Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amaphuzu Avelele Encwadi YomShumayeli

Amaphuzu Avelele Encwadi YomShumayeli

IZwi LikaJehova Liyaphila

Amaphuzu Avelele Encwadi YomShumayeli

INZALAMIZI uJobe yathi: “Umuntu, ozalwa owesifazane, uphila isikhashana futhi ugcwele ukuyaluza.” (Jobe 14:1) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukungadlali ngokuphila kwethu okufushane sizikhathaze ngezinto ezingathi shú noma senze izinto ezingadingeki! Isikhathi, amandla nezinto zethu kufanele sikusebenzisele ukwenzani? Yiziphi izinto okufanele sizigweme? Amazwi anokuhlakanipha asencwadini yeBhayibheli yomShumayeli asinikeza isiqondiso esingasethemba ngale ndaba. Umyalezo okuwo ‘uyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo,’ futhi ungasisiza siphile ukuphila okunenjongo.—Hebheru 4:12.

Njengoba yabhalwa inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, indoda eyaziwa kakhulu ngokuhlakanipha kwayo, le ncwadi yomShumayeli inezeluleko ezisebenzayo ngokuphathelene nokuthi yini ngempela enenzuzo ekuphileni nengeyona inzuzo. Njengoba uSolomoni ekhuluma ngezakhiwo ezithile azakha, cishe wabhala incwadi yomShumayeli ngemva kokuba ziqediwe, ngaphambi kokuphambuka kwakhe ekukhulekeleni kweqiniso. (Nehemiya 13:26) Lokho kusho ukuthi le ncwadi yabhalwa ngaphambi kuka-1000 B.C.E., sekuzophela ukubusa kwakhe kweminyaka engu-40.

YIKUPHI OKUNGELONA IZE?

(UmShumayeli 1:1–6:12)

Umhlanganisi uthi: “Yonke into iyize!” Ube esebuza: “Unambuyiseloni umuntu kuwo wonke umsebenzi wakhe onzima awusebenza kanzima ngaphansi kwelanga?” (UmShumayeli 1:2, 3) Inkulumo ethi “ngaphansi kwelanga” nethi “ize” zivela kaningi encwadini yomShumayeli. Igama lesiHebheru elithi “ize” ngokwezwi nezwi lisho “umoya,” noma “umhwamuko,” futhi lisho into ehlala isikhashana noma engenanzuzo. Inkulumo ethi “ngaphansi kwelanga” isho ukuthi “kulo mhlaba” noma “kuleli zwe.” Ngakho, yonke into—okungukuthi, zonke izinto ezenziwa abantu ezingavumelani nentando kaNkulunkulu—iyize.

USolomoni uthi: “Qapha izinyawo zakho noma nini lapho uya endlini kaNkulunkulu weqiniso; sondela ukuba uyozwa.” (UmShumayeli 5:1) Akulona ize ukukhulekela uJehova uNkulunkulu ngeqiniso. Eqinisweni, ukunaka ubuhlobo bethu naye kuyisihluthulelo sokuphila ukuphila okunenjongo.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo:

1:4-10—Yini lena ‘ekhathazayo’ ngemijikelezo yemvelo? Umhlanganisi ukhuluma ngezinqubo ezintathu kuphela ezenza sikwazi ukuphila lapha emhlabeni—ilanga, ukuhamba komoya nomjikelezo wamanzi. Empeleni miningi imijikelezo yemvelo futhi iyinkimbinkimbi kakhulu. Umuntu angachitha ukuphila kwakhe konke efunda ngayo, kodwa agcine engayiqondanga yonke ngokugcwele. Lokho ‘kungakhathaza’ ngempela. Kuyakhungathekisa futhi ukuqhathanisa ukuphila kwethu okufushane nale mijikelezo engapheli. Ngisho nemizamo yokuthola izinto ezintsha iyakhathaza. Phela nezinto ezintsha ezitholakalayo zimane nje zilandela izimiso uNkulunkulu weqiniso azimisa naseke wazisebenzisa endalweni.

2:1, 2—Kungani lapha ukuhleka kuthiwa “ukungaphili engqondweni”? Ukuhleka kungasisiza sithi ukukhohlwa izinsizi zethu okwesikhashana, futhi ukuzijabulisa kungasenza singacabangi kakhulu ngezinkinga zethu. Nokho, ukuhleka akuziqedi izinkinga zethu. Ngakho, ukuphishekela injabulo ngokuhleka kuthiwa “ukungaphili engqondweni.”

3:11—Yini uNkulunkulu ayenze ‘yaba yinhle ngesikhathi sayo’? Ezinye zezinto uJehova uNkulunkulu aye wazenza zaba ‘zinhle,’ noma zafaneleka futhi zazuzisa ngesikhathi esifanele, kwaba ukudala u-Adamu no-Eva, ukwenza isivumelwano sothingo, isivumelwano no-Abrahama, isivumelwano noDavide, ukuza kukaMesiya kanye nokubekwa esihlalweni sobukhosi kukaJesu Kristu njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Nokho, kunenye futhi into uJehova ayoyenza ibe ‘yinhle’ esikhathini esizayo esiseduze. Singaqiniseka ukuthi nakanjani lizoba khona izwe elisha lokulunga ngesikhathi esifanele.—2 Petru 3:13.

3:15b—“UNkulunkulu weqiniso uqhubeka efuna lokho okuphishekelwayo” ngayiphi indlela? “Okuphishekelwayo” kungase kusho lokho uNkulunkulu ajonge ukukwenza. Nakuba ukuzalwa nokufa, impi nokuthula kungase kwenze umuntu azizwe engenamandla futhi kumenze acabange ukuthi umlando uyaziphinda, uNkulunkulu weqiniso angakufeza konke afuna ukukufeza. (UmShumayeli 3:1-10, 15a) “Okuphishekelwayo” kungase kusho nabalungile, ngokuvamile abahlala bezingelwa ababi. UJehova uhlala ebafuna laba abaqotho ukuze ‘ababonise amandla akhe.’—2 IziKronike 16:9.

5:9—Kungayiphi indlela “imbuyiselo yomhlaba iphakathi kwabo bonke”? Bonke abantu abahlala emhlabeni bancike ‘embuyiselweni yomhlaba’—lokho okukhiqizwa umhlabathi. Inkosi incike kuyo. Ukuze kutholakale imikhiqizo ensimini yayo, kufanele izinceku zayo zisebenze kanzima zilime.

Izifundo Esizitholayo:

1:15. Akusizi ukuchitha isikhathi namandla uzama ukuqeda ukucindezela kwabantu nokungabi khona kobulungisa esikubonayo namuhla. UMbuso kaNkulunkulu kuphela ongaqeda ububi.—Daniyeli 2:44.

2:4-11. Imisebenzi yokuphila enjengokuklama izakhiwo, ukulungisa ingadi, umculo kanye nokuphila okuntofontofo ‘iwukulwela ukufica umoya’ ngoba ayenzi ukuphila kube nenjongo futhi ayilethi injabulo ehlala njalo.

2:12-16. Ukuhlakanipha kungamsiza umuntu oyisiwula ngoba kungamsiza ekuxazululeni izinkinga ezithile. Nokho, ukuhlakanipha komuntu akusizi ngalutho uma kuziwa endabeni yokufa. Ngisho noma umuntu ayedumile ngenxa yokuhlakanipha okunjalo, usheshe alitshalwe.

2:24; 3:12, 13, 22. Ayikho into embi ngokujabulela izithelo zezandla zethu.

2:26. Ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu okuletha injabulo kunikwa ‘umuntu omuhle phambi kukaJehova.’ Asinakukuthola lokhu kuhlakanipha ngaphandle kokuba sibe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu.

3:16, 17. Akunangqondo ukulindela ukuba kube nobulungisa kuzo zonke izimo. Kunokukhathazwa izinto ezenzeka emhlabeni namuhla, kufanele silindele uJehova ukuba alungise izinto.

4:4. Ukusebenza ngokuzikhandla nangekhono kungaletha ukwaneliseka. Nokho, ukusebenza kanzima ukuze nje udlule abanye kukhuthaza umoya wokuncintisana futhi kungabangela inhliziyo embi nomona. Ukuzikhandla kwethu enkonzweni yobuKristu kumelwe kube nezisusa ezifanele.

4:7-12. Ubuhlobo bethu nabanye abantu bubaluleke kakhulu ngaphezu kwezinto ezibonakalayo futhi akufanele sibudele ngenxa yokuthi siphishekela ingcebo.

4:13. Ukuba nesikhundla nokukhula ngeminyaka akusho ukuthi uzovele uhlonishwe. Labo abaphathiswe imithwalo yemfanelo kufanele benze izinto ngokuhlakanipha.

4:15, 16. ‘Umntwana ongowesibili’—othatha izintambo zokubusa ngemva kwenkosi—ekuqaleni angase asekelwe ‘yibo bonke abantu abaphambi kwakhe,’ kodwa ‘kamuva abajabuli ngaye.’ Yebo, ngokuvamile udumo luhlala isikhashana.

5:2. Imithandazo yethu kufanele ibonise ukuthi siyacabanga futhi ibonise inhlonipho, ingabi mide ngokweqile.

5:3-7. Ukushabashekela ukuthola izinto ezibonakalayo kungenza umuntu ahlale ecabanga ngezinto zobugovu. Kungenza nomuntu ahlale esezweni lamaphupho, angalali kahle ebusuku. Ukukhulumela safuthi kungenza umuntu abonakale eyisiwula futhi kumenze enze izifungo kuNkulunkulu engacabanganga. ‘Ukwesaba uNkulunkulu weqiniso’ kusivimbela ukuba singenzi noma iyiphi kulezi zinto.

6:1-9. Isiza ngani ingcebo, udumo, ukuphila isikhathi eside, ngisho nokuba nomkhaya omkhulu uma izimo zenza singazijabuleli lezi zinto? “Kungcono ukubona ngamehlo,” noma ukubhekana namaqiniso okuphila, “kunokuhambahamba komphefumulo,” noma ukuba nomphefumulo ofisayo, okungukuthi, ukulwela ukwanelisa izifiso ezingenakwaneliswa. Ngakho, indlela engcono kakhulu yokuphila ukwaneliswa ukuba “nokudla nokokwembatha,” ngesikhathi esifanayo sijabulele izinto ezizuzisayo ekuphileni nokuhlala sisondelene noJehova.—1 Thimothewu 6:8.

ISELULEKO KWABAHLAKANIPHILEYO

(UmShumayeli 7:1–12:8)

Singahlala kanjani sinegama noma idumela elihle? Kufanele sibabheke kanjani ababusi nokungabi khona kobulungisa esingase sikubone? Njengoba abafileyo bengazi lutho, kufanele sikusebenzise kanjani ukuphila kwethu manje? Intsha ingasisebenzisa kanjani isikhathi namandla ayo ngokuhlakanipha? Iseluleko somhlanganisi esihle kulezi zinto nakwezinye sitholakala ezahlukweni 7 kuya ku-12 zencwadi yomShumayeli.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

7:19—Kungayiphi indlela ukuhlakanipha kunamandla kakhulu “kunamadoda ayishumi”? Lapho sisetshenziswa eBhayibhelini ngomqondo ongokomfanekiso, isibalo ishumi sisho ukuphelela. USolomoni uthi ukuhlakanipha kuvikela kakhulu kunenani eliphelele lamadoda aqaphe umuzi.

10:2—Kusho ukuthini ukuthi inhliziyo yomuntu “ingakwesokunene sakhe” noma ‘ingakwesobunxele sakhe’? Njengoba ngokuvamile isandla sokunene sithandeka, ukuba kwenhliziyo yomuntu ngakwesokunene sakhe kusho ukuthi inhliziyo yakhe imshukumisela ukuba enze okuhle. Nokho, uma inhliziyo ishukumisela umuntu ukuba aphishekele inkambo engalungile, kuthiwa inhliziyo yakhe ingakwesobunxele.

10:15—“Umsebenzi onzima weziphukuphuku uzenza zikhathale” ngayiphi indlela? Uma umuntu engenakho ukwahlulela okuhle, umsebenzi wakhe onzima awufezi lutho oluzuzisayo ngempela. Awumanelisi. Ukusebenzela ize kumenza akhathale.

11:7, 8—Isho ukuthini inkulumo ethi: “Kumnandi futhi nokukhanya, futhi kuhle ukuba amehlo abone ilanga”? Ukukhanya nelanga kujabulisa yonke into ephilayo. Lapha uSolomoni uthi ukuphila kumnandi futhi kufanele ‘sijabule’ zingakafiki izinsuku zobumnyama, noma ukuguga, okusiphuca ubungqabavu.

11:10—Kungani “ubusha nobungqabavu bokuphila” buyize? Uma bungasetshenziswa kahle, buyize ngoba izinsuku zobungqabavu bobusha zidlula ngokushesha njengomhwamuko.

Izifundo Esizitholayo:

7:6. Ukuhleka ngesikhathi esingafanele kucasula njengomsindo womlilo wameva ngaphansi kwembiza. Kufanele sikugweme ukwenza lokhu.

7:21, 22. Akufanele sizikhathaze ngokweqile ngezinto ezishiwo abanye abantu.

8:2, 3; 10:4. Lapho osiphethe noma umqashi esisola noma esiqondisa, kuhle ukuhlala sizole. Lokhu kungcono ‘kunokushesha ukuba uphume phambi kwakhe,’ okungukuthi, ukushiya phansi umsebenzi ngokuxhamazela.

8:8; 9:5-10, 12. Singase sife ngokungazelelwe njengezinhlanzi ezibanjwa yinetha noma njengezinyoni ezibanjwa isicupho. Ngaphezu kwalokho, akekho ongavimba ukufa uma sekufikile, futhi sonke isintu sibhekene nalesi sitha esiwukufa. Ngakho, akufanele sichithe isikhathi ngezinto ezingathi shú. UJehova ufuna sikwazise ukuphila futhi sikujabulele ngendlela efanele. Ukuze senze kanjalo, kufanele sibeke inkonzo kaJehova kuqala ekuphileni kwethu.

8:16, 17. Isilinganiso esigcwele sakho konke uNkulunkulu akwenzile nalokho aye wavumela ukuba kwenzeke kubantu asinakusiqonda ngokugcwele, ngisho noma singaze siphelelwe ubuthongo sizama ukusiqonda. Ukukhathazeka ngenxa yazo zonke izinto ezingalungile eziye zenziwa kungenza singakujabuleli ukuphila.

9:16-18. Kufanele sikwazise ukuhlakanipha ngisho noma abantu ngokuvamile bengenandaba nakho. Amazwi azolile akhulunywa umuntu ohlakaniphile athandeka kakhulu kunokumemeza koyisiwula.

10:1. Kumelwe sikuqaphele esikushoyo nesikwenzayo. Isenzo esisodwa sobuwula, njengokukhuluma ngokufutheka, ukweqisa ophuzweni oludakayo, noma isenzo esihilela ukuziphatha okungcolile ngokobulili, singangcolisa idumela elihle lomuntu ohlonishwayo.

10:5-11. Akufanele sibe nomona ngomuntu osesikhundleni esiphezulu kodwa ongawazi umsebenzi wakhe. Ukuhluleka ukwenza ngisho nomsebenzi olula kungaba nemiphumela emibi. Nokho, ukulwela ukuba nekhono ‘lokusebenzisa ukuhlakanipha ukuze siphumelele’ kuyazuzisa. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sibe nekhono emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi!

11:1, 2Kufanele siphe ngokusuka enhliziyweni. Kukhuthaza umoya wokuphana.—Luka 6:38.

11:3-6. Ukungaqiniseki kokuphila akufanele kusenze singakwazi ukwenza izinqumo.

11:9; 12:1-7. Abantu abasha bayolandisa kuJehova. Ngakho, kufanele basebenzise isikhathi namandla abo enkonzweni kaNkulunkulu ngaphambi kokuba kufike iminyaka yokuguga eyobaphuca ubungqabavu babo.

KUFANELE SIQONDISWE “AMAZWI ABAHLAKANIPHILEYO”

(UmShumayeli 12:9-14)

Kufanele siwabheke kanjani “amazwi ajabulisayo” umhlanganisi awafuna futhi wawabhala? Ngokungafani ‘nezincwadi eziningi’ zokuhlakanipha kwabantu, “amazwi abahlakaniphileyo anjengezinkandi, futhi njengezipikili ezishayelelwe, banjalo abazitika ngamaqoqo emisho; anikezwe evela kumalusi munye.” (UmShumayeli 12:10-12) Amazwi okuhlakanipha avela “kumalusi munye,” uJehova, enza ukuphila kwethu kuzinze.

Ukusebenzisa iseluleko esinokuhlakanipha esitholakala encwadini yomShumayeli kuyosisiza ngempela ukuba siphile ukuphila okunenjongo nokujabulisayo. Ngaphezu kwalokho, nakhu esiqinisekiswa ngakho: “Kuyobahambela kahle labo abesaba uNkulunkulu weqiniso.” Ngakho, masizimisele ngempela ‘ukwesaba uNkulunkulu weqiniso sigcine imiyalo yakhe.’—UmShumayeli 8:12; 12:13.

[Isithombe ekhasini 15]

UNkulunkulu uyokwenza eminye yemisebenzi yakhe emihle kakhulu ngesikhathi sayo esifanele

[Isithombe ekhasini 16]

Izipho ezinhle ezivela kuNkulunkulu zihlanganisa ukudla, ukuphuza nokujabulela wonke umsebenzi wethu esiwenza kanzima