Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwethembeka Kuyazuzisa

Ukwethembeka Kuyazuzisa

Ukwethembeka Kuyazuzisa

UKUNGATHEMBEKI kwaqala ensimini yase-Edene. Noma kunjalo, ezizweni nasemiphakathini eminingi ukwethembeka kuyaziswa futhi ukuqamba amanga nokukhohlisa kubhekwa njengento engathandeki nengalungile. Ukubhekwa njengomuntu othembekile kuyinto ongaziqhenya ngayo. Nokho, bayanda abantu ababheka ukungathembeki njengento edingekayo ukuze umuntu aphile emphakathini wanamuhla. Wena uzizwa kanjani ngalokhu? Ingabe kufanele uzihluphe ngokuzama ukwethembeka? Unquma kanjani ukuthi yini ewukwethembeka, yini engekhona?

Ukuze sijabulise uNkulunkulu, kumelwe sithembeke ekukhulumeni nasendleleni esiphila ngayo. Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu akanye nawo: “Yilowo nalowo kini makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe.” (Efesu 4:25) UPawulu wathi futhi: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Hebheru 13:18) Isisusa sokwethembeka kwethu akukhona ukuba situswe abanye abantu. Sithembeka ngoba sihlonipha uMdali wethu futhi sifuna ukumjabulisa.

Ungakufihli Lokho Oyikho

Emazweni amaningi, abantu bazenza lokho abangekhona ukuze bazuze okuthile. Bathola amaphepha, iziqu nomazisi bomgunyathi ukuze bangene ezweni elithile ngokungemthetho noma ukuze bathole umsebenzi noma isikhundla abangasifanelekeli. Abanye abazali baqamba amanga ezitifiketini zokuzalwa zezingane zabo ukuze zikwazi ukuqhubeka isikhathi esijana zisesikoleni.

Nokho, asikwazi ukukhohlisa uma sifuna ukujabulisa uNkulunkulu. IBhayibheli lithi uJehova ‘unguNkulunkulu weqiniso’ futhi ulindele ukuba labo abaseduze naye babe neqiniso. (IHubo 31:5) Uma sifuna ukulondoloza ubuhlobo obuseduze noJehova, asikwazi ukulingisa “abantu abangebona abeqiniso,” labo “abafihla lokho abayikho.”—IHubo 26:4.

Kuvamile futhi ukuba abantu bafihle iqiniso lapho bezothola isiyalo ngenxa yokona. Ngisho nasebandleni lobuKristu, umuntu angase alingeke ukuba enze kanjalo. Ngokwesibonelo, kwelinye ibandla insizwa ethile yavuma kubadala ukuthi yayenze izono ezithile. Kodwa ayivumanga ukuthi yayebile, yize kwakunobufakazi balokho. Yagcina idalulekile, kwadingeka isuswe ekuhlanganyeleni nebandla. Kwakungeke yini kube ukuhlakanipha ngayo ukuba ithembeke ngokuphelele futhi ithole usizo lokuvuselela ubuhlobo bayo obuyigugu noJehova? Ingani iBhayibheli lithi: “Ungasilulazi isiyalo esivela kuJehova, futhi ungapheli amandla lapho uqondiswa nguye; ngoba uJehova uyamyala lowo amthandayo.”—Hebheru 12:5, 6.

Ngezinye izikhathi, umzalwane ozama ukufanelekela imithwalo yemfanelo ebandleni angase azame ukufihla izinkinga anazo noma ukuthi wake waziphatha ngendlela engafanele. Ngokwesibonelo, lapho egcwalisa ifomu lesicelo selungelo lenkonzo elikhethekile angase anganikezi izimpendulo eziphelele emibuzweni ephathelene nempilo nokuziphatha, ecabanga ukuthi ukukhuluma iqiniso kulezo zinto kungase kumenze angafaneleki. Angase acabange, ‘Angiqambanga manga ngempela,’ kodwa ingabe ukhulume iqiniso futhi wathembeka ngempela? Cabanga ngephuzu elivezwa izAga 3:32: “Umuntu okhohlisayo uyinto enengekayo kuJehova, kodwa Yena usondelana nabaqotho.”

Ukwethembeka kusho ukwethembeka kithi uqobo kuqala. Sivame ukukholelwa lokho esifuna ukukukholelwa, hhayi lokho okulungile noma okuyiqiniso. Yeka indlela okulula ngayo ukuba sizihlangule sisole omunye umuntu! Ngokwesibonelo, iNkosi uSawule yazama ukubeka izaba zokungalaleli kwayo ngokusola abanye. Ngenxa yalokho, uJehova wayisusa ekubeni yinkosi. (1 Samuweli 15:20-23) Yeka indlela eyayihluke ngayo eNkosini uDavide, eyathandaza kuJehova: “Ekugcineni ngasivuma isono sami kuwe, nesiphambeko sami angizange ngisifihle. Ngathi: ‘Ngizosivuma iseqo sami kuJehova.’ Wena wasixolela isiphambeko sezono zami.”—IHubo 32:5.

Ukwethembeka Kuletha Izibusiso

Ukwethembeka, noma ukungathembeki, kuthonya indlela abanye abakubheka ngayo. Uma abantu bethola ukuthi ubakhohlisile, ngisho noma kube kanye, ababe besakwethemba, futhi akulula ukuba baphinde bakwethembe. Ngakolunye uhlangothi, uma ukhuluma iqiniso futhi uthembekile, uyozakhela idumela lokuba umuntu oqotho, okufanelekelayo ukwethenjwa. OFakazi BakaJehova baye bazizuzela idumela elinjalo. Cabanga ngezibonelo ezimbalwa.

Umqondisi wenkampani ethile wathola ukuthi eziningi zezisebenzi zakhe zazikhwabanisela inkampani, wayesebiza amaphoyisa. Lapho ethola ukuthi phakathi kwabantu ababoshiwe kukhona nesisebenzi esingomunye woFakazi BakaJehova, waya emaphoyiseni eyocela ukuba lo Fakazi adedelwe ngokushesha. Ngani? Ngoba lo mqondisi wayazi ukuthi lo muntu uyisisebenzi esithembekile futhi akanacala. UFakazi waqhubeka esebenza, abanye baxoshwa. Abanye oFakazi abakanye naye bajabula, bazi ukuthi ukuziphatha kwakhe kwakulethe udumo egameni likaJehova.

Ukuziphatha okuhle kuyaqashelwa. Kwenye indawo e-Afrika, kwakudingeka kulungiswe ibhuloho lokuwela umsele omkhulu ngoba kwakunamapulangwe ayebiwe. Abantu bendawo banquma ukuqoqa imali ukuze kuthengwe la mapulangwe, kodwa ubani ababengamethemba ukuba aphathe izimali? Bonke bavumelana ngokuthi kumelwe kube omunye woFakazi BakaJehova.

Lapho ezweni elithile lase-Afrika kuba nezibhelu zezombusazwe nobuzwe, uFakazi owayengumgcini wamabhuku ezimali enkampanini enamagatsha emazweni ahlukene washintshelwa kwelinye igatsha yinkampani, ngoba ukuphila kwakhe kusengozini. Inkampani yahlela ukuba asebenze izinyanga eziningi kwelinye izwe ngezindleko zayo size sibe ngcono isimo. Ngani? Ngoba ngaphambili wayenqabile ukuzibandakanya nalabo ababeceba ukukhwabanisela le nkampani. Abaphathi bayo babelazi idumela lakhe lokwethembeka ngokuphelele. Ingabe babeyozimisela ukusiza lesi sisebenzi ukube sasaziwa ngokungathembeki?

IzAga 20:7 zithi: “Olungile uhamba ebuqothweni bakhe.” Umuntu othembekile ungumuntu oqotho. Akalokothi aphambe noma akhohlise omunye umuntu. Awufisi yini ukuba abanye bakuphathe kanjalo? Ukwethembeka kusemqoka ekukhulekeleni kweqiniso. Kubonisa uthando lwethu ngoNkulunkulu nomakhelwane. Ngokuba abathembekile, sibonisa isifiso sethu sokugcina isimiso sokuziphatha esashiwo uJesu: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12; 22:36-39.

Ukwethembeka ngazo zonke izikhathi kungase kube nemiphumela engathandeki, kodwa unembeza ohlanzekile umuntu aba nawo uyigugu ngaphezu kwanoma yimuphi umphumela ongathandeki ongase ube khona. Ukwethembeka nokuba qotho kugcina kusizuzise kakhulu. Iqiniso liwukuthi ubuhlobo obuhle noJehova bubaluleke kakhulu. Singabulimazelani ngokwenza into ewukungathembeki ngoba nje sifuna ukugwema ukuphoxeka noma sifuna ukuzuza ngandlela-thile ngokungekho emthethweni? Kungakhathaliseki ukuthi sibhekene nayiphi inselele, singaqiniseka ngamazwi omhubi: “Iyajabula indoda enamandla ebeké uJehova njengethemba layo futhi engazange iphendulele ubuso bayo kubantu abadelelayo, noma kulabo abawela emangeni.”—IHubo 40:4.

[Izithombe ekhasini 18]

AmaKristu eqiniso awawathengi amaphepha omgunyathi futhi awawasebenzisi