UJehova Ubanika “Umoya Ongcwele Labo Abawucela Kuye”
UJehova Ubanika “Umoya Ongcwele Labo Abawucela Kuye”
“Uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!”—LUKA 11:13.
1. Kunini lapho siludinga ngokukhethekile usizo lomoya ongcwele?
‘ANGIKWAZI ukubhekana nalesi simo ngingedwa. Umoya ongcwele kuphela ongangisiza ngikwazi ukukhuthazelela lolu vivinyo!’ Wake wawasho yini amazwi anjengalawa asuka enhliziyweni? Iningi lamaKristu lake lawasho. Mhlawumbe wawasho ngemva kokuba uthole ukuthi unesifo esibucayi. Noma mhlawumbe kwakuyilapho ushonelwa umngane wakho womshado seniphile isikhathi eside ndawonye. Noma kungenzeka kwakuyilapho wenganywa ukucindezeleka, kanti wawungumuntu ohlale eneme. Ezikhathini ezibuhlungu ekuphileni, kungenzeka ukuthi waba nomuzwa wokuthi ukuphela kwento eyayikugcina uphila ‘kwakungamandla angaphezu kwavamile’ omoya ongcwele kaJehova.—2 Korinte 4:7-9; IHubo 40:1, 2.
2. (a) Iziphi izinselele amaKristu eqiniso abhekana nazo? (b) Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?
2 AmaKristu eqiniso kudingeka abhekane nokucindezela nokuphikisa okwandayo kwezwe lanamuhla elingamesabi uNkulunkulu. (1 Johane 5:19) Ngaphezu kwalokho, abalandeli bakaKristu bahlaselwa uSathane uDeveli uqobo, olwa ngonya nalabo “abagcina imiyalo kaNkulunkulu futhi benomsebenzi wokufakaza ngoJesu.” (IsAmbulo 12:12, 17) Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi manje sidinga umoya kaNkulunkulu kunanini ngaphambili. Yini esingayenza ukuze siqiniseke ukuthi siqhubeka siwuthola ngobuningi umoya ongcwele kaNkulunkulu? Futhi kungani singaqiniseka ukuthi uJehova ukulungele impela ukusinika amandla esiwadingayo ngezikhathi zokulingwa? Izimpendulo zale mibuzo sizithola emifanekisweni kaJesu emibili.
Phikelela Emthandazweni
3, 4. Imuphi umfanekiso uJesu awulandisa, futhi wayibonisa kanjani indlela osebenza ngayo emthandazweni?
3 Omunye wabafundi bakaJesu wake wacela: “Nkosi, sifundise ukuthandaza.” (Luka 11:1) UJesu waphendula ngokulandisa abafundi bakhe imifanekiso emibili ehlobene. Owokuqala owendoda efikelwa isivakashi, owesibili kube okababa olalela indodana yakhe. Ake sixoxe ngamunye wale mifanekiso.
4 UJesu wathi: “Ubani kini ongathi enomngane, aye kuye phakathi kwamabili athi kuye, ‘Mngane, ngenanele izinkwa ezintathu, ngoba kusanda kufika umngane wami kimi esohambweni futhi anginalutho engingamupha lona’? Lowo ongaphakathi ephendula athi, ‘Yeka ukungikhathaza. Umnyango usuhluthulelwe kakade, futhi sengilele nabantwana bami; ngeke ngikwazi ukuvuka ngikunike lutho.’ Ngiyanitshela, Nakuba engeke avuke amnike lutho ngenxa yokuba engumngane wakhe, ngokuqinisekile ngenxa yokuphikelela kwakhe ngesibindi uyovuka amnike lokho akudingayo.” UJesu wabe esechaza indlela lo mfanekiso osebenza ngayo endabeni yokuthandaza, wathi: “Ngakho ngithi kini, Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, Luka 11:5-10.
niyovulelwa. Ngoba wonke umuntu ocelayo uyamukela, wonke umuntu ofunayo uyathola, futhi wonke umuntu ongqongqozayo uyovulelwa.”—5. Umfanekiso wendoda ephikelelayo usifundisani ngesimo sethu sengqondo lapho sithandaza?
5 Lo mfanekiso ocacile wendoda ephikelelayo ubonisa isimo sengqondo okufanele sibe naso lapho sithandaza. Phawula ukuthi uJesu uthi le ndoda ithola lokho ekudingayo “ngenxa yokuphikelela [kwayo] ngesibindi.” (Luka 11:8) Inkulumo ethi ‘ukuphikelela ngesibindi’ ivela kanye kuphela eBhayibhelini. Ihunyushwe isuselwa egameni lesiGreki ngokwezwi nezwi elisho “ukungabi namahloni.” Ngokuvamile ukungabi namahloni kubhekwa njengento engeyinhle. Nokho, lapho ukungabi namahloni noma ukuphikelela kuboniswa ngenxa yesizathu esihle, kungaba yimfanelo etusekayo. Kunjalo ngendoda enesivakashi emfanekisweni. Ayinamahloni okuphikelela icele lokho ekudingayo. Njengoba uJesu eveza le ndoda njengeyisibonelo kithi, nathi kufanele siphikelele emithandazweni yethu. UJehova ufuna ‘siqhubeke sicela, siqhubeke sifuna, siqhubeke singqongqoza.’ Yena uyophendula ‘ngokubanika umoya ongcwele labo abawucela kuye.’
6. Osukwini lukaJesu, kwakubhekwa kanjani ukubungaza izivakashi?
6 UJesu akasibonisi nje kuphela indlela okufanele sithandaze ngayo—ukuphikelela ngesibindi—kodwa nokuthi kungani kufanele siphikelele. Ukuze sisiqonde ngokucacile leso sifundo, kufanele sibheke indlela labo ababelalele umfanekiso kaJesu wendoda enesivakashi ephikelelayo ababebheka ngayo ukubungaza izivakashi. Izindima eziningana emiBhalweni zibonisa ukuthi ezikhathini zeBhayibheli, ukunakekela izivakashi kwakuyinkambiso ebhekwa ngokungathí sina, ikakhulu ezincekwini zikaNkulunkulu. (Genesise 18:2-5; Hebheru 13:2) Ukungabonisi umoya wokubungaza izivakashi kwakuyihlazo. (Luka 7:36-38, 44-46) Ake siphinde sibheke indaba kaJesu sinalokho engqondweni.
7. Kungani indoda enesivakashi emfanekisweni kaJesu ingenamahloni okuvusa umngane wayo?
7 Emfanekisweni kaJesu, indoda ethile ifikelwa isivakashi phakathi kwamabili. Izizwa iphoqelekile ukuba iphe isivakashi sayo okudliwayo kodwa ‘ayinalutho engasipha lona.’ Ngokubona kwayo, lesi yisimo esiphuthumayo! Kumelwe ithole isinkwa noma kanjani. Ngakho iya kumngane wayo ifike imvuse ingenamahloni. Iyamemeza: “Mngane, ngenanele izinkwa ezintathu.” Iyaphikelela ize ikuthole ekudingayo. Ayiziboni ingasibungaza kahle isivakashi sayo ingenaso isinkwa.
Lapho Siwudinga Ngokwengeziwe, Kumelwe Siwucele Ngokwengeziwe
8. Yini eyosishukumisela ukuba siphikelele ekuthandazeleni umoya ongcwele?
8 Ubonisani lo mfanekiso ngesizathu sokuphikelela kwethu emthandazweni? Indoda yaqhubeka icela isinkwa ngoba yayinomuzwa wokuthi kwakudingeka nakanjani ibe naso ukuze ifeze isibopho sayo sokubungaza isivakashi. (Isaya 58:5-7) Ngaphandle kwesinkwa, yayingeke ikwazi ukusibungaza ngokugculisayo. Ngokufanayo, ngenxa yokuthi siyaqaphela ukuthi siyawudinga nakanjani umoya kaNkulunkulu ukuze sifeze inkonzo yethu njengamaKristu eqiniso, siyaqhubeka sithandaza kuNkulunkulu sicela lowo moya. (Zakariya 4:6) Ngaphandle kwawo, siyosilela. (Mathewu 26:41) Uyasibona yini isiphetho esibalulekile esingasifinyelela kulo mfanekiso? Uma sibheka umoya kaNkulunkulu njengokuthile esikudinga ngokuphuthumayo, cishe siyophikelela ekuwuceleni.
9, 10. (a) Fanekisa ukuthi kungani kudingeka siphikelele ekuceleni uNkulunkulu ukuba asinike umoya wakhe. (b) Imuphi umbuzo okufanele sizibuze wona, futhi ngani?
9 Ukuze sibonise indlela lesi sifundo esisebenza ngayo kithi namuhla, zicabange ugulelwa ilungu lomkhaya wakho phakathi kwamabili. Ungamvusa yini udokotela ucele usizo? Ngeke uma ogulayo engaphathekile kangako. Kodwa uma ephathwa yinhliziyo, ngeke ube namahloni okubiza udokotela. Ngani? Ngoba ubhekene nesimo esiphuthumayo. Uyabona ukuthi nakanjani kudingeka usizo lomuntu onolwazi. Ukungaceli usizo kungasho ukufelwa. Ngokufanayo, kunjengokungathi amaKristu eqiniso ahlale ebhekene nesimo esiphuthumayo. Ingani uSathane uzulazula “njengengonyama ebhongayo,” ezama ukusishwabadela. (1 Petru 5:8) Ukuze siqhubeke siphila ngokomoya, siyaludinga nakanjani usizo lomoya kaNkulunkulu. Ukungaceli usizo lwakhe kungasho ukufa. Ngakho, siphikelela ngesibindi sicela uNkulunkulu asinike umoya wakhe ongcwele. (Efesu 3:14-16) Yileyo kuphela indlela esiyolondoloza ngayo amandla esiwadingayo ukuze ‘sikhuthazele kuze kube sekupheleni.’—Mathewu 10:22; 24:13.
10 Ngakho-ke, kubalulekile ukuba ngezinye izikhathi sike sizibuze, ‘Ngempela nje, ngiphikelela kangakanani emithandazweni yami?’ Khumbula, lapho siqonda ngokugcwele ukuthi siyaludinga usizo lukaNkulunkulu, siyophikelela ngokwengeziwe emithandazweni yethu yokucela umoya ongcwele.
Yini Esishukumisela Ukuba Sithandaze Sinokuqiniseka?
11. UJesu wayibonisa kanjani indlela umfanekiso wendodana noyise osebenza ngayo emthandazweni?
11 Umfanekiso kaJesu wendoda enesivakashi ephikelelayo uqokomisa isimo sengqondo somuntu othandazayo—umuntu onokholo. Umfanekiso olandelayo uqokomisa isimo sengqondo salowo ozwa imithandazo—uJehova uNkulunkulu. UJesu wabuza: “Ngempela, yimuphi ubaba phakathi kwenu othi indodana yakhe icela inhlanzi, ayinike mhlawumbe inyoka esikhundleni senhlanzi? Noma, uma icela iqanda, ayinike ufezela na?” UJesu wabe esebonisa indlela lo mfanekiso osebenza ngayo, wathi: “Ngakho-ke, uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!”—Luka 11:11-13.
12. Umfanekiso kababa olalela isicelo sendodana yakhe ukuqokomisa kanjani ukuzimisela kukaJehova ukusabela emithandazweni yethu?
12 Ngalesi sibonelo sikababa osabela esicelweni sendodana yakhe, uJesu uveza indlela uJehova azizwa ngayo ngalabo abathandaza Luka 10:22) Okokuqala, phawula umahluko. Ngokungafani nendoda esemfanekisweni wokuqala eyayimanqikanqika ukusabela esicelweni sosizo, uJehova unjengomzali okhathalelayo, ozimisele ukusabela esicelweni sengane yakhe. (IHubo 50:15) UJesu uyaqhubeka eveza ukuzimisela kukaJehova ukusisiza ngokuqhathanisa ubaba ongumuntu nobaba osezulwini. Uthi uma ubaba ongumuntu, nakuba ‘emubi’ ngenxa yesono asizuze ngofuzo, epha indodana yakhe isipho esihle, singalindela kakhulu kangakanani-ke ukuba uBaba wethu omuhle osezulwini anikeze umkhaya wabakhulekeli bakhe umoya ongcwele!—Jakobe 1:17.
kuYe. (13. Yini esingaqiniseka ngayo lapho sithandaza kuJehova?
13 Isiphi isifundo esisitholayo? Singaqiniseka ukuthi lapho sicela umoya ongcwele kuBaba wethu osezulwini, akeve ezimisele ukusinika wona. (1 Johane 5:14) Lapho sithandaza kuye ngokuphindaphindiwe, uJehova akasoze athi: “Yeka ukungikhathaza. Umnyango usuhluthulelwe kakade.” (Luka 11:7) Ngokuphambene nalokho, uJesu wathi: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa.” (Luka 11:9, 10) Yebo, uJehova “uyosiphendula ngosuku esibiza ngalo.”—IHubo 20:9; 145:18.
14. (a) Imuphi umqondo oyiphutha ohlupha abathile ababhekene nezinhlupheko? (b) Lapho sibhekene nezinhlupheko, kungani singathandaza kuJehova ngokuqiniseka?
14 Umfanekiso kaJesu kababa okhathalelayo ugcizelela nokuthi ubuhle bukaJehova bukhulu kakhulu kunobuhle obuboniswa yinoma imuphi umzali ongumuntu. Ngakho, akekho kithi okufanele abe nomuzwa wokuthi izinhlupheko abhekene nazo zibonisa ukuthi uNkulunkulu akajabule ngaye. Yisitha sethu esikhulu, uSathane, esifuna sicabange kanjalo. (Jobe 4:1, 7, 8; Johane 8:44) ImiBhalo ayinikezi sizathu sokucabanga okunjalo kokuzilahla. UJehova akasilingi “ngezinto ezimbi.” (Jakobe 1:13) Akasiniki izinhlupheko ezinjengenyoka noma uvivinyo olunjengofezela. UBaba wethu osezulwini “[ubapha] izinto ezinhle labo abamcelayo.” (Mathewu 7:11; Luka 11:13) Yebo, lapho sibuqonda kangcono ubuhle bukaJehova nokuzimisela kwakhe ukusisiza, siyoshukumiseleka ngokwengeziwe ukuthandaza ngokuqiniseka. Lapho senza kanjalo, nathi siyokwazi ukusho amazwi afana nawomhubi owabhala: “Ngempela uNkulunkulu uzwile; ulinakile izwi lomthandazo wami.”—IHubo 10:17; 66:19.
Indlela Umoya Ongcwele Ongumsizi Wethu Ngayo
15. (a) Isiphi isithembiso uJesu asenza ngokuqondene nomoya ongcwele? (b) Iyiphi enye yezindlela umoya ongcwele osisiza ngazo?
15 Ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu waphinda isiqinisekiso ayesinikeze emifanekisweni yakhe. Ekhuluma ngomoya ongcwele, watshela abaphostoli bakhe: “Ngizocela uBaba futhi uzoninika omunye umsizi ukuze abe nani kuze kube phakade.” (Johane 14:16) Ngakho, uJesu wathembisa ukuthi umsizi, noma umoya ongcwele, wayeyoba nabalandeli bakhe esikhathini esizayo, kuhlanganise nasosukwini lwethu. Iyiphi indlela ephawulekayo esikuthola ngayo lokho kusekelwa namuhla? Umoya ongcwele usisiza ukuba sikhuthazelele izinhlupheko ezihlukahlukene. Kanjani? Encwadini ayibhalela amaKristu aseKorinte, umphostoli uPawulu, owabhekana novivinyo kwayena, wachaza indlela umoya kaNkulunkulu owamsiza ngayo. Ake sikubheke kafushane lokho akuloba.
16. Isimo sethu singase sifane kanjani nesikaPawulu?
16 Okokuqala, uPawulu wabatshela ngokusobala akholwa nabo ukuthi wayehlushwa “iva enyameni,” ukuhlupheka okuthile. Wabe esethi: “Ngayincenga kathathu iNkosi [uJehova] ukuba lisuke kimi.” (2 Korinte 12:7, 8) Nakuba uPawulu ancenga uNkulunkulu ukuba aqede usizi lwakhe, aluyanga ndawo. Mhlawumbe nawe usesimweni esifanayo namuhla. NjengoPawulu, kungenzeka uye wathandaza uphikelela futhi uqiniseka, ucela uJehova ukuba aqede ukuhlupheka okuthile. Nokho, naphezu kokunxusa kwakho ngokuphindaphindiwe, inkinga isakujamele. Ingabe lokho kusho ukuthi uJehova akayiphenduli imithandazo yakho nokuthi umoya wakhe ongcwele awukusizi? Akunjalo neze! (IHubo 10:1, 17) Phawula lokho umphostoli uPawulu abe esekusho.
17. UJehova wayiphendula kanjani imithandazo kaPawulu?
17 Ephendula imithandazo kaPawulu, uNkulunkulu wathi kuye: “Umusa wami ongafanelwe ukwanele; ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” UPawulu wathi: “Ngakho-ke, ngokuthokoza okukhulu ngingamane ngiziqhayise ngokuqondene nobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami njengetende.” (2 Korinte 12:9; IHubo 147:5) Ngakho, uPawulu wezwa ukuthi uNkulunkulu wayemnika isivikelo esinamandla ngoKristu esasimengame njengetende. Namuhla, uJehova uyiphendula ngendlela efanayo imithandazo yethu. Welulela phezu kwezinceku zakhe isivikelo sakhe njengetende.
18. Kungani sikwazi ukukhuthazelela izinhlupheko?
18 Yebo, itende aliyivimbi imvula ingani noma umoya ungavunguzi, kodwa linikeza isivikelo esithile kulezi zinto. Ngokufanayo, isivikelo esinikezwa “amandla kaKristu” asizivimbi izinhlupheko zingasehleli noma ubunzima bungasifikeli. Kodwa sisivikela ngokomoya kubantu baleli zwe abayingozi nasekuhlaseleni kombusi walo, uSathane. (IsAmbulo 7:9, 15, 16) Ngakho-ke, ngisho noma ubhekene nokuhlupheka ‘okungasuki kuwe,’ ungaqiniseka ukuthi uJehova uyakubona ukushikashikeka kwakho nokuthi usabelile “lapho nje kuzwakala ukukhala kwakho.” (Isaya 30:19; 2 Korinte 1:3, 4) UPawulu wabhala: “UNkulunkulu uthembekile, futhi ngeke akuvumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa kanye naleso silingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.”—1 Korinte 10:13; Filipi 4:6, 7.
19. Yini ozimisele ukuyenza, futhi ngani?
19 Yiqiniso, ‘izinsuku zokugcina’ zaleli zwe elingamesabi uNkulunkulu ‘zinezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Noma kunjalo, izinceku zikaNkulunkulu zingakwazi ukubhekana nalezi zikhathi. Ngani? Ngenxa yokusekela nesivikelo somoya ongcwele kaNkulunkulu, uJehova awunikeza ngokuzimisela nangobuningi kubo bonke abawucela kuye bephikelela futhi beqiniseka. Ngakho-ke, kwangathi singazimisela ukuqhubeka sithandazela umoya ongcwele nsuku zonke.—IHubo 34:6; 1 Johane 5:14, 15.
Ungaphendula Kanjani?
• Yini okudingeka siyenze ukuze sithole umoya ongcwele kaNkulunkulu?
• Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova uyosabela emithandazweni yethu yokucela umoya ongcwele?
• Umoya ongcwele usisiza kanjani ukuba sikhuthazelele izinhlupheko?
[Imibuzo Yesifundo]
[Isithombe ekhasini 21]
Yini esingayifunda emfanekisweni kaJesu womuntu obungaza isivakashi ophikelelayo?
[Isithombe ekhasini 22]
Ingabe uyaphikelela ekuthandazeleni umoya ongcwele kaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 23]
Sifundani ngoJehova emfanekisweni kababa okhathalelayo?