Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ulingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye?

Ingabe Ulingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye?

Ingabe Ulingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye?

‘PHONSANI zonke izinkathazo zenu phezu kukaNkulunkulu, ngoba uyanikhathalela.’ (1 Petru 5:7) Yeka isimemo esifudumele! UJehova uNkulunkulu uyabakhathalela abantu bakhe. Ngenxa yokuthi uyasivikela sizizwa silondekile.

Kufanele sihlakulele futhi sibonise isimo sengqondo esifanayo sokukhathalela abanye. Njengoba singaphelele, kudingeka siqaphele izingibe ezithile lapho sibonisa isithakazelo kwabanye. Ngaphambi kokuxoxa ngezinye zazo, ake sibone ezinye zezindlela uJehova anakekela ngazo abantu bakhe.

Efanekisa ngomalusi, umhubi uDavide wachaza ukukhathalela kukaNkulunkulu: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho. Ungilalisa emadlelweni anotshani; ungihola ngasezindaweni zokuphumula ezithola amanzi anele. Uqabula umphefumulo wami. . . . Ngisho noma ngihamba esigodini sethunzi elimnyama, angesabi lutho olubi, ngoba wena unami.”—IHubo 23:1-4.

Njengoba naye ayengumalusi, uDavide wayekwazi okuhilelekile ekunakekeleni umhlambi. Umalusi uvikela izimvu zakhe ezilwaneni eziyingozi, njengamabhubesi, izimpisi namabhere. Ugcina umhlambi uqoqene, acinge izimvu ezilahlekile, aphathe amawundlu akhathele, futhi anakekele ezigulayo nezilimele. Nsuku zonke uphuzisa umhlambi amanzi. Lokhu akusho ukuthi umalusi ulawula yonke into eyenziwa izimvu. Izimvu zinenkululeko kodwa zivikelwe.

UJehova ubanakekela ngaleyo ndlela abantu bakhe. Umphostoli uPetru wachaza: “Nilondwa ngamandla kaNkulunkulu.” Lapha, ukulondwa ngokwezwi nezwi kusho ukuhlala uqashelwe. (1 Petru 1:5) Ngenxa yokuthi uJehova usikhathalela ngempela, uhlale esiqaphile, ekulungele njalo ukusisiza noma nini lapho sicela usizo. Nokho, uJehova wasidala sinenkululeko yokuzikhethela, ngakho akangeneli kukho konke esikwenzayo nesikunqumayo. Singamlingisa kanjani uJehova kule ndaba?

Lingisa UNkulunkulu Ekunakekeleni Abantwana Bakho

“Abantwana bayifa elivela kuJehova.” Ngakho, abazali kufanele bavikele futhi banakekele abantwana babo. (IHubo 127:3) Lokhu kungase kusho ukukhuthaza abantwana ukuba baveze imizwa nemicabango yabo bese uyicabangela lapho usebenzelana nabo. Uma abazali bezama ukulawula yonke into eyenziwa abantwana babo, bezishaya indiva ngokuphelele izifiso zabo, kuyofana nomalusi ozama ukulawula izimvu zakhe ngokuzidonsa ngezintambo. Akekho umalusi ongelusa umhlambi wakhe ngaleyo ndlela; noJehova akasiphathi ngaleyo ndlela.

UMariko * uyavuma: “Kwaphela iminyaka ngilokhu ngitshela abantwana bami, ‘Yenzani lokhu,’ ‘Ningakwenzi lokhuya.’ Ngangikholelwa ukuthi lokho kwakuyisibopho sami njengomzali. Ngangingabancomi futhi ngingaxoxi nabo ngempela.” Nakuba indodakazi kaMariko yayixoxa isikhathi eside ocingweni nabangane bayo, izingxoxo zayo nonina zaziba mfushane. UMariko uyaqhubeka: “Ngabe sengiqaphela umahluko. Lapho ikhuluma nabangane bayo, indodakazi yami yayisebenzisa izinkulumo ezibonisa ukuqonda nozwela, ezinjengokuthi ‘Yebo, ngiyavuma’ noma ‘Ngizizwa ngendlela efanayo.’ Nami ngaqala ukusebenzisa izinkulumo ezifanayo ukuze ngiyenze ingitshele imizwa nemicabango yayo, futhi ngokushesha izingxoxo zethu zaba zinde futhi zajabulisa ngokwengeziwe.” Lokhu kugcizelela ukubaluleka kokukhulumisana okuhle, ngokuvamile okuhilela abantu ababili, hhayi oyedwa.

Abazali kudingeka benze abantwana babo baveze imizwa nemicabango yabo, futhi abantwana kudingeka baqonde ukuthi kungani ukukhathalela kwabazali babo kuyisivikelo. IBhayibheli liyala abantwana ukuba balalele abazali babo; bese lisho isizathu: “Ukuze kukuhambele kahle futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.” (Efesu 6:1, 3) Abantwana abaqiniseka kakhulu ngezinzuzo zokuzithoba bakuthola kulula ukulalela.

Ekunakekeleni Umhlambi KaJehova

Ukukhathalela kukaJehova kothando kuyabonakala ebandleni lobuKristu. Njengoba eyiNhloko yebandla, uJesu Kristu uqondisa abadala ukuba banakekele umhlambi wakhe. (Johane 21:15-17) Igama lesiGreki elithi umbonisi lihlobene nesenzo esisho “ukuqaphelisisa.” Egcizelela indlela lokhu okufanele kwenziwe ngayo, uPetru uyala abadala: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; futhi kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela; futhi kungabi ngokuzenza izingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu, kodwa ngokuba yizibonelo emhlambini.”—1 Petru 5:2, 3.

Yebo, umsebenzi wabadala uyafana nowabelusi. Abadala abangamaKristu kufanele banakekele abagulayo ngokomoya futhi babasize ukuze ukuphila kwabo kuvumelane nezimiso zokulunga. Abadala banomthwalo wemfanelo wokuhlela imisebenzi yebandla, benze amalungiselelo emihlangano, futhi balondoloze ukuhleleka ebandleni.—1 Korinte 14:33.

Nokho, amazwi kaPetru angenhla asiqaphelisa ingozi—yokuba abadala ‘bazenze izingqongqo phezu’ kwebandla. Enye indlela okungabonakala ngayo lokhu yilapho umdala enza imithetho engadingekile. Eshukunyiswa umuzwa onamandla wesibopho sokuvikela umhlambi, umdala angase eqise. Kwelinye ibandla ezweni laseMpumalanga, abadala bamisa imithetho yendlela yokubingelela abanye eHholo LoMbuso—enjengokuthi ubani okufanele akhulume kuqala—bekholelwa ukuthi ukusebenzisa le mithetho kwakuyokwenza ibandla libe nokuthula. Nakuba ngokungangabazeki babenezisusa ezinhle, ingabe labo badala babelingisa ukukhathalela kukaJehova abantu bakhe? Ngokuphawulekayo, isimo sengqondo somphostoli uPawulu sabonakala emazwini akhe: “Akukhona ukuthi singamakhosi phezu kokholo lwenu, kodwa siyizisebenzi ezikanye nani ukuze nijabule, ngoba nimi ngokholo lwenu.” (2 Korinte 1:24) UJehova uyabethemba abantu bakhe.

Ngaphezu kokugwema ukumisa imithetho engasekelwe emiBhalweni, abadala babonisa ukukhathalela okuqotho ngokungadaluli izindaba eziyimfihlo. Bahlale besikhumbula isixwayiso esivela kuNkulunkulu: “Ungayembuli imfihlo yomunye umuntu.”—IzAga 25:9.

Umphostoli uPawulu wafanisa ibandla lamaKristu agcotshiwe nomzimba womuntu: “UNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba . . . ukuze kungabikho ukuhlukana emzimbeni, kodwa ukuze amalungu awo anakekelane ngokufanayo.” (1 Korinte 12:12, 24-26) NgesiGreki, inkulumo ethi “anakekelane ngokufanayo” ngokwezwi nezwi isho ukuthi ‘kufanele akhathazeke ngelinye nelinye.’ Amalungu ebandla lobuKristu kufanele abe nesithakazelo esijulile komunye nomunye.—Filipi 2:4.

AmaKristu eqiniso angabonisa kanjani ukuthi ‘ayakhathazeka ngomunye nomunye’? Angakubonisa ukukhathalela kwawo amanye amalungu ebandla ngokuwathandazela nangokuwasiza ngokoqobo lawo adinga usizo. Lokhu kuyathelelana kwenze nabanye babe nezimfanelo ezinhle. Cabanga indlela uTadataka asizwa ngayo ngenxa yokukhathalelwa ngothando. Lapho ebhapathizwa eneminyaka engu-17 ubudala, kwakunguye yedwa kubo owayekhonza uJehova. Uyalandisa: “Kunomkhaya ebandleni owawuvame ukungimemela ukudla neminye imibuthano. Cishe njalo ekuseni lapho ngiya esikoleni ngangidlula emzini wawo ukuze sixoxe ngetekisi losuku langalelo langa. Ngangithola iseluleko sendlela yokubhekana nezinkinga esikoleni, futhi sithandaze ndawonye ngazo. Lo mkhaya wangifundisa umoya wokupha.” Manje uTadataka usebenzisa lokho akufunda ngokukhonza kwelinye lamahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova.

Umphostoli uPawulu waxwayisa ngogibe oluhlukile endabeni yokubonisa isithakazelo kwabanye. Wakhuluma ngabesifazane abathile abase “beyizinhlebi nogaxekile ezindabeni zabanye abantu, bekhuluma ngezinto okungafanele bakhulume ngazo.” (1 Thimothewu 5:13) Nakuba kufaneleka ukuba nesithakazelo kwabanye, kumelwe siqaphele ukuba singafiki ezingeni lokuzigaxa ezindabeni zabo. Isithakazelo eseqile kwabanye singabonakala ‘ngokukhuluma ngezinto okungafanele sikhulume ngazo,’ njengokugxeka.

Kuhle sikhumbule ukuthi amaKristu angase angenzi ngokufanayo endleleni asingatha ngayo izindaba zomuntu siqu, kulokho akhetha ukukudla nasohlotsheni lokuzilibazisa okwakhayo alukhethayo. Phakathi nemingcele yezimiso zeBhayibheli, umuntu ngamunye ukhululekile ukuba azinqumele azokwenza. UPawulu wayala amaKristu aseRoma: “Masingabe sisahlulelana. . . . Masiphishekele izinto ezibangela ukuthula nezinto ezakhayo komunye nomunye.” (Roma 14:13, 19) Ukukhathalelana kwethu okuqotho ebandleni kufanele kuboniswe ngokulungela ukusiza abanye, hhayi ngokuzigaxa ezindabeni zabo. Lapho sikhathalelana ngale ndlela, uthando nobunye kuyachuma emkhayeni nasebandleni.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 9 Amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 19]

Yenza ukuba abantwana bakho baveze imizwa nemicabango yabo ngokubancoma nangokubonisa ukuqonda nozwela