Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukudalulwa Komphik’ukristu

Ukudalulwa Komphik’ukristu

Ukudalulwa Komphik’ukristu

UNGAZIVIKELA kanjani uma wazi ukuthi endaweni yakini kuhlasele ubhubhane lwesifo? Cishe ubungazivikela ngokuqinisa amasosha omzimba wakho futhi ugweme abantu abanaso. Kumelwe senze okufanayo ngokomoya. ImiBhalo isitshela ukuthi umphik’ ukristu ‘usesezweni kakade.’ (1 Johane 4:3) Uma sifuna ukungangenwa yilesi “sifo,” kumelwe sibazi abanegciwane laso bese sibagwema. Ngokujabulisayo, iBhayibheli liyayicacisa kakhulu le ndaba.

Ngomqondo obanzi, elithi “umphik’ ukristu” libhekisela kubo bonke abaphikisana noKristu noma abaqamba amanga bathi bangabameleli bakhe. UJesu ngokwakhe wathi: “Lowo ongekho ngakimi umelene nami [noma, ungumphik’ ukristu], nalowo ongaqoqi nami uyahlakaza.”—Luka 11:23.

Yebo, uJohane wabhala ngomphik’ ukristu sekudlule iminyaka engaphezu kuka-60 ngemva kokufa nokuvuselwa kukaJesu ezulwini. Ngakho, izenzo zomphik’ ukristu kumelwe ukuba zithinta abalandeli bakaJesu abaqotho abasemhlabeni.—Mathewu 25:40, 45.

Umphik’ ukristu Umelene NobuKristu

UJesu waxwayisa abalandeli bakhe ngokuthi izwe laliyobazonda. Wathi: “Abantu bayoninikela osizini banibulale, futhi niyoba yizinto zokuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. Kuyovela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.”—Mathewu 24:9, 11.

Njengoba abafundi bakaJesu beshushiswa “ngenxa yegama [likaJesu],” kusobala ukuthi abashushisi bangabaphik’ ukristu, bamelene noKristu. “Abaprofethi bamanga,” abanye babo abake baba ngamaKristu, nabo bangabaphik’ ukristu. (2 Johane 7) UJohane wathi laba “baphik’ ukristu abaningi . . . baphuma kithi, kodwa babengebona abohlobo lwethu; ngoba uma babengabohlobo lwethu, babeyohlala nathi.”—1 Johane 2:18, 19.

Amazwi kaJesu nakaJohane abonisa ngokucacile ukuthi umphik’ ukristu akayena umuntu oyedwa; kunalokho, uhlanganisa abaphik’ ukristu abaningi. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi bangabaprofethi bamanga, enye yezinhloso zabo eziyinhloko iwukukhohlisa ngokwenkolo. Yimaphi amanye amaqhinga abo?

Ukusakaza Amanga Enkolo

Umphostoli uPawulu waxwayisa uThimothewu, isisebenzi akanye naso, ngezimfundiso zezihlubuki ezinjengoHimenewu noFiletu, wathi ‘izwi lazo liyosakazeka njengesilonda esibhibhayo.’ UPawulu wanezela: “Bona laba bantu baphambukile eqinisweni, bethi uvuko selwenzekile kakade; bechitha ukholo lwabanye.” (2 Thimothewu 2:16-18) Ngokusobala, uHimenewu noFiletu babefundisa ukuthi uvuko lungokomfanekiso, bethi amaKristu ayesevusiwe kakade ngomqondo ongokomoya. Yiqiniso, ukuba umfundi kaJesu wangempela kwenza umuntu aphile ngokombono kaNkulunkulu, okuyinto kwayena uPawulu ayisho ngokucacile. (Efesu 2:1-5) Nokho, imfundiso kaHimenewu noFiletu yayisishaya indiva isithembiso sikaJesu sovuko lwabafileyo oluyokwenzeka ngokoqobo ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu.—Johane 5:28, 29.

Kamuva iqembu elibizwa ngamaGnostic lawuthuthukisa umqondo wovuko olungokomfanekiso kuphela. Ekholelwa ukuthi ulwazi (ngesiGreki gnoʹsis) lungatholakala ngokukhulekela okuyimfihlakalo, amaGnostic ahlanganisa ubuKristu bezihlubuki nefilosofi yamaGreki kanye nokukhulekela okuyimfihlakalo kwaseMpumalanga. Ngokwesibonelo, ayekholelwa ukuthi yonke into engokwenyama yimbi, nokuthi ngenxa yalokho, uJesu akezanga enyameni; wayemane ebonakala sengathi unomzimba womuntu—inkolelo okuthiwa iDocetism. Njengoba sibonile, yilokho kanye umphostoli uJohane ayexwayise ngakho.—1 Johane 4:2, 3; 2 Johane 7.

Amanye amanga, wona aqanjwa ngemva kwamakhulu eminyaka, awemfundiso yalokho okuthiwa uZiqu-zintathu ongcwele, egomela ukuthi uJesu unguNkulunkulu uMninimandla onke futhi uyiNdodana kaNkulunkulu. Encwadini yakhe ethi The Church of the First Three Centuries, uDkt. Alvan Lamson uthi imfundiso kaZiqu-zintathu “yavela emthonjeni ohluke kakhulu kowemiBhalo yamaJuda neyamaKristu; yachuma, yayisifakwa ebuKristwini ifakwa oBaba ababekholelwa ezimfundisweni zikaPlato.” Babengobani lab’“oBaba ababekholelwa ezimfundisweni zikaPlato”? Babengabefundisi abayizihlubuki ababesha amashushu ngezimfundiso zesazi sefilosofi esingumGreki oyiqaba, uPlato.

Umphik’ ukristu wasampula ngokufaka imfundiso kaZiqu-zintathu ebuKristwini, ngoba le mfundiso yenza uNkulunkulu waba imfihlakalo futhi ubuhlobo bakhe neNdodana bangaqondakala. (Johane 14:28; 15:10; Kolose 1:15) Cabanga nje, kungenzeka kanjani ukuba umuntu ‘asondele kuNkulunkulu,’ njengoba imiBhalo ikhuthaza, uma uNkulunkulu eyimfihlakalo?—Jakobe 4:8.

Abahumushi abaningi beBhayibheli baye bakhipha igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, ezinguqulweni zabo, nakuba livela izikhathi ezingaphezu kuka-7 000 embhalweni wokuqala! Lokhu kuye kwanezela ekudidekeni kwabantu. Kusobala ukuthi ukuzama ukwenza uMninimandla onke angabi nje yimfihlakalo kodwa abe yimfihlakalo engenagama kuwukumedelela okukhulu uMdali wethu neZwi lakhe eliphefumulelwe. (IsAmbulo 22:18, 19) Ngaphezu kwalokho, ukufaka iziqu ezinjengesithi Nkosi nesithi Nkulunkulu esikhundleni segama likaNkulunkulu kuphambene nomthandazo kaJesu oyisibonelo, onamazwi athi: “Malingcweliswe igama lakho.”—Mathewu 6:9.

Abaphik’ ukristu Benqaba UMbuso KaNkulunkulu

Abaphik’ ukristu baye baba matasa kakhulu phakathi ‘nezinsuku zokugcina,’ isikhathi esiphila kuso manje. (2 Thimothewu 3:1) Umgomo oyinhloko walaba bakhohlisi banamuhla ukwenza abantu bangayiqondi indima kaJesu njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini ozobusa wonke umhlaba maduze.—Daniyeli 7:13, 14; IsAmbulo 11:15.

Ngokwesibonelo, abanye abaholi benkolo bashumayela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu yisimo senhliziyo yomuntu, umbono ongasekelwe ndawo emiBhalweni. (Daniyeli 2:44) Abanye bathi uKristu usebenzisa ohulumeni nezinhlangano zabantu. Kodwa uJesu wathi: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.” (Johane 18:36) Empeleni, “umbusi waleli zwe” ‘nonkulunkulu walesi simiso sezinto’ nguSathane, hhayi uKristu. (Johane 14:30; 2 Korinte 4:4) Yingakho maduze nje uJesu ezobhubhisa bonke ohulumeni babantu, abe ukuphela koMbusi womhlaba. (IHubo 2:2, 6-9; IsAmbulo 19:11-21) Abantu basuke bethandazela lokho lapho besho uMthandazo WeNkosi, bethi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni.”—Mathewu 6:10.

Ngenxa yokuthi abaholi benkolo abaningi basekela ezombusazwe zaleli zwe, baye babaphikisa baze babashushisa nokubashushisa labo abamemezela iqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngokuthakazelisayo, incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ikhuluma ngesifebe esingokomfanekiso—“iBhabhiloni Elikhulu”—‘esidakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu.’ (IsAmbulo 17:4-6) Sifeba ngokomoya ngokusekela “amakhosi” omhlaba, noma ababusi bezombusazwe, bona basisize ngezindlela ezithile. Lona wesifazane ongokomfanekiso yizinkolo zamanga zezwe uqobo lwazo. Uyingxenye eyinhloko yomphik’ ukristu.—IsAmbulo 18:2, 3; Jakobe 4:4.

Umphik’ ukristu ‘Ukitaza Izindlebe’

Ngaphezu kokwenqaba iqiniso leBhayibheli, amaKristu amaningi okuzisholo aye alahla izindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli akhetha ukuziphatha ngendlela ethandwa iningi. IZwi likaNkulunkulu lakubikezela lokhu: “Kuyokuba khona inkathi lapho [abantu abathi bakhonza uNkulunkulu] bengayikuyibekezelela khona imfundiso ephilayo, kodwa, ngokuvumelana nezifiso zabo siqu, bayozibuthela abafundisi ukuze babakitaze izindlebe.” (2 Thimothewu 4:3) Laba bakhohlisi benkolo bachazwa nangokuthi “bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezinenkohliso, [abaziguqula] abaphostoli bakaKristu.” IBhayibheli liqhubeka lithi: “Ukuphela [kwabo] kuyoba njengokwemisebenzi [yabo].”—2 Korinte 11:13-15.

Imisebenzi yabo ihlanganisa ‘ukuziphatha okubi,’ noma okuxekethile, okuwukungazinaki ngendelelo izimiso zokuziphatha eziphakeme. (2 Petru 2:1-3, 12-14) Asibaboni yini banda abaholi benkolo nabalandeli babo abamukela—noma okungenani bathalalise—imikhuba engqubuzana nobuKristu, enjengobungqingili nobulili ngaphandle komshado? Ake uzinike umzuzwana ucabange ngale mibono nezindlela zokuphila ezamukelwa abantu abaningi ukuqhathanise nalokho iBhayibheli elikushoyo kuLevitikusi 18:22; Roma 1:26, 27; 1 Korinte 6:9, 10; Hebheru 13:4; nakuJude 7.

‘Zivivinye Izinkulumo Eziphefumulelwe’

Ngenxa yalokho osekushiwo, kufanele siwalalele amazwi omphostoli uJohane athi masingazithathi kalula izinkolelo zethu ezingokwenkolo. Uyaxwayisa: “Ningakholwa yizo zonke izinkulumo eziphefumulelwe, kodwa zivivinyeni izinkulumo eziphefumulelwe ukuze nibone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini, ngoba sekukhona abaprofethi abaningi bamanga ezweni.”—1 Johane 4:1.

Cabanga ngesibonelo esihle sabantu abathile ‘ababenengqondo enhle,’ ababehlala emzini waseBhereya ekhulwini lokuqala. “Bamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto” ezazikhulunywa uPawulu noSila. (IzEnzo 17:10, 11) Yebo, nakuba babemagange ukwazi, abaseBhereya baqinisekisa ukuthi lokho ababekuzwile futhi bakwamukela kwakusekelwe ngokuqinile emiBhalweni.

Nanamuhla, amaKristu eqiniso awathonywa yimibono ethandwayo eguquguqukayo, kodwa anamathela ngokuqinile eqinisweni leBhayibheli. Umphostoli uPawulu wabhala: “Yilokhu engiqhubeka ngikuthandazela, ukuthi sengathi uthando lwenu lungavama kakhulu ulwazi olunembile nokuqonda okuphelele.”Filipi 1:9.

Kwenze umgomo wakho ukuzuza “ulwazi olunembile nokuqonda okuphelele” ngokufunda lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela, uma ungakakwenzi kakade lokho. Labo abalingisa abaseBhereya abakhohliswa neze “amazwi enkohliso” abaphik’ ukristu. (2 Petru 2:3) Kunalokho, iqiniso elingokomoya likaKristu wangempela nabalandeli bakhe beqiniso liyabakhulula.—Johane 8:32, 36.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 4]

LOKHO IBHAYIBHELI ELIKUSHOYO NGOMPHIK’ UKRISTU

“Bantwana, yihora lokugcina [ngokusobala, ukuphela kwenkathi yabaphostoli], futhi, njengoba nje nizwile ukuthi umphik’ ukristu uyeza, ngisho namanje sekunabaphik’ ukristu abaningi; okuyiqiniso esizuza kulo ulwazi lokuthi yihora lokugcina.”—1 Johane 2:18.

“Ngubani ongumqambimanga uma kungeyena lowo ophika ukuthi uJesu unguKristu? Lowo nguye umphik’ ukristu, lowo ophika uBaba neNdodana.”—1 Johane 2:22.

“Zonke izinkulumo eziphefumulelwe ezingamvumi uJesu aziveli kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, yiyo le inkulumo ephefumulelwe yomphik’ ukristu enezwa ukuthi iyeza, futhi manje isisezweni kakade.”—1 Johane 4:3.

“Sekukhona abakhohlisi abaningi ezweni, abantu abangavumi ukuthi uJesu Kristu weza enyameni. Lona ngumkhohlisi nomphik’ ukristu.”—2 Johane 7.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 5]

UMKHOHLISI OYINHLANGANISELA

Igama elithi “umphik’ ukristu” libhekisela kubo bonke abantu abaphika lokho iBhayibheli elikushoyo ngoJesu Kristu, bonke abaphikisa uMbuso wakhe nabo bonke abahlukumeza abalandeli bakhe. Lihlanganisa nabantu ngabanye, izinhlangano nezizwe eziqamba amanga zithi zimelela uKristu noma ezigabadela indima kaMesiya ngokuthembisa ukufeza lokho okungafezwa nguKristu kuphela—ukuletha ukuthula nokulondeka kweqiniso.

[Umthombo]

Augustine: ©SuperStock/age fotostock

Isithombe ekhasini 7]

NjengabaseBhereya, kufanele ‘sihlole imiBhalo nsuku zonke’