Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Ukwazisa Kakhulu Ukulalela Kwakho

UJehova Ukwazisa Kakhulu Ukulalela Kwakho

UJehova Ukwazisa Kakhulu Ukulalela Kwakho

“Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule.”—IZAGA 27:11.

1. Imuphi umoya ogcwele emphakathini wanamuhla?

 UMOYA wokuzibusa nokungalaleli ugcwele izwe lonke namuhla. Encwadini ayibhalela amaKristu ase-Efesu, umphostoli uPawulu uchaza isizathu salokho: “Nake nahamba . . . ngokwesimiso sezinto saleli zwe, ngokombusi wegunya lomoya, umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli.” (Efesu 2:1, 2) Yebo, uSathane uDeveli, ‘umbusi wegunya lomoya,’ kunjengokungathi uye wathelela lonke izwe ngomoya wokungalaleli. Yilokho ayekwenza ekhulwini lokuqala, futhi ubelokhu ekwenza ngisho nangokwengeziwe kusukela axoshwa ezulwini cishe ngesikhathi seMpi Yezwe I.—IsAmbulo 12:9.

2, 3. Sinaziphi izizathu zokulalela uJehova?

2 Nokho, njengamaKristu siyazi ukuthi uJehova uNkulunkulu uyakufanelekela ukuba simlalele ngokusuka enhliziyweni ngoba unguMdali wethu, uMsekeli wokuphila kwethu, iNkosi enothando noMkhululi wethu. (IHubo 148:5, 6; IzEnzo 4:24; Kolose 1:13; IsAmbulo 4:11) Ama-Israyeli osuku lukaMose ayazi ukuthi uJehova unguMniki-kuphila noMhlengi wawo. Ngakho-ke, uMose wawatshela: “Kumelwe niqaphele ukwenza njengoba nje uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile.” (Duteronomi 5:32) Yebo, uJehova wayekufanelekela ukulalelwa ama-Israyeli. Nokho, kungakabiphi aqala ukungayilaleli iNkosi yawo.

3 Kubaluleke kangakanani ukuba silalele uMdali wendawo yonke? UNkulunkulu wake watshela umprofethi uSamuweli ukuba atshele iNkosi uSawule: “Ukulalela kungcono kunomhlatshelo.” (1 Samuweli 15:22, 23) Kungani kunjalo?

Indlela ‘Ukulalela Okungcono Ngayo Kunomhlatshelo’

4. Singanika uJehova okuthile ngamuphi umqondo?

4 Kakade zonke izinto ezibonakalayo esinazo zingezikaJehova ngoba unguMdali. Uma kunjalo, kukhona yini esingamnika khona njengesipho? Yebo, singamnika okuthile okuyigugu kakhulu. Ini? Impendulo singayithola kulesi sikhuthazo esilandelayo: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.” (IzAga 27:11) Isipho esingasinika uNkulunkulu ukumlalela. Nakuba sinezizinda nezimo ezihlukahlukene, ngokulalela, ngamunye wethu angaphendula emangeni amabi ashiwo uSathane uDeveli okuthi abantu ngeke bahlale beqotho kuNkulunkulu lapho bebhekene nokulingwa. Yeka ilungelo!

5. Ukungalaleli kumthinta kanjani uMdali? Fanekisa.

5 UNkulunkulu unesithakazelo ezinqumweni esizenzayo. Ukungalaleli kwethu kuyamthinta. Kanjani? Uzwa ubuhlungu lapho umuntu enza ngobuwula. (IHubo 78:40, 41) Ake sithi umuntu onesifo sikashukela akazange anamathele ohlotsheni lokudla okunempilo abekuyaleziwe kodwa uye waqhubeka edla ukudla okungamlungele. Udokotela ozikhathalelayo iziguli zakhe ubengazizwa kanjani? Singaqiniseka ukuthi uJehova uzwa ubuhlungu lapho abantu bengamlaleli, ngoba uyayazi imiphumela yokungazinaki iziqondiso zokuphila azinikezayo.

6. Yini eyosisiza ukuba silalele uNkulunkulu?

6 Yini eyosisiza ngabanye ukuba silalele? Kuyafaneleka ukuba ngamunye wethu acele kuNkulunkulu “inhliziyo elalelayo,” njengoba kwenza iNkosi uSolomoni. Yacela inhliziyo enjalo ukuze ikwazi ‘ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi,’ kanjalo ikwazi ukwahlulela ama-Israyeli akubo. (1 AmaKhosi 3:9) Kudingeka sibe ‘nenhliziyo elalelayo’ ukuze sihlukanise phakathi kokuhle nokubi kuleli zwe eligcwele umoya wokungalaleli. Ukuze sikwazi ukuhlakulela “inhliziyo elalelayo” uNkulunkulu uye wasilungiselela iZwi lakhe, izinsiza-kutadisha zeBhayibheli, imihlangano yobuKristu nabadala bebandla abakhathalelayo. Ingabe siwasebenzisa ngokugcwele la malungiselelo othando?

7. Kungani uJehova ekwazisa kakhulu ukulalela kunemihlatshelo?

7 Kule ndaba, khumbula ukuthi esikhathini esidlule, uJehova wembulela abantu bakhe basendulo ukuthi ukulalela kwakubaluleke ngisho nangaphezu kwemihlatshelo yezilwane. (IzAga 21:3, 27; Hoseya 6:6; Mathewu 12:7) Kungani kwakunjalo, kanti nguye uJehova owayeyale abantu bakhe ukuba benze leyo mihlatshelo? Kakade, umuntu owenza umhlatshelo uwenza ngasiphi isisusa? Ingabe uwenzela ukujabulisa uNkulunkulu? Noma ingabe umane nje ugcina isiko elithile? Uma umkhulekeli efisa ngempela ukujabulisa uNkulunkulu, uyoqikelela ukuthi ulalela yonke imiyalo yakhe. UNkulunkulu akayidingi imihlatshelo yezilwane, kodwa into eyigugu esingamnika yona ukumlalela.

Isibonelo Esiyisixwayiso

8. Kungani uNkulunkulu ayilahla iNkosi uSawule?

8 Ukulandisa kweBhayibheli okukhuluma ngeNkosi uSawule kugcizelela ukubaluleka kokulalela. Ekuqaleni uSawule wayengumbusi othobekile nonesizotha, ‘emncane emehlweni akhe.’ Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ukuqhosha nokucabanga okusontekile kwaqala ukulawula izinqumo zakhe. (1 Samuweli 10:21, 22; 15:17) Ngesinye isikhathi, uSawule wayezokulwa namaFilisti. USamuweli watshela le nkosi ukuba imlinde ukuba afike enzele uJehova imihlatshelo futhi ayinikeze nezinye iziqondiso. Nokho, uSamuweli akasheshanga ukufika, futhi abantu baqala ukuhlakazeka. Ebona lokho, uSawule “wanikela umhlatshelo wokushiswa.” Lokhu akumjabulisanga uJehova. Lapho ekugcineni uSamuweli efika, le nkosi yathethelela ukungalaleli kwayo ngezaba zokuthi ngukwephuza ukufika kukaSamuweli okwayenza ‘yazicindezela,’ yanikela umhlatshelo wokushiswa ukuze ithole umusa kaJehova. Ngokubona kweNkosi uSawule, ukwenza lowo mhlatshelo kwakubaluleke ngaphezu kokulalela isiqondiso eyayisitholile sokulinda uSamuweli ukuba azowenza. USamuweli wayitshela: “Wenzé ngobuwula. Awuwugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyale ngawo.” Ukungalaleli kukaSawule uJehova kwamlahlekisela ubukhosi.—1 Samuweli 10:8; 13:5-13.

9. USawule wabonisa kanjani ukuthi wayesekwenza umkhuba ukungamlaleli uNkulunkulu?

9 Ingabe le nkosi yasifunda isifundo kulesi senzakalo? Cha! Kamuva, uJehova wayala uSawule ukuba aqothule isizwe sama-Amaleki, ngaphambili esasihlasele u-Israyeli engasenzanga lutho. USawule kwakungafanele ashiye ngisho nemfuyo yaso. Walalela ‘ngokubulala u-Amaleki kusukela eHavila kuze kufike eShuri.’ Lapho uSamuweli eyihlangabeza, le nkosi yayijabule ngokuthi yayinqobile futhi yathi: “Ubusisiwe wena nguJehova. Ngilifezile izwi likaJehova.” Nokho, uSawule nabantu bakhe abazilalelanga iziyalezo ezicacile ababezinikiwe ngoba abayibulalanga iNkosi u-Agagi ‘nokuhle kunakho konke komhlambi wezimvu nezimbuzi nomhlambi wezinkomo nokukhulupheleyo nezinqama nakho konke okwakukuhle.’ INkosi uSawule yabeka izaba zokungalaleli kwayo yathi: “Abantu babe nobubele kokuhle kunakho konke komhlambi wezimvu nezimbuzi nokomhlambi wezinkomo, ngenjongo yokwenza umhlatshelo oya kuJehova uNkulunkulu wakho.”—1 Samuweli 15:1-15.

10. Isiphi isifundo uSawule angasifundanga?

10 Ephendula, uSamuweli wathi kuSawule: “Ingabe uJehova ujabulela iminikelo yokushiswa nemihlatshelo kunokulalelwa kwezwi likaJehova? Bheka! Ukulalela kungcono kunomhlatshelo, ukunaka kungcono kunamanoni ezinqama.” (1 Samuweli 15:22) Njengoba uJehova ayenqume ukuthi lezo zilwane kwakufanele zibulawe, zazingamukeleki ukuba zenziwe imihlatshelo.

Lalela Ezintweni Zonke

11, 12. (a) UJehova uyibheka kanjani imizamo yethu yokumjabulisa lapho simkhulekela? (b) Umuntu angazikhohlisa kanjani ngokucabanga ukuthi wenza intando kaNkulunkulu kuyilapho empeleni engamlaleli?

11 Yeka indlela uJehova ajabula ngayo lapho ebona izinceku zakhe eziqotho ziqhubeka zigxilile naphezu kokushushiswa, zimemezela uMbuso naphezu kokunganaki kwabantu futhi ziba khona emihlanganweni yobuKristu naphezu kwezingcindezi zomsebenzi wokuziphilisa! Ukulalela kwethu kulezi zici ezibalulekile zokuphila kwethu okungokomoya kujabulisa inhliziyo yakhe! Imizamo yethu yokukhulekela uJehova iyigugu kuye lapho ishukunyiswa uthando. Abantu bangase bangakunaki ukuzikhandla kwethu, kodwa uNkulunkulu uyayiqaphela iminikelo yethu esuka enhliziyweni futhi akayikhohlwa.—Mathewu 6:4.

12 Nokho, ukuze simjabulise ngokugcwele uNkulunkulu wethu, kumelwe simlalele kuzo zonke izici zokuphila kwethu. Akumelwe nanini sizikhohlise ngokucabanga ukuthi singachezuka ezimfunekweni zikaNkulunkulu uma nje simkhulekela kwezinye izici zokuphila. Ngokwesibonelo, umuntu angase azikhohlise ngokucabanga ukuthi uma egcina icala ahlanganyele ezicini ezithile zenkonzo, angaziphatha kabi noma enze obunye ububi obukhulu angatholi sijeziso. Yeka iphutha lokho okungaba yilo!—Galathiya 6:7, 8.

13. Ukulalela kwethu uJehova kungavivinywa kanjani lapho sisodwa?

13 Ngakho singazibuza, ‘Ingabe ngiyamlalela uJehova ezintweni engizenza nsuku zonke, nakulezo ezibonakala ziyindaba yomuntu siqu?’ UJesu wathi: “Umuntu othembekile kokuncane kakhulu uthembekile nakokukhulu, nomuntu ongalungile kokuncane kakhulu akalungile nakokukhulu.” (Luka 16:10) Ingabe ‘sihambahamba ngobuqotho benhliziyo yethu’ ngisho ‘nangaphakathi ezindlini zethu,’ lapho abantu bengasiboni khona? (IHubo 101:2) Yebo, lapho sisezindlini zethu, ubuqotho bethu bungase buvivinywe. Emazweni amaningi lapho kuvamile ukuba ne-computer ekhaya, izithombe ezingcolile zitholakala ngokuchofoza izinkinobho ezimbalwa nje. Eminyakeni embalwa edlule, umuntu wayengenakuzibona lezo zithombe ngaphandle kokuya ezindaweni zokuzijabulisa okuveza ukuziphatha okubi. Ingabe siyowalalela amazwi kaJesu athi: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe”? Yebo, ingabe siyokwenqaba ngisho nokuvumela ukuba amehlo ethu ahlale ezithombeni ezibonisa ukuziphatha okubi? (Mathewu 5:28; Jobe 31:1, 9, 10; IHubo 119:37; IzAga 6:24, 25; Efesu 5:3-5) Kuthiwani ngezinhlelo ze-TV ezinobudlova? Ingabe sifana noNkulunkulu wethu omphefumulo wakhe ‘ngokuqinisekile uyamzonda umuntu othanda ubudlova.’ (IHubo 11:5) Noma kuthiwani ngokuphuza utshwala ngokweqile lapho sisodwa? IBhayibheli liyakulahla ukudakwa, kodwa libuye lixwayise amaKristu ukuba angabi izigqila “zewayini eliningi.”—Thithu 2:3; Luka 21:34, 35; 1 Thimothewu 3:3.

14. Iziphi ezinye zezindlela esibonisa ngazo ukulalela kwethu uNkulunkulu ezindabeni zemali?

14 Esinye isici okudingeka siqaphe kuso kusezindabeni zemali. Ngokwesibonelo, singazifaka yini ezinhlelweni zomaceba-ngelanga ezicishe zibe ukukhwabanisa? Ingabe silingeka ukusebenzisa izindlela ezingekho emthethweni ukuze sigweme ukukhokha izintela? Noma, ingabe siwulalela ngokwethembeka umyalo wokuba ‘sinike bonke okubafaneleyo, lowo ofuna intela, intela’?—Roma 13:7.

Ukulalela Okushukunyiswa Uthando

15. Kungani ulalela imiyalo kaJehova?

15 Ukulalela imiyalo kaNkulunkulu kuletha izibusiso. Ngokwesibonelo, singagwema izifo ezithile ngokungabhemi, ngokuziphatha kahle nangokuhlonipha ubungcwele begazi. Ngaphezu kwalokho, ukuphila ngokuvumelana neqiniso leBhayibheli nakwezinye izici zokuphila kungasizuzisa kwezezimali, ebuhlotsheni bethu nabanye nasekuphileni kwethu kwasekhaya. (Isaya 48:17) Noma iziphi izinzuzo ezingokoqobo njengalezi zingabhekwa kufanele njengezibusiso ezifakazela ukuthi imithetho kaNkulunkulu iwusizo. Noma kunjalo, isizathu esiyinhloko sokulalela uJehova ukuthi siyamthanda. Asikhonzi uNkulunkulu ngenxa yezizathu zobugovu. (Jobe 1:9-11; 2:4, 5) UNkulunkulu wasinika inkululeko yokukhetha ukulalela noma ubani esifuna ukumlalela. Sikhetha ukulalela uJehova ngenxa yokuthi sifuna ukumjabulisa nangenxa yokuthi sifuna ukwenza okulungile.—Roma 6:16, 17; 1 Johane 5:3.

16, 17. (a) UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayelalela uNkulunkulu ngoba emthanda ngokusuka enhliziyweni? (b) Singamlingisa kanjani uJesu?

16 UJesu wabeka isibonelo esiphelele sokulalela uJehova ngoba emthanda ngokusuka enhliziyweni. (Johane 8:28, 29) Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu “wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo.” (Hebheru 5:8, 9) Kanjani? “Wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni esigxotsheni sokuhlushwa.” (Filipi 2:7, 8) Nakuba uJesu ayekade elalela ezulwini, ukulalela kwakhe kwavivinywa ngokwengeziwe emhlabeni. Singaqiniseka ukuthi uJesu ufaneleka ngokugcwele ukuba umPristi Ophakeme wabafowabo abangokomoya nabanye abakholwayo esintwini.—Hebheru 4:15; 1 Johane 2:1, 2.

17 Kuthiwani ngathi? Singamlingisa uJesu ngokulalela senze intando kaNkulunkulu ize kuqala. (1 Petru 2:21) Singathola ukwaneliseka lapho uthando lwethu ngoNkulunkulu lusishukumisela ukuba senze lokho asiyala ukuba sikwenze ngisho nalapho sicindezelwa noma silingelwa ukwenza okuhlukile. (Roma 7:18-20) Lokhu kuhlanganisa ukuzimisela ukulalela iziqondiso zabaholayo ekukhulekeleni kweqiniso nakuba bengaphelele. (Hebheru 13:17) Ukulalela kwethu imiyalo kaNkulunkulu ekuphileni kwethu kwangasese kuyigugu emehlweni akhe.

18, 19. Ukulalela kwethu uNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni kunamiphi imiphumela?

18 Namuhla, ukulalela kwethu uJehova kungase kuhilele ukukhuthazelela ukushushiswa ukuze sigcine ubuqotho bethu. (IzEnzo 5:29) Futhi ukulalela kwethu umyalo kaJehova wokushumayela nokufundisa kudinga ukuba sikhuthazele kuze kube sekupheleni kwalesi simiso sezinto. (Mathewu 24:13, 14; 28:19, 20) Kudingeka sikhuthazele ukuze siqhubeke sihlangana nabafowethu ngisho noma sisindwa izingcindezi zaleli zwe. UNkulunkulu wethu onothando uyibona yonke imizamo yethu yokumlalela kulezi zici. Nokho, ukuze silalele ngokugcwele, kudingeka silwe nenyama yethu enesono futhi sibalekele okubi kuyilapho sihlakulela ukuthanda okuhle.—Roma 12:9.

19 Lapho sikhonza uJehova ngoba simthanda nangenhliziyo enokwazisa, ‘uba kithi umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.’ (Hebheru 11:6) Imihlatshelo efanelekayo iyadingeka futhi iyathandeka, kodwa into ejabulisa uJehova kakhulu ukumlalela ngokugcwele ngoba simthanda.—IzAga 3:1, 2.

Ungaphendula Kanjani?

• Kungani singase sithi sinokuthile esingakunika uJehova?

• Imaphi amaphutha enziwa uSawule?

• Ungabonisa kanjani ukuthi uyakholelwa ukuthi ukulalela kungcono kunomhlatshelo?

• Yini ekushukumisela ukuba ulalele uJehova?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 26]

Udokotela okhathalelayo angazizwa kanjani ngesiguli esingazinakanga iziyalezo zakhe?

[Isithombe ekhasini 28]

Kungani uJehova engajabulanga ngeNkosi uSawule?

[Isithombe ekhasini 30]

Ingabe uyayilalela imiyalo kaNkulunkulu lapho uwedwa ekhaya?