Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Yeka Indlela Engiwuthanda Ngayo Umthetho Wakho!”

“Yeka Indlela Engiwuthanda Ngayo Umthetho Wakho!”

“Yeka Indlela Engiwuthanda Ngayo Umthetho Wakho!”

IHUBO 119 liyingoma eveza indlela umqambi walo azizwa ngayo ngesigijimi noma ngezwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Umhubi uyahlabelela: “Ngililondile izwi lakho enhliziyweni yami.” “Ngizobonisa ukuba nothando ngezimiso zakho.” “Umphefumulo wami uchotshoziwe ukulangazelela izinqumo zakho zokwahlulela ngaso sonke isikhathi.” “Ngiyazithanda izikhumbuzo zakho.” “Ngiyilangazelele imiyalo yakho.” “Ngizobonisa ukuba nothando ngemiyalo yakho engiyithandile.” “Ngizozikhathaza ngeziqondiso zakho.” “Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Uyinto engiyikhathalela usuku lonke.”—IHubo 119:11, 16, 20, 24, 40, 47, 48, 97.

Yeka indlela umhubi ayelazisa ngokujule ngayo izwi likaNkulunkulu elambuliwe! Ingabe uzizwa ngale ndlela ngesigijimi seZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli? Ungathanda yini ukuhlakulela uthando olufanayo ngalo? Uma ungathanda, okokuqala kudingeka ube nomkhuba wokufunda iBhayibheli njalo, uma kungenzeka nsuku zonke. UJesu Kristu wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4) Okwesibili, kufanele uzindle ngalokho okufundayo. Ukuzindla ngeqiniso meyalana noNkulunkulu, izimfanelo zakhe, intando yakhe nezinjongo zakhe kuyokhulisa ukulazisa kwakho iBhayibheli. (IHubo 143:5) Futhi okubaluleke kakhulu, sisebenzise ekuphileni kwakho kwansuku zonke iseluleko salo esinengqondo.—Luka 11:28; Johane 13:17.

Kuyokuzuzisa ngani ukuhlakulela uthando ngalokho okushiwo iBhayibheli? IHubo 119:2 lithi: “Bayajabula abagcina izikhumbuzo [zikaNkulunkulu].” Izikhumbuzo eziseBhayibhelini ziyokusiza ukuba ubhekane ngokuphumelelayo nezinkinga zokuphila. (IHubo 1:1-3) Uyothola ukuhlakanipha, ukuqondisisa nokuqonda, okuyokusiza ukuba ‘uvimbele unyawo lwakho kuzo zonke izindlela ezimbi.’ (IHubo 119:98-101) Ukwazi iqiniso ngoNkulunkulu nangenjongo yakhe ngomhlaba kuyokwenza ukuphila kwakho kube nenjongo kakhudlwana nethemba lakho ngekusasa liqhakaze.—Isaya 45:18; Johane 17:3; IsAmbulo 21:3, 4.

OFakazi BakaJehova bakuthanda kakhulu ukusiza abanye ukuba balazi kangcono iBhayibheli futhi bahlakulele uthando ngesigijimi salo. Sikumema ngobuqotho ukuba uphendule isicelo esingezansi.