Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe inyoka eyakhuluma no-Eva yayinezinyawo?

Njengoba kulotshwe kuGenesise 3:14, uJehova uNkulunkulu wakhuluma nenyoka eyayikhohlise u-Eva ensimini yase-Edene. UNkulunkulu wathi: “Ngenxa yokuthi wenzé le nto, ungoqalekisiweyo kuzo zonke izilwane ezifuywayo nakuzo zonke izilwane zasendle. Uyohamba ngesisu sakho udle uthuli zonke izinsuku zokuphila kwakho.” IBhayibheli alisho ngokuqondile ukuthi ekuqaleni isilwane esasetshenziswa ekulingeni u-Eva sasinezinyawo kodwa zasuswa. Nakuba indlela uGenesise 3:14 abekwe ngayo ingase yenze abanye bacabange kanjalo, akudingeki ukuba siphethe ngokuthi ngaphambi kwalesi siqalekiso izinyoka zazinezinyawo. Ngani?

Ngokuyinhloko, ngoba isidalwa uJehova ayesahlulela ngempela kwakunguSathane—isidalwa somoya esingabonakali esasebenzisa kabi leso silwane esiphansi. IBhayibheli libiza uSathane ngokuthi ‘uyise wamanga’ nangokuthi “inyoka yokuqala.” Zombili lezi zinkulumo zibonakala zibhekisela ekusebenziseni kukaSathane isilwane esibonakalayo, inyoka, njengomkhulumeli wakhe lapho eyenga u-Eva ukuba angawulaleli umyalo kaNkulunkulu.—Johane 8:44; IsAmbulo 20:2.

NguNkulunkulu owadala izinyoka, futhi kusobala ukuthi u-Adamu wayeziqambe igama ngaphambi kokuba uSathane asebenzise inyoka ekukhohliseni. Inyoka engacabangi eyakhuluma no-Eva yayingenacala. Yayingaqapheli ukuthi yayisetshenziswa uSathane, futhi yayingenakusiqonda isahlulelo sikaNkulunkulu ezonini ezingalalelanga.

Pho kungani uNkulunkulu akhuluma ngokuthotshiswa kwenyoka okungokoqobo? Isimo senyoka esingokwemvelo, ukuhamba ngesisu nokunyaluzisa ulimi sengathi ikhotha uthuli, sasisifanekisela kahle isimo sikaSathane ethotshisiwe. Nakuba ngaphambili ayejabulela ilungelo eliphakeme njengenye yezingelosi zikaNkulunkulu, wehliselwa esimweni esiphansi iBhayibheli elisibiza ngokuthi iThartharusi.—2 Petru 2:4.

Ngaphezu kwalokho, njengoba inyoka engokoqobo ingase ilimaze isithende somuntu, uSathane othotshisiwe ‘wayeyolimaza isithende senzalo’ kaNkulunkulu. (Genesise 3:15) Ingxenye eyinhloko yaleyo nzalo kwaba uJesu Kristu, owahlushwa amanxusa kaSathane isikhashana. Kodwa ekugcineni uKristu nabangane bakhe abavusiwe abangamaKristu agcotshiwe bayolichoboza unomphela ikhanda lenyoka engokomfanekiso. (Roma 16:20) Ngakho, ukuqalekisa kukaNkulunkulu inyoka engokoqobo kwakukufanekisela kahle ukuthotshiswa ‘kwenyoka yokuqala’ engabonakali, uSathane uDeveli, nokubhujiswa kwayo ekugcineni.