Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwakha Ngobunye Ukuze Kudunyiswe UNkulunkulu

Ukwakha Ngobunye Ukuze Kudunyiswe UNkulunkulu

Ukwakha Ngobunye Ukuze Kudunyiswe UNkulunkulu

KWENYE indawo eSolomon Islands abantu babebuka iHholo LoMbuso elisha loFakazi BakaJehova. Enye intokazi yathi: “Esontweni lethu kuningi okwenziwayo ukuze kuqongelelwe imali. Sicela amalungu ethu ukuba anikele, kodwa asikakabi nayo imali eyanele yokwakha isonto elisha. Nina boFakazi nenzenjani ukuze nithole imali?” UFakazi eyayikhuluma naye waphendula: “Sikhulekela uJehova njengomkhaya womhlaba wonke. Ibandla lethu nabafowethu emhlabeni wonke banikela ngalokho okwakudingeka ukuze kwakhiwe leli Hholo LoMbuso elisha. UJehova uye wasifundisa ukuba sibe munye kuzo zonke izinto.”

Ubunye phakathi koFakazi BakaJehova ububona kuyo yonke imisebenzi yabo, kuhlanganise nasekwakhiweni kwezinkulungwane zamaHholo OMbuso. Ubunye obunjalo lapho kwakhiwa abuyona into entsha. Sekuyizinkulungwane zeminyaka bukhona phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Kungashiwo kanjani lokhu?

Ukwakha Itabernakele Nethempeli

Eminyakeni engaphezu kwengu-3 500 edlule, uJehova wakhuluma ngo-Israyeli kuMose: “Kumelwe angenzele indlu engcwele.” (Eksodusi 25:8) Maqondana nomklamo walesi sakhiwo, uJehova waqhubeka wathi: “Ngokuvumelana nakho konke engikubonisa kona njengesifanekiso setabernakele nesifanekiso sayo yonke impahla yalo, yileyo ndlela okumelwe nilenze ngayo.” (Eksodusi 25:9) UJehova wabe esemnikeza amapulani aningiliziwe endlu engcwele, impahla yayo nezinto zokuhlobisa. (Eksodusi 25:10–27:19) Leli “tabernakele,” noma itende, elalizokwakhiwa lalizoba isikhungo sokukhulekela kweqiniso sawo wonke u-Israyeli.

Asazi ukuthi bangaki abantu abasebenza kulesi sakhiwo, kodwa wonke ama-Israyeli acelwa ukuba asekele. UMose wawatshela: “Thathani phakathi kwenu umnikelo kaJehova. Wonke umuntu onenhliziyo ethandayo makawulethe njengomnikelo kaJehova.” (Eksodusi 35:4-9) Enzenjani ama-Israyeli? U-Eksodusi 36:3 uthi: “Bathatha phambi kukaMose wonke umnikelo abantwana bakwa-Israyeli ababewulethele ukwenza umsebenzi wenkonzo engcwele ngenjongo yokuba bawenze, laba abashiwo kamuva baqhubeka beletha kuye umnikelo wokuzithandela njalo ekuseni.”

Ngokushesha kwase kunendathane yezinto ezanikelwa, futhi abantu babeqhubeka beletha okwengeziwe. Ekugcineni izingcweti zomsebenzi zathi kuMose: “Abantu baletha okuningi kakhulu kunalokho okudingwa inkonzo ukuze kwenziwe umsebenzi uJehova ayale ukuba wenziwe.” Ngakho uMose wathi: “Madoda nabesifazane, ningabe nisaletha okwengeziwe komnikelo ongcwele.” Waba yini umphumela? “Izinto zazanele ukuba kwenziwe wonke umsebenzi, futhi zingaphezu kokwaneleyo.”—Eksodusi 36:4-7.

Ngenxa yomoya wama-Israyeli wokupha, itabernakele laqedwa ungakapheli nonyaka. (Eksodusi 19:1; 40:1, 2) Ngokusekela ukukhulekela kweqiniso, abantu bakaNkulunkulu badumisa uJehova. (IzAga 3:9) Kamuva, babezokwakha isakhiwo esikhulu nakakhulu. Nalapha futhi, bonke ababefisa babengaba nengxenye kungakhathaliseki ukuthi babenamakhono okwakha noma cha.

Ngemva kweminyaka engaba amakhulu amahlanu akhe itabernakele, u-Israyeli waqala ukwakha ithempeli eJerusalema. (1 AmaKhosi 6:1) Lesi kwakuzoba isakhiwo esihle kakhulu, esakhiwe ngamatshe nangokhuni futhi esasiyohlala njalo. (1 AmaKhosi 5:17, 18) UJehova wanikeza uDavide ipulani lethempeli “ngokuphefumulelwa.” (1 IziKronike 28:11-19) Kodwa wakhetha uSolomoni, indodana kaDavide, ukuba ahole kulo msebenzi wokwakha. (1 IziKronike 22:6-10) UDavide wawusekela ngenhliziyo yakhe yonke lo msebenzi. Waqoqa amatshe, izingodo nezinye izinto zokwakha futhi wanikela ngegolide nangesiliva eliningi kakhulu. Wakhuthaza namanye ama-Israyeli ukuba anikele, ewacela: “Ubani ozinikela ngokuzithandela ukuba agcwalise isandla sakhe namuhla ngesipho sikaJehova?” Abantu basabela kanjani?—1 IziKronike 29:1-5.

Ngesikhathi uSolomoni eqala ukwakha ithempeli, wayenegolide nesiliva eliningi kakhulu. Kwakunethusi kanye nensimbi okuningi kakhulu kangangokuthi yayingekho indlela yokukukala. (1 IziKronike 22:14-16) Ngenxa yokusekela kukaJehova nangokusekela kwawo wonke u-Israyeli, ukwakha lesi sakhiwo kwathatha nje iminyaka engu-7 nengxenye.—1 AmaKhosi 6:1, 37, 38.

“Indlu KaNkulunkulu Weqiniso”

Itabernakele nethempeli kwakubizwa ngokuthi “indlu kaNkulunkulu weqiniso.” (AbaHluleli 18:31; 2 IziKronike 24:7) UJehova akakaze adinge ukukhosela endlini. (Isaya 66:1) Lezo zakhiwo zazenzelwe ukuzuzisa abantu. Ngempela, lapho kunikezelwa ithempeli, uSolomoni wabuza: “Ingabe ngempela uNkulunkulu uyohlala phezu komhlaba? Bheka! Amazulu, yebo, izulu lamazulu, ngokwawo awakwazi ukukuthwala; kangakanani-ke le ndlu engiyakhile!”—1 AmaKhosi 8:27.

Ngomprofethi wakhe u-Isaya, uJehova wathi: “Indlu yami iyobizwa ngokuthi yindlu yomthandazo yazo zonke izizwe.” (Isaya 56:7) Imihlatshelo nemithandazo okwakwenziwa ethempelini, kanye nemikhosi eyayenzelwa kulo, yenza abantu abesaba uNkulunkulu—amaJuda nabangewona amaJuda—ukuba basondele kuNkulunkulu weqiniso. Ngokumkhuleka endlini yakhe baba abangane bakaJehova futhi wabavikela. Umthandazo kaSolomoni ngenkathi kunikezelwa ithempeli uyaligcizelela leli qiniso. Ungazifundela amazwi akhe athinta inhliziyo awasho kuNkulunkulu encwadini yoku-1 AmaKhosi 8:22-53 neyesi-2 IziKronike 6:12-42.

Indlu kaNkulunkulu weqiniso yasendulo yabhujiswa kudala, kodwa iZwi likaNkulunkulu labikezela ukuthi kwakuyoba nesikhathi lapho abantu bazo zonke izizwe babeyobuthana ukuze bakhulekele uJehova ethempelini elikhulu kakhulu elingokomoya. (Isaya 2:2) Umhlatshelo owodwa ophelele weNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, owawufanekiselwa imihlatshelo yezilwane eyayinikelwa ethempelini, wawuzoba indlela yokusondela kuJehova. (Johane 14:6; Hebheru 7:27; 9:12) OFakazi BakaJehova manje bakhulekela uNkulunkulu ngaleyo ndlela ephakeme, futhi basiza abaningi ukuba benze okufanayo.

Umsebenzi Wokwakha Namuhla

Kuwo wonke umhlaba, oFakazi BakaJehova bakhonza uNkulunkulu weqiniso. Bakha “isizwe esinamandla,” esinani laso liqhubeka nokwanda. (Isaya 60:22) IHholo LoMbuso liyindawo eyinhloko oFakazi BakaJehova abahlangana kuyo. * Kunezinkulungwane zalezi zakhiwo futhi kusadingeka izinkulungwane ezengeziwe.

OFakazi BakaJehova “bazinikela ngokuzithandela” ekwakheni amaHholo OMbuso adingekayo. (IHubo 110:3) Nokho, kuvamile ukuba oFakazi bendawo bangabi nawo amakhono okwakha adingekayo, futhi ezinye izindawo ezinokwanda okukhulu zihlushwa ubumpofu obukhulu. Ngo-1999, iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova yaqala isimiso sokwakha amaHholo OMbuso ukuze kunqotshwe lezo zithiyo. Ngalesi simiso, oFakazi abanamakhono kwezokwakha baye baya ezindaweni ezikude ukuze baqeqeshe abazalwane nodade ngezindlela zokwakha amaHholo OMbuso. Lezo zisebenzi eziqeqeshiwe zibe seziqhubeka nomsebenzi wokwakha kuleyo ndawo. Uye waba yini umphumela walo mzamo okhethekile?

Ngo-February 2006, oFakazi BakaJehova basemazweni ampofu baye bakha amaHholo OMbuso amasha angaphezu kwangu-13 000. Ake uzwe okushiwo abathile abasebenzisa la maHholo OMbuso amasha.

“Ibandla lalinesilinganiso sabangu-160 ababa khona emihlanganweni. Emhlanganweni wokuqala ngemva kokwakhiwa kweHholo LoMbuso elisha, leli nani lenyuka laba ngu-200. Manje, ngemva kwezinyanga eziyisithupha selingu-230. Isibusiso sikaJehova siyabonakala ekwakhiweni kwalezi zindawo ezingadle ngabukhazikhazi kodwa eziwusizo.”—Umbonisi wesifunda e-Ecuador.

“Sekuyiminyaka abantu besibuza, ‘Niyoke nibe nalo iHholo LoMbuso elifana nalawo esiwabona ezincwadini zenu?’ Sibonga uJehova ngokuthi ekugcineni sesinendawo enhle yokukhulekela. Sasiqhuba imihlangano esitolo somzalwane futhi isilinganiso sababeba khona sasingu-30. Emhlanganweni wokuqala eHholo LoMbuso elisha kwaba khona abantu abangu-110.”—Ibandla lase-Uganda.

“Odade ababili abangamaphayona avamile babika ukuthi kujabulisa kakhulu ukusebenza insimu njengoba sekuneHholo LoMbuso. Abantu sebeyasilalela kakhudlwana enkonzweni yasendlini ngendlu nalapho sifakaza ngokwethukela. Manje lab’ odade baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-17, futhi abaningi balaba abafundelwa iBhayibheli baba khona emihlanganweni.”—Ihhovisi legatsha laseSolomon Islands.

“Umfundisi ohlala eduze kweHholo LoMbuso elisha uthi lenza wonke umphakathi ube nesithunzi futhi abantu bendawo bayaziqhenya ngalo. Abaningi abadlulayo bayalincoma. Lokhu kunikeza abazalwane amathuba amahle okufakaza. Abantu abaningi ngokwengeziwe bafuna ukwazi ngobuzalwane bethu bomhlaba wonke. Abaningi abase beneminyaka bengezi emihlanganweni baye bashukunyiselwa ukuba baphinde bahlanganyele njalo.”—Ihhovisi legatsha laseMyanmar.

“Udade wamema indoda ethile ethakazelayo lapho kwakhiwa endaweni yangakubo. Kamuva le ndoda yathi: ‘Ngangicabanga ukuthi izisebenzi ngeke zingivumele ukuba ngingene. Ngamangala lapho oFakazi bengibingelela ngomusa. Amadoda nabesifazane babesebenza ngenkuthalo futhi bengakhekhelezi. Babesebenza ngobunye futhi kunomoya omuhle.’ Le ndoda yamukela isifundo seBhayibheli futhi yaqala ukuhlanganyela. Kamuva yathi: ‘Ukucabanga kwami kushintshile. Manje ngeke ngiyeke ukukhonza uNkulunkulu ngoba sengimtholile.’”—Ihhovisi legatsha laseColombia.

Kubalulekile Ukuba Siwusekele Lo Msebenzi

Ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso kuyingxenye ebalulekile yenkonzo yethu engcwele. Iyatuseka ngempela indlela oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke abaye bawusekela ngayo lo msebenzi—ngokwezimali nangezinye izindlela. Nokho, kufanele sikhumbule ukuthi nezinye izici zenkonzo engcwele zibalulekile. Ngezinye izikhathi, amaKristu aba izisulu zezinhlekelele ezingokwemvelo futhi adinga usizo lwethu. Ukukhiqizwa kwezincwadi zeBhayibheli kunendima eyinhloko ekusekeleni inkonzo engcwele. Iningi lethu liye labona indlela abanamandla ngayo omagazini noma izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezihanjiselwe abantu abanokuthambekela okufanele. Ngaphezu kwalokho, ukusekela izithunywa zevangeli nabanye abasenkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele kubaluleke kakhulu. Lawo maKristu azidelayo anendima ebalulekile ekuthuthukiseni umsebenzi wokushumayela kulezi zinsuku zokugcina.

Labo abanikelela ukwakhiwa kwethempeli bajabula kakhulu. (1 IziKronike 29:9) Nanamuhla, ukusekela ukukhulekela kweqiniso ngeminikelo yethu kusilethela injabulo. (IzEnzo 20:35) Sithola leyo njabulo lapho sifaka iminikelo yethu ebhokisini leSikhwama SamaHholo OMbuso nalapho sinikelela umsebenzi womhlaba wonke, sisekela neminye imisebenzi ehlobene nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso. OFakazi BakaJehova namuhla banobunye ngendlela emangalisayo ekukhulekeleni kweqiniso. Kwangathi sonke singagcwala injabulo etholakala ngokusekela lokho kukhulekela!

[Umbhalo waphansi]

^ par. 16 Ukuze uthole umsuka wenkulumo ethi “iHholo LoMbuso,” bheka incwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, ikhasi 319, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 20, 21]

IZINDLELA ABANYE ABAKHETHA UKUNIKELA NGAZO

IMINIKELO YOMSEBENZI WOMHLABA WONKE

Abaningi babekela eceleni noma bahlele ukuba kube nemali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi “Iminikelo Yomsebenzi Womhlaba Wonke—Mathewu 24:14.”

Inyanga ngayinye amabandla athumela le mali ehhovisi loFakazi BakaJehova elikhonza izwe akulo. Iminikelo yokuzithandela yezimali ingase ithunyelwe ngokuqondile e-Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa, Attention: Accounting Office, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini. Amasheke athunyelwa kuleli kheli elingenhla kufanele abhalelwe i-“Watch Tower.” Kunganikelwa nangamatshe ayigugu (jewellery) noma ezinye izinto eziyigugu. Le minikelo kufanele ihambisane nencwadi emfushane echazayo ukuthi lokhu kuyisipho esiqondile.

UKUPHA OKUHLELIWE

Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe inkonzo yoMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:

Umshuwalense: I-Watch Tower ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wempesheni.

Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower njengesipho esiqondile.

Izakhiwo Nezindawo: Izakhiwo nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa ngokwenza isipho esiqondile noma, uma kuyindawo yokuhlala, ngokuba igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo esaphila. Thintana nehhovisi legatsha lezwe lakini ngaphambi kokubhalisa isakhiwo noma indawo ngegama leNhlangano.

Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingashiyelwa i-Watch Tower njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, ungathintana ne-Accounting Office ngencwadi noma ngocingo ekhelini elingezansi, noma ungase uthintane nehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini.

Accounting Office

Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa

Private Bag X2067,

Krugersdorp, 1740,

South Africa

Ucingo: (011) 761-1000

[Isithombe ekhasini 18]

Imizamo yethu ebumbene yenza sikwazi ukwakha amaHholo OMbuso amahle emhlabeni wonke

[Isithombe ekhasini 18]

IHholo LoMbuso elisha eGhana