Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Senziwe Ngokumangalisayo’

‘Senziwe Ngokumangalisayo’

‘Senziwe Ngokumangalisayo’

“Ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo.”—IHUBO 139:14.

1. Kungani abantu abaningi abacabangayo bethi nguNkulunkulu owadala izimangaliso zomhlaba?

 UMHLABA ugcwele indalo emangalisayo. Yaba khona kanjani? Abanye bakholelwa ukuthi yaba khona ngaphandle koMdali ohlakaniphile. Abanye bakholelwa ukuthi ukumane senqabe uMdali kusinciphisela ithuba lokuyiqonda ngokugcwele imvelo. Bakholelwa ukuthi indalo esemhlabeni iyinkimbinkimbi kakhulu, ihlukahlukene kakhulu futhi cishe imangalisa kakhulu ukuba yayingamane izivelele. Kubantu abaningi, kuhlanganise nososayensi abathile, ubufakazi bubonisa ukuthi indawo yonke yenziwa uMenzi ohlakaniphile, onamandla nonomusa. *

2. Yini eyashukumisa uDavide ukuba adumise uJehova?

2 Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide nayo yayiqiniseka ukuthi uMenzi uyakufanelekela ukudunyiswa ngenxa yendalo yakhe emangalisayo. Nakuba uDavide aphila kudala ngaphambi kwenkathi yesayensi yanamuhla, waqonda ukuthi wayezungezwe izinto eziningi ezimangalisayo eziwubufakazi bomsebenzi kaNkulunkulu wokudala. Kwakudingeka nje uDavide acabange ngomzimba wakhe ukuze ikhono likaNkulunkulu elimangalisayo lokudala limhlabe umxhwele. Wabhala: “Ngizokudumisa ngoba ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo. Imisebenzi yakho iyamangalisa, njengoba nje umphefumulo wami ukuqaphela kahle.”—IHubo 139:14.

3, 4. Kungani kubalulekile ukuba ngamunye wethu acabange ngokujulile ngemisebenzi kaJehova?

3 Ukucabanga ngokujulile kukaDavide kwamsiza ukuba abe nalokhu kuqiniseka okukhulu. Namuhla, ezifundweni zasezikoleni, kuthelevishini nakumabhayisikobho kugcwele imibono ebulala ukholo mayelana nemvelaphi yomuntu. Ukuze sibe nokholo olunjengolukaDavide, kumelwe sicabange ngokujulile. Akufanele sivumele abanye basicabangele, ikakhulu ezindabeni ezibalulekile njengokuba khona koMdali nendima yakhe.

4 Ngaphezu kwalokho, ukucabanga ngemisebenzi kaJehova kukhulisa ukumazisa kwethu futhi kusenze siqiniseke ngezithembiso zakhe zekusasa. Lokho kungasishukumisela ukuba simazi nakangcono uJehova futhi simkhonze. Ngakho ake sicabange ngendlela isayensi yanamuhla eye yasiqinisekisa ngayo isiphetho sikaDavide sokuthi ‘senziwe ngokumangalisayo.’

Indlela Emangalisayo Esikhula Ngayo

5, 6. (a) Ukuphila kwethu sonke kwaqala kanjani? (b) Izinso zethu zenza muphi umsebenzi?

5 “Wena ngokwakho wenza izinso zami; wangigcina ngihenqelwe esiswini sikamama.” (IHubo 139:13) Yilowo nalowo kithi waqala ukuphila ngaphakathi kukanina eyingqamuzana elilodwa elincane kunongqi osekugcineni kwalo musho. Lelo ngqamuzana elincanyana laliyinkimbinkimbi kakhulu—lisakamelo elincane lokuthaka amakhemikhali! Lakhula ngokushesha. Lapho uhlanganisa izinyanga ezimbili usesibelethweni, izitho zakho eziyinhloko zase zakhekile. Ezinye zazo kwakuyizinso. Lapho uzalwa, izinso zakho zase zikulungele ukucwenga igazi lakho—zisusa ubuthi namanzi angadingeki zishiye izinto eziwusizo. Uma zombili ziphile kahle, izinso zakho zicwenga amanzi asegazini lakho—angaba amalitha amahlanu kumuntu omdala—njalo ngemizuzu engu-45!

6 Izinso zisiza nasekulawuleni isilinganiso samaminerali nese-asidi esegazini lakho kanye nomfutho walo. Zenza neminye imisebenzi eminingi ebalulekile, njengokuguqula uvithamini D abe uhlobo olusebenzisekayo oludingekayo ukuze amathambo akhule kahle, zisiza nasekukhiqizeni i-hormone okuthiwa i-erythropoietin, ekhuthaza amathambo ukuba akhiqize amangqamuzana abomvu egazi. Shono abanye beye babiza izinso ngokuthi “ongoti bamakhemikhali omzimba”! *

7, 8. (a) Chaza indlela umntwana ongakazalwa akhula ngayo. (b) Kungayiphi indlela umntwana okhulayo “elukwa ezingxenyeni eziphansi impela zomhlaba”?

7 “Amathambo ami ayengafihlekile kuwe lapho ngenziwa ekusithekeni, lapho ngelukwa ezingxenyeni eziphansi impela zomhlaba.” (IHubo 139:15) Ingqamuzana lokuqala lahlukana lakha amangqamuzana amasha nawo aqhubeka ehlukana. Kungakabiphi, amangqamuzana aqala ukuzihlukanisa, noma ukuzihlela, ngokwemisebenzi yawo aba amangqamuzana ezinzwa, awemisipha, awesikhumba, njalonjalo. Amangqamuzana ohlobo olufanayo aqoqana akha izicubu ayeseba izitho. Ngokwesibonelo, phakathi nesonto lesithathu kusukela ekuhlaleni kwesisu, waqala ukuba nohlaka lwamathambo. Lapho usunamasonto angu-7 futhi ucishe ube amasentimitha angu-2,5 kuphela ubude, wonke amathambo akho angu-206 ayesekhona, nakuba ayengakaqini.

8 Le nqubo yokukhula emangalisayo yenzeka ngaphakathi esibelethweni, ifihlekile kubantu njengokungathi kusezinzulwini zomhlaba. Ngempela, kuningi okungakaziwa mayelana nendlela esikhula ngayo. Ngokwesibonelo, yini eyatshela izakhi zofuzo ezifanele emangqamuzaneni akho ukuba ziqale inqubo yokuzihlukanisa kwamangqamuzana ngokwemisebenzi yawo? Mhlawumbe isayensi iyogcina ikutholile, kodwa njengoba uDavide aphawula evesini elilandelayo, uMenzi wethu—uJehova—ubelokhu ekuqonda ngokugcwele lokhu.

9, 10. Ukwakheka kwezitho zombungu ‘kulotshwe kanjani phansi encwadini’ kaNkulunkulu?

9 “Amehlo akho abona ngisho nombungu wami, futhi zonke izingxenye zawo zazilotshiwe phansi encwadini yakho, ngokuqondene nezinsuku ezabunjwa ngazo kodwa kwakungakabi bikho neyodwa phakathi kwazo.” (IHubo 139:16) Ingqamuzana lakho lokuqala lalinepulani eliphelele lawo wonke umzimba wakho. Leli pulani laqondisa ukukhula kwakho phakathi nezinyanga ezingu-9 usesibelethweni ungakazalwa naphakathi kweminyaka engaphezu kuka-20 elandelayo lapho ukhula. Phakathi nalesi sikhathi, umzimba wakho wadlula ezigabeni eziningi, zonke ziqondiswa ukwaziswa okwakufakwe kulelo ngqamuzana lokuqala.

10 UDavide wayengazi ngamangqamuzana nangezakhi zofuzo, engenaso ngisho nesibonakhulu. Kodwa wakuqonda ngokunembile ukuthi ukukhula komzimba wakhe kwakubonisa ukuthi kwakunohlelo oluthile olwaluhlelwe kusengaphambili. Kungenzeka ukuthi uDavide wayenolwazi oluthile ngendlela umbungu okhula ngayo, ngakho wayengacabanga ukuthi isinyathelo ngasinye esilandelayo kumelwe ukuba silandela umklamo nohlelo lwezikhathi oselukhona kakade. Ngolimi olusankondlo, wachaza lo mklamo ngokuthi ‘ulotshiwe phansi encwadini’ kaNkulunkulu.

11. Yini eyasenza sabukeka ngendlela esibukeka ngayo?

11 Namuhla, kuyaziwa ukuthi izici owazithola ngofuzo kubazali nakokhokho bakho—njengobude bakho, ukuma kobuso, umbala wamehlo nowezinwele nezinye izici eziningi—zanqunywa izakhi zakho zofuzo. Ingqamuzana lakho ngalinye linezakhi zofuzo ezingamashumi ezinkulungwane, futhi isakhi ngasinye siyingxenye yeketanga elide le-DNA (deoxyribonucleic acid). Iziyalezo zokwakha umzimba wakho ‘zilotshwe’ kuyi-DNA yakho. Isikhathi ngasinye lapho amangqamuzana akho ehlukana—ukuze kube namasha noma kwakheke amanye esikhundleni samadala—i-DNA yakho idlulisela lezo ziyalezo, kanjalo ikugcine uphila futhi ubukeka ngendlela efanayo. Yeka isibonelo esivelele samandla nokuhlakanipha koMenzi wethu osezulwini!

Ingqondo Yethu Eyingqayizivele

12. Yini ngokukhethekile eyenza abantu bahluke ezilwaneni?

12 “Ngakho, yeka indlela imicabango yakho eyigugu ngayo kimi! O Nkulunkulu, yeka ukuthi ingqikithi yayo iba ngakanani! Ukube bengingazama ukuyibala, miningi ngisho kunanezinhlayiya zesihlabathi.” (IHubo 139:17, 18a) Nezilwane zenziwe ngokumangalisayo, futhi ezinye zinezinzwa namakhono adlula awabantu. Kodwa uNkulunkulu wanikeza abantu amakhono engqondo awadlula kude awanoma isiphi isilwane. Enye incwadi yesayensi ithi: “Nakuba thina bantu sifana ngezindlela eziningi nezinye izinto eziphilayo, sihlukile kuzo ngekhono lokucabanga nelokusebenzisa ulimi. Sihlukile nangokuba nelukuluku elikhulu lokuzazi: Sakheke kanjani? Senziwa kanjani?” Lena imibuzo noDavide azindla ngayo.

13. (a) UDavide wayengazindla kanjani ngemicabango kaNkulunkulu? (b) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaDavide?

13 Okubaluleke kakhulu, sihlukile ngokuthi sinekhono lokucabanga ngemicabango kaNkulunkulu, ngokungafani nezilwane. * Lesi sipho esikhethekile singenye yezindlela ezibonisa ukuthi senziwe “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” (Genesise 1:27) UDavide wasisebenzisa kahle lesi sipho. Wazindla ngobufakazi bokuba khona kukaNkulunkulu nangezimfanelo ezinhle ezibonakala emhlabeni. UDavide wayenanezincwadi zokuqala zemiBhalo Engcwele uNkulunkulu ayezembule kuzo yena nemisebenzi yakhe. Le miBhalo ephefumulelwe yasiza uDavide ukuba aqonde imicabango, ubuntu nenjongo kaNkulunkulu. Ukuzindla ngemiBhalo, indalo nendlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo naye kwamshukumisela ukuba adumise uMenzi wakhe.

Lokho Okuhilelwa Ukholo

14. Kungani kungadingeki sazi yonke into ngoNkulunkulu ukuze sibe nokholo kuye?

14 Lapho uDavide ecabanga ngokwengeziwe ngendalo nangemiBhalo, wayeqaphela ngokwengeziwe ukuthi wayengenakuluqonda lonke ulwazi namandla kaNkulunkulu. (IHubo 139:6) Kunjalo nangathi. Asisoze saqonda konke ngemisebenzi kaNkulunkulu yendalo. (UmShumayeli 3:11; 8:17) Kodwa ngemiBhalo nangemvelo uNkulunkulu uye “wenza kwabonakala” ulwazi olwanele ukuze abafuna iqiniso abaphila kunoma iyiphi inkathi bakwazi ukuba nokholo olusekelwe ebufakazini obusobala.—Roma 1:19, 20; Hebheru 11:1, 3.

15. Fanekisa indlela ukholo oluhlobene ngayo nobuhlobo bethu noNkulunkulu.

15 Ukuba nokholo kuhilela okungaphezu nje kokuvuma ukuthi kumelwe ukuba ukuphila nendawo yonke kwadalwa oThile ohlakaniphile. Kuhilela ukuthembela kuJehova uNkulunkulu njengomuntu—umuntu ofuna simazi futhi sihlale sinobuhlobo obuhle naye. (Jakobe 4:8) Singase sicabange ngendlela umuntu amethemba ngayo uyise onothando. Uma umuntu othile ebengangabaza ukuthi uyihlo angakusiza ngempela esimweni esibucayi, ubungase ungakwazi ukumkholisa ukuthi uyihlo unokwethenjelwa. Nokho, uma ukusebenzelana kwakhe nawe iminyaka eminingi kukunikeza ubufakazi bokuthi uyihlo uyindoda elungile, ungaqiniseka ngokuthi ngeke akudumaze. Ngokufanayo, ukwazi uJehova ngokutadisha imiBhalo, ngokucabanga ngendalo nangokubona usizo lwakhe lapho ephendula imithandazo yethu kusishukumisela ukuba sithembele kuye. Kusenza sifune ukwazi okuningi nakakhulu ngaye nokumdumisa phakade ngenxa yokuthi sizinikele kuye futhi simthanda ngobuqotho. Leyo injongo ephakeme kakhulu umuntu angayiphishekela.—Efesu 5:1, 2.

Funa Isiqondiso SoMenzi Wethu!

16. Yini esingayifunda ebuhlotsheni obuseduze uDavide ayenabo noJehova?

16 “O Nkulunkulu ngihlolisise, wazi inhliziyo yami. Ngihlole, wazi imicabango yami engincisha ukuthula, ubone ukuthi ikhona yini indlela ebangela ubuhlungu kimi, ungihole ngendlela yaphakade.” (IHubo 139:23, 24) UDavide wayazi ukuthi kakade uJehova wayemazi kahle—uMenzi wakhe wayekubona konke ayekucabanga, ayekusho noma ayekwenza. (IHubo 139:1-12; Hebheru 4:13) Ukumazi kukaNkulunkulu ngale ndlela kwenza uDavide wazizwa elondekile, njengoba nje umntwana omncane ezizwa elondekile lapho egonwe abazali bakhe abanothando. UDavide wayebazisa lobu buhlobo obuseduze noJehova futhi wazikhandla ukuze abulondoloze ngokucabanga ngokujulile ngemisebenzi yaKhe nangokuthandaza kuYe. Eqinisweni, amahubo amaningi kaDavide—kuhlanganise neHubo 139—empeleni ayimithandazo ehambisana nomculo. Ngokufanayo, ukuzindla nokuthandaza kungasisiza ukuba sisondele kuJehova.

17. (a) Kungani uDavide ayefuna ukuba uJehova ahlole inhliziyo yakhe? (b) Indlela esisebenzisa ngayo inkululeko yethu yokuzikhethela ikuthonya kanjani ukuphila kwethu?

17 Njengoba senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, sinenkululeko yokuzikhethela. Singakhetha ukwenza okuhle noma okubi. Leyo nkululeko ihambisana nesibopho sokulandisa. UDavide wayengafuni ukubalwa phakathi kwababi. (IHubo 139:19-22) Wayefuna ukugwema ukwenza amaphutha angabangela ubuhlungu. Ngakho, lapho ecabanga ngolwazi lukaJehova olubanzi, ngokuthobeka uDavide wacela uNkulunkulu ukuba ahlole umuntu anguye ngaphakathi futhi amqondise endleleni eholela ekuphileni. Izindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha ezilungile zisebenza kuwo wonke umuntu; ngakho nathi kudingeka senze ukukhetha okuhle. Sonke uJehova usinxusa ukuba simlalele. Ngokwenza kanjalo sithola umusa wakhe nezinzuzo eziningi. (Johane 12:50; 1 Thimothewu 4:8) Ukuhamba noJehova nsuku zonke kusisiza ukuba sihlakulele ukuthula kwangaphakathi, ngisho noma sibhekene nezinkinga ezinkulu.—Filipi 4:6, 7.

Lingisa UMenzi Wethu Omangalisayo!

18. Yini uDavide aphetha ngayo lapho ecabanga ngendalo?

18 Esemusha, uDavide wayevamile ukuba ngaphandle, eluse imihlambi. Izimvu zazibheka phansi ziklabe, kodwa yena wayephakamisela amehlo akhe emazulwini. Ebusuku, uDavide wayecabanga ngobuhle bendawo yonke nalokho eyayikusho. Wabhala: “Amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu; umkhathi ulandisa ngomsebenzi wezandla zakhe. Usuku ngalunye lwenza ukuba inkulumo iphuphume, nobusuku ngabunye bubonisa ulwazi.” (IHubo 19:1, 2) UDavide wayeqonda ukuthi kudingeka afune Lowo owenza zonke izinto ngokumangalisa kangaka futhi amlingise. Nathi kudingeka senze okufanayo.

19. Iziphi izifundo abasha nabadala abangazifunda ‘ngokwenziwa kwabo ngokumangalisayo’?

19 UDavide waba isibonelo sokulalela iseluleko indodana yakhe uSolomoni eyasinika abasha kamuva: “Manje khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini zobunsizwa bakho . . . Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.” (UmShumayeli 12:1, 13) UDavide waqonda esemusha ukuthi ‘wayenziwe ngokumangalisayo.’ Ukuphila ngokuvumelana nalokho kuqonda kwamlethela izinzuzo ezinkulu kukho konke ukuphila kwakhe. Uma nathi, abasha nabadala, sidumisa futhi sikhonza uMdali wethu Omkhulu, ukuphila kwethu kwamanje nokuzayo kuyojabulisa. Labo abahlala besondelene noJehova futhi baphile ngezindlela zakhe zokulunga, iBhayibheli liyabathembisa: “Basayoqhubeka bechuma nasebumpungeni, bayohlala bekhuluphele bencwaba, ukuze balandise ukuthi uJehova uqotho.” (IHubo 92:14, 15) Siyoba nanethemba lokuyijabulela phakade imisebenzi emangalisayo yoMenzi wethu.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 1 Bheka i-Phaphama! ka-July 8, 2004, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 6 Bheka nesihloko esithi “Izinso Zakho—Izisefo Ezisekela Ukuphila,” kuyi-Phaphama! ka-August 8, 1997.

^ par. 13 Amazwi kaDavide akumaHubo 139:18b kubonakala esho ukuthi uma ayechitha usuku lonke ebala imicabango kaNkulunkulu aze azumeke ebusuku, lapho evuka ekuseni kwakuyobe kusasele eminye.

Ungachaza?

• Indlela umbungu okhula ngayo ibonisa kanjani ukuthi ‘senziwe ngokumangalisayo’?

• Kungani kufanele sizindle ngemicabango kaJehova?

• Ukholo luhlobene kanjani nobuhlobo bethu noJehova?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 23]

Ukukhula komntwana esibelethweni kulandela umklamo onqunywe kusengaphambili

I-DNA

[Umthombo]

Unborn fetus: Lennart Nilsson

[Isithombe ekhasini 24]

Njengabantwana abathemba uyise onothando, nathi siyamethemba uJehova

[Isithombe ekhasini 25]

Ukuzindla ngomsebenzi wezandla zikaJehova kwashukumisela uDavide ukuba amdumise