Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lapho Umuntu Esimthandayo Eyeka Ukukhonza UJehova

Lapho Umuntu Esimthandayo Eyeka Ukukhonza UJehova

Lapho Umuntu Esimthandayo Eyeka Ukukhonza UJehova

UMARK noLouise bangoFakazi BakaJehova. * Báfundisa izingane zabo ngendlela ebonisa uthando nokukhathalela njengoba iBhayibheli linxusa abazali abangamaKristu ukuba benze kanjalo. (IzAga 22:6; 2 Thimothewu 3:15) Ngokudabukisayo, akuzona zonke izingane zabo ezaqhubeka zikhonza uJehova lapho sezikhula. ULouise uthi: “Ngibuhlungu kakhulu ngezingane zami ezaphambuka. Ngiyehluleka ukuzenzisa njengokungathi angikho osizini usuku nosuku. Lapho abanye bekhuluma ngamadodana abo, ngibindwa yisidwa, kudingeke ngibambe izinyembezi.”

Yebo, lapho umuntu ekhetha ukushiya uJehova nendlela yokuphila esiyibekelwa imiBhalo, kungokwemvelo ukuba amalungu omkhaya athembekile ezwe ubuhlungu obukhulu. U-Irene uthi: “Ngimthanda kakhulu udadewethu. Ngingenza noma yini ukuze abuyele kuJehova!” UMaria onomfowabo owashiya uJehova ngoba engafuni ukuyeka ukuziphatha okubi, uthi: “Kuye kwangicindezela kakhulu lokhu ngoba kuzo zonke ezinye izinto, ubelokhu engumfowethu okahle kakhulu. Angive ngimkhumbula, ikakhulu uma sihlangene sonke njengomndeni.”

Kungani Kunzima Kangaka?

Kungani ukulahlekelwa ingane ngokomoya noma omunye umuntu ezimthandayo kubangela izihlobo ezingamaKristu ukucindezeleka okungaka? Kungenxa yokuthi ziyazi ukuthi imiBhalo ithembisa ukuthi abantu abahlala beqotho kuJehova bayophila phakade emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 37:29; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3-5) Zibheke phambili ekujabuleleni lezi zibusiso nabantu abashade nabo, izingane zabo, abazali, izingane zakwabo nabazukulu. Yeka indlela okubazwisa ubuhlungu ngayo ukucabanga ukuthi abantu ababathandayo asebeyeke ukukhonza uJehova bangase bangazijabuleli lezi zinto! Ngisho namanje, amaKristu ayazi ukuthi imithetho nezimiso zikaJehova zizuzisa wona. Ngakho-ke, amaKristu adabuka kakhulu uma ebona umuntu amthandayo ehlwanyela izinto eziyomenza avune kabuhlungu.—Isaya 48:17, 18; Galathiya 6:7, 8.

Kubantu abangakaze babuzwe ubuhlungu bokulahlekelwa kungase kube nzima ukuqonda ukuthi kuyinto ebuhlungu kanjani. Kuthinteka cishe zonke izici zokuphila. ULouise uthi: “Sekunzima kakhulu ukuba semihlanganweni yobuKristu ngibuke abazali behleka futhi bexoxa nezingane zabo. Kunoma isiphi isenzakalo esijabulisayo, mina ngivele ngibe muncu ngenxa yokuthi abantu engibathandayo basuke bengekho.” Omunye umdala ukhumbula iminyaka emine indodakazi yomkakhe eyayizihlukanise ngayo. Uthi: “Kwakuvame ukuthi ngisho ‘nezikhathi ezimnandi’ zingabi mnandi. Uma ngipha umkami isipho noma ngimyisa endaweni ethile enhle ngempelasonto, wayevele asikhihle, ecabanga ukuthi indodakazi yakhe ngabe nayo ilapha ijabula kanye nathi.”

Ingabe la maKristu ayeqisa? Cha. Eqinisweni, kungenzeka ukuthi ngezinga elithile abonisa izimfanelo zikaJehova esidalwe ngomfanekiso wakhe. (Genesise 1:26, 27) Kusho ukuthini lokhu? Uyakhumbula yini ukuthi uJehova wazizwa kanjani lapho abantu bakhe, ama-Israyeli, bemhlubuka? IHubo 78:38-41 lithi uJehova waphatheka kabuhlungu kakhulu. Noma kunjalo, wabaxwayisa futhi wabayala ngesineke, elokhu ebaxolele njalo lapho bebonisa ukuphenduka. Kusobala ukuthi uJehova uyazithanda izidalwa zakhe, ‘umsebenzi wezandla zakhe,’ futhi akazideli kalula. (Jobe 14:15; Jona 4:10, 11) Wawufaka kubantu lowo muzwa ofanayo, futhi leso sibopho siqina nakakhulu phakathi kwamalungu omkhaya. Ngakho akumangazi ukuthi abantu bezwa ubuhlungu obukhulu lapho belahlekelwa isihlobo abasithandayo.

Yebo, ukulahlekelwa ngokomoya umuntu esimthandayo kuphakathi kwezilingo ezinzima kakhulu ezehlela abakhulekeli beqiniso. (IzEnzo 14:22) UJesu wathi ukwamukela umyalezo wakhe kwakuyoyihlukanisa eminye imikhaya. (Mathewu 10:34-38) Akukona ukuthi umyalezo weBhayibheli ngokwawo ubangela ukuhlukana emkhayeni. Kunalokho, amalungu omkhaya angakholwa noma angathembekile abangela ukwahlukana ngokulahla, ngokushiya, ngisho nangokuphikisa indlela yobuKristu. Nokho, kumelwe sibonge ukuthi uJehova akabashiyi abathembekile bakhe bengenandlela yokubhekana nezilingo ezibehlelayo. Uma kumanje usosizini lokulahlekelwa ngokomoya umuntu omthandayo, iziphi izimiso zeBhayibheli ezingakusiza ukhuthazelele lolo sizi futhi uthole injabulo nokwaneliseka ngezinga elithile?

Ukubhekana Nesimo Ngokuphumelelayo

“Ngokuzakha . . . , zigcineni othandweni lukaNkulunkulu.” (Jude 20, 21) Kuye ngezimo zakho, kungenzeka ukuthi ayikho into ongayenza manje ukusiza ilungu lomkhaya eseliyeke ukukhonza uJehova. Noma kunjalo, ungakwazi ukuzakha futhi kufanele ukwenze. Kufanele wakhe nanoma imaphi amalungu omkhaya athembekile. UVeronica unamadodana amathathu, futhi amabili ahamba nezwe. Uthi: “Mina nomyeni wami sasizwa ukuba sikhumbule ukuthi uma sihlala siqinile ngokomoya, siyoba sesimweni esingcono kakhulu sokwamukela amadodana ethu lapho esanguluka. Ngabe yenzenjani indodana yolahleko ukube uyise wayengekho esimweni sokuyamukela lapho ibuya?”

Ukuze uzigcine uqinile, yiba matasa ngemisebenzi engokomoya. Lokhu kungase kuhlanganise ukuba nesimiso sokutadishisisa iBhayibheli nokuya emihlanganweni yobuKristu. Zenze utholakalele ukusiza abanye ebandleni ngezinga izimo zakho ezingakuvumela ngalo. Yiqiniso, ungase ukuthole kunzima ukwenza lezi zinto ekuqaleni. UVeronica uyakhumbula: “Ekuqaleni kwakuthi mangizihlukanise kwabanye kuhle kwesilwane esilimele. Kodwa umyeni wami wagcizelela ukuthi kufanele sihlale sinesimiso esingokomoya esihle. Wayeqiniseka ukuthi siyaya emihlanganweni. Lapho sekuyisikhathi sokuya emhlanganweni wesigodi, kwadingeka ngibe nesibindi esikhulu sokuya nesokubheka abantu. Nokho, isimiso sasisondeza kuJehova. Lowo mhlangano wayakha ngokukhethekile indodana yethu eyayilokhu ithembekile.”

UMaria, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, ukuthola kusiza ngokukhethekile ukuhlala ematasa enkonzweni yasensimini futhi njengamanje usiza abantu abane ukuba bafunde iBhayibheli. Ngokufanayo, uLaura uthi: “Nakuba ngisakhala mihla namalanga, ngibonga uJehova ngokuthi nakuba ngingazange ngiphumelele ekukhuliseni izingane njengabanye abazali, ngazi amaqiniso eBhayibheli amahle kakhulu akwazi ukusiza imikhaya kulezi zinsuku zokugcina.” Izingane ezindala zikaKen no-Eleanor zayeka ukukhonza uJehova. Ngakho bahlela izimo zabo bathuthela endaweni enendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso futhi bangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Lokhu kuye kwabasiza ukuba bazigcine benombono ofanele futhi bagweme ukubulawa usizi.

Ungalilahli ithemba. Uthando “luthemba zonke izinto.” (1 Korinte 13:7) UKen, okukhulunywe ngaye ngenhla, uthi: “Lapho izingane zethu zishiya indlela yeqiniso, ngacabanga ukuthi kwakufana nokuthi zifile. Kodwa ngemva kokushona kukadadewethu, umbono wami washintsha. Ngiyabonga ukuthi izingane zami azifile ngokoqobo nokuthi uJehova usazilindele ukuba zibuyele kuye.” Yebo, okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi abaningi abashiya iqiniso bagcina bebuyile.—Luka 15:11-24.

Gwema ukuzibeka icala. Abazali ikakhulu bangase babheke emuva bazisole ngokuthi abazange basingathe izimo ezithile ngenye indlela. Nokho, iphuzu eliyinhloko elivezwa kuHezekeli 18:20 liwukuthi uJehova uthi yisoni esiyoziphendulela ngokwenza ukukhetha okubi, hhayi abazali. Kuyathakazelisa ukuthi nakuba incwadi yezAga ikhuluma kaningi ngesibopho abazali abanaso sokukhulisa izingane zabo ngendlela efanele, izeluleko ezikhuthaza izingane ukuba zilalele abazali zingaphezulu ngokuphindwe kane kwezabazali. Yebo, izingane zinesibopho sokwamukela ukuqeqeshwa okusekelwe eBhayibhelini ezikuthola kubazali bazo abangaphelele. Cishe wenza okusemandleni akho ukusingatha izimo ngaleso sikhathi. Ngisho noma unomuzwa wokuthi kunamaphutha owawenza nokuthi ngempela kwakuyiphutha lakho, lokho akusho ngempela ukuthi lawo maphutha akho yiwona abangela ukuba ingane ishiye iqiniso. Kanti-ke nje akusizi ukukhala, ulokhu uthi “ukube nje.” Funda emaphutheni akho, uzimisele ukuba ungabe usawaphinda futhi uthandaze kuJehova ucele intethelelo. (IHubo 103:8-14; Isaya 55:7) Yibe usubheka phambili, hhayi emuva.

Babekezelele abanye. Kungase kube nzima ngabathile ukwazi ukuthi kufanele bakukhuthaze noma bakududuze kanjani ngempela, ikakhulu uma bengakaze behlelwe into efanayo. Kanti-ke nje azifani izindlela zabantu zokukhuthaza nokududuza. Ngakho, uma abathile besho izinto ezikuphatha kabi, sebenzisa iseluleko somphostoli uPawulu esikweyabaseKolose 3:13: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.”

Hlonipha ilungiselelo likaJehova lokuyala. Uma isihlobo sakho sithole isiyalo ebandleni, khumbula ukuthi lelo elinye lamalungiselelo kaJehova nokuthi kusuke kuzozuza wonke umuntu, kuhlanganise nomenzi wokubi. (Hebheru 12:11) Ngakho, gwema noma yikuphi ukuthambekela kokugxeka abadala ababehilelekile ecaleni noma izinqumo abazenza. Khumbula, kuba nemiphumela emihle kakhulu lapho izinto zenziwa ngendlela kaJehova, kanti ukumelana namalungiselelo akhe kungase kukwenze ucindezeleke nakakhulu.

Ngemva kokukhululwa kuka-Israyeli eGibhithe, uMose wayevame ukukhonza njengomahluleli. (Eksodusi 18:13-16) Njengoba isahlulelo sasingase sivune omunye silahle omunye, ungacabanga ukuthi izinqumo zikaMose zazibadumaza abanye. Ukubona amaphutha ezahlulelo zikaMose kungenzeka ukuthi kwaba nomthelela ezenzakalweni ezithile zokuvukela ukuhola kwakhe. Nokho, uJehova wayesebenzisa uMose ukuze ahole abantu baKhe. Kwajeziswa lezo zihlubuki nemikhaya yazo eyayizisekela, kodwa uMose akajeziswanga. (Numeri 16:31-35) Singafunda kulokhu ngokulwela ukuhlonipha nokubambisana nezinqumo ezenziwa yilabo uNkulunkulu abanike igunya namuhla.

Ngokuqondene nalokhu, uDelores ukhumbula indlela okwakunzima ngayo ngaye ukugcina umbono onokulinganisela lapho indodakazi yakhe ithola isiyalo ebandleni. Uthi: “Ngasizwa ukufunda ngokuphindaphindiwe izihloko ezikhuluma ngokuthi amalungiselelo kaJehova anengqondo. Ngaba nencwadi yokubhala amaphuzu ezinkulumo nezihloko ezithile ayengangisiza ngikhuthazele futhi ngiqhubeke ngikhonza uJehova.” Lokhu kusiletha kwenye indlela ebalulekile yokubhekana ngokuphumelelayo nalesi simo.

Khuluma ngemizwa yakho. Kungase kusize ukuthululela isifuba sakho kumngane oyedwa noma ababili obethembayo. Khetha abangane abazokusiza uhlale unombono oqondile. Kuyosiza kakhulu ukuthandaza kuJehova ‘uthulule inhliziyo’ yakho kuye. * (IHubo 62:7, 8) Kungani? Kungenxa yokuthi uqonda kahle ukuthi uzizwa kanjani. Ngokwesibonelo, ungase ube nomuzwa wokuthi akufanele ukube ngabe ubhekene nobuhlungu obungokomzwelo obungaka. Ingani akuwena oyeke ukukhonza uJehova. Tshela uJehova imizwa yakho, umcele akusize ubheke isimo ngendlela engazwisi ubuhlungu kakhulu.—IHubo 37:5.

Cishe ngokuhamba kwesikhathi uzokwazi ukulawula imizwa yakho. Okwamanje, ungayeki ukuzama ukujabulisa uYihlo wasezulwini, futhi ungalokothi ube nomuzwa wokuthi imizamo yakho iyize. (Galathiya 6:9) Khumbula, uma singayeka ukukhonza uJehova, sisazoqhubeka sinezinkinga. Ngakolunye uhlangothi, uma sihlala siqotho kuye, uyasisiza ezilingweni esibhekana nazo. Ngakho-ke, qiniseka ngokuthi uJehova wazi kahle ukuthi ubhekene nesimo esinzima kanjani nokuthi uzoqhubeka ekunika amandla owadingayo ngesikhathi esifanele.—2 Korinte 4:7; Filipi 4:13; Hebheru 4:16.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 2 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 19 Ngokuqondene nendaba yokuthandazela isihlobo esisusiwe, bheka INqabayokulinda ka-December 1, 2001, amakhasi 30-1.

[Ibhokisi ekhasini 19]

Indlela Yokubhekana Nesimo Ngokuphumelelayo

◆ “Ngokuzakha . . . , zigcineni otha-ndweni lukaNkulunkulu.”—Jude 20, 21.

◆ Ungalilahli ithemba.—1 Korinte 13:7.

◆ Gwema ukuzibeka icala.—Hezekeli 18:20.

◆ Babekezelele abanye.—Kolose 3:13.

◆ Hlonipha ilungiselelo likaJehova lokunikeza isiyalo.—Hebheru 12:11.

◆ Khuluma ngemizwa yakho.—IHubo 62:7, 8.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 21]

Ingabe Uye Wayeka Ukukhonza UJehova?

Uma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi siyini isizathu sakho, lokho kungase kubufake engozini ubuhlobo bakho noJehova kanye namathemba akho okuphila phakade. Mhlawumbe uyakucabanga ukubuyela kuJehova. Ingabe uzama ngawo wonke amandla ukubuyela? Noma ingabe ulokhu uzindela uthi ulinde “isikhathi esifanele”? Khumbula ukuthi i-Armagedoni isondela ngokushesha. Ngaphezu kwalokho, ukuphila kulesi simiso kufushane futhi akuqinisekile. Ngeke wazi nokuthi uzobe usaphila yini kusasa. (IHubo 102:3; Jakobe 4:13, 14) Enye indoda eyathola ukuthi inesifo esibulalayo yathi: “Lapho ngithola ukuthi nginalesi sifo ngangisenkonzweni yesikhathi esigcwele, kungenabubi engibenzayo ngasese. Futhi akuve kumnandi ukwazi lokho manje.” Nokho, cabanga nje ukuthi yayiyozizwa kanjani ukube yathola lesi sifo ilokhu ithi, “Ngelinye ilanga ngizobuyela kuJehova!” Uma uye washiya uJehova, manje yisikhathi esihle kakhulu sokubuyela kuye.

[Izithombe ekhasini 18]

Ukuba matasa emisebenzini yobuKristu kungakusiza ukuba uhlale unombono ofanele