“Ngenxa Yomfanyana Oneminyaka Engu-9”
“Ngenxa Yomfanyana Oneminyaka Engu-9”
KWAKUTHI uma uWiesława, ohlala eningizimu yePoland, evakashelwa oFakazi BakaJehova, abonge ngomoya omuhle. Ngelinye ilanga, kwafika uSamuel oneminyaka engu-9 ubudala ehamba nonina. Kulokhu uWiesława wanquma ukulalela futhi wathatha umagazini owawukhuluma ngepharadesi emhlabeni.
Ngenxa yokuthi sase siseduze iSikhumbuzo sokufa kukaJesu Kristu, uSamuel wafisa ukumemela uWiesława kulesi senzakalo esikhethekile. Ngakho, yena nonina baphindela kuWiesława bephethe isimemo. Ebona indlela lo mfanyana ayegqoke kahle ngayo, uWiesława wacela uxolo, wahamba wayogqoka kangcono. Esebuyile, walalela uSamuel, wamukela isimemo, wabe esebuza: “Ngize ngedwa noma ngize nomyeni wami?” Wabe esenezela: “Ngisho noma umyeni wami engezi, mina ngizoza. Ngizoza ngenxa yakho Samuel.” USamuel wajabula lapho embona efika.
Phakathi nenkulumo yeSikhumbuzo, uSamuel wahlala eduze kukaWiesława wambonisa nemiBhalo eyayidingidwa. Kwamhlaba umxhwele kakhulu lokhu uWiesława. Wasijabulela iSikhumbuzo wathanda nokuthi izinto ezinzinyana zazichazwa ngendlela elula. Wathintwa nayindlela efudumele amukelwa ngayo nomusa awuboniswa yibandla. UWiesława usezithanda kakhulu izinto eziphathelene noNkulunkulu futhi useqale ukuhlanganyela njalo noFakazi BakaJehova. Usanda kuthi: “Nginamahloni ngokuthi ngaphambili nganginganilaleli uma nifike kwami. Futhi kumelwe ngivume ukuthi ngalalela ngenxa yomfanyana oneminyaka engu-9, uSamuel.”
NjengoSamuel ohlala ePoland, kunoFakazi BakaJehova abasebasha abaningi abadumisa uNkulunkulu ngezindebe zabo nangendlela abaziphatha ngayo. Uma usengomusha, nawe ungakwazi ukusiza abantu abaqotho bathande imithetho kaNkulunkulu emihle.