Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Unombono KaJehova Ngezinto Ezingcwele?

Ingabe Unombono KaJehova Ngezinto Ezingcwele?

Ingabe Unombono KaJehova Ngezinto Ezingcwele?

“Niqaphela ngokucophelela . . . ukuba kungabikho sifebe nanoma ubani ongazazisi izinto ezingcwele.”—HEBHERU 12:15, 16.

1. Isiphi isimo sengqondo esikhona manje esingekho ezincekwini zikaJehova?

ABANTU ngokuvamile baya ngokuya bengazinaki izinto ezingcwele. Isazi sezenhlalo esingumFulentshi u-Edgar Morin sathi: “Zonke izisekelo okusekelwe kuzo izimiso zokuziphatha—uNkulunkulu, imvelo, izwe lenkaba, umlando, ukucabangisisa ngezinto—ziphelelwe ukwamukeleka ngaphandle kokungatshazwa. . . . Abantu sebezikhethela izimiso abazifunayo bashiye abangazifuni.” Lokhu kubonisa “umoya wezwe,” noma “umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli.” (1 Korinte 2:12; Efesu 2:2) Lowo moya wokungahloniphi awukho kulabo abaye bazinikezela kuJehova futhi abazithoba ngokuzithandela ebukhosini bakhe obufanele. (Roma 12:1, 2) Kunalokho, izinceku zikaNkulunkulu ziyakuqaphela ukubaluleka kobungcwele ekukhulekeleni kwazo uJehova. Iziphi izinto ekuphileni kwethu okufanele zibe ngcwele? Lesi sihloko sizodingida izinto ezinhlanu ezingcwele kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu. Isihloko esilandelayo sizogxila ebungcweleni bemihlangano yethu yobuKristu. Kodwa lisho ukuthini ngempela igama elithi “ngcwele”?

2, 3. (a) ImiBhalo ibuqokomisa kanjani ubungcwele bukaJehova? (b) Siliphatha kanjani igama likaJehova njengelingcwele?

2 NgesiHebheru seBhayibheli, igama elithi “ngcwele” lidlulisela umqondo wokuhlukaniswa. Uma liphathelene nokukhulekela, elithi “ngcwele” lisebenza kulokho okuhlukanisiwe ukuze kungasetshenziswa ngendlela evamile, noma lisebenza kulokho okubhekwa njengokungcwele. UJehova ungcwele ngomqondo ophelele. Ubizwa ngokuthi “oNgcwelengcwele.” (IzAga 9:10; 30:3) Kwa-Israyeli wasendulo, umpristi ophakeme wayefaka esigqokweni sakhe ungcwecwe wegolide oqoshwe amazwi athi “Ubungcwele bungobukaJehova.” (Eksodusi 28:36, 37) ImiBhalo ithi, ezulwini amakherubi namaserafi azungeze isihlalo sobukhosi sikaJehova ayememeza: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova.” (Isaya 6:2, 3; IsAmbulo 4:6-8) Lokhu kuphindaphinda kugcizelela ukuthi uJehova ungcwele, uhlanzekile futhi umsulwa ngezinga eliphezulu kakhulu. Empeleni, unguMthombo wabo bonke ubungcwele.

3 Igama likaJehova lingcwele. Ekhuluma ngezizwe, umhubi wathi: “Mazidumise igama lakho. Likhulu liyesabeka, lingcwele.” (IHubo 99:3) UJesu wasifundisa ukuthandaza: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) UMariya, unina kaJesu, wathi: “Umphefumulo wami uyamdumisa uJehova . . . Lowo onamandla ungenzele izenzo ezinkulu, lingcwele igama lakhe.” (Luka 1:46, 49) Njengezinceku zikaJehova, sibheka igama lakhe njengelingcwele futhi sigwema ukwenza noma yini engase ilethe isihlamba kulelo gama elingcwele. Ngaphezu kwalokho, sinombono kaJehova ngobungcwele, okungukuthi, sizibheka njengezingcwele izinto athi zingcwele.—Amose 5:14, 15.

Isizathu Sokuba Sibe Nenhlonipho Ejulile NgoJesu

4. Kungani iBhayibheli lichaza uJesu ngokuthi “oNgcwele”?

4 ‘Njengendodana ezelwe yodwa’ kaNkulunkulu ongcwele, uJehova, uJesu wadalwa engcwele. (Johane 1:14; Kolose 1:15; Hebheru 1:1-3) Ngenxa yalokho ubizwa ngokuthi “oNgcwele kaNkulunkulu.” (Johane 6:69) Wabulondoloza ubungcwele bakhe lapho ukuphila kwakhe kususwa ezulwini kudluliselwa emhlabeni, ngoba uMariya wazala uJesu ngamandla omoya ongcwele. Ingelosi yayitshele uMariya: “Umoya ongcwele uzokwehlela phezu kwakho . . . lokho okuzelwe kuyobizwa ngokuthi kungcwele, iNdodana kaNkulunkulu.” (Luka 1:35) Lapho ethandaza kuJehova, amaKristu eJerusalema ayibiza kabili iNdodana kaNkulunkulu ngokuthi ‘inceku yakho engcwele uJesu.’—IzEnzo 4:27, 30.

5. Imuphi umsebenzi ongcwele uJesu awufeza emhlabeni, futhi kungani igazi lakhe liyigugu?

5 UJesu wayenomsebenzi ongcwele okwakumelwe awufeze ngesikhathi esemhlabeni. Ngesikhathi ebhapathizwa ngo-29 C.E., wagcotshwa njengomPristi Ophakeme wethempeli likaJehova elikhulu elingokomoya. (Luka 3:21, 22; Hebheru 7:26; 8:1, 2) Ngaphezu kwalokho, kwakumelwe afe ukufa okuwumhlatshelo. Igazi lakhe elachitheka laliyoba isihlengo abantu abayizoni ababengasindiswa ngaso. (Mathewu 20:28; Hebheru 9:14) Ngakho-ke sibheka igazi likaJesu ngengento engcwele, ‘eyigugu.’—1 Petru 1:19.

6. Siyini isimo sethu sengqondo ngoKristu Jesu, futhi ngani?

6 Ebonisa ukuthi siyihlonipha ngokujulile iNkosi yethu nomPristi ophakeme, uKristu Jesu, umphostoli uPawulu wabhala: “[UNkulunkulu] wamphakamisela esikhundleni esiphakeme [uJesu] futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama, ukuze egameni likaJesu wonke amadolo aguqe, awabasezulwini nawabasemhlabeni nawabangaphansi komhlaba, futhi zonke izilimi zivume obala ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.” (Filipi 2:9-11) Sibonisa ukuthi sinombono kaJehova ngezinto ezingcwele ngokuzithoba ngenjabulo kumHoli wethu neNkosi ebusayo, uKristu Jesu, iNhloko yebandla lobuKristu.—Mathewu 23:10; Kolose 1:18.

7. Sibonisa kanjani ukuthi siyazithoba kuKristu?

7 Ukuzithoba kuKristu kuhilela nokubonisa inhlonipho efanele ngamadoda awasebenzisa ukuba ahole emsebenzini oqondiswa nguye manje. Indima yabagcotshwe ngomoya abakha iNdikimba Ebusayo kanye nabazalwane ebamisile abangababonisi bamagatsha, bezigodi, bezifunda nabamabandla kufanele ibhekwe njengomthwalo wemfanelo ongcwele. Ngakho-ke, leli lungiselelo kufanele silihloniphe ngokujulile futhi sizithobe kulo.—Hebheru 13:7, 17.

Isizwe Esingcwele

8, 9. (a) Ama-Israyeli ayeyisizwe esingcwele ngayiphi indlela? (b) UJehova wasigcizelela kanjani kuma-Israyeli isimiso sobungcwele?

8 UJehova wenza isivumelwano no-Israyeli. Lobu buhlobo benza leso sizwe esisha saba esikhethekile. Sasingcwelisiwe noma sihlukanisiwe. UJehova ngokwakhe wasitshela: “Kumelwe nibe ngcwele kimi, ngoba mina Jehova ngingcwele; futhi ngiyaqhubeka nokunihlukanisa nezizwe ukuba nibe ngabami.”—Levitikusi 19:2; 20:26.

9 Lapho nje uJehova esungula isizwe sakwa-Israyeli, wagcizelela kuso isimiso sobungcwele. Kwakungamelwe ngisho nokuba sithinte intaba esanikwa kuyo iMiyalo Eyishumi, ngoba kwakuyosho ukufa. Ngaleso sikhathi iNtaba YaseSinayi yabhekwa njengengcwele. (Eksodusi 19:12, 23) Ubupristi, itabernakele nempahla yalo nakho kwakumelwe kubhekwe njengokungcwele. (Eksodusi 30:26-30) Sinjani isimo ebandleni lobuKristu?

10, 11. Kungani kungase kuthiwe ibandla lobuKristu labagcotshiwe lingcwele, futhi lokhu kuzithinta kanjani “ezinye izimvu”?

10 Ibandla lobuKristu labagcotshiwe lingcwele emehlweni kaJehova. (1 Korinte 1:2) Empeleni, lonke iqembu lamaKristu agcotshiwe elikhona emhlabeni nganoma isiphi isikhathi lifaniswa nethempeli elingcwele, nakuba lingelona ithempeli likaJehova elikhulu elingokomoya. UJehova uhlala kulelo thempeli ngomoya wakhe ongcwele. Umphostoli uPawulu wabhala: “Kuye [uKristu Jesu], sonke isakhiwo, njengoba sihlanganiswa ndawonye ngokuvumelanayo, sikhulela ekubeni ithempeli elingcwele likaJehova. Kuye, nani futhi nakhiwa kanyekanye ukuba nibe yindawo yokuba uNkulunkulu ahlale kuyo ngomoya.”—Efesu 2:21, 22; 1 Petru 2:5, 9.

11 UPawulu wabuye wawabhalela amaKristu agcotshiwe: “Anazi yini ukuthi nina niyithempeli likaNkulunkulu, nokuthi umoya kaNkulunkulu uhlala kini? . . . Ithempeli likaNkulunkulu lingcwele, okuyithempeli eniyilo nina.” (1 Korinte 3:16, 17) UJehova ‘uhlala’ ngomoya wakhe phakathi kwabagcotshiweyo futhi ‘uhamba ngawo phakathi kwabo.’ (2 Korinte 6:16) Uyiqondisa ngokuqhubekayo “inceku” yakhe ethembekileyo. (Mathewu 24:45-47) “Ezinye izimvu” ziyalazisa ilungelo lokuhlanganiswa nesigaba ‘sethempeli.’—Johane 10:16; Mathewu 25:37-40.

Izinto Ezingcwele Ekuphileni Kwethu NjengamaKristu

12. Iziphi izinto ezingcwele ekuphileni kwethu, futhi ngani?

12 Akumangalisi ukuthi izinto eziningi ezihlobene nokuphila kwamalungu agcotshiwe ebandla lobuKristu nabangane bawo zibhekwa njengezingcwele. Ubuhlobo bethu noJehova buyinto engcwele. (1 IziKronike 28:9; IHubo 36:7) Buyigugu kakhulu kithi kangangokuthi asivumeli lutho nanoma ubani ukuba angene phakathi kwethu noNkulunkulu wethu, uJehova. (2 IziKronike 15:2; Jakobe 4:7, 8) Umthandazo ufeza indima ebalulekile ekulondolozeni kwethu ubuhlobo obuseduze noJehova. Umthandazo wawungcwele kakhulu kumprofethi uDaniyeli kangangokuthi wanamathela emkhubeni wakhe wokuthandaza kuJehova ngisho noma lokho kwakufaka ukuphila kwakhe engozini. (Daniyeli 6:7-11) “Imithandazo yabangcwele” noma yamaKristu agcotshiwe ifaniswa nempepho eyayisetshenziswa ekukhulekeleni ethempelini. (IsAmbulo 5:8; 8:3, 4; Levitikusi 16:12, 13) Lokhu kufaniswa kwayo nempepho kugcizelela ubungcwele bomthandazo. Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukuthi siyakwazi ukukhuluma noMbusi wendawo yonke! Shono sibheka umthandazo njengongcwele ekuphileni kwethu!

13. Imaphi amandla abhekwa njengangcwele, futhi kufanele senze njani ukuze asebenze ekuphileni kwethu?

13 Kunamandla asebenzayo ekuphileni kwamaKristu agcotshiwe nakubangane bawo okungangatshazwa ukuthi bawabheka njengangcwele—umoya ongcwele. Lowo moya ungamandla kaJehova asebenzayo, futhi njengoba ngaso sonke isikhathi wenza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu ongcwele, ubizwa ngokufanele ngokuthi “umoya ongcwele,” noma ‘umoya wobungcwele.’ (Johane 14:26; Roma 1:4) Ngomoya ongcwele, uJehova unikeza izinceku zakhe amandla okushumayela izindaba ezinhle. (IzEnzo 1:8; 4:31) Lo moya wakhe uwunika “labo abamlalelayo njengombusi,” labo ‘abaqhubeka behamba ngomoya,’ hhayi ngezifiso zenyama. (IzEnzo 5:32; Galathiya 5:16, 25; Roma 8:5-8) La mandla amakhulu enza amaKristu akwazi ukuveza “izithelo zomoya”—izimfanelo ezinhle—‘nezenzo zokuziphatha ezingcwele nezenzo zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.’ (Galathiya 5:22, 23; 2 Petru 3:11) Uma umoya ongcwele uyinto engcwele kithi, siyogwema ukwenza noma yini engase iwenze lusizi, noma ithiye ukusebenza kwawo ekuphileni kwethu.—Efesu 4:30.

14. Iliphi ilungelo abagcotshiwe abalibheka njengelingcwele, futhi ezinye izimvu zihlanganyela kanjani kulo?

14 Ilungelo esinalo lokubizwa ngegama likaNkulunkulu ongcwele, uJehova, nelokuba oFakazi bakhe lingenye into esiyibheka njengengcwele. (Isaya 43:10-12, 15) UJehova uye wenza amaKristu agcotshiwe akufanelekela ukuba “yizikhonzi zesivumelwano esisha.” (2 Korinte 3:5, 6) Ngenxa yalokho, athunywe ukuba ashumayele “lezi zindaba ezinhle zombuso” nokuba ‘enze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Akufeza ngokwethembeka lokhu kuthunywa, futhi izigidi zabantu abanjengezimvu ziyasabela, ngomqondo ongokomfanekiso zithi kwabagcotshiwe: “Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.” (Zakariya 8:23) Laba bayakujabulela ukukhonza ngomqondo ongokomoya ‘njengabalimi nabagcini-zivini bezikhonzi zikaNkulunkulu wethu’ ezigcotshiwe. Ngaleyo ndlela, ezinye izimvu zibasiza kakhulu abagcotshiwe ekufezeni inkonzo yabo emhlabeni wonke.—Isaya 61:5, 6.

15. Imuphi umsebenzi umphostoli uPawulu ayewubheka njengongcwele, futhi kungani nathi siwubheka kanjalo?

15 Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wabheka inkonzo yakhe yasobala njengengcwele. Wazibiza “[ngenceku] kaKristu Jesu yomphakathi ekhonza ezizweni, eyenza umsebenzi ongcwele wezindaba ezinhle zikaNkulunkulu.” (Roma 15:16) Lapho ebhalela amaKristu aseKorinte, uPawulu wabiza inkonzo yakhe ngokuthi ‘ingcebo.’ (2 Korinte 4:1, 7) Ngenkonzo yethu yasobala, sazisa abantu “amazwi kaNkulunkulu angcwele.” (1 Petru 4:11) Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi singabagcotshiweyo noma abezinye izimvu, sikubheka njengelungelo elingcwele ukuhlanganyela emsebenzini wokufakaza.

‘Ukuphelelisa Ubungcwele Ngokwesaba UNkulunkulu’

16. Yini eyosisiza ukuba sigweme ukuba abantu ‘abangazazisi izinto ezingcwele’?

16 Umphostoli uPawulu waxwayisa amaKristu ayekanye nawo ukuba angabi abantu ‘abangazazisi izinto ezingcwele.’ Kunalokho, waweluleka ukuba ‘aphishekele ukungcweliswa, aqaphele ngokucophelela ukuba kungabikho mpande enobuthi evelayo futhi ibange inkathazo, nokuba abaningi bangangcoliswa yiyo.’ (Hebheru 12:14-16) Inkulumo ethi, ‘impande enobuthi’ ibhekisela kulelo dlanzana ebandleni lobuKristu elingase ligxeke indlela izinto ezenziwa ngayo. Ngokwesibonelo, lingase lingahambisani nombono kaJehova ngobungcwele bomshado noma isidingo sokuziphatha ngendlela ehlanzekile. (1 Thesalonika 4:3-7; Hebheru 13:4) Noma lingase lihlanganyele enkulumweni yezihlubuki, “izinkulumo ezingenangqondo ezingcolisa okungcwele,” ezisakazwa yilabo ‘abaphambukile eqinisweni.’—2 Thimothewu 2:16-18.

17. Kungani kudinga umzamo oqhubekayo ngabagcotshiweyo ukubonakalisa umbono kaJehova ngobungcwele?

17 UPawulu wabhalela abafowabo abagcotshiwe: “Bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.” (2 Korinte 7:1) Le nkulumo ibonisa ukuthi amaKristu agcotshiwe, ‘abahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini,’ kumelwe njalo enze umzamo wokuqinisekisa ukuthi abonakalisa umbono kaJehova ngokuphathelene nobungcwele kuzo zonke izici zokuphila kwawo. (Hebheru 3:1) Ngokufanayo, umphostoli uPetru wanxusa abafowabo abazelwe ngomoya: “Njengabantwana abalalelayo, yekani ukulolongwa ngokuvumelana nezifiso enaninazo ngaphambili ekungazini kwenu, kodwa, ngokuvumelana noNgcwele owanibiza, nani yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu.”—1 Petru 1:14, 15.

18, 19. (a) Amalungu ‘esixuku esikhulu’ abonisa kanjani ukuthi anombono kaJehova ngezinto ezingcwele? (b) Isiphi esinye isici esingcwele ekuphileni kwethu kobuKristu esizodingidwa esihlokweni esilandelayo?

18 Kuthiwani ngamalungu ‘esixuku esikhulu’ ayosinda “osizini olukhulu”? Nawo futhi kumelwe abonakalise ukuthi anombono kaJehova ngezinto ezingcwele. Encwadini yesAmbulo, achazwa njenganikela “inkonzo engcwele” egcekeni lasemhlabeni lethempeli lakhe elingokomoya. Aye aba nokholo emhlatshelweni wesihlengo kaKristu, ngomqondo ongokomfanekiso ‘ahlanza izembatho zawo zaba mhlophe egazini leWundlu.’ (IsAmbulo 7:9, 14, 15) Lokhu kuwenza abe ahlanzekile phambi kukaJehova futhi kuwenza abe nesibopho ‘sokuzihlanza kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, ephelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.’

19 Isici esibalulekile ekuphileni kwamaKristu agcotshiwe nabangane bawo siwukuhlangana njalo ukuze akhulekele uJehova futhi atadishe iZwi lakhe. UJehova ubheka imibuthano yabantu bakhe njengento engcwele. Ukuthi kungani kufanele sibe nombono kaJehova ngezinto ezingcwele kulesi sici esibalulekile nokuthi singawubonisa kanjani kuzodingidwa esihlokweni esilandelayo.

Ake Sibukeze

• Imuphi umbono wezwe ongekho ezincekwini zikaJehova?

• Kungani uJehova enguMthombo wakho konke okungcwele?

• Sibonisa kanjani ukuthi siyabuhlonipha ubungcwele bukaKristu?

• Iziphi izinto okufanele sizibheke njengezingcwele ekuphileni kwethu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 23]

Kwa-Israyeli wasendulo, ubupristi, itabernakele nempahla yalo kwakumelwe kubhekwe njengokungcwele

[Isithombe ekhasini 24]

AmaKristu agcotshiwe emhlabeni akha ithempeli elingcwele

[Izithombe ekhasini 25]

Umthandazo nenkonzo yethu yasobala kungamalungelo angcwele