Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Wasivuza Ngokucebile Isifiso Sami Sokuba Isithunywa Sevangeli

UJehova Wasivuza Ngokucebile Isifiso Sami Sokuba Isithunywa Sevangeli

Indaba Yokuphila

UJehova Wasivuza Ngokucebile Isifiso Sami Sokuba Isithunywa Sevangeli

ILANDISWA USHEILA WINFIELD DA CONCEIÇÃO

Isithunywa sevangeli esithile esasivakashile siphuma e-Afrika sake sasitshela ukuthi esabelweni saso bonke abantu bayakungenisa balalelisise izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngacabanga: ‘Ngingakujabulela ukusebenza insimu enjalo!’ Ngaleso sikhathi ngangineminyaka engu-13 ubudala, futhi leyo ngxoxo yangenza ngaba nesifiso sokuba isithunywa sevangeli.

NOKHO, kwase kuyisikhashana abasekhaya befunda ngoJehova. Ngelinye ilanga ekuseni, ngo-1939, izinsizwa ezimbili ezigqoke kahle zafika ekhaya eHemel Hempstead, ngaphandle nje kweGreater London, eNgilandi. Lezo zinsizwa zazingoFakazi BakaJehova. Mina nganginonyaka ngizelwe, ngakho angizikhumbuli. Ezixosha, umama wazitshela ukuthi ngubaba ongase athande ukuzilalela kodwa wayeyoze abuye ngemva kuka-9 ebusuku. Yeka indlela amangala ngayo lapho zibuya ngabo lobo busuku! Ngemva kokuzwa kahle ukuthi zimiphi ezindabeni zezombangazwe nezobuzwe, ubaba, uHenry Winfield, wazingenisa wamukela isifundo seBhayibheli. Wathuthuka ngokushesha, wabhapathizwa. Ngemva kweminyaka ethile kamuva, umama, uKathleen, naye waqala ukufundelwa. Wabhapathizwa ngo-1946.

Ngo-1948, ngaqala ukushumayela njalo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngabona ukuthi kuzomelwe ngibe newashi ukuze ngikwazi ukusibika ngokunembile isikhathi engisisebenze enkonzweni. Uma sasiziphethe kahle, thina zingane sasithola uzuka njalo ngoMgqibelo. Ngababeka lab’ ozuka iminyaka emibili ukuze ngikwazi ukuzithengela iwashi elishibhile engangingalithola ngaleso sikhathi. Nokho, uRay, umfowethu omncane kubafowethu ababili, wayevame njalo ukucela otiki ababili kubaba (ababeba uzuka uma behlanganiswa), engalokothi acele uzuka ohlangene. Ngelinye ilanga wabelesela impela ukuthi wayefuna otiki ababili ubaba waze wacasuka. URay waqala ukukhala wathi udinga otiki ababili ngenxa yemfihlo yakhe noJehova. Ekugcineni, uRay wachaza: “Ngifaka utiki owodwa ebhokisini lomnikelo bese omunye kube owami.” Kwehla izinyembezi zenjabulo kumama, futhi ubaba wafuna ushintshi ngokushesha. Ngakufunda lapho ukubaluleka kokusekela umsebenzi woMbuso ngemali.

Cishe ngalesi sikhathi ubaba wayesenze amalungiselelo okuba sithuthele lapho indingeko yabamemezeli boMbuso inkulu khona. Ngo-1949, wathengisa ipulazi nendawo yesihlabathi nomgubane futhi waqala ukuphayona, ekhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. Mina ngabhapathizwa ngo-September 24, 1950, ngibonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova. Kusukela ngaleso sikhathi, uma kungamaholidi esikole, ngangiba iphayona langesikhathi samaholidi, (manje elibizwa ngokuthi iphayona elisizayo) nginikela ngamahora ayikhulu ngenyanga enkonzweni. Kodwa lokho kwakuseyisiqalo nje. Ngokushesha ngaba nesifiso esikhulu enhliziyweni yami sokwenza okwengeziwe ukuze ngithuthukise ukukhulekela okuhlanzekile.

Isifiso Sami Sokuba Isithunywa Sevangeli

Ngo-1951, ubaba wabelwa eBideford, eNyakatho Devon. Sasisanda kufika nje kule ndawo lapho isithunywa sevangeli esikhonza e-Afrika sivakasha ebandleni lethu, njengoba ngishilo ekuqaleni. Ngemva kwalokho, isifiso sami sokuba isithunywa sevangeli sathonya zonke izinqumo zami. Othisha esikoleni babewazi umgomo wami futhi benza konke ababengakwenza ukungishintsha umqondo ukuze ngifundele umsebenzi othile. Nokho, ngosuku lwami lokugcina esikoleni, lapho ngiya egumbini lothisha ngiyobabonga futhi ngiyovalelisa, omunye wabo wathi: “Siyakubongela! Ungukuphela komfundi owaziyo ukuthi ufunani ngempela ekuphileni. Sikufisela impumelelo esifisweni sakho.”

Angichithanga sikhathi, ngathola itoho, futhi ngo-December 1, 1955, ngaba iphayona elivamile. Kamuva, umama nabafowethu nabo baba amaphayona. Ngakho, iminyaka eminingana sonke ekhaya sasisenkonzweni yesikhathi esigcwele.

Ukuya E-Ireland

Ngemva konyaka ngathola isimemo sokuyokhonza e-Ireland. Lokhu kwakungisondeza emgomweni wami wokuba isithunywa sevangeli. Ngo-February 1957, ngikanye namanye amaphayona amabili asemasha, uJune Napier noBeryl Barker, safika eCork, eningizimu ye-Ireland.

Inkonzo yasensimini yayinzima e-Ireland. ISonto LamaRoma Katolika lalisiphikisa kakhulu. Safunda izindlela zokuphuma ngesamagundane endlini noma emafulethini, uma kudingeka. Sasivame ukufihla amabhayisikili ethu buqamama, kodwa kwakuvamile ukuba othile awathole asike amathayi noma awakhiphe umoya.

Ngelinye ilanga iqembu lezingane laqala ukusithuka lasijikijela nangamatshe ngesikhathi mina noBeryl sihambele abahlala efulethini elithile elikhulu. Ngakho sangena esitolo esithengisa ubisi esasixhumene nendlu yomuntu futhi abantu bagcwala ngaphandle. Njengoba uBeryl ayezifela ngobisi, waphuza izingilazi ezimbili noma ezintathu engajahe lutho, sethemba ukuthi isixuku sizohlakazeka. Asizange. Kwathi kusenjalo kwangena umfundisi osemusha esitolo. Ecabanga ukuthi sivakashile, wathi angathanda ukusibonisa indawo. Nokho, ekuqaleni wasiyisa kwelinye ikamelo endlini futhi wafike wagcoba futhi wathandazela indoda ethile eyayigulela ukufa, thina sihlezi sithule. Sabe sesiphuma endlini naye lo mfundisi. Lapho isixuku sisibona sixoxa kamnandi nomfundisi, sahlakazeka.

Ukuya EGileyadi

Ngo-1958 kwakuzoba noMhlangano Wezizwe onesihloko esithi “Intando Yaphezulu” eNew York. Ubaba wayezokuya futhi nami ngangifuna ukuya, kodwa ngangingenayo imali. Ugogo wabe eseshona ngokuzumayo futhi wangishiyela opondo abayikhulu. Ukuya nokubuya kulo mhlangano kwakuzobiza opondo abangu-96, ngakho angibange ngisapholisa maseko ngathenga ithikithi lendiza.

Ngemva nje kwalokho, savakashelwa umzalwane othile omelele ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eBrithani futhi wacela wonke amaphayona akhethekile ayeya emhlanganweni ukuba afake izicelo zokuqeqeshelwa ukuba izithunywa zevangeli e-Watchtower Bible School of Gilead. Ngangingakholwa! Kodwa wanikeza wonke umuntu amafomu esicelo ngaphandle kwami ngoba kwathiwa ngisemncane. Ngacela ukufaka isicelo, ngachaza ukuthi kwase kuyisikhathi ngahamba ekhaya futhi kufana nokuthi ngisesabelweni sezithunywa zevangeli. Lapho ebona indlela engangizimisele ngayo, wanginikeza ifomu. Yeka indlela engangithandaza ngayo ngicela ukwamukelwa! Impendulo yasheshe yabuya ithi mangize eGileyadi.

Ngajabula kakhulu lapho ngibhaliselwa ukuba sekilasini lama-33 laseGileyadi ngikanye namanye amaphayona angu-81 avela emazweni angu-14. Izinyanga ezinhlanu zokuqeqeshwa zasheshe zaphela. Ngasekupheleni kwazo, uMfoweth’ uNathan H. Knorr wasinikeza inkulumo ekhuthazayo eyathatha amahora amane. Wakhuthaza labo ababengase bakwazi ukuhlala bengashadile ukuba benze njalo. (1 Korinte 7:37, 38) Kodwa kwabanye bethu ababefisa ukushada, wasikisela ukuba sibhale uhlu lwezimfanelo zomngane womshado ofanelekayo. Kuyobe-ke sekuthi uma kwenzeka kuba nomuntu obonakala efaneleka, sikwazi ukusebenzisa lolo hlu simhlole kahle.

Nakhu mina engangikufisa kumuntu owayezoba umyeni wami: Ngangifisa abe isithunywa sevangeli njengami futhi athande uJehova, azi okwengeziwe ngeqiniso leBhayibheli kunami, azimisele ukungabi nabantwana ngaphambi kwe-Armagedoni ukuze siqhubeke sisenkonzweni yesikhathi esigcwele, akwazi ukukhuluma isiNgisi kahle, futhi abe mdala kunami. Lolu hlu lwangisiza kakhulu njengoba ngangineminyaka engu-20 futhi maduze ngizothola isabelo ezweni elikude.

Ukuya EBrazil

NgeSonto, ngo-August 2, 1959, sathola iziqu satshelwa nezabelo zethu. Mina noVehanouch Yazedjian, noSarah Greco, noRay no-Inger Hatfield, noSonia Springate noDoreen Hines sabelwa eBrazil. Sajabula kakhulu. Ngangiwabona ngamehlo engqondo amahlathi, izinyoka, izihlahla zenjoloba namaNdiya omdabu. Nokho, lapho ngifika ngathola isimanga. Esikhundleni sokubona ihlathi lemvula i-Amazon, ngazithola ngiseRio de Janeiro, idolobha lesimanje elishisayo, elaliyinhloko-dolobha ngaleso sikhathi.

Inselele yokuqala kwakuwukufunda isiPutukezi. Phakathi nenyanga yokuqala, sasifunda amahora angu-11 ngosuku. Ngemva kokushumayela isikhashana eRio sihlala ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lakule ndawo, ngathunyelwa ekhaya lezithunywa zevangeli ePiracicaba, eSifundeni SaseSão Paulo futhi kamuva ngathunyelwa ekhaya lezithunywa zevangeli ePorto Alegre, eSifundeni SaseRio Grande do Sul.

Ngasekuqaleni kuka-1963 ngathola isimemo sokuyosebenza egatsheni eMnyangweni Wokuhumusha. UFloriano Ignez da Conceição, owasifundisa isiPutukezi ngesikhathi sifika, wayengumqondisi walo mnyango. Wafunda iqiniso ngo-1944 ngesikhathi kunoFakazi abangu-300 kuphela eBrazil futhi waba sekilasini lama-22 laseGileyadi. Ngolunye usuku, sekudlule izinyangana ngilapha, uMfoweth’ uConceição wangicela ukuba ngingahambi ngesikhathi sokudla kwasemini ngoba wayefuna ukukhuluma nami. Ekuqaleni ngangikhathazekile ngicabanga ukuthi kukhona okubi engangikwenzile. Lapho ekugcineni insimbi yokudla kwasemini ikhala, ngambuza ukuthi yini afuna ukuyikhuluma nami. Waphendula, “Ngicela ukuba sishade.” Kwaphela nasozwaneni. Ngacela ukuba anginike isikhathi sokucabanga ngemva kwalokho ngagijima ngaya ekudleni kwasemini.

UFloriano wayengeyena umzalwane wokuqala owangishela. Nokho, kuze kube yileso sikhathi, akekho owayefaneleka. Ngikholelwa ukuthi uhlu lwami lwangisiza ukuba ngigweme ukukhetha umuntu ongafanele. Kodwa kulokhu kwakuhlukile. UFloriano wayefaneleka! Ngakho sashada ngo-May 15, 1965.

Ukubhekana Nenselele Yokugula

Mina noFloriano siyajabula emshadweni wethu naphezu kwezinselele esiye sabhekana nazo. Enye yazo ukugula kukaFloriano okwaqala ngaphambi nje kokuba sishade. Eminyakeni engaphambili, iphaphu lakhe elingakwesokunxele layeka ukusebenza, futhi ngenxa yalokho wagula kakhulu. Ngakho sahamba eBethel futhi sabelwa ukuba amaphayona akhethekile edolobheni laseTeresópolis, endaweni enezintaba eSifundeni SaseRio de Janeiro. Sasethemba ukuthi isimo sezulu salapho sasizomsiza abe ngcono.

Ngaphezu kwalokho, ngo-December 1965, ngathola umbiko wokuthi umama ubangwa nezibi uphethwe umdlavuza. Sasijwayele ukubhalelana, kodwa kwase kudlule iminyaka engu-7 ngagcina ukumbona. Ngakho wasikhokhela ukuze siye eNgilandi siyombona. Umama wahlinzwa kodwa odokotela abakwazanga ukuwuqeda umdlavuza. Nakuba ayehlala esembhedeni futhi egula kakhulu uthando lwakhe lokushumayela aluzange luphele. Wayenomshini wokubhala ekamelweni lakhe ukuze abizele umuntu obhala ngalowo mshini ukuthi abhaleni. Wayefakaza kafushane nasezivakashini. Washona ngo-November 27, 1966. Ngaleyo nyanga, wabika amahora ayishumi enkonzweni yasensimini! Ubaba waqhubeka ethembekile enkonzweni yamaphayona kwaze kwaba yilapho eshona ngo-1979.

Ngemva kokushona kukamama, mina noFloriano sabuyela eBrazil futhi siye saqhubeka sikhonza lapho eSifundeni SaseRio de Janeiro. Ekuqaleni sabelwa emsebenzini wokujikeleza enhloko-dolobha yesifundazwe, kodwa lokhu sakwenza isikhashana ngoba uFloriano wabuye wagula kakhulu. Sabuyela eTeresópolis sakhonza njengamaphayona akhethekile.

Ngo-1974, ngemva kokuthola ukwelashwa okuningi okubuhlungu, odokotela bagcina belisusile iphaphu likaFloriano elingakwesobunxele. Ngaleso sikhathi, kwase kunzima ukukhonza njengombonisi owengamele noma njengephayona elikhethekile, kodwa wayekwazi ukuqhubela abantu izifundo zeBhayibheli ngezikhathi zokuvakasha esibhedlela. UBob, ikhehla laseMelika elase lithathe umhlalaphansi, ngomunye wabantu abafundela ngesiNgisi. UBob walamukela iqiniso futhi kamuva wabhapathizwa. Kancane kancane uFloriano walulama futhi kusukela ngaleso sikhathi uye wakhonza njengephayona elivamile.

UJehova Uye Wayibusisa Inkonzo Yami

Phakathi nayo yonke le minyaka ngiye ngaqhubeka ngikhonza njengephayona elikhethekile futhi uJehova uye wayibusisa inkonzo yami. ETeresópolis, ngaba nelungelo elimangalisayo lokusiza abantu abangaphezu kuka-60 ukuba banikezele ukuphila kwabo kuJehova. Phakathi kwabo kunowesifazane ogama lakhe linguJupira, engamfundisa nokufunda. Ngokuhamba kwesikhathi, ngafundela izingane zakhe ezingu-8 ezikhulile. Ngakho, uJupira namalungu omndeni angaphezu kuka-20 bakhonza uJehova namuhla. Omunye ungumdala, abathathu bayizinceku ezikhonzayo futhi ababili bangamaphayona.

Ngiye ngafunda ukuhlala nginombono oqondile wokuthi mhlawumbe abantu bayolifunda iqiniso. Phela ngesinye isikhathi ngifunda nowesifazane othile ogama lakhe lingu-Alzemira, umyeni wakhe u-Antônio wathi uzongisasazela ngezinja ezimbili ezinkulu uma ngingahambi emzini wakhe ngaso leso sikhathi. Ngemva kwalokho kwakuqabukela ngikhuluma no-Alzemira kwaze kwaba cishe ngemva kweminyaka engu-7 ngemva kokuba ngikwazile ukuthola imvume ka-Antônio yokufunda nomkakhe futhi. Noma kunjalo, wayengafuni ngikhulume naye ngeBhayibheli. Nokho, ngelinye ilanga liyidliva, ngacela u-Antônio ukuba abe nathi esifundweni. Ngathola ukuthi inkinga yakhe ukuthi akakwazi ukufunda. Kusukela ngaleso sikhathi, uFloriano nabanye bafunda naye futhi bamfundisa ukufunda. Namuhla u-Alzemira no-Antônio babhapathiziwe. U-Antônio uwusizo olukhulu ebandleni, futhi uhamba nabaningi abasha enkonzweni yasensimini.

Lokhu kungokuhlangenwe nakho okumbalwa esakuthola eTeresópolis njengoba sakhonza khona iminyaka engu-20. Ekuqaleni kuka-1988, sathola isabelo esisha—edolobheni laseNiterói, lapho sakhonza khona iminyaka emihlanu ngaphambi kokuba sithuthele eSanto Aleixo. Sabe sesiyiswa eBandleni LaseJapuíba, elisenkabeni yesifundazwe futhi saba nelungelo lokumisa iBandla LaseRibeira.

Ukuphila Okulula Kodwa Okuzuzisayo

Kuyo yonke le minyaka, mina noFloriano siye saba nelungelo lokusiza abantu abangaphezu kuka-300 ukuba banikezele ukuphila kwabo kuJehova. Manje abanye babo bakhonza egatsheni, abanye bangamaphayona, abanye bangabadala futhi abanye bayizinceku ezikhonzayo. Yeka indlela engimbonga ngayo uNkulunkulu ngokuthi ngomoya wakhe ongcwele uye wasisebenzisa ukuze sisize abantu abaningi kangaka!—Marku 10:29, 30.

Yebo, kuye kwadingeka ukuba uFloriano abekezelele ukugula okukhulu. Naphezu kokugula kwakhe, usaqinile, ujabule futhi wethemba uJehova. Ujwayele ukuthi: “Injabulo ayitholakali ngokuba nokuphila okungenazinkinga. Injabulo itholakala ngokuba uJehova asisize sibhekane nezinkinga zethu.”—IHubo 34:19.

Ngo-2003, kwatholakala umdlavuza esweni lami elingakwesobunxele. Ngahlinzwa futhi ngafakelwa iso lokufakelwa okufanele ngilihlanze kaningi ngosuku. Naphezu kwalokhu, uJehova uye wangibusisa ngokuba namandla okuqhubeka ngimkhonza njengephayona elikhethekile.

Ngiye ngaphila ukuphila okulula ngakho angicebile ngokwezinto ezibonakalayo. Noma kunjalo, uJehova uye wangibusisa enkonzweni yami futhi uye wangenza ngaceba ngokomoya. Amazwi aloya dade oyisithunywa sevangeli ngomsebenzi wokushumayela e-Afrika asichaza kahle isabelo sethu eBrazil. Yebo, uJehova uye wasibusisa ngokucebile isifiso sami sokuba isithunywa sevangeli!

[Isithombe ekhasini 9]

Nginabasekhaya, ngo-1953

[Isithombe ekhasini 9]

Ukufakaza e-Ireland, ngo-1957

[Isithombe ekhasini 10]

EBrazil, ngo-1959, nginezinye izithunywa zevangeli. Kusukela kwesobunxele kuye kwesokudla: Yimina, u-Inger Hatfield, uDoreen Hines noSonia Springate

[Isithombe ekhasini 10]

Nginomyeni wami