Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe indlela uJesu akhuluma ngayo nonina edilini lomshado eKhana yayibonisa ukungabi nanhlonipho nomusa?—Johane 2:4.

Ngemva nje kokubhapathizwa kwakhe, uJesu nabafundi bakhe bamenywa edilini lomshado eKhana. Nonina wayekhona. Lapho kuphela iwayini, uMariya watshela uJesu: “Abanalo iwayini.” UJesu wamphendula: “Ngihlangene ngani nawe, sifazane? Ihora lami alikafiki.”—Johane 2:1-4.

Namuhla, uma umuntu engathi kunina “sifazane” futhi athi “ngihlangene ngani nawe?” lokho kungase kubhekwe njengendelelo, ngisho nanjengokweyisa. Kodwa ukusola uJesu ngokuthi wayedelela unina kungase kusho ukuthi asilinaki isiko nenkulumo yangalolo suku. Kungase kusize ukuqonda indlela lezi zinkulumo ezazisetshenziswa ngayo ezikhathini zeBhayibheli.

Ngokuqondene negama elithi “sifazane” i-Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words ithi: “Lapho lisetshenziselwa ukubiza abasifazane, leli akulona igama lokukhuza noma igama elihlabayo, kodwa libonisa ukumthanda umuntu nokumhlonipha.” Nezinye izincwadi ziyavumelana nalokhu. Ngokwesibonelo, i-Anchor Bible ithi: “Alilona igama lokukhuza, noma lokweyisa noma lokuntula uthando . . . Leli yigama eliyinhlonipho uJesu ayevame ukubabiza ngalo abesifazane.” I-New International Dictionary of New Testament Theology ithi leli gama “lisetshenziselwa ukubiza umuntu futhi alinayo enye incazelo ebonisa ukweyisa.” Ne-Theological Dictionary of the New Testament kaGerhard Kittel ithi ukusebenzisa leli gama akukona nhlobo “ukwedelela noma ukujivaza.” Ngakho, akufanele siphethe ngokuthi uJesu wayedelela noma wayengenamusa kunina lapho embiza ngokuthi “sifazane.”—Mathewu 15:28; Luka 13:12; Johane 4:21; 19:26; 20:13, 15.

Kuthiwani-ke ngenkulumo ethi “ngihlangene ngani nawe?” Ngokusobala, lesi isisho sesiJuda esivamile esivela izikhathi eziningi eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, encwadini yesi-2 Samuweli 16:10, sithola uDavide enqanda u-Abhishayi ekubulaleni uShimeyi ngokuthi: “Ngihlangene ngani nani, madodana kaZeruya na? Ngakho myekeni aqalekise, ngoba uJehova ngokwakhe uthé kuye, ‘Qalekisa uDavide!’” Sifunda okufanayo nakweyoku-1 AmaKhosi 17:18. Leli vesi lithi kwathi lapho umfelokazi waseZarefati ebona ukuthi indodana yakhe ishonile, wathi ku-Eliya: “Ngihlangene ngani nawe, muntu kaNkulunkulu weqiniso? Uze kimi ukuba uzongikhumbuza isiphambeko sami nokuba ubulale indodana yami.”

Lezi zibonelo zeBhayibheli zisibonisa ukuthi inkulumo ethi “ngihlangene ngani nawe?” ivamile ukusetshenziswa, hhayi ngenjongo yokwedelela, kodwa yokwenqaba ukuzihlanganisa nesenzo esithile esihlongozwayo noma esisikiselwayo noma yokubonisa ukungahambisani nombono othile. Singathini-ke ngamazwi kaJesu kuMariya?

Lapho uMariya ethi kuJesu “Abanalo iwayini,” kusobala ukuthi akukhona nje ukuthi wayazisa uJesu ngalokho, kodwa ukuthi wayesikisela ukuba enze okuthile ngakho. UJesu wasebenzisa leyo ndlela yokukhuluma evamile ukuze enqabe isicelo sikaMariya esigudla iguma, futhi amazwi akhe athi, “Ihora lami alikafiki” ayasisiza sibone isizathu sakhe sokwenqaba.

Kusukela ngesikhathi ebhapathizwa futhi egcotshwa ngo-29 C.E., uJesu wayazi kahle ukuthi njengoMesiya othenjisiwe, kwakuyintando kaJehova ukuba agcine ubuqotho obabuyomholela ekufeni, ekuvusweni nasekunikezweni inkazimulo. Wathi: ‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Njengoba isikhathi sokufa kwakhe sasisondela, uJesu wakwenza kwacaca lokhu ngokuthi: “Selifikile ihora.” (Johane 12:1, 23; 13:1) Ngakho, lapho ethandaza ngobusuku obandulela ukufa kwakhe, uJesu wathi: “Baba, ihora selifikile; khazimulisa indodana yakho, ukuze indodana yakho ikukhazimulise.” (Johane 17:1) Ekugcineni, lapho isixuku sifika sizombopha eGetsemane, uJesu wavusa abafundi bakhe ababelele, wathi: “Ihora selifikile! Bhekani! INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zezoni.”—Marku 14:41.

Nokho, emshadweni waseKhana uJesu wayesanda kuqala inkonzo yakhe njengoMesiya futhi “ihora” lakhe lalingakafiki. Injongo yakhe eyinhloko kwakuwukwenza intando kaYise ngesikhathi nangendlela uYise ayeqondisa ngayo, futhi akekho owayengaphazamisa inkambo ayezimisele ukuyilandela. Lapho ekutshela unina lokhu, uJesu wakusho ngendlela eqinile kodwa engenayo indelelo noma engenamusa. UMariya akazange abe nomuzwa wokuthi indodana yakhe iyamhlaza noma iyameyisa. Eqinisweni, uMariya wakuqonda okwakushiwo uJesu futhi watshela ababesebenza emshadweni: “Noma yini anitshela yona, yenzeni.” Kunokusiziba isicelo sikanina, uJesu wenza isimangaliso sakhe sokuqala njengoMesiya—waguqula amanzi aba yiwayini lekhethelo—ngaleyo ndlela wabonisa ukulinganisela ngokuqondene nokwenza intando kaYise nokwamukela isicelo sikanina.—Johane 2:5-11.

[Isithombe ekhasini 31]

UJesu wakhuluma nonina ngendlela eqinile kodwa enomusa