Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Abantu Bayoke Babe Nomoya KaKhisimusi Unyaka Wonke?

Ingabe Abantu Bayoke Babe Nomoya KaKhisimusi Unyaka Wonke?

Ingabe Abantu Bayoke Babe Nomoya KaKhisimusi Unyaka Wonke?

“Inkazimulo kuNkulunkulu phezulu ezindaweni eziphakemeyo, naphezu komhlaba ukuthula kubantu abathakazelelwayo.”—Luka 2:14.

IZIGIDI zabantu ziyawazi la mazwi ezingelosi zikaNkulunkulu ezazimemezela ukuzalwa kukaJesu kubelusi ababeluse imihlambi yabo ebusuku. AmaKristu amaningi okuzisholo enza umzamo okhethekile wokuthuthukisa ukuziphatha kwawo phakathi nenkathi amasonto athi uJesu wazalwa ngayo. Izimfanelo ezinjengenjabulo, ukuthula nokuthakasa—izimfanelo ezamenyezelwa izingelosi—ngokuvamile zibizwa ngokuthi umoya kaKhisimusi.

Lezi zimfanelo ezinhle zikhanga ngisho nabantu abangahlobanisi uKhisimusi nenkolo. Nabo bayawuthanda umoya omuhle obonakala ukhuthazwa uKhisimusi. Ngenxa yokuthi amaholidi kaKhisimusi asho ukungayi esikoleni noma emsebenzini, abantu bathola ithuba lokuphumula, lokuchitha isikhathi nemindeni nabangane babo, noma nje lokuzijabulisa. Yiqiniso, abantu abaningi abaqotho babheka uKhisimusi njengesikhathi ngokuyinhloko sokukhumbula uJesu Kristu.

Kungakhathaliseki ukuthi bathi uKhisimusi unakubaluleka kuni, abaningi bayavuma ukuthi noma imuphi umoya omuhle oba khona ngaleli holidi uhlala isikhashana. Ngokushesha abantu babuyela endleleni evamile yokuziphatha. Indatshana enesihloko esithi “Umoya KaKhisimusi,” eyanyatheliswa iRoyal Bank of Canada yathi: “‘AmaKristu’ amaningi kakhulu afanelwa yileli gama kuphela phakathi namasonto ambalwa onyakeni lapho ethakasela khona abanye abantu kuze kube ngemva kukaNcibijane, bese ebuyela esimweni sawo sobugovu nokungakugqizi qakala ukuhlupheka kwabanye abantu.” Le ndatshana yaqhubeka: “Eqinisweni into engalungile” ngomoya kaKhisimusi ukuthi abantu ababi nawo “unyaka wonke.”

Kungakhathaliseki ukuthi uyavumelana nalokhu noma cha, kunemibuzo ebalulekile ephakamayo. Ingabe abantu bayoke bakwazi ukupha nokubonisa uzwela ngaso sonke isikhathi? Likhona yini ithemba lokuthi isimemezelo sezingelosi sangobusuku bokuzalwa kukaJesu siyogcwaliseka? Noma ingabe ithemba lokuthi kuyoke kube nokuthula kwangempela limane nje liyiphupho?