Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Ukuzalwa KukaJesu Okuletha Ngayo Ukuthula

Indlela Ukuzalwa KukaJesu Okuletha Ngayo Ukuthula

Indlela Ukuzalwa KukaJesu Okuletha Ngayo Ukuthula

ISIMEMEZELO ‘sokuthula kubantu abathakazelelwayo’ asisona ukuphela kwesiprofetho esihlobene nokuzalwa kukaJesu. Ngaphezu kwalokho okwashiwo izingelosi kubelusi ababekhexile, lezi zithunywa zasezulwini zazitshele uMariya nomyeni wakhe uJosefa, izinto eziphefumulelwe uNkulunkulu eziphathelene nosana lwabo, uJesu. Ukufunda ngokwashiwo izingelosi kuzosisiza sikuqonde kangcono ukuzalwa kukaJesu siqonde nalokho okushiwo isithembiso sezingelosi sokuthula kubantu.

Ngaphambi kokuba abelethe uJesu, nangaphambi kokuba akhulelwe, uMariya wavakashelwa ingelosi iBhayibheli eliyibiza ngokuthi uGabriyeli. Leyo ngelosi yambingelela: “Sawubona, wena oboniswe umusa omkhulu, uJehova unawe.” Njengoba ungase ucabange, cishe lokhu kwammangaza kakhulu uMariya, mhlawumbe kwamethusa kancane. Ayesho ukuthini amazwi engelosi?

UGabriyeli wachaza: “Bheka! uzokhulelwa, ubelethe indodana, kumelwe uyiqambe ngokuthi uJesu. Iyoba umuntu omkhulu ibizwe ngokuthi yiNdodana YoPhezukonke; uJehova uNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, futhi iyobusa njengenkosi phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wayo ngeke uphele.” UMariya wabuza ukuthi kwakuzokwenzeka kanjani lokho ngoba wayeyintombi futhi wayengalali nendoda. UGabriyeli wamtshela ukuthi wayezokhulelwa ngomoya ongcwele kaNkulunkulu. Kwakungeke kube umntwana ovamile lo.—Luka 1:28-35.

Inkosi Eyabikezelwa Kusengaphambili

Cishe amazwi kaGabriyeli asiza uMariya ukuba aqonde ukuthi le ndodana ayezoyikhulelwa kwakuprofethwe kudala ngayo. Ukutshelwa ukuthi uJehova wayeyonikeza indodana kaMariya “isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise,” kwakuyomenza—futhi ngempela kwakungenza noma imuphi umJuda owazi imiBhalo—acabange ngesithembiso uNkulunkulu ayesithembise inkosi yakwa-Israyeli uDavide.

Ngomprofethi uNathani, uJehova wayetshele uDavide: “Indlu yakho nombuso wakho kuyoma kugxile phambi kwakho kuze kube nini nanini; sona kanye isihlalo sakho sobukhosi siyoma siqine kuze kube nini nanini.” (2 Samuweli 7:4, 16) Ngokuqondene noDavide, uJehova wathi: “Ngokuqinisekile ngiyoyimisa phakade inzalo yakhe nesihlalo sakhe sobukhosi njengezinsuku zezulu. Inzalo yakhe iyohlala kuze kube nini nanini, nesihlalo sakhe sobukhosi siyohlala njengelanga phambi kwami.” (IHubo 89:20, 29, 35, 36) Ngakho, akumananga nje kwaqondana ukuba uMariya noJosefa babe abozalo lukaDavide.

EmiBhalweni YesiHebheru zikhona nezinye iziprofetho ngendodana kaDavide yasebukhosini ngaphandle kwalezi. UMariya wayesazi nesiprofetho sika-Isaya: “Sizalelwe umntwana, siphiwe indodana; ukubusa kwesikhulu kuyoba phezu kwehlombe lakhe. Igama lakhe kuyothiwa uMeluleki Omangalisayo, uNkulunkulu Onamandla, uYise Ongunaphakade, iSikhulu Sokuthula. Ngeke kuphele ukuchichima kokubusa kwesikhulu kanye nokuthula, phezu kwesihlalo sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe ukuze umiswe uqine futhi usekelwe ngobulungisa nangokulunga, kusukela manje kuze kube nini nanini. Yona kanye intshiseko kaJehova wamabutho iyokwenza lokhu.”—Isaya 9:6, 7.

Ngakho, lokho okwashiwo uGabriyeli kuMariya kwakungaphezu nje kokuzalwa okuyisimangaliso komntwana womfana. Indodana yakhe yayizoba indlalifa yeNkosi uDavide—indlalifa eyohlala njalo eMbusweni omiswe uNkulunkulu. Iziprofetho zikaGabriyeli ngendima kaJesu yangesikhathi esizayo zisho lukhulu kithi sonke.

Lapho uJosefa ezwa ukuthi ingoduso yakhe ikhulelwe, wanquma ukusinqamula isithembiso somshado. Wayazi ukuthi umntwana akuyena owakhe ngoba babengakaze babe nobuhlobo bobulili. Ungacabanga nje ukuthi kwakunzima kanjani ngoJosefa ukukholwa incazelo kaMariya yokuthi ukhulelwe kanjani. Ukulandisa kweVangeli kuthi: “Ingelosi kaJehova yabonakala kuye ephusheni, yathi: ‘Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukuthatha uMariya umkakho umyise ekhaya, ngoba lokhu akukhulelwe kungomoya ongcwele. Uzozala indodana, futhi kumelwe uyiqambe ngokuthi uJesu, ngoba iyosindisa abantu bakubo ezonweni zabo.’”—Mathewu 1:20, 21.

IBhayibheli alisho ukuthi uJosefa wakuqonda ngezinga elingakanani ukuthi umntwana ‘wayeyosindisa abantu bakubo ezonweni zabo.’ Noma kunjalo, akuzwa kwakwanele ukuba kumqinisekise ukuthi uMariya wayengenzanga lutho olubi. Wenza njengokusho kwengelosi wathatha uMariya wamyisa emzini wakhe, enza isenzo esifana nomshado.

Ngenxa yokwaziswa okukwamanye amavesi emiBhalweni, siyakwazi ukuqonda ukuthi yayisho ukuthini ingelosi. Ekuqaleni komlando wesintu, ingelosi evukelayo yabekela ubukhosi bukaJehova inselele. ImiBhalo YesiHebheru ibonisa ukuthi phakathi kwezinye izinto ezashiwo yileli hlubuka, ukuthi indlela kaNkulunkulu yokubusa ayinabulungisa nokuthi akekho umuntu oyohlala eqotho kuJehova lapho evivinywa. (Genesise 3:2-5; Jobe 1:6-12) U-Adamu akazange ahlale eqotho. Ngenxa yokona kwakhe, bonke abantu bathola isono njengefa, futhi umphumela waleso sono ukufa. (Roma 5:12; 6:23) Nokho, uJesu wazalwa engenasono ngoba uMariya akakhuleliswanga indoda engumuntu. Ngokunikela ngokuzithandela ngokuphila kwakhe njengesihlengo esilingana ncamashi nokuphila okwalahlwa u-Adamu, uJesu wakwazi ukusindisa abantu ezonweni zabo nokubanikeza ithuba lokuphila phakade.—1 Thimothewu 2:3-6; Thithu 3:6, 7; 1 Johane 2:25.

Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wazwisa abantu ukuthi kuyoba njani ukususwa kwemiphumela yesono. Waphulukisa abantu kuzo zonke izifo zabo ezinhlobonhlobo waze wavusa nabafileyo. (Mathewu 4:23; Johane 11:1-44) Lezo zimangaliso zazibonisa lokho ayokwenza esikhathini esizayo. UJesu uqobo wathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi [lami] baphume.”—Johane 5:28, 29.

Lesi sithembiso sovuko oluzayo sichaza isizathu sokuba ukuzalwa—futhi ikakhulu, ukufa—kukaJesu kubaluleke kakhulu kithi. UJohane 3:17 uthi uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezweni “ukuba izwe lisindiswe ngayo.” Lezi zindaba ezinhle zisikhumbuza isimemezelo esakhishwa izingelosi kubelusi ababeluse imihlambi yabo ngobusuku uJesu azalwa ngabo.

“Izindaba Ezinhle Zenjabulo Enkulu”

Ngempela, lapho izingelosi zimemezela ukuzalwa ‘koMsindisi, onguKristu iNkosi,’ kwaba “izindaba ezinhle zenjabulo enkulu” esintwini. (Luka 2:10, 11) Lo mntwana wayezoba uMesiya, uMprofethi noMbusi omkhulu okwase kuyisikhathi eside abantu bakaNkulunkulu bemlindele. (Duteronomi 18:18; Mika 5:2) Ukuphila nokufa kwakhe lapha emhlabeni kwakuyoba nengxenye enkulu ekulwelweni kobukhosi bukaJehova bendawo yonke, ngakho izingelosi zazingasho la mazwi: “Inkazimulo kuNkulunkulu phezulu ezindaweni eziphakemeyo.”—Luka 2:14.

UJesu, iBhayibheli elimbiza ngokuthi “u-Adamu wokugcina,” wabonisa ukuthi umuntu angathembeka kuJehova ngisho noma ebhekene novivinyo olunzima kakhulu. (1 Korinte 15:45) Ngakho wabonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga omubi. Yingakho izingelosi ezithembekile zajabula ezulwini.

Nokho, ake sibuyele kulo mbuzo, “Likhona yini ithemba lokuthi isimemezelo sezingelosi sangobusuku bokuzalwa kukaJesu siyoke sigcwaliseke?” Impendulo inguyebo omkhulu! Kumelwe kube khona ukuthula lapho kugcwaliseka injongo kaNkulunkulu emhlabeni, ehlanganisa nokubuyiselwa kwePharadesi. Lapho lokhu sekwenzeke emhlabeni wonke, bonke abantu bayoshukunyiswa uthando nobuqotho. Ngakho, ukugcwaliseka kwenjongo kaJehova kusho nokususwa kwayo yonke into emelene nobukhosi bakhe. Azijabulisi neze lezi zindaba kulabo abachema noSathane owagomela wathi imithetho kaJehova mibi. Bayobhujiswa.—IHubo 37:11; IzAga 2:21, 22.

Siza uphawule ukuthi izingelosi azizange zithi bonke abantu bayoba nokuthula futhi bayothakaselwa. Kunalokho, zamemezela “ukuthula kubantu abathakazelelwayo.” Ngamanye amazwi, ukuthula kulabo abamukelwa nabathakaselwa uNkulunkulu. Ababonisa ukholo lwangempela kuJehova baba abalandeli nabalingisi bakaJesu abathembekile. La madoda nabesifazane bazimisele ukupha nokubonisa uzwela kubantu, hhayi nje ngezinsuku ezimbalwa onyakeni, kodwa zonke izinsuku.

Umoya WobuKristu Unyaka Wonke?

Izindaba ezinhle ezashunyayelwa uJesu ziye zathinta ukuphila kwabantu abaningi kakhulu. Abaningi baye basebenzisa izimiso zobuKristu kuzo zonke izici zokuphila kwabo. Lapho bebhekene nezimo ezithile, abantu abake bangaba nandaba nabanye abantu baye baqala ukuzibuza ukuthi uJesu ubeyokwenzani ukube ubesesimweni sabo. Abanye ababebeka izinto ezibonakalayo nenjabulo kuqala ekuphileni kwabo baye babona ukubaluleka kwezimiso ezingokomoya nokuzitshela omakhelwane babo. Abantu abenza lokhu bazama ukupha nokubonisa umusa unyaka wonke. Ubungeke yini vele ulindele lokho kumaKristu eqiniso?

Ukube nje bonke abantu abaqotho bebengama kancane bacabange ngalokho okushiwo isimemezelo sezingelosi sokuthula bese benza njengokusho kwaso, umhlaba ubuyoba indawo engcono kakhulu.

Iziprofetho eziphathelene nokuzalwa kukaJesu ziqinisekisa labo abathakaselwa uNkulunkulu ukuthi bangakujabulela ukuthula kwangempela phakade. Awukufisi yini lokho? Singaqiniseka ukuthi nakanjani siyogcwaliseka isimemezelo esihle kakhulu esiyisiprofetho sokuthula esakhishwa izingelosi lapho kuzalwa uJesu. Kunokumane kube into engasho lutho ngesikhathi sikaKhisimusi, ukuthula kuyofika futhi ngeke kuphele.

[Izithombe ekhasini 7]

Umoya wobuKristu ungaboniswa futhi kufanele uboniswe unyaka wonke