Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungafunda Kanjani NgoNkulunkulu?

Ungafunda Kanjani NgoNkulunkulu?

Ungafunda Kanjani NgoNkulunkulu?

Abanye bangase bakungabaze ukuthi uNkulunkulu unaso ngempela isithakazelo sokwenza abantu bamazi. Uma enaso, ukwenza kanjani lokho?

UMSHISEKELI WEZINGUQUKO ongumProthestani wangekhulu le-16, uJohn Calvin wayenembile lapho efika esiphethweni sokuthi ngamandla abo, abantu abanakumazi uNkulunkulu ngaphandle kwalapho yena ebenza bamazi. Nokho, abanye bangase bazibuze ukuthi uNkulunkulu unesithakazelo ngempela yini sokwenza abantu bamazi. Uma enaso, ukwenza kanjani lokhu?

Lapho uJehova, ‘uMdali Omkhulu,’ enza izinto usuke enesizathu. Futhi njengoba ‘enguNkulunkulu uMninimandla onke,’ ukwazi kahle ukufeza izinjongo zakhe. (UmShumayeli 12:1; Eksodusi 6:3) Singaqiniseka ukuthi ubelokhu efuna ukwembulela abantu izinjongo zakhe, ngoba umprofethi u-Amose waphefumulelwa ukuba abhale: “INkosi EnguMbusi uJehova ngeke yenze utho ngaphandle kokuba iyambulile imfihlo yayo ezincekwini zayo, abaprofethi.” Nokho, phawula ukuthi kuthiwa uNkulunkulu wazembula izinjongo zakhe, kodwa kuphela ezincekwini zakhe, kulabo ababemthanda ngempela. Akunayo yini ingqondo lokho? Wena uzitshela bani izindaba zakho eziyimfihlo? Uzitshela noma ubani, noma uzitshela abangane bakho abaseduze kakhulu?—Amose 3:7; Isaya 40:13, 25, 26.

Ukuhlakanipha nolwazi ngoNkulunkulu kwenza abantu abathobekile bamesabe ngenhlonipho, futhi lokhu kuyafaneleka. Nokho, ukuze sizuze ekuhlakanipheni nasolwazini ngoNkulunkulu, kudingeka okungaphezu kokumesaba ngenhlonipho. IBhayibheli ligcizelela ukuthi ukuze sifunde imicabango kaNkulunkulu, kudingeka sibe nenhliziyo enokuthobeka: ‘Yilonde kuwe imiyalo yami. Naka ukuhlakanipha ngendlebe yakho. Thambekisela inhliziyo yakho ekuqondeni. Memeza ufune ukuqonda futhi uzwakalise izwi lakho ufuna ikhono lokwahlukanisa. Qhubeka ukufuna njengokungathi ufuna isiliva.’—IzAga 2:1-4.

Umuntu othobekile owenza lo mzamo uyomazi nakanjani uNkulunkulu. Le ndima yezAga iqhubeka ithi: “UJehova unikeza ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda.” Yebo, laba abafuna iqiniso ngobuqotho ‘bangaqonda ukulunga nekhono lokwahlulela nobuqotho, yonke inkambo yokuhle.’—IzAga 2:6-9.

Ukufuna Iqiniso

I-Encyclopedia of Religion ithi: “Uma ungumuntu uba nesidingo sokuhlukanisa phakathi kwento engokoqobo nengeyona engokoqobo, into enamandla nengenawo, eyiqiniso neyinkohliso, emsulwa nenesisihla, ecacile neyindida, kanye nokuhlukahluka kwezimo.” Ukuze abantu banelise lesi sidingo, sekuyisikhathi eside befunana neqiniso. Baye basondela kakhulu ekulitholeni kuye ngokuthi lapho belifuna baye bathembela kangakanani kuJehova, umhubi ambiza ngokuthi ‘uNkulunkulu weqiniso.’—IHubo 31:5.

Igama elithi Jehova, ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” (Genesise 2:4, umbhalo waphansi we-Reference Bible.) Ngakho, incazelo yegama likaNkulunkulu ibonisa ukuthi unguMdali futhi unenjongo. Eqinisweni, ukwazi nokusebenzisa igama likaJehova kuwuphawu lwenkolo yeqiniso. UJesu walivuma leli qiniso. Ekhuluma ngabalandeli bakhe, wathandaza kuNkulunkulu wathi: “Ngibazisile igama lakho futhi ngizolazisa, ukuze uthando ongithande ngalo lube kubo nami ngibe munye nabo.”—Johane 17:26.

UJosefa, indoda yasendulo engumHebheru, wathembela ebuhlotsheni ayenabo noNkulunkulu lapho kumelwe achaze amaphupho, futhi washo ngokuqiniseka: “Izincazelo akuzona yini ezikaNkulunkulu?”—Genesise 40:8; 41:15, 16.

Kamuva, sekudlule amakhulu eminyaka amaningi, inkosi yaseBhabhiloni, uNebukhadinezari, yaphupha iphupho amadoda ayo ahlakaniphile angakwazanga ukulichaza. Umprofethi uDaniyeli watshela le nkosi: “Kukhona uNkulunkulu emazulwini onguMambuli wezimfihlo, futhi uyazisile iNkosi uNebukhadinezari okuyokwenzeka engxenyeni yokugcina yezinsuku.”—Daniyeli 2:28.

Isibonelo sikaJosefa noDaniyeli sibonisa ukuthi ukuhlakanipha nolwazi ngoNkulunkulu kungatholwa kuphela yilabo abakhonza uJehova uNkulunkulu. Yiqiniso, ukuze uNkulunkulu asamukele, kungase kudingeke sihlukane nemibono esasinayo ngaphambili. AmaJuda ekhulu lokuqala aguquka aba amaKristu kwadingeka enze kanjalo. Njengoba ayekhuliswe ukuba ahloniphe futhi alalele imithetho yesimiso sezinto samaJuda, ayedinga isikhathi sokwamukela uJesu njengoMesiya. Wezela ukuzogcwalisa uMthetho KaMose ‘owawuyisithunzi sezinto ezinhle ezizayo.’ (Hebheru 10:1; Mathewu 5:17; Luka 24:44, 45) “Umthetho kaKristu” wathatha indawo futhi wawuphakeme kakhulu kunoMthetho KaMose.—Galathiya 6:2; Roma 13:10; Jakobe 2:8.

Sonke sazalelwa ezweni elihlukanisiwe noNkulunkulu. Ngenxa yesono esasithola ngefa embhangqwaneni wokuqala, sazalwa sinobutha noNkulunkulu, singenalwazi olunembile ngezinjongo zakhe. Futhi sathola ngefa inhliziyo ekhohlisayo. (Jeremiya 17:9; Efesu 2:12; 4:18; Kolose 1:21) Ukuze sibe ngabangane bakaNkulunkulu, kumelwe sifunde ukucabanga njengaye. Akulula neze ukwenza lokho.

Kungase kube nzima ukulahla imibono noma imikhuba yenkolo engamanga, ikakhulu uma sakhuliswa ngayo. Kodwa ingabe kuwukuhlakanipha ukuqhubeka uhamba endleleni engafanele? Lutho neze! Ngokuqinisekile, kuwukuhlakanipha ngomuntu ukushintsha indlela yakhe yokucabanga, ngaleyo ndlela athole ukwamukelwa uNkulunkulu.

Ukubona Umzila KaNkulunkulu Wokufundisa

Singalutholaphi usizo lokuqonda iZwi leqiniso bese siphila njengokusho kwalo? Kwa-Israyeli wasendulo, uNkulunkulu wasebenzisa abantu abanokwethenjelwa nabaqotho ukuba bahole. INhloko yebandla lobuKristu namuhla, uKristu, ibaqondisa ngendlela efanayo labo abalifuna ngobuqotho iqiniso. Lokhu ikwenza ngokusebenzisa abalandeli bayo abanokwethenjelwa nabaqotho, abangumzila onomthwalo wemfanelo wokuqondisa nokuvikela laba bantu abaqotho abafuna iqiniso. (Mathewu 24:45-47; Kolose 1:18) Kodwa umuntu angawubona kanjani umzila kaNkulunkulu wokufundisa?

Abalandeli bakaJesu Kristu beqiniso bayazama ukubonisa izimfanelo ezaboniswa uJesu ngesikhathi elapha emhlabeni. Kuleli zwe elilokhu liqhubeka liba libi, kulula ukubona abalandeli bakhe ngenxa yezimfanelo ezingokomoya abazibonisayo. (Bheka ibhokisi ekhasini 6.) Ingabe uyazibona lezi zimfanelo enkolweni okuyo noma ezinkolweni zomakhelwane bakho? Kuyokusiza kakhulu ukuyihlolisisa le ndaba ngosizo lweBhayibheli.

Mfundi wethu, sikucela ukuba ukwenze lokhu ngokuba nesifundo seBhayibheli. Ngokwesilinganiso, ngonyaka odlule, abantu noma imikhaya engaphezu kuka-6 000 000 emazweni angu-235 basebenzisa le ndlela ukuze batadishe iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ukuthola ukuhlakanipha nolwazi ngoNkulunkulu kuwumsebenzi oqhubeka njalo, owanelisayo nozuzisayo. Kungani ungaqali ukuthola ukuhlakanipha nolwazi ngoNkulunkulu? Ngeke uzisole ngokwenza lokhu. Yebo, singamazi ngempela uNkulunkulu!

[Ibhokisi ekhasini 6]

LABO ABENZA NGOKUVUMELANA NONKULUNKULU . . .

abathathi uhlangothi ezingxabanweni zezombusazwe.—Isaya 2:4.

babonisa izithelo ezinhle ngokwenza intando kaNkulunkulu.—Mathewu 7:13-23.

babonisana uthando lwangempela.—Johane 13:35; 1 Johane 4:20.

bakhuluma izinto ezifanayo yonke indawo.—Mika 2:12.

abalingisi ukucabanga nokuziphatha okungafanele kwezwe elibazungezile.—Johane 17:16.

bafakazela iqiniso futhi benza abafundi.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.

bajabulela ukuhlangana njalo ukuze bakhuthazane.—Hebheru 10:25.

badumisa uNkulunkulu emhlabeni wonke.—IsAmbulo 7:9, 10.

[Izithombe ekhasini 7]

Ulwazi ngoNkulunkulu lutholwa umuntu ngamunye, umkhaya nebandla