Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe IBhayibheli Linemithetho Eqine Ngokweqile?

Ingabe IBhayibheli Linemithetho Eqine Ngokweqile?

Ingabe IBhayibheli Linemithetho Eqine Ngokweqile?

INSIZWA ethile yaseFinland iyalandisa: “Lapho ngiseyingane, angizange ngifundiswe izindinganiso zeBhayibheli. UNkulunkulu wayengaphathwa nakuphathwa ekhaya.” Ukukhuliswa kanjalo kuyinto evamile namuhla. Abantu abaningi, ikakhulu intsha, babheka iBhayibheli njengeliyisidala kakhulu neseluleko salo njengesiqine ngokweqile. Labo abafuna ukulalela imithetho yeBhayibheli babhekwa njengabantu abacindezelwe, ababoshwe imithetho nemiyalo. Ngakho, abaningi banomuzwa wokuthi kungcono ukungalifundi iBhayibheli kodwa ufune isiqondiso kwenye indawo.

Ngokuyinhloko, umbono onjalo ngeBhayibheli ubangelwa umlando omude wokucindezela kwamasonto eLobukholwa. Ngokwesibonelo, phakathi nenkathi ezinye izazi-mlando eziye zayibiza ngokuthi iNkathi Yobumnyama (Dark Ages), iSonto LobuKatolika eYurophu lalilawula cishe zonke izici zokuphila kwabantu. Noma ubani owayeke alinge aphikisane nesonto wayezifaka engozini yokuhlukunyezwa ngisho nokubulawa imbala. Kamuva amasonto obuProthestani nawo aphuca abantu inkululeko. Namuhla, lapho abanye becabanga ngezinkolo zobuProthestani bakhumbula izijeziso ezinonya ezenziwa yilezo zinkolo. Ngakho, ngenxa yokuthi abantu baye bacindezelwa amasonto, benza iphutha lapho bephetha ngokuthi izimfundiso zeBhayibheli kumelwe ukuba ziyacindezela.

Kula makhulu amuva eminyaka, amasonto awasenalo ithonya elitheni ekuphileni kwabantu bakwamanye amazwe. Ngemva kokuba belahle izinkolelo ezingokwenkolo, abaningi baye baqala ukuba nombono wokuthi abantu banelungelo lokuzinqumela okulungile nokungalungile. Kuye kwaba namuphi umphumela? U-Ahti Laitinen, uprofesa wesayensi yobugebengu nesayensi yokuhlalisana kwabantu, uyachaza: “Ukuhlonishwa kwegunya sekunciphile, futhi umbono wabantu ngokuthi yini eyamukelekayo nengamukeleki uya ufiphala.” Ngisho nabaholi benkolo bacabanga ngale ndlela. Umbhishobhi ovelele waseLuthela wathi: “Ngithanda ukuwugwema umbono wokuthi izinkinga zokuziphatha zixazululwa ukulalela okushiwo iBhayibheli noma igunya elithile elingokwenkolo.”

Ingabe Inkululeko Engenamingcele Yinhle?

Umqondo wokuba nenkululeko engenamingcele ungase uzwakale ukhanga, ikakhulu entsheni. Bambalwa abantu abakuthandayo ukubukelwa phansi noma ukwenziwa baphile ngohide lwemithetho. Nokho, ingabe kufanele wonke umuntu azenzele noma yini ayithandayo? Ukuze siphendule lo mbuzo, cabanga ngalo ngomfanekiso. Ake sithi kunedolobha elingenayo imithetho yomgwaqo. Abashayeli akudingeki babe nezincwadi zokushayela noma bahlolwe kuqala. Abantu bavunyelwe ukushayela ngendlela abayithandayo, bashayele ngisho noma bedakiwe, bangazihluphi ngejubane elisemthethweni, izimpawu ezibonisa ukuthi yima, amarobhothi, umgwaqo wezimoto eziya ngandawonye kuphela, noma indawo yokuwela yabahamba ngezinyawo. Ingabe “inkululeko” enjalo ibingaba into enhle? Lutho neze! Bekungadaleka isiphithiphithi, inxushunxushu nezingozi. Nakuba imithetho yomgwaqo ibekela abantu imingcele, siyaqonda ukuthi le mithetho yenzelwe ukuvikela abashayeli nabahamba ngezinyawo.

Ngokufanayo, uJehova usinikeza iziqondiso mayelana nendlela okufanele siphile ngayo. Kuyasizuzisa lokhu. Ngaphandle kwaleso siqondiso, bekungadingeka sifunde emaphutheni ethu, futhi ngokwenza kanjalo besingazilimaza thina nabanye. Isimo esinjalo sokungahleleki besingaba into engafiseleki neyingozi njengokushayela edolobheni elingenayo imithetho yomgwaqo. Iqiniso liwukuthi siyayidinga imithetho ethile—okuyiqiniso iningi labantu elilivuma kalula.

‘Umthwalo Wami Ulula’

Imithetho yomgwaqo ingase ibe uhide lwemidanti—kwezinye izindawo inani lemithetho yokupaka nje iyodwa liyamangalisa. Ngokuphambene, iBhayibheli alinikezi uhide lwemithetho. Kunalokho, linikeza izimiso eziyisisekelo, futhi aziwona umthwalo futhi azicindezeli. UJesu Kristu wanika abantu besikhathi sakhe isimemo esikhangayo: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Mathewu 11:28, 30) Encwadini ayeyibhalele ibandla laseKorinte, umphostoli uPawulu wabhala: “Lapho kunomoya kaJehova khona, kukhona inkululeko.”—2 Korinte 3:17.

Nokho, leyo nkululeko inemingcele. UJesu wabonisa ngokucacile ukuthi izimfuneko zikaNkulunkulu zihlanganisa imiyalo elula. Ngokwesibonelo, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Yilo umyalo wami, ukuba nithandane njengoba nje nami nginithandile.” (Johane 15:12) Cabanga ukuthi ukuphila bekungaba njani ukube wonke umuntu ubewulalela lowo myalo! Ngakho, inkululeko yamaKristu inemingcele. Umphostoli uPetru wabhala: “Yibani njengabantu abakhululekile, kodwa nokho ningaphathi inkululeko yenu njengesembozo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu.”—1 Petru 2:16.

Ngakho, nakuba amaKristu engaboshiwe uhlu lwemithetho enemidanti, awenzi ngendlela acabanga ngayo maqondana nokulungile nokungalungile. Abantu badinga isiqondiso esinganikezwa nguNkulunkulu kuphela. IBhayibheli lisho ngokucacile: “Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Uma sisilalela isiqondiso sikaNkulunkulu siyozuza kakhulu.—IHubo 19:11.

Okunye esikuzuzayo yinjabulo. Ngokwesibonelo, insizwa okukhulunywe ngayo ekuqaleni yayikade iyisela futhi iqamba amanga. Yayiziphethe kabi. Ngemva kokufunda ngezindinganiso zeBhayibheli eziphakeme, yashintsha ukuphila kwayo yazivumelanisa nazo. Yathi: “Nakuba ngingakwazanga ukuzivumelanisa nazo zonke izindinganiso zeBhayibheli zisuka nje, ngakuqonda ukubaluleka kwazo. Indlela engangiphila ngayo yayinganginikezi injabulo enginayo manje. Ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli kwenza ukuphila kwakho kungabi inkimbinkimbi. Uyazi ukuthi uphokophelephi nokuthi yini elungile nengalungile.”

Kuye kwenzeka okufanayo ezigidini zabantu. Enye inzuzo ukuthi isiqondiso esitholakala eBhayibhelini siye sazisiza ukuba zithuthukise ubuhlobo bazo nabanye, zihlakulele umbono olinganiselayo ngomsebenzi, ziyeke imikhuba elimazayo, ngaleyo ndlela zibe nokuphila okujabulisa kakhudlwana. UMarkus, * insizwa eyake yaphila ngaphandle kwezindinganiso zeBhayibheli futhi manje esiphila ngazo, uthi ngokuphila kwakhe: “Ngenxa yokuphila ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli, ngiye ngakwazi ukuqala ukuzihlonipha.” *

Ukhethani?

Ngakho, ingabe iBhayibheli linemithetho eqinile? Yebo—ngenjongo yokuba sonke sizuze. Kodwa ingabe iBhayibheli linemithetho eqine ngokweqile? Cha. Inkululeko engenamingcele iholela ebunzimeni kuphela. Izindinganiso zeBhayibheli ziyalinganisela, futhi zithuthukisa inhlalakahle nenjabulo yethu. UMarkus uthi: “Njengoba isikhathi sihamba ngiye ngabona ukuhlakanipha kokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ekuphileni. Nakuba ukuphila kwami sekwehluke ngezindlela eziningi kokwabanye, angicabangi nakancane ukuthi ngiye ngalahlekelwa okuthile okunenzuzo ekuphileni.”

Lapho uqala ukuthola izibusiso zokuphila ngezindinganiso zeBhayibheli, ukulazisa kwakho iZwi likaNkulunkulu kuyokhula. Lokhu kuyokwenza uthole ngisho nesibusiso esikhudlwana—uzoqala ukuthanda uMlobi walo uJehova uNkulunkulu. “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.”—1 Johane 5:3.

UJehova unguMdali wethu futhi unguBaba wethu osezulwini. Uyakwazi okuyosizuzisa kakhulu. Kunokuba asibekele imithetho eqinile, ngothando usinikeza isiqondiso ukuze sizuze. Ngolimi olusankondlo uJehova uyasinxusa: “O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.”—Isaya 48:18.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 13 Igama lishintshiwe.

^ par. 13 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngendlela yokuphila efundiswa iBhayibheli, bheka isahluko 12 encwadini ethi Lifundisani Ngempela iBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 9]

UJesu wathi izimfuneko zikaNkulunkulu zaziyoqabula

[Isithombe ekhasini 10]

Ukulalela isiqondiso sikaNkulunkulu kwenza umuntu ajabule futhi azihloniphe