Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe ‘Uyoqhubeka Uhamba Ngomoya’?

Ingabe ‘Uyoqhubeka Uhamba Ngomoya’?

Ingabe ‘Uyoqhubeka Uhamba Ngomoya’?

“Qhubekani nihamba ngomoya khona-ke ngeke neze nifeze isifiso senyama.”—GALATHIYA 5:16.

1. Ukukhathazeka ngokona umoya kungaqedwa kanjani?

 IKHONA indlela yokuqeda ukukhathazeka ngokona umoya ongcwele kaJehova. Iwukwenza lokho okwashiwo umphostoli uPawulu: “Qhubekani nihamba ngomoya khona-ke ngeke neze nifeze isifiso senyama.” (Galathiya 5:16) Uma sivumela umoya kaNkulunkulu usiqondise, ngeke sinqotshwe izifiso zenyama ezingafanele.—Roma 8:2-10.

2, 3. Ukuqhubeka sihamba ngomoya kuyosithinta kanjani?

2 Njengoba ‘siqhubeka sihamba ngomoya,’ amandla kaNkulunkulu asebenzayo ayosishukumisela ukuba silalele uJehova. Siyobonisa izimfanelo zikaNkulunkulu enkonzweni yethu, ebandleni, ekhaya nakwezinye izindawo. Izithelo zomoya ziyobonakala endleleni esisebenzelana ngayo nabangane bethu bomshado, izingane zethu, esikholwa nabo kanye nabanye.

3 Ukuphila “ngokomoya ngokombono kaNkulunkulu” kusenza sikwazi ukugwema isono. (1 Petru 4:1-6) Uma siqondiswa umoya, ngokuqinisekile ngeke sisenze isono esingenakuthethelelwa. Kodwa iziphi ezinye izinzuzo esiyozithola uma siqhubeka sihamba ngomoya?

Hlalani Niseduze KukaNkulunkulu NoKristu

4, 5. Ukuhamba ngomoya kuwuthinta kanjani umbono wethu ngoJesu?

4 Ngenxa yokuthi sihamba ngomoya ongcwele, siyakwazi ukulondoloza ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu neNdodana yakhe. Ebhala ngezipho ezingokomoya, uPawulu watshela akholwa nabo eKorinte: “Ngithanda ukuba [nina enanikhulekela izithombe] nazi ukuthi akekho umuntu ongathi ekhuluma ngomoya kaNkulunkulu athi: ‘UJesu uqalekisiwe!’ futhi akekho umuntu ongathi: ‘UJesu uyiNkosi!’ kungengomoya ongcwele.” (1 Korinte 12:1-3) Noma imuphi umoya oshukumisela abantu ukuba baqalekise uJesu kumelwe ukuba uvela kuSathane uDeveli. Nokho, njengamaKristu ahamba ngomoya ongcwele siyaqiniseka ukuthi uJehova wamvusa uJesu kwabafileyo futhi wamphakamisa ngaphezu kwayo yonke enye indalo. (Filipi 2:5-11) Sinokholo emhlatshelweni kaKristu wesihlengo futhi simamukela njengeNkosi yethu ebekwe uNkulunkulu.

5 AmaKristu athile okuzisholo ekhulu lokuqala C.E. ayephika ukuthi uJesu weza enyameni. (2 Johane 7-11) Ukwamukela lowo mbono ongamanga kwabangela abanye ukuba baphike izimfundiso eziyiqiniso ngoJesu, uMesiya. (Marku 1:9-11; Johane 1:1, 14) Ukuhamba ngomoya ongcwele kusisiza ukuba sigweme lokho kuhlubuka. Kodwa ukuhlala siqaphile ngokomoya yikhona kuphela okuyosisiza ukuba siqhubeke sithola umusa kaJehova ongafanelwe futhi ‘siqhubeke sihamba eqinisweni.’ (3 Johane 3, 4) Ngakho-ke, masizimisele ukwenqaba konke ukuhlubuka ukuze sikwazi ukulondoloza ubuhlobo obuqinile noBaba wethu osezulwini.

6. Iziphi izimfanelo ezivezwa umoya kaNkulunkulu kulabo abahamba ngomoya?

6 UPawulu wabala ukukhonza izithombe kwezihlubuki namahlelo phakathi ‘kwemisebenzi yenyama’ enjengobufebe nokuziphatha okubi. Kodwa wachaza: “Labo abangabakaKristu Jesu babethelé inyama kanye nezinkanuko nezifiso zayo. Uma siphila ngomoya, masiqhubeke futhi sihamba ngokuhlelekile ngomoya.” (Galathiya 5:19-21, 24, 25) Iziphi izimfanelo ezivezwa amandla kaNkulunkulu asebenzayo kulabo abaphila futhi bahambe ngomoya? UPawulu wabhala: “Izithelo zomoya ziluthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.” (Galathiya 5:22, 23) Ake sihlole lezi zici zezithelo zomoya.

‘Thandanani’

7. Luyini uthando, futhi iziphi ezinye zezici zalo?

7 Uthando—esinye sezithelo zomoya—ngokuvamile luhilela ukusondelana nabanye ngokomzwelo nokubakhathalela ngokungenabugovu. ImiBhalo ithi “uNkulunkulu uluthando” ngoba uyisibonelo esiphelele saleyo mfanelo. Uthando olukhulu lukaNkulunkulu neNdodana yakhe ngesintu lubonakala emhlatshelweni kaJesu Kristu wesihlengo. (1 Johane 4:8; Johane 3:16; 15:13; Roma 5:8) Njengabalandeli bakaJesu, sibonakala ngokuthandana. (Johane 13:34, 35) Empeleni, sinikwe umyalo wokuba “sithandane.” (1 Johane 3:23) UPawulu uthi uthando luyabekezela futhi lunomusa. Alunamhawu, aluzigabisi, aluziphathi ngokuhlazisayo noma luzifunele izinzuzo zalo siqu. Uthando alucasuki futhi alunamagqubu. Lujabulela iqiniso, hhayi ukungalungi. Uthando lubekezelela, lukholelwe, luthembe futhi lukhuthazelele zonke izinto. Ngaphezu kwalokho, alusoze lwaphela nanini.—1 Korinte 13:4-8.

8. Kungani kufanele sibonise uthando ngabanye abakhulekeli bakaJehova?

8 Uma sivumela umoya kaNkulunkulu ukuba uveze uthando kithi, leyo mfanelo iyoba khona ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu nomakhelwane. (Mathewu 22:37-39) Umphostoli uJohane wabhala: “Lowo ongenalo uthando uhlala esekufeni. Wonke umuntu ozonda umfowabo ungumbulali, futhi niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.” (1 Johane 3:14, 15) Umbulali wayengaphephela emzini wesiphephelo wakwa-Israyeli uma nje ayengamzondi umuntu ambulele. (Duteronomi 19:4, 11-13) Uma siholwa umoya ongcwele, siyobonisa uthando ngoNkulunkulu, ngesikholwa nabo nangabanye abantu.

“Injabulo KaJehova Iyisiphephelo Senu”

9, 10. Iyini injabulo, futhi iziphi ezinye zezizathu zokujabula?

9 Injabulo iyisimo sentokozo enkulu. UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11; IHubo 104:31) INdodana iyakujabulela ukwenza intando kaYise. (IHubo 40:8; Hebheru 10:7-9) Futhi “injabulo kaJehova iyisiphephelo [sethu].”—Nehemiya 8:10.

10 Injabulo evela kuNkulunkulu isenza saneliseke ngokujulile lapho senza intando yakhe ngisho nalapho sisebunzimeni, sisosizini, noma sishushiswa. Yeka injabulo esiyithola ngokuba ‘nolwazi ngoNkulunkulu’! (IzAga 2:1-5) Ubuhlobo obujabulisayo esinabo noNkulunkulu busekelwe olwazini olunembile, nasokholweni esinalo kuye nasemhlatshelweni kaJesu wesihlengo. (1 Johane 2:1, 2) Okunye okusinika injabulo ukuba yingxenye yobuzalwane beqiniso obungukuphela kwabo obuhlanganisa izizwe ezihlukahlukene. (Zefaniya 3:9; Hagayi 2:7) Ithemba lethu loMbuso nelungelo elikhulu lokumemezela izindaba ezinhle kusenza sijabule. (Mathewu 6:9, 10; 24:14) Kunjalo nangethemba lokuphila phakade. (Johane 17:3) Njengoba sinethemba elihle kangaka, kufanele ‘sijabule nje kuphela.’—Duteronomi 16:15.

Yiba Nokuthula Futhi Ubekezele

11, 12. (a) Ungakuchaza kanjani ukuthula? (b) Ukuthula kukaNkulunkulu kunamuphi umphumela kithi?

11 Ukuthula—esinye sezithelo zomoya—yisimo sokuzola nokungakhathazeki. UBaba wethu osezulwini unguNkulunkulu wokuthula, futhi sinikezwa lesi siqinisekiso: “UJehova uyobusisa abantu bakhe ngokuthula.” (IHubo 29:11; 1 Korinte 14:33) UJesu watshela abafundi bakhe: “Nginishiyela ukuthula, ngininika ukuthula kwami.” (Johane 14:27) Lokho kwakuyobasiza kanjani abalandeli bakhe?

12 Ukuthula uJesu akunika abafundi bakhe kwazolisa izinhliziyo nezingqondo zabo, kwanciphisa nokukhathazeka kwabo. Baba nokuthula ikakhulu lapho bethola umoya ongcwele ababewuthenjisiwe. (Johane 14:26) Njengoba siqondiswa yilowo moya futhi kuphendulwa imithandazo yethu namuhla, sijabulela “ukuthula kukaNkulunkulu” okungenakuqhathaniswa, okuletha ukuthula ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu. (Filipi 4:6, 7) Ngaphezu kwalokho, umoya kaJehova usisiza ukuba sizole futhi sibe nokuthula nesikholwa nabo kanye nabanye.—Roma 12:18; 1 Thesalonika 5:13.

13, 14. Kuyini ukubekezela, futhi kungani kufanele sikubonise?

13 Ukubekezela kuhlobene nokuba nokuthula, ngoba kuwukubekezela ngesineke lapho sicasulwa noma soniwa, sinethemba lokuthi isimo sizoba ngcono. UNkulunkulu uyabekezela. (Roma 9:22-24) NoJesu uyayibonisa le mfanelo. Nathi singazuza kuyo, ngoba uPawulu wabhala: “Isizathu sokuba ngiboniswe isihe sasiwukuba uKristu Jesu angisebenzise njengesibonelo esiphambili, ekuboniseni konke ukubekezela kwakhe njengesiboniso kulabo abayoba nokholo kuye ukuze bathole ukuphila okuphakade.”—1 Thimothewu 1:16.

14 Imfanelo yokubekezela isisiza ukuba sikhuthazele lapho abanye besho noma benza izinto ezingenamusa noma ezingabonisi ukucabangela. UPawulu wanxusa amaKristu akanye nawo: “Nibabekezelele bonke.” (1 Thesalonika 5:14) Njengoba sonke singaphelele futhi senza amaphutha, ngokuqinisekile sifuna abantu basibekezelele lapho senza amaphutha ekusebenzelaneni kwethu nabo. Ngakho-ke, masilwele ukuba “ababekezela ngenjabulo.”—Kolose 1:9-12.

Bonisa Umusa Nobuhle

15. Chaza umusa, usho nezibonelo zawo.

15 Umusa siwubonisa ngokuba nesithakazelo kwabanye ngamazwi nangezenzo zobungane nezokusiza. UJehova unomusa, ngokufanayo neNdodana yakhe. (Roma 2:4; 2 Korinte 10:1) Izinceku zikaNkulunkulu noKristu kulindeleke ukuba zibe nomusa. (Mika 6:8; Kolose 3:12) Ngisho nabathile abangenabo ubuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu baye babonisa “umusa wobuntu ongaphezu kovamile.” (IzEnzo 27:3; 28:2) Ngokuqinisekile-ke, singawubonisa umusa uma ‘siqhubeka sihamba ngomoya.’

16. Iziphi ezinye zezimo okufanele zisishukumisele ukuba sibonise umusa?

16 Umusa ungaboniswa ngisho nalapho sithukuthele ngesizathu esifanele ngenxa yamazwi ahlabayo noma izenzo zokungacabangeli zomunye umuntu. UPawulu wathi: “Thukuthelani, kodwa ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka, futhi ningamniki uDeveli indawo. . . . Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.” (Efesu 4:26, 27, 32) Kufaneleka ngokukhethekile ukubonisa umusa kulabo ababhekene nokulingwa. Yebo, umdala ongumKristu uyobe engabonisi umusa uma egwema ukunikeza iseluleko esingokomBhalo ngoba nje engafuni ukuphatha kabi umuntu okusobala ukuthi usengozini yokushiya inkambo ‘yobuhle nokulunga neqiniso.’—Efesu 5:9.

17, 18. Ubuhle buchazwa kanjani, futhi le mfanelo kufanele ifeze yiphi indima ekuphileni kwethu?

17 Ubuhle busho ukuziphatha okusezingeni eliphezulu, noma imfanelo noma isimo sokuba nobuntu obuhle. UNkulunkulu muhle ngomqondo ophelele. (IHubo 25:8; Zakariya 9:17) UJesu muhle futhi unemfanelo yokuziphatha okusezingeni eliphezulu. Nokho, akazange asamukele isiqu esithi “Omuhle” lapho ebizwa ngokuthi “Mfundisi Omuhle.” (Marku 10:17, 18) Ngokusobala lokhu kwakungenxa yokuthi wayebheka uNkulunkulu njengoyisibonelo esivelele sobuhle.

18 Ngenxa yesono esiwufuzo, ikhono lethu lokwenza okuhle liyathiyeka. (Roma 5:12) Nokho, singayibonisa le mfanelo uma sithandazela ukuba uNkulunkulu ‘asifundise ubuhle.’ (IHubo 119:66) UPawulu watshela amakholwa aseRoma: “Nami ngokwami ngikholisekile ngani, bazalwane, ukuthi nani ngokwenu nigcwele ubuhle, njengoba niye nagcwaliswa ngolwazi lonke.” (Roma 15:14) Umbonisi ongumKristu kumelwe abe “umthandi wobuhle.” (Thithu 1:7, 8) Uma siholwa umoya kaNkulunkulu, siyokwaziwa ngobuhle, futhi uJehova ‘uyosikhumbula ngobuhle esibenzayo.’—Nehemiya 5:19; 13:31.

‘Ukholo Olungenabuzenzisi’

19. Chaza ukholo ngokuvumelana namaHebheru 11:1.

19 Ukholo—nalo oluyisithelo somoya—“luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonakali.” (Hebheru 11:1) Uma sinokholo, siyaqiniseka ukuthi konke uJehova akuthembisayo kufana nosekufezekile. Ubufakazi obuqand’ ikhanda bezinto ezingokoqobo ezingabonakali buqine kangangokuthi kuthiwa ukholo lufana nalobo bufakazi. Ngokwesibonelo, ukuba khona kwezinto ezidaliwe kuyasiqinisekisa ukuthi ukhona uMdali. Siyobonisa lolo hlobo lokholo uma siqhubeka sihamba ngomoya.

20. Siyini ‘isono esisithandela kalula,’ futhi singasigwema kanjani sona nemisebenzi yenyama?

20 Ukuntula ukholo ‘kuyisono esisithandela kalula.’ (Hebheru 12:1) Kudingeka sithembele emoyeni kaNkulunkulu ukuze sigweme imisebenzi yenyama, ukuthanda izinto ezibonakalayo nezimfundiso zamanga ezingabulala ukholo. (Kolose 2:8; 1 Thimothewu 6:9, 10; 2 Thimothewu 4:3-5) Ezincekwini zikaJehova zanamuhla, umoya kaNkulunkulu uveza ukholo olunjengolofakazi bangezikhathi zangaphambi kobuKristu nolwabanye okulotshwe ngabo eBhayibhelini. (Hebheru 11:2-40) Futhi ‘ukholo lwethu olungenabuzenzisi’ lungaqinisa ukholo lwabanye.—1 Thimothewu 1:5; Hebheru 13:7.

Bonisa Ubumnene Nokuzithiba

21, 22. Ubumnene buchazwa kanjani, futhi kungani kufanele sibubonise?

21 Ubumnene busho ukuba nomoya ophansi nokuziphatha okunesizotha. Umoya omnene ungenye yezimfanelo zikaNkulunkulu. Lokhu sikwazi ngoba uJesu, owayeyindoda enomoya omnene, wabubonisa ngokuphelele ubuntu bukaJehova. (Mathewu 11:28-30; Johane 1:18; 5:19) Yini-ke elindeleke kithi njengezinceku zikaNkulunkulu?

22 NjengamaKristu, kulindeleke ukuba ‘sibonise ubumnene kubantu bonke.’ (Thithu 3:2) Sibonisa ubumnene enkonzweni yethu. Labo abanezimfanelo ezingokomoya belulekwa ukuba balungise umKristu ophambukayo “ngomoya wobumnene.” (Galathiya 6:1) Sonke singathuthukisa ubunye nokuthula kobuKristu ngokubonisa ‘ukuthobeka kwengqondo nobumnene.’ (Efesu 4:1-3) Singabubonisa ubumnene uma sihamba ngomoya ngokungaguquguquki futhi sibonisa ukuzithiba.

23, 24. Kuyini ukuzithiba, futhi kusisiza kanjani?

23 Ukuzithiba kwenza silawule imicabango, inkulumo nezenzo zethu. UJehova ‘waqhubeka ezithiba’ lapho esebenzelana nabaseBhabhiloni abachitha iJerusalema. (Isaya 42:14) INdodana yakhe ‘yasishiyela isibonelo’ ngokubonisa ukuzithiba lapho ihlushwa. Nomphostoli uPetru weluleka amanye amaKristu ukuba ‘olwazini lwawo anezele ukuzithiba.’—1 Petru 2:21-23; 2 Petru 1:5-8.

24 Abadala abangamaKristu kulindeleke ukuba bazithibe. (Thithu 1:7, 8) Empeleni bonke abaholwa umoya ongcwele bangabonisa ukuzithiba futhi ngaleyo ndlela bagweme ukuziphatha okubi, inhlamba, nanoma yini engabenza bangamukeleki kuJehova. Uma sivumela umoya kaNkulunkulu ukuba uveze ukuzithiba kithi, abanye bayokubona lokhu ngenxa yenkulumo nokuziphatha kwethu okubonisa ukuhlonipha uNkulunkulu.

Qhubeka Uhamba Ngomoya

25, 26. Ukuhamba ngomoya kuyobuthinta kanjani ubuhlobo bethu nabanye manje kanye namathemba ethu esikhathi esizayo?

25 Uma sihamba ngomoya, siyoba abamemezeli boMbuso abashisekayo. (IzEnzo 18:24-26) Siyoba abangane abaqabulayo futhi ikakhulu abantu abanokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu bayokujabulela ukuba nathi. Njengabantu abaqondiswa umoya ongcwele, siyoba umthombo wesikhuthazo esingokomoya kwabanye abakhulekeli bakaJehova. (Filipi 2:1-4) Akukhona yini lokho wonke amaKristu afuna ukuba yikho?

26 Akulula ukuhamba ngomoya kuleli zwe elibuswa uSathane. (1 Johane 5:19) Nokho, kunezigidi ezenza lokho namuhla. Uma sithembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yethu, siyojabulela ukuphila manje futhi siyokwazi ukuqhubeka sihamba phakade ezindleleni zokulunga zoMuphi onothando womoya ongcwele.—IHubo 128:1; IzAga 3:5, 6.

Ithini Impendulo Yakho?

• ‘Ukuhamba ngomoya’ kubuthinta kanjani ubuhlobo bethu noNkulunkulu neNdodana yakhe?

• Ziyini izithelo zomoya ongcwele?

• Iziphi ezinye zezindlela esingabonisa ngazo izithelo zomoya kaNkulunkulu?

• Ukuhamba ngomoya kukuthinta kanjani ukuphila kwethu manje namathemba ethu esikhathi esizayo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 23]

Umoya ongcwele kaJehova usenza sithande amanye amakholwa

[Isithombe ekhasini 24]

Bonisa umusa ngamazwi nangezenzo zokusiza