Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Singamazi Ngempela UNkulunkulu?

Ingabe Singamazi Ngempela UNkulunkulu?

Ingabe Singamazi Ngempela UNkulunkulu?

‘Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.’—JOHANE 17:3.

UMPHOSTOLI UPAWULU wathi: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu!” Wanezela: “Yeka ukuthi zingezingaphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi zingezingenakuthungathwa kanjani izindlela zakhe!” (Roma 11:33) Ingabe la mazwi kufanele asenze siphethe ngokuthi kuyinto engenakwenzeka ngabantu ukuba bazi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu futhi babe nolwazi ngaye, okuwukuthi kuyinto engenakwenzeka ukumazi nokwazi izinjongo zakhe?

Abanye ongqondongqondo benkolo bakholelwa ukuthi akunakwenzeka ukuba umuntu azi uNkulunkulu. Ngokuqondene nale nkolelo, i-Encyclopedia of Religion ithi: “UNkulunkulu ungaphezu kwalokho abantu abacabanga ukuthi uyikho. . . . UNkulunkulu akanakuqanjwa igama noma achazwe ukuthi unjani. Noma iliphi igama noma incazelo ayinakushaya khona, futhi uNkulunkulu akasondeli nokusondela kulezo zincazelo. . . . Akufanele aziwe ngoba akanakwaziwa.” *

Ngokusho kukamagazini i-Newsweek, abantu abaningi abahlala emazweni angayikhonzile inkolo bathambekele “ohlotsheni olusha lwenkolelo” ethi eqinisweni “linye kuphela iqiniso, futhi lelo qiniso liwukuthi alikho iqiniso.”

Noma kunjalo, kusenabaningi abanemibuzo engakaphenduleki ngenjongo yokuphila. Babona izinkinga zobumpofu, izifo nobudlova. Kungenzeka ukuthi ukungaqiniseki kokuphila kubakhungathekisa kakhulu. Bangase bafise ukuthola izimpendulo, kodwa uma bengazitholi, bangase baphethe ngokuthi azikho. Ngakho, laba bantu baye bayishiya inkolo ehleliwe futhi bafuna ukuzitholela indlela yokuya kuNkulunkulu—uma nakhona besakholelwa ukuthi ukhona.

Umbono WeBhayibheli

Abantu abathanda iBhayibheli nabavumayo ukuthi uJesu Kristu unguMkhulumeli kaNkulunkulu kufanele babe nesithakazelo sokwazi umbono weBhayibheli. Cishe uyakhumbula ukuthi uJesu wake wakhuluma ngezindlela ezimbili, wathi enye ‘ibanzi futhi ivulekile, iholela ekubhujisweni,’ kanti enye ‘inyinyekile iholela ekuphileni.’ Wachaza indlela yokubona abantu abahamba kulezi zindlela lapho ethi: “Niyobazi ngezithelo zabo.” Ngezithelo ezinjani? Ngalokho abakwenzayo, hhayi abakushoyo. UJesu walicacisa leli phuzu: “Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini uyongena.” Ukuvuma ngomlomo ukuthi sikholelwa kuNkulunkulu akwanele. Kumelwe senze intando yakhe. Ngakho kunengqondo ukuthi kumelwe siqale sibe nolwazi olunembile ngentando kaNkulunkulu.—Mathewu 7:13-23.

UJesu wabonisa ngokucacile ukuthi abantu bangakwazi ukuba nolwazi ngoNkulunkulu. Wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Kusobala-ke ukuthi singakuthola ukuhlakanipha nolwazi uNkulunkulu asembulela kona—kuphela uma sikufuna ngokuzikhandla. UNkulunkulu uthembisa ukubapha ukuphila okuphakade labo abenza lokhu, ngakho ukufuna lolu lwazi nokuhlakanipha kunomvuzo ngempela.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Izinkolo zaseMpumalanga njengobuHindu, ubuTao nobuBuddha zinemibono efanayo.

[Isithombe ekhasini 4]

UJesu wathi indlela enyinyekile iholela ekuphileni