Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuzama Ukuthola Indlela Olwandlekazi

Ukuzama Ukuthola Indlela Olwandlekazi

Ukuzama Ukuthola Indlela Olwandlekazi

IMARSHALL ISLANDS ineziqhingi ezinkulu nezincane ezingaphezu kuka-1 200, futhi eziningi zazo ziphakeme ngamamitha ayisithupha kuphela ngaphezu kolwandle. Uma uqhela kancane ogwini ungena olwandle ziyashesha ukucasha. Noma kunjalo, amatilosi akudala aseMarshall ayesebenzisa izikebhe ezinogongolo oluvundlile oluziphasile ayekwazi ukuhamba ngalezo zikebhe zawo esuka eziqhingini ezincane eya kwezinye ezincane endaweni engamakhilomitha-skwele angaba izigidi ezimbili kuyiPacific Ocean. Ayekwenza kanjani lokhu? Ayeqondiswa “amabalazwe” alula kodwa asebenza ngempela abizwa ngokuthi ama-stick chart.

Esizwa okuhlangenwe nakho ayenakho, amatilosi aseMarshall afunda ukuthi uma kunenhlabathi budebuduze kwakuba nezinhlobo ezithile zamagagasi ezazenza azi lapho kukhona khona isiqhingi ngisho noma sisaqhele ngamakhilomitha angaba ngu-30. Kwakudingeka afunde izinhlobo eziningi zala magagasi, futhi-ke la ma-stick chart ayewasiza akhumbule. Ayenjani la ma-stick chart? Njengoba ubona esithombeni, izindukwana ezenziwe ngezimpande ze-pandanus noma ngemithambo emikhulu yamaqabunga emithi yekhukhunathi zazihlanganiswa zenze umfanekiso osabulwembu owawumelela amagagasi. Kwakusetshenziswa amagobolondo asolwandle amancane ukuze abonise ukugqagqana kweziqhingi.

Kwadlula iminyaka la ma-stick chart okuhamba olwandle engaziwa, eyimfihlo, futhi kwakutshelwa kuphela abakhethiwe. Itilosi elisha lalifunda kanjani ukusebenzisa la ma-stick chart? Lalifunda kuphela ngokuqeqeshwa nangokujwayela ukuwasebenzisa. Itilosi elingumakadebona lalifundisa elisha ngasese, mhlawumbe lihambe nalo kuyiwe eziqhingini eziseduze. Njengoba le mfunda-makhwela yayifunda ukubona amagagasi angefani, yayibe isiqiniseka ukuthi ingakwazi ukusebenzisa ama-stick chart. Kamuva, yayingase ikwazi ukuzihambela yodwa olwandle.

Ngendlela efanayo, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lingasiqondisa ekuphileni. Ekuqaleni, othile angase asisize sibe nolwazi lwemiBhalo oluyisisekelo. Njengoba siqhubeka sitadisha iZwi likaNkulunkulu futhi sisebenzisa izimiso zalo, siyaqiniseka ngalokho elikushoyo. UJoshuwa, umholi wama-Israyeli, watshelwa ukuba alifunde njalo iZwi likaNkulunkulu ukuze akwazi “ukwenza ngokuvumelana nakho konke okulotshwe [kulo].” UNkulunkulu wabe esetshela uJoshuwa: “Uma wenza kanjalo uyoyiphumelelisa indlela yakho futhi uyokwenza ngokuhlakanipha.” (Joshuwa 1:8) Yebo, iBhayibheli lingaba ibalazwe elisisiza ukuba siphile ukuphila okuqinisekile nokuphumelelayo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

© Greg Vaughn