Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:

• Yini engasiza umKristu weqiniso uma umuntu amthandayo eyeka ukukhonza uJehova?

Zakhe futhi wakhe namanye amalungu omkhaya athembekile. Yiba matasa emisebenzini engokomoya. Zenze utholakale ukuze usize abanye. Ungalilahli ithemba lokuthi omthandayo angase abuye. Ungazibeki icala. Hlonipha ilungiselelo likaNkulunkulu lokuyala, futhi khuluma nabangane bakho ngemizwa yakho.—9/1, amakhasi 18-21.

• Iziphi izindlela ezimbili imiBhalo esisiza ngazo ukuba sibone ‘izinsuku zokugcina’?

IBhayibheli libikezela izenzakalo ezaziyokwenzeka phakathi ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3, 7, 8; Luka 21:11) Libuye lichaze nokushintsha kwezimo zengqondo nezenzo zabantu abaphila “ezinsukwini zokugcina.” (2 Thimothewu 3:1-5) Okubaluleke kakhulu ukuthi nezindaba ezinhle zoMbuso zaziyoshunyayelwa phakathi nalesi sikhathi.—9/15, amakhasi 4-6.

• Uyini umthwalo wemfanelo webandla lapho umshayeli wemoto ongumKristu evelelwa ingozi okufa kuyo abathile?

Abadala abahlola lolu daba bangase bathole ukuthi umshayeli akanalo icala legazi ngenxa yokuthi kuncane kakhulu noma akukho ayengakwenza kuleso simo esabangela ukufa kwabathile. Kodwa uma kutholakala ukuthi unecala legazi futhi uyaphenduka, uyosolwa ngokomBhalo futhi uyobekelwa imingcele maqondana namalungelo ebandleni.—9/15, ikhasi 30.

• Kungani ukuphila phakade kungaxhomekile entuthukweni engokwesayensi?

Kunemizamo yesayensi yokwandisa iminyaka yokuphila komuntu, njengokuzama ukwandisa izikhathi amangqamuzana azivuselela ngazo noma ngokwakhiwa (cloning) kwezitho zomuntu ngezakhi zofuzo ukuze isiguli sibe nezintsha, ezifanele. Kodwa iBhayibheli libonisa ukuthi ukuphela kwendlela isintu esingathola ngayo ukuphila okuphakade isihlengo sikaJesu.—10/1, amakhasi 3-5.

• Ingabe ukuzihlambulula kwamaJuda okuyisiko kwandulela ubhapathizo lwamaKristu?

Cha, akunjalo. AmaJuda ayezihlambulula ngokwesiko, into eyayingadingeki obhapathizweni lukaJohane. Ukuzihlambulula okwakuyimfuneko eMthethweni KaMose kwakumelwe kuphindaphindwe, kodwa ubhapathizo lwamaKristu lwenziwa kanye kuphela.—10/15, amakhasi 12-13.

• Siyini iSikole Sokuqeqeshela Inkonzo?

Siyisikole esithatha amasonto angu-8 sezinceku ezikhonzayo nabadala abangashadile abasesimweni sokukhonza lapho kunendingeko enkulu khona. Bangabelwa ukuba bayokhonza emabandleni abasuka kuwo, kwenye indawo kulelo zwe, noma kwelinye izwe.—11/15, amakhasi 10-11.

• Yini noma ubani umphik’ ukristu okukhulunywa ngaye kweyoku-1 Johane 2:18; 4:3?

Ngokuvamile, “umphik’ ukristu” ubhekisela kuwo wonke umuntu ophikisana noma oqamba amanga ngokuthi unguKristu noma ungummeleli wakhe. Okwashiwo uJesu noJohane kubonisa ukuthi umphik’ ukristu uyiqembu eliyinhlanganisela elakhiwa abaphik’ ukristu abaningi abasakaza inkohliso engokwenkolo futhi abenqaba uMbuso kaNkulunkulu.—12/1, amakhasi 4-6.