezimfanelo zikaJehova ezivelele, ezihlanganisa umusa wakhe wothando, iqiniso nobuhle bakhe. Uma sibuqonda ngokwengeziwe ubuntu bukaNkulunkulu, yilapho siyoshukumiseleka khona ngokwengeziwe ukuba simthande futhi simesabe. Lokhu kube sekusilethela injabulo. Yeka ukuthi sizuzisa kanjani isigijimi esiseNcwadini Yesihlanu YamaHubo!—Hebheru 4:12.

UKUJABULA NGENXA YOMUSA KAJEHOVA WOTHANDO

(IHubo 107:1–119:176)

AmaJuda abuya ekuthunjweni eBhabhiloni ayahlabelela: “Abantu mabambonge uJehova ngenxa yomusa wakhe wothando nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo kubantwana babantu.” (IHubo 107:8, 15, 21, 31) Edumisa uNkulunkulu, uDavide uyahlabelela: ‘Iqiniso lakho lifika esibhakabhakeni.’ (IHubo 108:4) Engomeni elandelayo, uyathandaza: “O Jehova Nkulunkulu wami, ngisize; ngisindise ngokomusa wakho wothando.” (IHubo 109:18, 19, 26) IHubo 110 liyisiprofetho sokubusa kukaMesiya. IHubo 111:10 lithi: “Ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha.” Ngokwehubo elilandelayo, “uyajabula umuntu owesaba uJehova.”—IHubo 112:1.

AmaHubo 113 kuya ku-118 abizwa ngokuthi amaHubo eHallel, ngoba ayisebenzisa ngokuphindaphindiwe inkulumo ethi “Haleluya” noma “Dumisani uJah!” NgokweMishnah—incwadi eyabhalwa ngekhulu lesithathu enesiko lasekuqaleni eladluliselwa ngomlomo—lezi zingoma zazihlatshelelwa ngePhasika nangemikhosi emithathu yaminyaka yonke yamaJuda. IHubo 119 eliphakamisa izwi likaJehova elembuliwe, noma isigijimi, lide kunawo wonke amahubo futhi liyisahluko eside kunazo zonke eBhayibhelini.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

109:23—Wayesho ukuthini uDavide ngesikhathi ethi: “Njengethunzi lapho lincipha, ngibophekile ukuba ngimuke”? Ngokusankondlo, uDavide wayesho ukuthi wayezwa ukuthi wayesezokufa.—IHubo 102:11.

110:1, 2—Yayenzani ‘iNkosi kaDavide,’ uJesu Kristu, ngesikhathi ihlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu? Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wenyukela ezulwini futhi walinda ngakwesokunene sikaNkulunkulu kwaze kwaba ngo-1914 lapho aqala khona ukubusa njengeNkosi. Phakathi naleso sikhathi, uJesu wayebusa abalandeli bakhe abagcotshiwe, ebaqondisa emsebenzini wabo wokushumayela nokwenza abafundi kanye nokubalungiselela ukubusa naye eMbusweni wakhe.—Mathewu 24:14; 28:18-20; Luka 22:28-30.

110:4—Yini uJehova aye ‘wayifunga angeke azisole ngayo’? Lesi sifungo siyisivumelwano uJehova asenza noJesu Kristu sokuba akhonze njengeNkosi nanjengomPristi Ophakeme.—Luka 22:29.

113:3—Igama likaJehova kufanele lidunyiswe kanjani “kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo”? Lokhu kusho okungaphezu kokuba iqembu labantu lidumise uNkulunkulu nsuku zonke. Kusukela ekuphumeni kwelanga empumalanga kuya ekushoneni kwalo entshonalanga, imisebe yalo ikhanyisa wonke umhlaba. Ngokufanayo, uJehova kufanele adunyiswe kuwo wonke umhlaba. Lokhu ngeke kwafezwa ngaphandle komzamo ohlelekile. NjengoFakazi BakaJehova, sinelungelo eliyigugu lokudumisa uNkulunkulu futhi sihlanganyele ngentshiseko emsebenzini wokumemezela ngoMbuso.

116:15—Kungayiphi indlela ‘ukufa kwabaqotho bakaJehova kuyigugu emehlweni akhe’? Abakhulekeli bakaJehova bayigugu kakhulu kuye kangangokuthi ngeke akuvumele ukufa kwabo njengeqembu. Ukube ubengavumela ukuba lokho kwenzeke, bekuyobonakala sengathi izitha zakhe zinamandla kakhulu kunaye. Ngaphezu kwalokho, bekungesale bantu emhlabeni abayokwakha isisekelo somphakathi wezwe elisha.

119:71—Ukuhlupheka kungaveza buhle buni? Ubunzima bungasifundisa ukuncika ngokuphelele kuJehova, ukuthandaza ngobuqotho nakakhulu nokulifunda ngenkuthalo iBhayibheli futhi sikusebenzise elikushoyo. Ngaphezu kwalokho, indlela esisabela ngayo lapho sibhekene nokuhlupheka ingembula ukushiyeka esingakulungisa ebuntwini bethu. Ukuhlupheka ngeke kusicasule uma sikuvumela kusicwengisise.

119:96—Kushiwoni ngelithi ‘umkhawulo wakho konke ukuphelela’? Umhubi ukhuluma ngokuphelela ngokombono wabantu. Kungenzeka ukuthi wayecabanga ukuthi umbono womuntu ngokuphelela ulinganiselwe. Ngokuphambene, umyalo kaNkulunkulu awunamkhawulo. Isiqondiso sawo sisebenza kuzo zonke izici zokuphila.

119:164—Yini ephawulekayo ngokudumisa uNkulunkulu “kasikhombisa ngosuku”? Ngokuvamile u-7 usho ukuphelela. Ngakho, umhubi uthi uJehova ufanelwe yilo lonke udumo.

Izifundo Esizitholayo:

107:27-31. Ukuhlakanipha kwezwe ‘kuyobonakala kuphithene’ lapho kugadla i-Armagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Ngeke kusindise noyedwa ekubhujisweni. Kuyosinda kuphela labo abathembela ensindisweni kaJehova, ‘bambonge ngenxa yomusa wakhe wothando.’

109:30, 31; 110:5. Ngokuvamile isandla sokunene sesosha esiphatha inkemba sasingavikelwa isihlangu, ngoba sasibanjwa ngesandla sokunxele. Ngokomfanekiso, uJehova ‘usesandleni sokunene’ sezinceku zakhe ukuze azilwele. Ngakho, uyazivikela futhi azisize—isizathu esihle sokuba ‘simdumise kakhulu’!

113:4-9. UJehova uphakeme kakhulu kangangokuthi kudingeka azehlise ngisho ‘nokuze abuke ezulwini.’ Nokho, unesihawu kophansi, kompofu nakowesifazane oyinyumba. INkosi EnguMbusi uJehova, ithobekile futhi ifuna ukuba nabakhulekeli bayo bathobeke.—Jakobe 4:6.

114:3-7. Kufanele kusithinte ngokujulile ukufunda ngemisebenzi emangalisayo uJehova ayenzela abantu bakhe oLwandle Olubomvu, eMfuleni iJordani naseNtabeni yaseSinayi. Isintu, esifanekiselwa ‘umhlaba,’ kufanele sesabe iNkosi—‘sibe sebuhlungwini obunzima’ ngomqondo ongokomfanekiso.

119:97-101. Ukuzuza ukuhlakanipha nokuqonda okutholakala eZwini likaNkulunkulu kuyasivikela ekulimaleni ngokomoya.

119:105. IZwi likaNkulunkulu liyisibani ezinyaweni zethu ngoba lingasisiza ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga esinazo. Likhanyisa nendlela yethu ngokomfanekiso, ngoba libikezela injongo kaNkulunkulu yesikhathi esizayo.

UKUJABULA NAPHEZU KWEZINHLUPHEKO

(IHubo 120:1–145:21)

Singabhekana kanjani nezimo ezivivinyayo futhi sidlule ebunzimeni? AmaHubo 120 kuya ku-134 asinikeza impendulo ecacile yalo mbuzo. Sidlula ebunzimeni futhi silondoloze injabulo yethu ngokuthembela kuJehova ukuba asisize. La mahubo, abizwa ngokuthi iziNgoma Zokwenyuka, kungenzeka ukuthi ayehlatshelelwa ngenkathi ama-Israyeli enyukela eJerusalema eyogubha imikhosi yawo yaminyaka yonke.

AmaHubo 135 no-136 abonisa uJehova njengoMenzi wanoma yini ayithandayo, okuwumahluko omkhulu ezithombeni ezingasizi ngalutho. IHubo 136 labhalwa ukuze liculwe ngokuphendulana, ingxenye yokugcina yevesi ngalinye iculwa kuphendulwa eyokuqala. Ihubo elilandelayo lilandisa ngesimo esidabukisayo samaJuda eBhabhiloni ayefuna ukukhulekela uJehova eZiyoni. AmaHubo 138 kuya ku-145 abhalwa uDavide. Ufuna ‘ukudumisa uJehova ngayo yonke inhliziyo yakhe.’ Ngani? Uthi: “Ngoba ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo.” (IHubo 138:1; 139:14) Kumahubo ayisihlanu alandelayo, uDavide uthandazela ukuba avikelwe kubantu ababi, asolwe ngokulunga, akhululwe kubashushisi nokuba aqondiswe ekuziphatheni. Uqokomisa injabulo yabantu bakaJehova. (IHubo 144:15) Ngemva kokubukeza ubukhulu bukaNkulunkulu nobuhle bakhe, uDavide uthi: “Umlomo wami uyokhuluma udumo lukaJehova; yonke inyama mayilituse igama lakhe elingcwele kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.”—IHubo 145:21.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

122:3—IJerusalema laliwumuzi ‘ohlanganiswe kanjani ndawonye ngobunye’? Njengoba kwakunjalo ngemizi yasendulo, izindlu zaseJerusalema zazakhiwe zasondelana. Umuzi wawuhlangene, ngakho kwakulula ukuwuvikela. Ngaphezu kwalokho, ukusondelana kwezindlu kwakwenza abahlala kuzo bakwazi ukuthembela komunye nomunye ukuba basizane futhi bavikelane. Lokhu kubonisa ubunye obungokomoya bezizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli lapho zihlangana ukuze zikhulekele.

123:2—Liyini iphuzu eliqukethwe umfanekiso wamehlo ezinceku? Izinceku nezincekukazi zibheke esandleni senkosi noma senkosikazi yazo ngezizathu ezimbili: ukuze ziqonde izifiso zayo nokuba zithole isivikelo nezidingo zokuphila. Ngokufanayo, sibheke kuJehova ukuze siqonde intando yakhe futhi sithole umusa wakhe.

131:1-3—UDavide ‘wawududuza futhi wawuthulisa kanjani umphefumulo wakhe njengengane elunyuliwe ekunina’? Njengoba ingane elunyuliwe ifunda ukuthola induduzo nokwaneliseka lapho igonwe unina, uDavide wafunda ukududuza nokuzolisa umphefumulo wakhe “njengengane elunyuliwe kunina.” Kanjani? Ngokungaqhoshi enhliziyweni, ngokungabi namehlo azidlayo nangokungazifuneli izinto ezinkulu kakhulu. Kunokufuna udumo, uDavide wayevame ukukuqaphela ukulinganiselwa kwakhe futhi abonise ukuthobeka. Sibonisa ukuhlakanipha uma silingisa isimo sakhe sengqondo, ikakhulu lapho sizama ukufinyelela amalungelo athile ebandleni.

Izifundo Esizitholayo:

120:1, 2, 6, 7Inkulumo yokunyundela nehlabayo ingabangela ukucindezeleka okungabekezeleleki kwabanye. Ukuhlala siluqaphile ulimi lwethu kungenye indlela esibonisa ngayo ukuthi ‘simelela ukuthula.’

120:3, 4Uma kudingeka sibekezelele othile ‘onolimi olukhohlisayo,’ singaduduzeka ngokwazi ukuthi uJehova uzozilungisa izinto ngesikhathi sakhe esifanele. Abanyundeli bazobhekana nenhlekelele ezandleni ‘zendoda enamandla.’ Ngokuqinisekile bayothola isahlulelo sikaJehova esinjengomlilo esifanekiselwa “amalahle avuthayo ezihlahla zonwele.”

127:1, 2Kukho konke esikwenzayo, kufanele sithembele kuJehova ukuba asiqondise.

133:1-3. Ubunye babantu bakaJehova buyaduduza, buyavuselela futhi buyaqabula. Akufanele sibungcolise ngokufunana namaphutha abanye, ngokuxabana noma ngokukhononda.

137:1, 5, 6Abakhulekeli bakaJehova ababedingisiwe bazizwa benamathele eZiyoni, elalimelele inhlangano kaNkulunkulu. Kuthiwani ngathi? Ingabe sinamathele ngobuqotho enhlanganweni esetshenziswa uJehova namuhla?

138:2. UJehova ‘ukhulisa izwi lakhe ngisho nangaphezu kwalo lonke igama lakhe,’ ngoba ukugcwaliseka kwakho konke aye wakwethembisa egameni lakhe kuyokudlula kude le noma yikuphi esikulindele. Ngempela, sinamathemba amahle kakhulu.

139:1-6, 15, 16. UJehova uyayazi imisebenzi, imicabango namazwi ethu ngisho nangaphambi kokuba siwasho. Usazi siseyimibungu, ngaphambi kokuba isitho ngasinye somzimba sakheke kahle. Ukusazi kukaNkulunkulu njengabantu ngabanye ‘kuyamangalisa kakhulu’ ukuba sikuqonde. Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uJehova akaboni kuphela izimo ezinzima esingase sibhekane nazo kodwa uqonda nendlela ezisithinta ngayo!

139:7-12. Ayikho indawo esingaya kuyo ekude kakhulu ngoNkulunkulu ukuba asiqinise.

139:17, 18. Ingabe ulwazi esinalo ngoJehova luyasijabulisa? (IzAga 2:10) Uma kunjalo, sinomthombo wenjabulo ongashi. Imicabango kaJehova “miningi ngisho kunanezinhlayiya zesihlabathi.” Kuyohlale kunokuningi okufanele sikufunde ngaye.

139:23, 24. Kufanele sifune ukuba uJehova ahlole lokho esiyikho ngaphakathi ukuze athole ‘izindlela ezingabangela ubuhlungu’—imicabango, izifiso nokuthambekela okungafanele—futhi asisize ukuba sizisuse.

143:4-7. Singabukhuthazelela kanjani ngisho nobunzima obukhulu? Umhubi usinikeza indlela esingakwenza ngayo: Ukuzindla ngomsebenzi kaJehova, sihlale sicabanga ngezenzo zakhe futhi sithandaze kuye ukuze asisize.

“Dumisani UJah!”

Iqoqo ngalinye kulawa amane okuqala liphetha ngenkulumo yokudumisa uJehova. (IHubo 41:13; 72:19, 20; 89:52; 106:48) Naleli qoqo lokugcina liphetha ngalawo mazwi. IHubo 150:6 lithi: “Konke okuphefumulayo—makudumise uJah. Dumisani uJah!” Lokhu kuyogcwaliseka ngokoqobo ezweni elisha likaNkulunkulu.

Njengoba sibheke phambili kuleso sikhathi esijabulisayo, sinesizathu esisemqoka sokukhazimulisa uNkulunkulu weqiniso nokudumisa igama lakhe. Uma sicabanga ngenjabulo esiyitholayo ngokwazi uJehova nokuthi sijabulela ubuhlobo obuhle naye, asishukunyiswa yini ukuba simdumise ngezinhliziyo ezigcwele ukubonga?

[Isithombe ekhasini 15]

Imisebenzi kaJehova emangalisayo iyesabeka

[Isithombe ekhasini 16]

Imicabango kaJehova “miningi ngisho kunanezinhlayiya zesihlabathi”