Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukushumayela Izindaba Ezinhle EHaiti Enhle

Ukushumayela Izindaba Ezinhle EHaiti Enhle

Ukushumayela Izindaba Ezinhle EHaiti Enhle

IHAITI neDominican Republic zisesiqhingini esishisayo iHispaniola, esinezintaba eziphakeme kunazo zonke eCaribbean. Iziqongo zezintaba eziningana zingamamitha angaphezu kuka-2 400. Phakathi nezinyanga “zamakhaza,” kungase kwakheke isithwathwa noma iqhwa eliwucwecwana emachibini amancane asezinkangala.

Izintaba nezigodi eziseningizimu yeHaiti zimbozwe uhlaza lwamahlathi emvula. Kwezinye izindawo, izintaba zigagadekile, futhi ngokuvamile ziwugwadule futhi azizinhle kangako ngenxa yokuqothulwa kwamahlathi. Uma ungaya enyakatho noma eningizimu, ungathola ukuthi iHaiti yinhle kakhulu. Uma uhamba kweminye imigwaqo eyimingcingo negwinciza ezintabeni, ungabona ubuhle obumangalisayo ezweni nasolwandle. Yonke indawo ungabona izimbali ezinhlobonhlobo ezinemibala emihle kakhulu.

Abantu abayizigidi ezingu-8,3 abahlala kuleli zwe elihle, ngokuyinhloko badabuka emaphandleni ase-Afrika. Nakuba iningi limpofu, linomusa futhi linomoya wokungenisa izihambi. Sekuyiminyaka engaba ngu-60 oFakazi BakaJehova bejabulela ukuyisa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kulaba bantu futhi baye bamukelwa ngokufudumele.—Mathewu 24:14.

Ukushumayela Edolobheni Lasemaphandleni

Okuhlangenwe nakho kwesithunywa sevangeli esithile ngenkathi siqala ukuvakashela idolobha lasemaphandleni kuyilokho obungakulindela. Sabhala:

“Ngolunye usuku ngo-March 2003, sahamba sayoshumayela eCasale, idolobha elincane ongathatha ingxenye yehora ukufika kulo uma usuka ekhaya lethu lezithunywa zevangeli, eCabaret, eliqhele ngamakhilomitha angu-30 enyakatho yenhloko-dolobha iPort-au-Prince. OFakazi babegcine ukushumayela eCasale ngo-1999, ngakho sinokulangazelela okukhulu saqala uhambo lwethu ngo-7:00 ekuseni. Njengoba sasingu-22—cishe lonke ibandla lethu—sangena ezimotweni ezimbili ezidonsa ngawo womane amasondo. Sonke sasixoxa futhi sihleka ngokwesasa njengoba sasenyuka imigwaqo ewubhuqu futhi sifika esigodini esinemithi eminingi emikhulu. Kunomfula odabula kulesi sigodi, futhi idolobha iCasale linganeno nangaphesheya kwalo mfula.

“Umlando waleli dolobha elithule waqala kudala ekuqaleni kwawo-1800, lapho amasosha athile asePoland efika eHaiti ezosiza ababeyizigqila ukuba bathole inkululeko futhi ehlala kulesi sigodi esivundile namakhosikazi awo angamaHaiti. Ngenxa yalokho, kwaba nabantu abahle abayingxube. Kuyajabulisa ukubona abantu bakuleli zwe abanesikhumba esimhlophe, esimpofu, esinsundu, amehlo aluhlaza, ansundu kakhulu, njalo njalo.

“Umuntu wokuqala esangena emzini wakhe wayengenasithakazelo. Njengoba sase sihamba, sahlangatshezwa indoda eyayikhuphuka ngomgwaqo. Yayifuna ukwazi ukuthi siyakholelwa yini ukuthi kunomehluko phakathi kukaJesu noNkulunkulu. Sayicela ukuba ilande iBhayibheli, futhi ingxoxo engokomBhalo eyalandela yayiqinisekisa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu nokuthi uJehova ‘uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.’ (Johane 17:3) Abantu abaningi babesicela ukuba sihlale phansi futhi sixoxe nabo. Abanye babesibuza, ‘Nizobuya nini nizosifundela iBhayibheli?’

“Emini, sathola indawo enomthunzi omnandi futhi salungela ukudla kwasemini. Odade ababili babepheke izinhlanzi ngobhazabhaza webhodwe. Lokhu kudla kwakwehla esiphundu! Njengoba sahlala isikhashana, sidla futhi sixoxa, sasibuye sishumayele nakubantu abadlulayo. Ngemva kwalokho, sawela umfula saya kolunye uhlangothi lwedolobha. Sakujabulela ukuxoxa nalaba bantu abanomoya omuhle ababehleli ngaphansi kwezihlahla eziseduze kwemizi yabo ekahle. Yeka indlela okwakujabulisa ngayo ukuzwa imisindo yezingane zidlala, abesifazane behlanza izingubo emfuleni nogogo begaya izinhlamvu zekhofi!

“Ngokushesha kwaba ihora lesine ezimpondweni, futhi iqembu lethu elijabule labuyela emuva ezimotweni ukuze siphindele eCabaret. Mina nomyeni wami salujabulela ngempela uhambo lwethu lokuqala lokuya eCasale, enabantu abanobungane nabangenisa izihambi.”

Kusukela oFakazi bokuqala abayizithunywa zevangeli bafika eHaiti ngo-1945, inani labamemezeli boMbuso kuleli zwe liye landa kancane kancane, kangangokuthi manje kunabamemezeli abangaba ngu-14 000, futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezingu-22 000. Umsebenzi wabo uye wathinta ukuphila kwabantu abangu-59 373 ababa khona eSikhumbuzweni ngo-March 2005 futhi baye bamemezela obala izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Cabanga ngezindlela eziningi umsebenzi woFakazi BakaJehova oye wathinta ngazo abantu.

Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngobuciko

Iningi labantu baseHaiti liyayithanda imibala egqamile. Lokhu kubonakala ezingutsheni zabo, endleleni abacaka ngayo izindlu zabo, ezivandeni zabo ezinezimbali ezimibalabala nasemidwebweni yabo.

Izindwangu ezidwetshwe ngendlela evamile endaweni ezaziwa ngokuthi iL’Art Haitien zichonywe emigwaqweni ekuyo yonke iPort-au-Prince. Kufika abantu abavela ezingxenyeni eziningi zomhlaba bezozithenga.

Imibala egqamile ayikho kuphela emidwebweni. Imigwaqo yasePort-au-Prince igcwele amabhasi athutha umphakathi abizwa ngokuthi ama-camion noma ama-tap-tap, apendwe ngokuningiliziwe ngemiklamo ecatshangelwayo. Ngokuvamile ungabona eminye yale midwebo, ethathelwe eBhayibhelini. Kuvamile ukubona imiBhalo noma iziqubulo ezinegama elithi Jehova kula mabhasi noma ukulibona kwezentengiselwano.

Ukushumayela Izindaba Ezinhle Esikoleni

OFakazi abasebasha eHaiti banamathuba amahle okusiza abafunda nabo ukuba baqonde iBhayibheli. Isibonelo salokhu umbiko olandelayo owenziwa intombazane enguFakazi eneminyaka engu-17 ubudala.

“Ngolunye usuku kweza engifunda naye ekilasini wangibuza ukuthi lisho ukuthini igama elithi ‘ubufebe.’ Njengoba ngangicabanga ukuthi uzidlisa satshanyana, angizange ngimnake. Kodwa lapho ebuza umfundi wesilisa umbuzo ofanayo, lonke ikilasi laqala ukuba nesithakazelo. Ngakho ngesonto elilandelayo, ngemva kokwenza ucwaningo ngale ndaba, ngabeka inkulumo ekilasini, ngichaza isizathu esenza ukuba oFakazi BakaJehova balwele ukuhlala behlanzekile ngokuziphatha, ngokomoya nangokwenyama.

“Abafundi babuza imibuzo eminingi futhi bazamukela nezimpendulo ezivela eBhayibhelini engangibatshela zona. Ngisho nothishanhloko, owayengabaza ekuqaleni, wabuza imibuzo eminingi futhi wangihlelela ukuba ngikhulume nakwamanye amakilasi. Ngababonisa incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, * futhi abaningi babonisa isithakazelo kuyo. Ngakusasa ngahambisela engifunda nabo esikoleni izincwadi ezingu-45. Abaningi basheshe baqeda ukufunda ezabo izincwadi, kanti abanye bafundelwa iBhayibheli oFakazi abahlala eduze nabo. Omunye umfundi ohlala ngakithi manje useba khona kuyo yonke imihlangano.”

Ukusebenzisa IsiCreole

Abantu nezwe kuhle futhi kuyathakazelisa, kuyafana nesiCreole saseHaiti, esihlanganisa amagama esiFulentshi nohlelo lolimi lwaseNtshonalanga Afrika. Lolu ulimi abaseHaiti abaluncela, ulimi abaluzwa ngaphakathi. Ngokuyinhloko oFakazi BakaJehova basebenzisa lolu limi lapho befeza inkonzo yabo, futhi kwenziwa amalungiselelo okuba kukhiqizwe izincwadi zeBhayibheli ezengeziwe ngesiCreole saseHaiti.

Ngo-1987 kwahunyushelwa incwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! olimini lwesiCreole saseHaiti, kamuva kwaba incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade kwabe sekulandela incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Lezi zincwadi ziye zabasiza kakhulu abafundi beBhayibheli abasha abafuna ukuqonda izimfundiso zeZwi likaNkulunkulu eziyisisekelo. INqabayokulinda yesiCreole saseHaiti yaqala ukunyatheliswa ngo-September 1, 2002. Zisasetshenziswa nezincwadi zesiFulentshi, nokho abaningi bathanda ukufunda izincwadi ngolimi lwabo.

Ukuyisa Izindaba Ezinhle Kwabasejele

Muva nje, oFakazi BakaJehova baye baqala ukuyisa izindaba ezinhle kwabesilisa nakwabesifazane abasemajele. OFakazi abenza lo msebenzi bayajabula ngokuthi bahambisa isigijimi senduduzo kulabo abasesimweni esidabukisa kakhulu. Isikhonzi esingumKristu siyabika:

“Ngenkathi siqala ukuvakashela elinye lamajele, kwalethwa iziboshwa ezingu-50 ekamelweni elikhulu ukuze zizosibona. Sasizibuza ukuthi zaziyosabela kanjani. Lapho sichaza ukuthi sasizozisiza ukuba ziqonde iBhayibheli, zonke zasamukela ngenjabulo. Sazinikeza incwajana yesiCreole ethi Apply Yourself to Reading and Writing nethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! futhi saqala izifundo zeBhayibheli ezingu-26. Eziyishumi zazingakwazi ukubhala nokufunda, kodwa zabonisa isithakazelo lapho sizibonisa indlela ezingasebenzisa ngayo izithombe ezikulezi zincwajana ukuze ziqonde amagama.”

Lapho lab’ oFakazi bebuyela, enye indoda yathi: “Ngiye ngayifunda ngiphindelela le ncwajana. Ngaso sonke isikhathi ngicabanga ngalokho ekushoyo, futhi bengilokhu ngikubheke ngabomvu ukuza kwenu.” Indoda eyaboshwa ngenxa yokuphanga ihlomile yathi ifuna ukushintsha, futhi yacela ukuba kuthunyelwe othile ukuba atadishe iBhayibheli nomkayo. Uyise wezingane ezimbili owayesejele wenza isicelo esifanayo ukuze umkakhe abone umehluko phakathi kwezinkolelo eziyiqiniso nezingamanga. Umfundisi wamaProthestani owayeboshelwe ukuphamba amalungu esonto isizumbulu semali wathi manje wayeselitholile iqiniso futhi uma esesiqedile isigwebo sakhe, wayeyosiza amalungu esonto lakhe ukuba abe oFakazi BakaJehova.

Esinye isiboshwa esasingenayo incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ngesiCreole, sakopisha yonke le ncwajana ngesandla siyithatha kwesinye isiboshwa futhi sayifunda saze sayazi yonke ngekhanda. Isiboshwa sesifazane saqala ukuhlanganyela nesasiboshwe nabo esitokisini lokho esasikufunda, siqhuba ngisho nezifundo zeBhayibheli. Isiboshwa sesilisa saqeda ukufunda leyo ncwajana, futhi saqhubekela encwadini Ulwazi, saqala ukushumayela kwezinye iziboshwa. Ngokushesha sabe sesiqhuba izifundo zeBhayibheli ezine.

UMercony * wayeke watadisha iBhayibheli futhi unezihlobo ezingoFakazi BakaJehova. Wakhuthaza ezinye iziboshwa ukuba zifunde izincwadi zeBhayibheli ayezilethelwa izihlobo zakhe. Uthi: “Lapho ngihambisela iziboshwa izincwadi, zingibiza ngoFakazi kaJehova. Ngiyazitshela ukuthi angiyena ngoba ngiyazi ukuthi kusho ukuthini ukuba uFakazi. Manje ngifuna ukuyithatha ngokungathí sina le ndaba, ngitadishe futhi ngibhapathizwe. Ukube ngahamba emkhondweni wabafowethu lapho ngisemncane, ngabe angizange ngibe lapha ejele.”

Esinye isiboshwa esasithola izincwadi kuMercony sathi kuFakazi owayesivakashele: “NgoMsombuluko odlule ungakafiki, ngangicindezelekile futhi ngase ngizozibulala. Kodwa ngemva kokuba sengifunde omagazini, ngathandaza kuNkulunkulu ngicela ukuba angithethelele ngenxa yezinto ezimbi engiye ngazenza futhi ngamcela ukuba angithumelele othile ozongibonisa indlela yeqiniso. Yeka indlela engajabula ngayo lapho ufika ngakusasa uzotadisha iBhayibheli neziboshwa! Ngingathanda ukuba ungifundise indlela engingamkhonza ngayo uJehova.”

Abaningi Bathola Izindaba Ezinhle Nge-Phaphama!

I-Phaphama! ka-November 8, 2000 yayikhuluma ngomsebenzi wabahlengikazi. Owesifazane othile wathola amakhophi angu-2 000, futhi wawahambisela abahlengikazi ababesemhlanganweni wokufunda ePort-au-Prince. I-Phaphama! ka-July 8, 2002 enesihloko esikhuluma ngamaphoyisa nomsebenzi wawo yasakazwa kabanzi emaphoyiseni asePort-au-Prince. Awujabulela kakhulu lo magazini, ngisho namanje asawujabulela, amanye amisa oFakazi emigwaqweni futhi acele amakhophi engeziwe alo magazini.

Muva nje isikhulu se-World Health Organization sahlela isimiso sokufundisa abantu ngengculaza. Samenyelwa ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova, lapho saboniswa khona ukwaziswa okwanyatheliswa kuyi-Phaphama! ngale ndaba. Kwasihlaba umxhwele ukubona izihloko ezixoxa ngendlela engcono kakhulu engokomBhalo yokuvikela ingculaza nendlela yokusiza asebengenwe yigciwane ukuba babhekane ngokuphumelelayo nesimo sabo. Saphawula ukuthi i-Phaphama! ihamba phambili ngokuba nokwaziswa ngale ndaba.

Yebo, oFakazi BakaJehova basakaza izindaba ezinhle zoMbuso ngezindlela eziningi eHaiti enhle, njengoba nje benza kwamanye amazwe angu-234 emhlabeni jikelele. Abaningi bayasabela kulesi sigijimi sethemba futhi bayasizwa ukuba bangahlali becabanga ngobunzima ababhekene nabo kodwa babheke phambili ezweni elisha, lapho bonke abakhulekela uNkulunkulu weqiniso, uJehova, beyojabulela khona ukuphila okuphelele futhi okungapheli.—IsAmbulo 21:4.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 20 Izincwadi ezikulesi sihloko zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 29 Igama lishintshiwe.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 9]

Background: ©Adalberto Rios Szalay/photodisc/age fotostock