Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Izicelo Zenu Mazaziwe NguNkulunkulu”

“Izicelo Zenu Mazaziwe NguNkulunkulu”

“Izicelo Zenu Mazaziwe NguNkulunkulu”

“Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.”—FILIPI 4:6.

1. Ubani esinelungelo lokukhuluma naye, futhi kungani lokhu kumangalisa kangaka?

UMA ubungacela ukubonana nombusi wezwe lakini, ihhovisi lakhe beliyokuphendula kanjani? Belingase likuphendule ngenhlonipho, kodwa cishe bekungeke kwenzeke ukuba uvunyelwe ukukhuluma nombusi ngokwakhe. Nokho, kuhlukile ngoMbusi omkhulu kunabo bonke, uJehova uNkulunkulu, uMbusi wendawo yonke. Siyakwazi ukuxhumana naye noma sikuphi nanganoma isiphi isikhathi esikhetha ukusondela kuye ngaso. Imithandazo eyamukelekayo iyofika kuye ngaso sonke isikhathi. (IzAga 15:29) Impela kuyamangalisa lokhu! Ukwazisa leli lungelo akufanele yini kusishukumisele ukuba sithandaze njalo kuLowo obizwa ngokufanele ngokuthi ‘uMuzwi womthandazo’?—IHubo 65:2.

2. Yini edingekayo ukuze imithandazo yamukeleke kuNkulunkulu?

2 Nokho, omunye angase abuze, ‘Imiphi imithandazo eyamukelekayo kuNkulunkulu?’ IBhayibheli lisibonisa into eyodwa edingekayo ukuze imithandazo yamukeleke lapho lithi: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa ngoba lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Hebheru 11:6) Yebo, njengoba kuchazwe esihlokweni esandulele, ukholo luyisici esiyinhloko sokusondela kuNkulunkulu. UNkulunkulu uzimisele ukulalela imithandazo yalabo abasondela kuye, kodwa kumelwe benze kanjalo ngokholo nangemisebenzi emihle ehambisana nobuqotho nesimo senhliziyo esifanele.

3. (a) Njengoba kuboniswa imithandazo yezinceku ezithembekile zasendulo, imithandazo ingahlanganisa naziphi izinto? (b) Imithandazo yethu ingaba eyaziphi izinhlobo?

3 Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu osuku lwakhe: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.” (Filipi 4:6, 7) IBhayibheli liqukethe izibonelo eziningi zabantu abazisa uNkulunkulu izinto ezibakhathazayo. Phakathi kwabantu abanjalo kunoHana, u-Eliya, uHezekiya noDaniyeli. (1 Samuweli 2:1-10; 1 AmaKhosi 18:36, 37; 2 AmaKhosi 19:15-19; Daniyeli 9:3-21) Kufanele silandele isibonelo sabo. Phawula nokuthi amazwi kaPawulu abonisa ukuthi imithandazo yethu ingahlukahluka. Wakhuluma ngokubonga, okungukuthi, umthandazo wokubonga uNkulunkulu ngalokho asenzela kona. Lokhu kungase kuhambisane nokudumisa. Umthandazo wokunxusa usho ukuncenga ngentobeko nangobuqotho. Singenza nezicelo esicela ngazo okuthile. (Luka 11:2, 3) UBaba wethu osezulwini uyakujabulela ukusamukela uma sisondela kuye nganoma iyiphi yalezi zindlela.

4. Nakuba uJehova ezazi izidingo zethu, kungani sisenza izicelo zethu kuye?

4 Abanye bangase bathi, ‘Ingani uJehova useyazazi zonke izidingo zethu.’ Yebo, kunjalo. (Mathewu 6:8, 32) Pho-ke kungani esafuna silethe izicelo zethu kuye? Cabanga ngalesi sibonelo: Umnikazi wesitolo angase athembise ukunika amakhasimende akhe athile isipho. Nokho, ukuze la makhasimende asithole, kumelwe eze kumnikazi wesitolo azosilanda. Lawo angathandi ukwenza lo mzamo abeyobonisa ukuthi awasazisi ngempela lesi sipho. Ngokufanayo, ukudebeselela ukwazisa uJehova izicelo zethu ngomthandazo bekuyobonisa ukuntula ukwazisa ngamalungiselelo akhe. UJesu wathi: “Celani niyokwamukela.” (Johane 16:24) Uma senza kanjalo, sibonisa ukuthi sincike kuNkulunkulu.

Kufanele Sisondele Kanjani KuNkulunkulu?

5. Kungani kudingeka sithandaze egameni likaJesu?

5 UJehova akabeki inqwaba yemithetho eqinile yendlela yokuthandaza. Noma kunjalo, kudingeka sifunde indlela efanele yokusondela kuye, echazwe eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, uJesu wafundisa abalandeli bakhe: “Uma nicela noma yini kuBaba uyoninika yona egameni lami.” (Johane 16:23) Ngakho, kudingeka sithandaze egameni likaJesu, siqaphela uJesu njengokuphela komzila isintu esingathola ngawo izibusiso zikaNkulunkulu.

6. Lapho sithandaza, yisiphi isimo somzimba esifanelekayo?

6 Isiphi isimo somzimba esifanelekayo lapho sithandaza? Asikho isimo esithile somzimba iBhayibheli elithi siyadingeka ukuze imithandazo yethu izwiwe. (1 AmaKhosi 8:22; Nehemiya 8:6; Marku 11:25; Luka 22:41) Okubalulekile ukuba umuntu athandaze kuNkulunkulu ngobuqotho nangesimo senhliziyo esifanele.—Joweli 2:12, 13.

7. (a) Igama elithi “amen” lisho ukuthini? (b) Lisetshenziswa kanjani ngokufanele emithandazweni?

7 Kuthiwani ngokusebenzisa igama elithi “amen”? ImiBhalo ibonisa ukuthi lesi isiphetho esifanelekayo emithandazweni yethu, ikakhulukazi lapho sithandaza eningini. (IHubo 72:19; 89:52) Ngokuyisisekelo, leli gama lesiHebheru elithi ʼa·menʹ lisho ukuthi “ngokuqinisekile.” I-Cyclopedia kaMcClintock noStrong ichaza ukuthi, ukuthi “Amen” ekupheleni komthandazo “kuwukuqinisekisa amazwi aseshiwo nokunxusa ukuba agcwaliseke.” Ngakho, lapho ephetha ngelithi, “Amen,” lowo othandazayo usuke ebonisa ubuqotho bemizwa yakhe ngalokho asanda kukusho. Lapho umKristu omelele ibandla ngomthandazo ephetha ngale nkulumo, labo abalalele bangase nabo bathi, “Amen” ezinhliziyweni zabo noma ngokuzwakalayo ukuze babonise ukuthi bavumelana ngokugcwele nalokho okusanda kushiwo.—1 Korinte 14:16.

8. Eminye imithandazo yethu ingafana kanjani nokaJakobe noma oka-Abrahama, futhi lokhu kuyobe kubonisani ngathi?

8 Kunezikhathi lapho uNkulunkulu engase asivumele khona ukuba sibonise ukujula kokukhathazeka kwethu ngezinto esizithandazelayo. Kungase kudingeke ukuba sibe njengoJakobe wasendulo, owabambana nengelosi ubusuku bonke ukuze athole isibusiso. (Genesise 32:24-26) Noma ezinye izimo zingase zidinge ukuba sibe njengo-Abrahama, owanxusa uJehova ngokuphindaphindiwe enxusela uLoti nabanye abantu abalungile okwakungenzeka babeseSodoma. (Genesise 18:22-33) Ngokufanayo singase sinxuse uJehova ngezinto eziyigugu kithi, simncenge ngesisekelo sobulungisa bakhe, umusa wothando nesihe.

Yiziphi Izinto Esingazicela?

9. Iziphi izinto okufanele sizikhathalele ngokuyinhloko lapho sithandaza?

9 Khumbula ukuthi uPawulu wathi: “Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu.” (Filipi 4:6) Ngakho, imithandazo yomuntu siqu ingase ithinte cishe zonke izici zokuphila. Nokho, into okufanele siyikhathalele ngokuyinhloko emithandazweni yethu yizithakazelo zikaJehova. UDaniyeli wabeka isibonelo esihle kulokhu. Ngesikhathi u-Israyeli ejeza ngenxa yezono zakhe, uDaniyeli wancenga uJehova ukuba abonise isihe, wathi: “Ungalibali, ngenxa yakho Nkulunkulu wami, [ngenxa yegama] lakho siqu.” (Daniyeli 9:15-19) Ingabe imithandazo yethu ibonisa ukuthi ukungcweliswa kwegama likaJehova nokugcwaliseka kwentando yakhe kuyizinto esizikhathalela ngokuyinhloko?

10. Sazi kanjani ukuthi kuyafaneleka ukuthandazela izindaba zomuntu siqu?

10 Noma kunjalo, kuyafaneleka nokwenza izicelo eziphathelene nezindaba zomuntu siqu. Ngokwesibonelo, njengomhubi singathandazela ukuziqonda ngokujulile izinto ezingokomoya. Wathandaza: “Ngenze ngiqonde, ukuze ngigcine umthetho wakho futhi ngiwugcine ngenhliziyo yonke.” (IHubo 119:33, 34; Kolose 1:9, 10) UJesu “wenza ukunxusa nezicelo kuLowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni.” (Hebheru 5:7) Ngokwenza kanjalo, wabonisa ukuthi kuyafaneleka ukuba umuntu acele amandla lapho ebhekene nengozi noma izilingo. Lapho enika abafundi bakhe umthandazo oyisibonelo, uJesu wahlanganisa izindaba zomuntu siqu, njengokuthethelelwa iziphambeko nokuthola ukudla kwansuku zonke.

11. Umthandazo ungasisiza kanjani ukuba singaweli ezilingweni?

11 Kulowo mthandazo oyisibonelo, uJesu wahlanganisa nalesi sicelo: “Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi.” (Mathewu 6:9-13) Kamuva weluleka: “Hlalani nilindile futhi nithandaze njalo, ukuze ningangeni esilingweni.” (Mathewu 26:41) Umthandazo ubalulekile lapho silingwa. Emsebenzini noma esikoleni singase silingelwe ukuba singazinaki izimiso zeBhayibheli. Abantu abangebona oFakazi bangase basicele ukuba sihlanganyele nabo ezintweni ezingabazekayo. Singase sicelwe ukuba senze into ethile ephula izimiso zokuziphatha. Kulezo zimo kuyoba kuhle ukulandela iseluleko sikaJesu sokuthandaza—kokubili ngaphambi nalapho sesibhekene ngqo nesilingo—sicele uNkulunkulu ukuba asisize singaweli esilingweni.

12. Iziphi izinto ezibangela ukukhathazeka ezingase zisishukumisele ukuba sithandaze, futhi yini esingayilindela kuJehova?

12 Namuhla izinceku zikaNkulunkulu zibhekana nezingcindezi nezinkathazo ezihlukahlukene ekuphileni kwazo. Into enkulu ekhathaza abaningi namuhla ukugula nokucindezeleka ngokomzwelo. Ubudlova obusizungezile benza ukuphila kube lusizi. Izinkinga zezomnotho zenza kube nzima ukuthola izidingo zokuphila. Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uJehova uyazilalela izinceku zakhe eziletha lezi zicelo kuye! IHubo 102:17 lithi ngoJehova: “Ngokuqinisekile uyophendukela emthandazweni walabo abaphundlwe konke, angawudeleli umthandazo wabo.”

13. (a) Iziphi izindaba zomuntu siqu okufanelekayo ukuzithandazela? (b) Landisa isibonelo somthandazo onjalo.

13 Empeleni, noma yiluphi udaba oluthinta inkonzo yethu kuJehova noma ubuhlobo bethu naye lungaba into okufanelekayo ukuyithandazela. (1 Johane 5:14) Uma kumelwe wenze isinqumo mayelana nomshado noma umsebenzi noma ukwandisa inkonzo yakho, zizwe ukhululekile ukusethula kuNkulunkulu ucele isiqondiso sakhe. Ngokwesibonelo, owesifazane othile osemusha ePhilippines wayefuna ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Nokho, wayengenawo umsebenzi ayengaziphilisa ngawo. Uthi: “Ngolunye usuku kunguMgqibelo, ngathandaza kuJehova ngokuqondile ngendaba yokuphayona. Kamuva ngalo lolo suku, lapho ngisemsebenzini wokushumayela, ngahambisela osemusha othile incwadi. Kungazelelwe le ntombazane yathi: ‘Kufanele uye esikoleni sethu ekuseni ngoMsombuluko.’ Ngayibuza ukuthi kungani kwakufanele ngiye lapho. Yachaza ukuthi kudingeka umuntu ngokushesha ngangokunokwenzeka. Ngaya, ngaqashwa ngaso leso sikhathi. Kwenzeka ngokushesha okukhulu.” OFakazi abaningi emhlabeni wonke baba nokuhlangenwe nakho okuthi akufane nalokhu. Ngakho unganqikazi ukwethula izicelo zenhliziyo yakho kuNkulunkulu ngomthandazo!

Kuthiwani Uma Sonile?

14, 15. (a) Kungani kungafanele ukuba umuntu esabe ukuthandaza ngisho nalapho onile? (b) Ngaphandle kwemithandazo yethu siqu, yini enye eyosiza umuntu ukuba alulame esonweni sakhe?

14 Umthandazo ungasiza kanjani uma umuntu onile? Abanye abonile bayesaba ukuthandaza ngenxa yamahloni. Nokho, lokho akuyona inkambo ehlakaniphile. Ngokwesibonelo: Abashayeli bezindiza bayazi ukuthi lapho bedukile, bangathintana nabaqondisi bezindiza abasesikhungweni ukuze bathole usizo. Nokho, kuthiwani uma umshayeli wendiza odukile enqikaza ukuthintana nabaqondisi ngoba enamahloni okuthi udukile? Phela lokho kungaholela enhlekeleleni! Ngokufanayo, umuntu owonile futhi onamahloni okuthandaza kuNkulunkulu angalimala ngokwengeziwe. Ukuba namahloni ngesono akufanele kuyekise umuntu ukuba akhulume noJehova. Eqinisweni, uNkulunkulu uyabamema labo abenze izono ezingathí sina ukuba bathandaze kuye. Umprofethi u-Isaya wakhuthaza izoni ngosuku lwakhe ukuba zibize uJehova, “ngoba uyothethelela ngendlela enkulu.” (Isaya 55:6, 7) Yiqiniso, kungase kudingeke ukuba umuntu aqale ngokuthambisa inhliziyo yakhe andukuba ‘anxuse uJehova,’ ngokushiya inkambo yokona nangokuphenduka ngobuqotho.—IHubo 119:58; Daniyeli 9:13.

15 Lapho umuntu onile, umthandazo uba obalulekile nangesinye isizathu. Umfundi uJakobe uthi ngokuphathelene nomuntu odinga usizo olungokomoya: “Makabize amadoda amadala ebandla, amthandazele, . . . uJehova amvuse.” (Jakobe 5:14, 15) Yebo, umuntu kufanele asivume ngokwakhe isono sakhe kuJehova ngomthandazo, kodwa angacela nabadala ukuba bamthandazele. Lokho kuyomsiza ukuba alulame ngokomoya.

Ukuphendulwa Kwemithandazo

16, 17. (a) UJehova uyiphendula kanjani imithandazo? (b) Yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi umsebenzi wokushumayela uhlobene eduze nomthandazo?

16 Imithandazo iphendulwa kanjani? Eminye ingase iphendulwe ngokushesha nangendlela esobala. (2 AmaKhosi 20:1-6) Eminye ingase ithathe isikhathi, futhi kungabonakali kalula ukuthi isiphenduliwe. Njengoba uJesu abonisa emfanekisweni womfelokazi owaphindela kaningi kumahluleli, kungase kudingeke ukuba sithandaze siphindelela. (Luka 18:1-8) Nokho, singaqiniseka ukuthi lapho sithandaza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu, uJehova akasoze athi kithi: ‘Yekani ukungikhathaza.’—Luka 11:5-9.

17 Abantu bakaJehova banobufakazi obuningi bokuthi imithandazo iyaphendulwa. Lokhu ngokuvamile kuye kwaba sobala enkonzweni yethu yasobala. Ngokwesibonelo, odade ababili abangamaKristu ePhilippines babehambisa izincwadi zeBhayibheli endaweni eqhelile kulelo zwe. Lapho behambisela owesifazane othile ipheshana, wahlengezela izinyembezi. Wathi: “Izolo ebusuku ngiye ngathandaza kuNkulunkulu ngicela ukuba angithumelele othile ozongifundisa iBhayibheli, futhi ngicabanga ukuthi umthandazo wami uphenduliwe.” Ngokushesha ngemva kwalokho, lona wesifazane waqala ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso. Kwenye ingxenye yeNingizimu-mpumalanga ye-Asia, umzalwane othile wayemathintanyawo ukushumayela enxanxatheleni yezakhiwo zokuhlala okwakungangeneki kalula kuzo ngoba ezokulondeka ziqinisiwe. Nokho, wathandaza kuJehova, waqunga isibindi, futhi wangena kulesi sakhiwo. Wangqongqoza emnyango welinye ifulethi, kwavela owesifazane osemusha. Lapho umzalwane echaza isizathu sokuhambela kwakhe, lona wesifazane waqala ukukhala. Wathi ubelokhu efunana noFakazi BakaJehova futhi uthandazelé usizo lokubathola. Umzalwane wakujabulela ukumsiza ukuba axhumane nebandla loFakazi BakaJehova lakuleyo ndawo.

18. (a) Lapho imithandazo yethu iphendulwa, kufanele sisabele kanjani? (b) Yini esingaqiniseka ngayo uma sithandaza zikhathi zonke?

18 Ngempela umthandazo uyilungiselelo elimangalisayo. UJehova ukulungele ukulalela nokusabela. (Isaya 30:18, 19) Noma kunjalo, kudingeka siqaphelisise indlela uJehova ayiphendula ngayo imithandazo yethu. Kungase kungabi njalo ngendlela ebesiyilindele. Noma kunjalo, lapho sisibona isiqondiso sakhe, akufanele neze sikhohlwe ukumbonga nokumdumisa. (1 Thesalonika 5:18) Ngaphezu kwalokho, hlale ukhumbula iseluleko somphostoli uPawulu: “Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.” Yebo, wasebenzise ngokunenzuzo wonke amathuba okukhuluma noNkulunkulu. Ngaleyo ndlela, uyoqhubeka ubona ukuba yiqiniso kwalokho uPawulu akushoyo ngalabo abaphendulelwa imithandazo: “Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.

Ingabe Ungaphendula?

• Imithandazo yethu ingaba eyaziphi izinhlobo?

• Kufanele sithandaze kanjani?

• Iziphi izinto esingazihlanganisa emithandazweni yethu?

• Umthandazo ufeza yiphi indima lapho umuntu onile?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 29]

Umthandazo osuka enhliziyweni usisiza ukuba singaweli ezilingweni

[Izithombe ekhasini 31]

Ngomthandazo, sibonga uNkulunkulu, simazise izinto ezisikhathazayo nezicelo zethu