Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bonisa Ukholo Lwakho Ngendlela Ophila Ngayo

Bonisa Ukholo Lwakho Ngendlela Ophila Ngayo

Bonisa Ukholo Lwakho Ngendlela Ophila Ngayo

“[Ukholo] uma lungenayo imisebenzi, lufile.”—JAKOBE 2:17.

1. Kungani amaKristu okuqala anaka kokubili ukholo nemisebenzi?

ININGI lamaKristu okuqala labonisa ukholo lwalo ngendlela elaliphila ngayo. Umfundi uJakobe wanxusa wonke amaKristu: “Yibani abenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela.” Wanezela: “Njengoba umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokholo ngaphandle kwemisebenzi lufile.” (Jakobe 1:22; 2:26) Eminyakeni engaba ngu-35 kulotshwe lawo mazwi, amaKristu amaningi ayesaqhubeka ebonisa ukholo lwawo ngemisebenzi efanele. Kodwa ngokudabukisayo amanye ayengalubonisi. UJesu wancoma ibandla laseSmirna; kodwa kwabaningi kwelaseSardesi wathi: “Ngiyazazi izenzo zakho, ukuthi unegama lokuthi uyaphila, kodwa ufile.”—IsAmbulo 2:8-11; 3:1.

2. Yini amaKristu okufanele azibuze yona mayelana nokholo lwawo?

2 Ngakho, uJesu wakhuthaza abaseSardesi—kanye nabo bonke ababeyofunda amazwi akhe kamuva—ukuba babonise uthando ababenalo ekuqaleni ngeqiniso lobuKristu futhi baphaphame ngokomoya. (IsAmbulo 3:2, 3) Ngamunye wethu angazibuza: ‘Eyami imisebenzi injani? Ingabe izenzo zami zibonisa ngokucacile ukuthi ngenza okusemandleni ukuze ngibonise ukholo lwami kukho konke engikwenzayo, ngisho nasezicini ezingahlobene ngokuqondile nomsebenzi wokushumayela noma imihlangano yebandla?’ (Luka 16:10) Ziningi izici zokuphila esingazicabangela, kodwa ake sikhulume ngesisodwa nje: imibuthano yokuzijabulisa, kuhlanganise naleyo evame ukulandela imishado yamaKristu.

Imibuthano Emincane Yokuzijabulisa

3. Uyini umbono weBhayibheli ngokuba semibuthanweni?

3 Iningi lethu liyakujabulela ukumenyelwa embuthanweni wamaKristu ajabulile. UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo,’ ofuna izinceku zakhe zijabule. (1 Thimothewu 1:11) Waphefumulela uSolomoni ukuba abhale naleli qiniso eBhayibhelini: “Mina ngokwami ngatusa ukujabula, ngoba isintu asinalutho olungcono ngaphansi kwelanga kunokuba sidle siphuze sijabule, futhi lokhu kuhambisane naso emsebenzini waso onzima ngezinsuku zokuphila kwaso.” (UmShumayeli 3:1, 4, 13; 8:15) Singase sijabule kanjalo esidlweni somkhaya noma komunye umbuthano wokuzijabulisa omncane wabakhulekeli beqiniso.—Jobe 1:4, 5, 18; Luka 10:38-42; 14:12-14.

4. Yini umuntu ohlela umbuthano okufanele ayikhathalele?

4 Uma kunguwe ohlela umbuthano onjalo futhi unomthwalo wokuwuqondisa, kufanele ucabangisise ngalokho okuhleliwe, ngisho noma umeme amaKristu ambalwa ukuze nidle futhi nixoxe njengabangane. (Roma 12:13) Uyofuna ukuqiniseka ukuthi ‘zonke izinto zenzeka ngokufaneleyo,’ uqondiswa “ukuhlakanipha kwaphezulu.” (1 Korinte 14:40; Jakobe 3:17) Umphostoli uPawulu wabhala: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu. Gwemani ukuba yizimbangela zokukhubeka.” (1 Korinte 10:31, 32) Iziphi ezinye zezici ezidinga ukunakwa ngokukhethekile? Ukucabanga ngazo kusengaphambili kungasiza ekuqinisekiseni ukuthi lokho okwenzayo wena nezimenywa zakho kuyobonisa ukuthi niziphatha ngokuvumelana nokholo lwenu.—Roma 12:2.

Kuzoba Umbuthano Onjani?

5. Kungani umhleli wombuthano kufanele acabangisise ngokuthi luzoba khona yini uphuzo oludakayo nomculo?

5 Abantu abaningi abahlela umbuthano kuye kwadingeka banqume ukuthi luzoba khona yini uphuzo oludakayo. Akulona olwenza umbuthano ube ojabulisayo. Khumbula ukuthi uJesu wahlinzeka iqembu elikhulu elalize kuye—wandisa isinkwa nezinhlanzi. Ukulandisa akusho ukuthi walenzela newayini ngokuyisimangaliso, nakuba sazi ukuthi wayengalenza. (Mathewu 14:14-21) Uma unquma ukuba nophuzo oludakayo embuthanweni, linganisela ubungako balo futhi uqiniseke ukuthi kuba nezinye iziphuzo ezimnandi zalabo abakhetha zona. (1 Thimothewu 3:2, 3, 8; 5:23; 1 Petru 4:3) Kugweme ngokuphelele ukwenza noma ubani azizwe ecindezelekile ukuba aphuze into engase ilume “njengenyoka.” (IzAga 23:29-32) Kuthiwani ngomculo noma ukuhlabelela? Uma umbuthano wakho uzoba nomculo, ngokungangabazeki uyozikhetha ngokucophelela izingoma, uhlole kokubili isigqi namazwi. (Kolose 3:8; Jakobe 1:21) AmaKristu amaningi aye athola ukuthi ukudlala izingoma zoMbuso noma ngisho ukuzihlabelela ndawonye kwenza kube nesimo esihle. (Efesu 5:19, 20) Yebo, qikelela njalo ukuthi umculo awuphakami ukuze ungavimbi izingxoxo ezimnandi noma uphazamise omakhelwane.—Mathewu 7:12.

6. Umhleli wombuthano angabonisa kanjani ukuthi ukholo lwakhe luyaphila ngokuqondene nezingxoxo noma ezinye izinto ezenziwayo?

6 Embuthanweni wokuzijabulisa, amaKristu angase axoxe ngezindaba ezihlukahlukene, afunde okuthile ngokuzwakalayo, noma alandise okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo. Uma ingxoxo inhlanhlatha, umhleli wombuthano angayibuyisa ngobuhlakani. Kufanele futhi aqaphe ukuba kungabi nomuntu oyedwa okhuluma kakhulu ancishe abanye ithuba lokukhuluma. Uma ebona kwenzeka lokho, angangenela ngokuhlakanipha ahilele nabanye, mhlawumbe ngokubuza abasebancane imibuzo ethile noma ngokuqala indaba eyokwenza kuvezwe imibono ehlukahlukene. Lesi sici sombuthano siyojatshulelwa abancane nabadala. Uma wena njengomhleli wombuthano uqondisa izinto ngokuhlakanipha nangesu, ‘ukucabangela kwakho kuyokwaziwa’ yilabo abakhona. (Filipi 4:5) Bayobona ukuthi ukholo lwakho luyaphila, luthinta zonke izici zokuphila kwakho.

Imishado Namadili Ayo

7. Kungani ukuhlelwa kwemishado nemibuthano ehlobene nayo kudingeka kucatshangelwe kahle?

7 Esinye isenzakalo esikhethekile esijabulisayo umshado wamaKristu. Izinceku zikaNkulunkulu zasendulo, kuhlanganise noJesu nabafundi bakhe, zaziyijabulela le mishado kanye namadili ahambisana nayo. (Genesise 29:21, 22; Johane 2:1, 2) Nokho, ezikhathini zamuva izenzakalo ezithile ziye zabonisa ngokucacile ukuthi ukuhlela imibuthano yokuzijabulisa ehlobene nemishado kudinga umzamo okhethekile ukuze ibonise ukwahlulela okuhle nokulinganisela okulindelekile kumaKristu. Nokho, lezi yizici ezivamile zokuphila ezinika umKristu ithuba lokubonisa ukholo lwakhe.

8, 9. Izinto ezivame ukwenziwa emishadweni eminingi zikufakazela kanjani lokho esikufunda kweyoku-1 Johane 2:16, 17?

8 Abantu abaningi abangazazi izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu futhi abangenandaba nazo babheka umshado njengethuba lokweqisa, noma mhlawumbe njengendawo lapho ukweqisa kwamukeleka khona. Komunye umagazini waseYurophu, inkosikazi eyayisanda kushada yasho lokhu ngomshado wayo owawunjengowasebukhosini: ‘Sasigibele ikalishi lombukiso elalidonswa amahhashi amane, lilandelwa izinqodlana ezingu-12 nazo zidonswa amahhashi kanye nenqola eneqembu elalidlala umculo. Kwakuphekwe izibiliboco, kunomculo ophambili; kwakuyisimangaliso. Ngalolo suku ngangiyindlovukazi, njengoba nje ngangifuna.’

9 Nakuba amasiko engase ahluke emazweni ngamazwe, lawo mazwi amane nje afakazela lokho okwashiwo umphostoli uJohane: “Konke okusezweni—isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho—akuveli kuBaba, kodwa kuvela ezweni.” Ungawucabanga yini umbhangqwana wamaKristu ovuthiwe ufuna ukuba nomshado ‘onjengowasebukhosini’ onedili eliwubukhazikhazi njengokungathi elasenganekwaneni? Kunalokho, kufanele kubonakale ukuthi umbhangqwana uyakhumbula ukuthi “lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:16, 17.

10. (a) Kungani kubalulekile ukuhlela ukuze umshado ube nokulinganisela? (b) Kufanele zenziwe kanjani izinqumo mayelana nalabo abazomenywa?

10 Imibhangqwana yamaKristu ifuna ukubhekana namaqiniso futhi ilinganisele. IBhayibheli lingayisiza kulokhu. Nakuba usuku lomshado lubalulekile, iyazi ukuthi lumane luyisiqalo sokuphila kwamaKristu amabili ashadile anethuba lokuphila okuphakade. Ayibophekile ukuba ibe nedili lomshado elikhulu. Uma ikhetha ukuba nawo umbuthano, iyofuna ukubala izindleko zawo nokucabangela ukuthi ifuna kube umbuthano onjani. (Luka 14:28) Ekuphileni kwawo ndawonye njengamaKristu, indoda iyoba inhloko ngokuvumelana nemiBhalo. (1 Korinte 11:3; Efesu 5:22, 23) Ngakho ngumkhwenyana ngokuyinhloko onomthwalo wemfanelo ngedili lomshado. Yebo, uyobonisa uthando ngokuxoxa nengoduso yakhe ngezinto ezinjengokuthi bazothanda noma bazokwazi ukumema bani edilini lomshado. Kungase kungenzeki noma kungabi lula ukumema bonke abangane nezihlobo zabo; ngakho, ezinye izinqumo kungase kudingeke zenziwe ngokulinganisela. Umbhangqwana kufanele ukwazi ukuqiniseka ukuthi uma ungakwazanga ukumema amaKristu athile, ayoqonda futhi ngeke aphatheke kabi.—UmShumayeli 7:9.

“Umqondisi Wedili”

11. “Umqondisi wedili” angafeza yiphi indima emshadweni?

11 Uma umbhangqwana ukhetha ukuba nedili lomshado, ungaqinisekisa kanjani ukuthi lowo mbuthano uhlala unesizotha? Sekungamashumi eminyaka oFakazi BakaJehova beqonda ukuhlakanipha kokwenza into eyenziwa embuthanweni uJesu aya kuwo eKhana. Kwakukhona “umqondisi wedili,” ngokuqinisekile naye owayengumkhulekeli kaNkulunkulu othembekile. (Johane 2:9, 10) Ngokufanayo, umkhwenyana ohlakaniphile uyokhetha umzalwane ongumKristu ovuthiwe ngokomoya ukuba afeze le ndima ebalulekile. Ngemva kokuthola izifiso zomkhwenyana nalokho akuthandayo, umqondisi wedili angaqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka ngaphambi kombuthano naphakathi nawo.

12. Yini okufanele umkhwenyana ayicabangele ngokuqondene nophuzo oludakayo?

12 Ngokuvumelana nalokho okuxoxwe ngakho esigabeni 5, eminye imibhangqwana ikhetha ukungabi nophuzo oludakayo edilini lomshado ukuze injabulo nempumelelo yalesi senzakalo ingoniwa ukusetshenziswa kabi kwalolo phuzo. (Roma 13:13; 1 Korinte 5:11) Nokho, uma abashadayo beba nalo uphuzo oludakayo, umkhwenyana kufanele aqiniseke ukuthi lukhishwa ngokulinganisela. Emshadweni waseKhana uJesu aya kuwo lalikhona iwayini, futhi naye wenza iwayini lezinga eliphezulu. Ngokuthakazelisayo, umqondisi walelo dili wathi: “Bonke abanye abantu bakhipha iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapho abantu sebedakiwe, bakhiphe elezinga eliphansi. Wena ugciné iwayini elimnandi kwaze kwaba manje.” (Johane 2:10) UJesu akazange neze akhuthaze ukudakwa ngoba wayekubheka njengokungalungile. (Luka 12:45, 46) Lapho emangazwa izinga eliphezulu lewayini, umqondisi waveza ukuthi wayeke wabona kweminye imishado abanye kwabamenyiwe bedakwa. (IzEnzo 2:15; 1 Thesalonika 5:7) Ngakho, bobabili umkhwenyana nomKristu othembekile ambeka njengomqondisi wedili kufanele baqiniseke ukuthi bonke abakhona bayasigcina lesi siqondiso esicacile: “Ningadakwa yiwayini, okukhona kulo ukuzitika ngamanyala.”—Efesu 5:18; IzAga 20:1; Hoseya 4:11.

13. Yini umbhangqwana okufanele uyicabangele uma uhlela ukuba nomculo edilini lomshado, futhi ngani?

13 Njengakweminye imibuthano, uma kuzoba nomculo, ukuphakama kwawo kufanele kuqashelwe ngokufanele ukuze abantu bazwane lapho bexoxa. Omunye umdala ongumKristu wathi: “Njengoba ubusuku buqhubeka, lapho ingxoxo ifudumala noma kuqalwa ukudansa, ngezinye izikhathi umculo uyaphakanyiswa. Nakuba usuke uqale ukhalela phansi, ungakhuphuka ubange umsindo kuze kube nzima ukuxoxa. Idili lomshado linikeza ithuba lokujabulela ubudlelwane obumnandi. Yeka indlela okungadabukisa ngayo uma leli thuba lingoniwa umculo okhalela phezulu!” Nalapha, umkhwenyana nomqondisi wedili kudingeka bathwale umthwalo wabo wemfanelo, bangashiyeli kubaculi ukulawula uhlobo nokuphakama komculo, kungakhathaliseki ukuthi labo baculi baqashiwe noma cha. UPawulu wabhala: “Noma ngabe yini eniyenza ngezwi noma ngokusebenza, kwenzeni konke ngegama leNkosi uJesu.” (Kolose 3:17) Lapho abamenyiwe begoduka ngemva kwedili lomshado, ingabe abayokukhumbula mayelana nomculo kuyobonisa ukuthi umbhangqwana wenze konke ngegama likaJesu? Kufanele kube njalo.

14. Iziphi izinkumbulo ezimnandi amaKristu okufanele abe nazo ngomshado?

14 Yebo, umshado ohlelwe kahle ungabangela izinkumbulo ezimnandi. U-Adam no-Edyta, asebeneminyaka engu-30 beshadile, bathi ngomunye umshado: “Wawuzwa nje ukuthi kuhlangene amaKristu. Kwakunezingoma zokudumisa uJehova kodwa futhi kukhona nokunye ukuzijabulisa okuhle. Umdanso nomculo kwakungabalulekile kangako. Kwakunomoya omnandi owakhayo, futhi konke kwakuvumelana nezimiso zeBhayibheli.” Kusobala ukuthi umakoti nomkhwenyana bangenza lukhulu ukuze kucace ukuthi babonisa ukholo lwabo ngezenzo.

Izipho Zomshado

15. Isiphi iseluleko seBhayibheli esingasetshenziswa mayelana nezipho zomshado?

15 Emazweni amaningi kuvamile ukuba abangane nezihlobo baphe abashadayo isipho. Uma nawe ukhetha ukwenza kanjalo, yini ongase uyikhumbule? Khumbula amazwi omphostoli uJohane mayelana “nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho.” Lokho kugabisa akakuhlobanisanga namaKristu abonisa ukholo lwawo ngezenzo, kunalokho wakuhlobanisa ‘nezwe elidlulayo.’ (1 Johane 2:16, 17) Uma sicabanga ngamazwi kaJohane aphefumulelwe, ingabe abashadayo kufanele basho phambi kwabantu ukuthi isipho ngasinye sivela kubani? AmaKristu aseMakedoniya nase-Akhaya anikelela abazalwane baseJerusalema, kodwa akukho lutho olubonisa ukuthi amagama awo amenyezelwa obala. (Roma 15:26) AmaKristu amaningi apha abashadayo isipho somshado angathanda ukuhlala engaziwa kunokuba azidonsele ukunakwa okungadingekile. Mayelana nalokhu, bukeza iseluleko sikaJesu esikuMathewu 6:1-4.

16. Abashadayo bangakugwema kanjani ukuphatha abanye kabi ngokuqondene nezipho zomshado?

16 Ukumemezela ukuthi izipho zivela kobani kungaholela ‘ekubhebhezeleni ukuncintisana’ ngokuthi isiphi esingcono noma esibizayo kunezinye. Ngakho, amaKristu ashadayo ahlakaniphile ayakugwema ukumemezela obala amagama abantu abalethe izipho. Ukuwamemezela kungabangela amahloni kulabo mhlawumbe abangabanga namandla okuletha isipho. (Galathiya 5:26; 6:10) Yiqiniso, akukhona okungalungile ukuba umakoti nomkhwenyana bazi ukuthi isipho esithile sivela kubani. Mhlawumbe lokho bangakuthola ekhadini elifanelekayo elihambisana nesipho kodwa elingeke lifundwe obala. Lapho sithenga, sipha futhi samukela izipho zomshado, sonke sinethuba lokubonisa ukuthi ukholo lwethu luthonya izenzo zethu ngisho nasendabeni yomuntu siqu enjengale. *

17. Imuphi umgomo amaKristu okufanele abe nawo ngokuqondene nokholo nemisebenzi yawo?

17 Ngokuqinisekile, ukubonisa ukholo lwethu ngezenzo kuhilela okungaphezu kokuziphatha kahle, ukuya emihlanganweni yobuKristu nokushumayela. Kwangathi ngamunye wethu angaba nokholo oluphilayo oluthonya konke akwenzayo. Yebo, singalubonisa ukholo lwethu ngezenzo ‘esizenza ngokugcwele,’ kuhlanganise nalokho esikwenza ezicini zokuphila okuxoxwe ngazo ngenhla.—IsAmbulo 3:2.

18. Amazwi kaJohane 13:17 angagcwaliseka kanjani ngokuqondene nemishado nemibuthano yamaKristu?

18 Ngemva kokuba uJesu ebekele abaphostoli bakhe abathembekile isibonelo esihle ngesenzo sokuthobeka sokubageza izinyawo, wathi: “Uma nizazi lezi zinto, niyajabula uma nizenza.” (Johane 13:4-17) Endaweni yakithi namuhla, kungase kungadingeki noma kungabi into eyamukelekayo ukugeza izinyawo zomunye umuntu osivakashele. Nokho, njengoba sixoxile kulesi sihloko, kukhona nezinye izici zokuphila esingabonisa kuzo ukholo lwethu ngezenzo zothando nokucabangela, kuhlanganise nalezo ezenziwa emibuthanweni yokuzijabulisa nasemishadweni yamaKristu. Lokho kuyiqiniso kungakhathaliseki ukuthi siyashada noma siyizimenywa emshadweni noma embuthanweni ojabulisayo oza kamuva wamaKristu afuna ukubonisa ukholo lwawo ngezenzo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 16 Isihloko esilandelayo esithi, “Yenza Umshado Wakho Ujabulise Futhi Uhlonipheke” sixoxa ngezici ezengeziwe zemishado namadili ayo.

Ungaphendula Kanjani?

Ungalubonisa kanjani ukholo lwakho

• lapho uhlela umbuthano wokuzijabulisa?

• lapho uhlela umshado noma idili lawo?

• lapho upha noma wamukela izipho zomshado?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 24]

Ngisho nalapho umema abantu abambalwa nje, vumela “ukuhlakanipha kwaphezulu” kukuqondise