Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yenza Umshado Wakho Ujabulise Futhi Uhlonipheke

Yenza Umshado Wakho Ujabulise Futhi Uhlonipheke

Yenza Umshado Wakho Ujabulise Futhi Uhlonipheke

“USUKU lwami lomshado lwalungolunye lwezinsuku ezibalulekile futhi ezijabulisa kunazo zonke ekuphileni kwami,” kusho uGordon, oseneminyaka ecishe ibe ngu-60 eshadile. Yini eyenza usuku lomshado lube olubaluleke kangaka kumaKristu eqiniso? Kungenxa yokuthi luwusuku enza ngalo isifungo esingcwele kulabo abathanda kakhulu—abazoshada nabo kanye noJehova uNkulunkulu. (Mathewu 22:37; Efesu 5:22-29) Yebo, imibhangqwana ehlela ukushada ifuna ukulujabulela usuku lwayo lomshado, kodwa ifuna nokudumisa uMsunguli womshado.—Genesise 2:18-24; Mathewu 19:5, 6.

Yini umkhwenyana angayenza ukuze lesi senzakalo esijabulisayo sihlonipheke? Yini umakoti angayenza ukuze abonise ukuthi uhlonipha umyeni wakhe noJehova? Abanye abakhona bangayandisa kanjani injabulo yosuku lomshado? Ukucabangela izimiso zeBhayibheli ezithile kuzosisiza siphendule leyo mibuzo, futhi ukusebenzisa lezo zimiso kuyonciphisa izinkinga ezingase zibe khona ezingaphazamisa lesi senzakalo esikhethekile.

Ubani Onomthwalo Wemfanelo?

Emazweni amaningi, isikhonzi esinguFakazi kaJehova singase sibhalise umshado ngokomthetho. Ngisho nasezindaweni lapho isinyathelo esingokomthetho kumelwe senziwe umshadisi kahulumeni, umbhangqwana ungase ufune ukuba nenkulumo esekelwe eBhayibhelini. Kuleyo nkulumo, ngokuvamile umkhwenyana unxuswa ukuba afeze indima ayinikwe uNkulunkulu yokuba inhloko yomkhaya. (1 Korinte 11:3) Ngakho, umkhwenyana unomthwalo wemfanelo oyinhloko ngalokho okwenzeka emshadweni. Yiqiniso, amalungiselelo omshado ngokwawo nawanoma imuphi umbuthano ongase ulandele ngokuvamile enziwa kusenesikhathi. Kungani lokhu kungase kube nezinselele?

Esinye isizathu ukuthi izihlobo zikamakoti noma zomkhwenyana zingase zifune ukulawula amalungiselelo omshado. URodolfo, oseshadise abantu abaningi, uyaphawula: “Ngezinye izikhathi, umkhwenyana ubhekana nokucindezela okukhulu okuvela ezihlotsheni, ikakhulu uma zisiza ekukhokheleni idili lomshado. Zingase zibe nemibono eqinile ngalokho okufanele kwenziwe emshadweni nasedilini lomshado. Lokhu kungayilulaza indima yomkhwenyana engokomBhalo njengoba enomthwalo wemfanelo ngalesi senzakalo.”

UMax, osebe umshadisi iminyaka engaphezu kwengu-35, uthi: “Ngiye ngaphawula ukuthambekela kokuba umakoti ahole ekunqumeni ukuthi kuzokwenzekani emshadweni, kuyilapho umkhwenyana esho okuncane kakhulu.” UDavid, naye oseshadise abantu abaningi, uyaphawula: “Kungenzeka ukuthi abakhwenyana abajwayele ukuhola futhi ngokuvamile abahileleki ngokwanele emalungiselelweni omshado.” Umkhwenyana angawuthwala kanjani umthwalo wakhe wemfanelo ngokuphumelelayo?

Ukukhulumisana Kwandisa Injabulo

Ukuze umkhwenyana awuthwale ngokuphumelelayo umthwalo wakhe wemfanelo ngamalungiselelo omshado, kumelwe axoxisane nabanye ngendlela ezoletha imiphumela emihle. IBhayibheli lisho ngokuqondile: “Amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba.” (IzAga 15:22) Nokho, ukucindezeleka okukhulu kungagwenywa uma kuqala umkhwenyana exoxa ngamalungiselelo omshado nomakoti, amalungu omkhaya kanye nabanye abanganikeza iseluleko esinengqondo esisekelwe eBhayibhelini.

Ngempela, kubalulekile ngombhangqwana othembisene ukuba uqale uxoxe ngamalungiselelo nezinto ezingenzeka. Ngani? Ngokwesibonelo, lalela okunye okushiwo u-Ivan nomkakhe, uDelwyn, asebeneminyaka eminingi bejabule emshadweni kodwa abanezizinda ezingefani. Ekhumbula amalungiselelo abo omshado, u-Ivan uthi: “Ngangikwazi kahle engangikufuna ngomshado wami, kuhlanganise nedili lomshado nabo bonke abangane bami, ikhekhe lomshado nomakoti wami egqoke ingubo yomshado emhlophe. Ngakolunye uhlangothi, uDelwyn, wayefuna umshado omncane, ongenamicikilisho futhi ongenalo ikhekhe lomshado. Wayecabanga ngisho nokungayigqoki ingubo yomshado.”

Lo mbhangqwana wakulungisa kanjani lokhu kungefani? Ngokukhulumisana ngomusa nangokwethembeka. (IzAga 12:18) U-Ivan uyanezela: “Satadisha izihloko ezisekelwe eBhayibhelini ezikhuluma ngemishado, njengalezo ezanyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda ka-October 15, 1984. * Lokhu kwaziswa kwasisiza ukuba sibe nombono ongokomoya ngalesi senzakalo. Ngenxa yezizinda zethu ezingefani, kwadingeka sivumelane ezintweni ezithile esizithandayo. Sobabili kwadingeka silungise isimo sethu sengqondo.”

U-Aret noPenny benza okufanayo. Maqondana nosuku lwabo lomshado, u-Aret uthi: “Mina noPenny saxoxa ngezifiso zethu zomshado ezingefani, futhi ekugcineni sakwazi ukuvumelana. Sathandazela ukuba uJehova abusise usuku lwethu lomshado. Ngacela neseluleko sabazali bethu neseminye imibhangqwana evuthiwe ebandleni. Ukusikisela kwabo kwaba usizo kakhulu. Ngenxa yalokho, umshado wethu waba ojabulisayo.”

Ukulondoloza Isizotha Endleleni Yokugqoka Nokuzilungisa

Kuyaqondakala ukuthi bobabili umkhwenyana nomakoti bafuna ukugqoka kahle ngomshado wabo. (IHubo 45:8-15) Bangase bachithe isikhathi nemali benze nemizamo ukuze bathole izingubo ezifanelekayo. Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezingabasiza ukuba bakhethe izingubo ezinesizotha nezinhle?

Cabanga ngalokho okugqokwa umakoti kulesi senzakalo. Nakuba abantu bethanda izinto ezingefani futhi kugqokwa ngezindlela ezingefani emazweni ahlukahlukene, iseluleko seBhayibheli sisebenza yonke indawo. Abesifazane kufanele “bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo.” Lesi seluleko sisebenza kwabesifazane abangamaKristu ngazo zonke izikhathi, futhi ngokuqinisekile siyasebenza nangosuku lomshado. Iqiniso liwukuthi umshado ojabulisayo awudingi kube ‘nemvunulo ebiza kakhulu.’ (1 Thimothewu 2:9; 1 Petru 3:3, 4) Yeka ukuthi kujabulisa kanjani lapho kusetshenziswa lesi seluleko!

UDavid, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Imibhangqwana eminingi iyazama ukulandela izimiso zeBhayibheli, futhi kumelwe ituswe. Nokho, kuye kwaba nezimo lapho omakoti nezimpelesi begqoka khona izingubo ezingenasizotha, eziveza amabele noma ezibonisa ngalé.” Emhlanganweni aba nawo nomakoti nomkhwenyana ngaphambi komshado, omunye umdala ongumKristu ovuthiwe uyabasiza ukuba balondoloze umbono ongokomoya. Kanjani? Ngokubabuza ukuthi izingubo abacabanga ukuzigqoka ziyoba nesizotha esifanele yini kangangokuthi bangazigqoka emhlanganweni wobuKristu. Yiqiniso, isitayela sokugqoka singase sehluke kuleso sasemhlanganweni ovamile futhi lokho okugqokwa emshadweni kungase kubonise isiko lendawo, kodwa izinga lesizotha kufanele livumelane nezindinganiso ezihloniphekile zamaKristu. Ngisho noma abathile ezweni bengase babheke isimiso seBhayibheli sokuziphatha njengesiqine kakhulu, amaKristu eqiniso azimisele ukumelana nemizamo yezwe yokuwenza afane nalo.—Roma 12:2; 1 Petru 4:4.

UPenny uthi: “Kunokubheka izingubo noma idili lomshado njengento ebalulekile, mina no-Aret sagxila engxenyeni engokomoya yalesi senzakalo. Yayiyingxenye ebalulekile yangalolo suku. Engikukhumbula ngokukhethekile akukhona engangikugqokile noma engakudla, kodwa ngikhumbula abantu engachitha nabo lolo suku nenjabulo engaba nayo ngokushada nendoda engiyithandayo.” Umbhangqwana ongamaKristu wenza kahle ngokuhlale ukukhumbula lokhu lapho wenza amalungiselelo omshado.

IHholo LoMbuso—Indawo Ehloniphekile

Imibhangqwana eminingi engamaKristu ifisa ukuba umshado wawo ube seHholo LoMbuso uma litholakala. Kungani ikhetha le ndawo? Omunye umbhangqwana wachaza lokho owawukucabanga: “Saphawula ukuthi umshado uyilungiselelo likaJehova elingcwele. Ukushadela eHholo LoMbuso, indawo yethu yokukhulekela, kwasiza ekugcizeleleni kithi ukuthi zisuka nje uJehova kudingeka abe ingxenye yomshado wethu. Enye inzuzo yokushadela eHholo LoMbuso kunakwenye indawo ukuthi kwakuzobonisa izihlobo zethu ezingakholwa ezazikhona emshadweni ukuthi kubaluleke kangakanani kithi ukukhulekela uJehova.”

Uma abadala bebandla leHholo LoMbuso elizosetshenziswa bevuma ukuba kushadelwe kulo, umbhangqwana kufanele ubatshele kusengaphambili ngamalungiselelo acatshangelwayo. Enye indlela umakoti nomkhwenyana abangabonisa ngayo ukuthi bayabahlonipha abamenyiwe iwukuzimisela ngokuqinile ukufika ngesikhathi esibekiwe. Futhi kuyodingeka baqiniseke ngokuthi yonke into yenziwa ngesizotha. * (1 Korinte 14:40) Ngakho bayogwema ukubukisa okuvamile emishadweni eminingi yezwe.—1 Johane 2:15, 16.

Labo ababa khona emshadweni bangabonisa nokuthi banombono kaJehova ngomshado. Ngokwesibonelo, ngeke balindele ukuba umshado ube muhle kuneminye imishado yamaKristu, njengokungathi kunokuncintisana ngokuthi umshado kabani obumuhle kakhulu. AmaKristu avuthiwe ayaqaphela nokuthi ukuba khona enkulumweni esekelwe eBhayibhelini eHholo LoMbuso kubaluleke futhi kuzuzisa ngaphezu kokuba sedilini lomshado noma embuthanweni ongase ulandele. Uma isikhathi noma izimo zizovumela umKristu ukuba abe khona kokukodwa, ngokuqinisekile angakhetha ukuba seHholo LoMbuso. Umdala ogama lakhe linguWilliam uthi: “Uma abamenyiwe bengabi khona eHholo LoMbuso ngaphandle kwesizathu kodwa babe khona edilini lomshado kamuva, lokhu kubonisa ukuntula ukwazisa ngobungcwele balesi senzakalo. Ngisho noma singamenywanga edilini lomshado, singabonisa ukubasekela kwethu umakoti nomkhwenyana futhi sinikeze ubufakazi obuhle kakhulu ezihlotsheni ezingakholwa ngokuba khona eHholo LoMbuso.”

Injabulo Eqhubeka Nangemva Kosuku Lomshado

Ezentengiselwano ziye zenza imicimbi yemishado yaba ibhizinisi elikhulu. Omunye umbiko wamuva uthi umshado ovamile e-United States “ubiza [u-R145 000], noma ingxenye yomholo [wonyaka] womkhaya waseMelika.” Bethonywe okushiwo ezentengiselwano, abaningi abasanda kushada noma imikhaya yabo baye bangena ezikweletini zalolo suku nje, abayoqhubeka bezikhokha iminyaka eminingi. Ingabe leyo yindlela ehlakaniphile yokuqala umshado? Labo abangenalwazi noma abangenandaba nezimiso zeBhayibheli bangakhetha lokho kweqisa, kodwa yeka ukuthi kuhluke kangakanani kumaKristu eqiniso?

Ngokwenza umshado ungabi mkhulu kakhulu nezindleko zingabi zinkulu ngokweqile nangokugxila esicini esingokomoya salesi senzakalo, imibhangqwana eminingi engamaKristu iye yakwazi ukusebenzisa isikhathi sayo nemali ngokuvumelana nokuzinikezela kwayo kuNkulunkulu. (Mathewu 6:33) Cabanga ngesibonelo sikaLloyd no-Alexandra, abaye baqhubeka besenkonzweni yesikhathi esigcwele iminyaka engu-17 selokhu bashada. ULloyd uthi: “Kungenzeka ukuthi abanye babebheka umshado wethu njengesenzakalo esingatheni, kodwa mina no-Alexandra sasijabule kakhulu. Saba nomuzwa wokuthi usuku lomshado wethu kufanele lungabi umthwalo ngokwezimali kodwa lube ukujatshulelwa kwelungiselelo likaJehova eliletha injabulo enkulu kubantu ababili.”

U-Alexandra uyanezela: “Ngangiyiphayona ngaphambi kokuba sishade, futhi ngangingafuni ukuliyeka leli lungelo ngenxa nje yomshado obizayo. Usuku lwethu lomshado lwalukhetheke kakhulu. Nokho, lwalumane luwusuku lokuqala ekuphileni kwethu sindawonye. Sasebenzisa iseluleko sokugwema ukugxila kakhulu esenzweni sokushada futhi siye safuna isiqondiso sikaJehova ekuphileni kwethu njengabantu abashadile. Ngokuqinisekile lokhu kuye kwasilethela isibusiso sikaJehova.” *

Yebo, usuku lwakho lomshado luyisenzakalo esikhethekile. Izimo zengqondo nokwenziwayo ngalolo suku kungaba isibonakaliso sokuphila kwakho kweminyaka ngemva komshado. Ngakho, ncika kuJehova ukuze uthole isiqondiso. (IzAga 3:5, 6) Gcina ukubaluleka kwezinto ezingokomoya ngalolo suku kuyinto eyinhloko engqondweni. Sekelanani ekufezeni izindima enizabelwe uNkulunkulu. Uma nenza kanjalo niyobeka isisekelo esiqinile somshado wenu, futhi ngesibusiso sikaJehova, niyoba nenjabulo eyohlala isikhathi eside ngisho nangemva kosuku lomshado.—IzAga 18:22.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 11 Okunye ukwaziswa kutholakala kuyi-Phaphama! ka-February 8, 2002, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 20 Uma umbhangqwana uhlela ukuba othile athathe izithombe noma aqophe umshado eHholo LoMbuso, kufanele uqiniseke kusengaphambili ukuthi akwenziwa lutho oluyophazamisa ukuhlonipheka komshado.

^ par. 25 Bheka ikhasi 26 encwadini ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 29]

Umbhangqwana kufanele ukhulumisane ngokukhululekile kodwa ngenhlonipho ngesikhathi ulungiselela umshado

[Isithombe ekhasini 31]

Ngosuku lwakho lomshado gcina ukubaluleka kwezinto ezingokomoya kuyinto eyinhloko engqondweni