Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

KuDuteronomi 31:2, kungani INguqulo Yezwe Elisha ithi uMose ‘wayengeke esavunyelwa ukuba aphume futhi angene’ njengomholi wama-Israyeli, kanti ezinye izinguqulo zibonisa ukuthi wayengasakwazi?

Nakuba igama lesiHebheru okukhulunywa ngalo lapha lingase lihunyushwe ngazo zombili lezi zindlela, indlela elihunyushwe ngayo kwezinye izinguqulo zeBhayibheli isikisela ukuthi uMose wayesebuthaka ngesikhathi esezokufa, engasakwazi ukufeza imithwalo yakhe njengomholi. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lesiZulu elivamile lithi: “Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla; angisenamandla okuphuma nokungena.” I-New American Bible isho okucishe kufane: “Angisakwazi ukuhambahamba ngokukhululekile.”

Nokho, uDuteronomi 34:7 ubonisa ukuthi nakuba uMose ayesekhulile ngeminyaka, wayengebuthaka. Leli vesi lithi: “UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ubudala ngesikhathi efa. Iso lakhe lalingakaqundeki, nezikhwepha zakhe zazingakabaleki.” Ngakho, uMose wayesenawo amandla okuhola isizwe, kodwa kwakungeyona intando kaJehova ukuba aqhubeke enza lokho. Lokhu sikubona kulokho okwashiwo nguye uMose: ‘UJehova ushilo kimi wathi, “Ngeke uliwele leli Jordani.”’ Kusobala ukuthi uJehova wayephinda amazwi awasho emanzini aseMeriba.—Numeri 20:9-12.

UMose waphila iminyaka eminingi futhi ukuphila kwakhe kwakuphawuleka. Ukuphila kwakhe kungahlukaniswa izigaba ezintathu. Wahlala eGibhithe iminyaka engu-40, okuyindawo ‘afundiswa kuyo kukho konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe futhi enamandla ngamazwi nangezenzo.’ (IzEnzo 7:20-22) Eminye iminyaka engu-40 wayichitha ehlala kwaMidiyani. Ngesikhathi ehlala lapho wahlakulela izimfanelo ezingokomoya ezazidingeka ukuze ahole abantu bakaJehova. Iminyaka engu-40 yokugcina wayichitha ehola ama-Israyeli. Nokho, uJehova wayesenqume ukuthi kwakuzoba uJoshuwa, hhayi uMose, owayezohola isizwe siwele uMfula iJordani singene eZweni Lesithembiso.—Duteronomi 31:3.

Ngakho, INguqulo Yezwe Elisha idlulisela umqondo onembile kaDuteronomi 31:2. UMose wayengeke esaqhubeka engumholi wama-Israyeli, hhayi ngoba wayengasenawo amandla, kodwa ngoba uJehova akamvumelanga.