Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inkolo—Isiza Ngani?

Inkolo—Isiza Ngani?

Inkolo—Isiza Ngani?

“NGINGABA umuntu olungile ngaphandle kokuba ikholwa!” Abantu abaningi bazizwa ngaleyo ndlela. Abantu abaningi abathembekile, abanesihawu nabanokwethenjelwa abanasithakazelo enkolweni. Ngokwesibonelo, eNtshonalanga Yurophu bambalwa abaya njalo esontweni, nakuba iningi lithi liyakholelwa kuNkulunkulu. * Ngisho naseLatin America, amaKatolika angamaphesenti angu-15 kuya kwangu-20 kuphela aya njalo esontweni.

Njengabaningi, mhlawumbe nawe unomuzwa wokuthi inkolo ayimsizi umuntu ukuba aphile kangcono. Nokho, mhlawumbe uyaqaphela nokuthi emashumini eminyaka adlule, ngesikhathi sogogo nomkhulu bakho, iningi labantu laliyithanda kakhulu inkolo kunanamuhla. Yini eyenza inkolo ingabe isathandeka emhlabeni wonke? Ingabe umuntu angaba olungile ngaphandle kokuba ikholwa? Ingabe ikhona inkolo engakuzuzisa?

Isizathu Esiye Senza Abaningi Bashiya Inkolo

Emakhulwini eminyaka adlule iningi labantu beLobukholwa lalikholelwa ukuthi uNkulunkulu ufuna ukulalelwa. Laliya esontweni ukuze lithole umusa kaNkulunkulu, ngemicikilisho eyenziwa umfundisi noma ngesiqondiso esinikezwa umshumayeli. Empeleni, abaningi babebubona ubuzenzisi benkolo. Indima yenkolo empini yayaziwa kabanzi, kanye nokuziphatha okonakele kwabefundisi abathile. Kodwa iningi labantu lalinomuzwa wokuthi inkolo ngokwayo yayizuzisa. Abanye babethanda isithunzi inkolo eyayinaso, isiko nomculo; abanye babekubona kuzuzisa ngisho nokwesatshiswa ngesijeziso somlilo waphakade esihogweni, okuyimfundiso engatholakali emiBhalweni. Kamuva kwaba nezinguquko eziningana ezashintsha indlela abantu abaningi abawabheka ngayo amasonto.

Imfundiso yokuziphendukela kwemvelo yaqala ukwanda. Abanye baqala ukukholelwa ukuthi ukuphila kwaqala ngengozi—ukuthi akudalwanga uNkulunkulu. Iningi lezinkolo lahluleka ukunikeza ubufakazi obugculisayo bokuthi uNkulunkulu unguMthombo wokuphila. (IHubo 36:9) Ngaphezu kwalokho, njengoba ubuchwepheshe buthuthuka, intuthuko enkulu kwezokwelapha, ezintweni zokuhamba nezokuxhumana yenza abantu babona ukuthi noma iyiphi inkinga ingaxazululwa ngesayensi. Ngaphezu kwalokho, abantu baba nomuzwa wokuthi abezenhlalo nezazi zokusebenza kwengqondo babenikeza isiqondiso esingcono kunesinikezwa amasonto. Amasonto ehluleka ukubonisa ngokucacile ukuthi ukuphila ngokuvumelana nomthetho kaNkulunkulu kuyindlela engcono kakhulu.—Jakobe 1:25.

Ngenxa yalokho, amasonto amaningi ashintsha isigijimi sawo. Abefundisi nabashumayeli bayeka ukufundisa ukuthi uNkulunkulu ufuna ukulalelwa. Kunalokho, abaningi bafundisa ukuthi yilowo nalowo kumelwe azinqumele okulungile nokungalungile. Bezama ukuthandwa abantu, abanye abaholi benkolo bathi uNkulunkulu uyakwamukela kungakhathaliseki ukuthi uphila kanjani. Le mfundiso isikhumbuza lokho okwabikezelwa iBhayibheli: “Kuyokuba khona inkathi lapho bengayikuyibekezelela khona imfundiso ephilayo, kodwa, ngokuvumelana nezifiso zabo siqu, bayozibuthela abafundisi ukuze babakitaze izindlebe.”—2 Thimothewu 4:3.

Kunokuba ikhange, le mfundiso yenza abantu bayishiya inkolo. Bazibuza kufanele: ‘Uma amasonto ewangabaza amandla kaNkulunkulu okudala nokuhlakanipha kwakhe ekwenzeni imithetho, kungizuzisa ngani ukuya esontweni? Kungani kufanele ngizikhathaze ngokufundisa abantwana bami ngenkolo?’ Abantu ababezama ukuphila ngokulunga baqala ukubheka inkolo njengengasizi ngalutho. Bawashiya amasonto, futhi inkolo ayibange isabaluleka kubo. Yini eyenza into okufanele ibe elungile ivele ibe engalungile kangaka? IBhayibheli linikeza incazelo ekholisayo.

Inkolo Isetshenziselwa Injongo Embi

Umphostoli uPawulu waxwayisa amaKristu okuqala ngokuthi abathile babeyosebenzisa ubuKristu ngenjongo embi. Wathi: “Kuzongena izimpisi ezicindezelayo phakathi kwenu futhi ngeke ziwuphathe ngozwela umhlambi, naphakathi kwenu ngokwenu kuzovela amadoda, akhulume izinto ezisontekile ukuze amonyule abafundi ukuba bawalandele.” (IzEnzo 20:29, 30) Omunye owakhuluma “izinto ezisontekile” kwakungu-Augustine isazi semfundiso yenkolo esingumRoma Katolika. UJesu wayefundise abalandeli bakhe ukuba bakholise abanye ngokubonisana nabo ngemiBhalo. Nokho, u-Augustine wasonta incazelo yamazwi kaJesu akuLuka 14:23 athi, “Ubacindezele ukuba bangene” wathi asho ukuthi kwakulungile ukuguqula abantu ngempoqo. (Mathewu 28:19, 20; IzEnzo 28:23, 24) U-Augustine wasebenzisa inkolo ukuze alawule abantu.

NguSathane, ingelosi eyisihlubuki, obangela lokhu kusetshenziswa kabi kwenkolo nokonakala okukuyo. Ekhulwini lokuqala wavusa abantu ababengamakholwa ezama ukonakalisa amabandla amaKristu. IBhayibheli lithi ngalabo bantu: “Abantu abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezinenkohliso, beziguqula abaphostoli bakaKristu. Futhi akumangalisi, ngoba uSathane ngokwakhe uziguqula ingelosi yokukhanya. Ngakho-ke akuyona into enkulu uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga.”—2 Korinte 11:13-15.

Ukuze enze abantu baphile ngezindinganiso zakhe kunokuba baphile ngezikaNkulunkulu, uSathane usasebenzisa inkolo eyenza sengathi iwubuKristu, inezimiso ezinhle zokuziphatha futhi ikhanyisela abantu. (Luka 4:5-7) Kungenzeka uye waqaphela ukuthi abefundisi abaningi namuhla basebenzisa inkolo ukuze baziphakamise ngeziqu eziphakeme futhi bathole imali emihlanjini yabo. Ohulumeni baye basebenzisa inkolo ukuze ikhuthaze izakhamizi ukuba zizinikele empini.

UDeveli usebenzisa inkolo kakhulu ngaphezu kokuba iningi liqaphela. Ungase ucabange ukuthi bambalwa abashisekeli benkolo abasetshenziswa uSathane. Kodwa iBhayibheli lithi, ‘lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, udukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ Libuye lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (IsAmbulo 12:9; 1 Johane 5:19) UNkulunkulu uzizwa kanjani ngenkolo esetshenziswa abaholi abafuna nje ukuzitholela abalandeli?

“Nginandabani Mina?”

Uma kukushaqisa ukuziphatha kwamasonto athile eLobukholwa, yazi ukuthi awamjabulisi neze uNkulunkulu uMninimandla onke. ELobukholwa lizisholo ukuthi lenze isivumelwano noNkulunkulu; u-Israyeli wasendulo wayesho okufanayo. Womabili la maqembu azibonakalisa engathembekile. Ngakho, uJehova uyalilahla eLobukholwa namuhla njengoba nje amlahla no-Israyeli. UJehova wathi: “Asiwanakanga amazwi ami futhi senqabe umthetho wami. Nginandabani mina nempepho yaseSheba? . . . Imihlatshelo yenu ayingijabulisi.” (Jeremiya 6:19, 20, New International Version) UNkulunkulu akazange azinake izenzo zokumkhulekela zabazenzisi. Wayengenandaba nemikhuba yabo yenkolo nemithandazo yabo. Watshela u-Israyeli: ‘Izinkathi zemikhosi yenu umphefumulo wami uzizondile. Ziye zaba ngumthwalo osindayo kimi; ngikhathele ukuwuthwala. Futhi lapho nelula izintende zezandla zenu, ngiyanifihlela amehlo ami. Ngisho noma nenza imithandazo eminingi, angilalele.’—Isaya 1:14, 15.

Ingabe iyamjabulisa uJehova imikhosi eyenziwa amasonto ayenza ibonakale sengathi eyobuKristu kodwa enomsuka wokuhlonipha onkulunkulu bamanga? Ingabe uyayilalela imithandazo eyenziwa abefundisi abangcolisa izimfundiso zikaKristu? Ingabe uNkulunkulu wamukela noma iyiphi inkolo enqaba umthetho wakhe? Ungaqiniseka ukuthi usabheka imikhuba yanamuhla yesonto ngendlela efanayo naleyo abheka ngayo imihlatshelo ka-Israyeli wasendulo, athi ngayo: “Nginandabani mina?”

Noma kunjalo, uJehova ukukhathalela ngokujulile ukukhulekela kweqiniso kwabantu abaqotho. UNkulunkulu uyajabula lapho abantu bazisa zonke izinto abenzela zona. (Malaki 3:16, 17) Ngakho, ungaba yini olungile ngaphandle kokukhulekela uNkulunkulu? Umuntu ongabenzeli lutho abazali abanothando ngeke neze kwamukeleke uma ethi ulungile, akunjalo? Ingabe umuntu ongamenzeli lutho uNkulunkulu angaba olungile? Kunengqondo ukuthi kufanele sibonise ngezenzo ukuthi sikhonza uNkulunkulu weqiniso, okunguyena owasungula ukuphila. Esihlokweni esilandelayo sizobona indlela ukukhulekela kweqiniso okumdumisa ngayo uNkulunkulu nendlela okusizuzisa ngayo nathi.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 2 “Emazweni amaningi, iminyaka yawo-1960 . . . yaphawuleka njengokuqala kokuwohloka kwenkolo iyonke.”—The Decline of Christendom in Western Europe, 1750-2000.

[Isithombe ekhasini 4]

Ingabe amasonto aye abonisa ubufakazi bokuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto?

[Isithombe ekhasini 4, 5]

Ingabe ummeleli kaNkulunkulu angaba kule ndawo?

[Isithombe ekhasini 5]

UNkulunkulu uwubheka kanjani lo mkhosi?

[Umthombo]

AP Photo/Georgy Abdaladze