Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Wone Umoya Ongcwele?

Ingabe Wone Umoya Ongcwele?

Ingabe Wone Umoya Ongcwele?

“Sikhona isono esiletha ukufa.”—1 JOHANE 5:16.

1, 2. Sazi kanjani ukuthi kungenzeka ukuba umuntu one umoya ongcwele kaNkulunkulu?

 “BENGILOKHU ngibeleselwa umcabango wokuthi ngiye ngona umoya ongcwele.” Yilokho okwabhalwa owesifazane othile eJalimane, nakuba ayekhonza uNkulunkulu. Ingabe umKristu angawona ngempela umoya ongcwele kaNkulunkulu, noma amandla akhe asebenzayo?

2 Yebo, kungenzeka ukuba umuntu one umoya ongcwele kaJehova. UJesu Kristu wathi: “Abantu bayothethelelwa yonke inhlobo yesono nokuhlambalaza, kodwa ukuhlambalaza umoya ngeke kuthethelelwe.” (Mathewu 12:31) Siyaxwayiswa: “Uma senza isono ngamabomu ngemva kokuba sesamukele ulwazi olunembile lweqiniso, awusekho umhlatshelo wesono osele, kodwa kukhona ukulindelwa okuthile kwesahlulelo okwesabisayo.” (Hebheru 10:26, 27) Umphostoli uJohane wabhala: “Sikhona isono esiletha ukufa.” (1 Johane 5:16) Kodwa ingabe kushiyelwa kumuntu oye wona ngokungathí sina ukuba anqume ukuthi wenze “isono esiletha ukufa” noma cha?

Ukuphenduka Kuletha Intethelelo

3. Yini okungenzeka iyiqiniso uma sidabuke kakhulu ngesono esisenzile?

3 UJehova unguMahluleli wokugcina wabenzi bokubi. Eqinisweni, sonke kumelwe silandise kuye, futhi wenza okulungile njalo. (Genesise 18:25; Roma 14:12) NguJehova onqumayo ukuthi senze isono esingenakuthethelelwa yini, futhi angawususa umoya wakhe kithi. (IHubo 51:11) Nokho, uma sidabuka kakhulu ngenxa yesono esisenzile, kungenzeka kakhulu ukuthi siphenduke ngempela. Nokho, kuyini ukuphenduka okuqotho?

4. (a) Ungakuchaza kanjani ukuphenduka? (b) Yini eyenza iHubo 103:10-14 liduduze kakhulu?

4 Ukuphenduka kusho ukushintsha isimo sethu sengqondo ngobubi esibenzile noma ebesibuhlosile. Kusho ukuthi siyadabuka noma siyazisola bese siyishiya ngokuphelele inkambo yesono. Uma siye sona ngokungathí sina kodwa sesiye sathatha izinyathelo ezidingekayo ukuze sibonise ukuthi siphenduke ngempela, singathola induduzo emazwini omhubi: “[UJehova] akenzanga kithi ngokwezono zethu; futhi akalethanga phezu kwethu lokho okusifanele ngokweziphambeko zethu. Ngoba njengoba amazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo umusa wakhe wothando mkhulu kulabo abamesabayo. Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga, uzibeké kude kangako izeqo zethu. Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe, kanjalo uJehova ubonisé umusa kulabo abamesabayo. Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.”—IHubo 103:10-14.

5, 6. Yisho iphuzu eliyinhloko leyoku-1 Johane 3:19-22, bese uchaza lokho okushiwo amazwi omphostoli.

5 Nala mazwi omphostoli uJohane ayaduduza: “Ngalokhu siyokwazi ukuthi sivela eqinisweni, futhi siyoqinisekisa izinhliziyo zethu phambi kwakhe ngokuqondene nanoma yini inhliziyo yethu engase isilahle kuyo, ngoba uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto. Bathandekayo, uma izinhliziyo zethu zingasilahli, kuNkulunkulu sinenkululeko yokukhuluma; futhi noma yini esiyicelayo siyayamukela kuye, ngoba sigcina imiyalo yakhe futhi senza izinto ezijabulisayo emehlweni akhe.”—1 Johane 3:19-22.

6 ‘Siyazi ukuthi sivela eqinisweni,’ ngoba sibonisa uthando lobuzalwane futhi asisenzi umkhuba isono. (IHubo 119:11) Uma inhliziyo yethu isilahla ngasizathu simbe, kufanele sikhumbule ukuthi “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.” UJehova usibonisa isihe ngoba uyalwazi ‘uthando lwethu lobuzalwane lokungazenzisi,’ ukulwa kwethu nesono nemizamo yethu yokwenza intando yakhe. (1 Petru 1:22) Izinhliziyo zethu ngeke ‘zisilahle’ uma sithembela kuJehova, sibonisa uthando lobuzalwane futhi singenzi isono ngamabomu. Siyoba ‘nenkululeko yokukhuluma noNkulunkulu’ ngomthandazo, futhi uyosiphendula ngoba sigcina imiyalo yakhe.

Bawona Umoya Ongcwele

7. Yini enquma ukuthi isono singathethelelwa noma cha?

7 Iziphi izono ezingenakuthethelelwa? Ukuze siphendule lo mbuzo, ake sixoxe ngezibonelo ezithile eziseBhayibhelini. Lokhu kufanele kusiduduze uma siphendukile, kodwa siselusizi kakhulu ngeziphambeko zethu ezingathí sina. Sizobona ukuthi okunquma ukuthi isono singathethelelwa noma cha akulona uhlobo lwesono umuntu asenzile; kunalokho, yisisusa, isimo senhliziyo nezinga lamabomu elihilelekile.

8. Abanye abaholi benkolo bamaJuda bekhulu lokuqala bawona kanjani umoya ongcwele?

8 Abaholi benkolo bamaJuda bekhulu lokuqala abaphikisa uJesu Kristu ngonya babewona umoya ongcwele. Bawubona umoya kaNkulunkulu usebenza kuJesu njengoba ayenza izimangaliso ezidumisa uJehova. Noma kunjalo, lezi zitha zikaKristu zathi wayenza lezi zimangaliso ngamandla kaSathane uDeveli. NgokukaJesu, labo abawuhlambalaza kanjalo umoya ongcwele kaNkulunkulu babenza isono esingeke sithethelelwe “kulesi simiso sezinto nakuleso esizayo.”—Mathewu 12:22-32.

9. Kuyini ukuhlambalaza, futhi uJesu wathini ngakho?

9 Ukuhlambalaza kuyinkulumo enyundelayo, elimazayo, noma echaphayo. Njengoba umoya ongcwele uvela kuNkulunkulu, ukukhuluma kabi ngomoya wakhe kufana nokukhuluma kabi ngoJehova. Ukusebenzisa inkulumo enjalo ungaphenduki akunakuthethelelwa. Isenzakalo esenza ukuba uJesu asho la mazwi ngesono esinjalo sibonisa ukuthi uJesu ubhekisela kulabo abamelana ngamabomu nokusebenza komoya ongcwele kaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi abaFarisi bawubona umoya kaJehova usebenza kuJesu kodwa bathi la mandla akaDeveli, benza isono sokuhlambalaza umoya. Yingakho uJesu athi: “Noma ubani ohlambalaza umoya ongcwele akanayo intethelelo kuze kube phakade, kodwa unecala lesono saphakade.”—Marku 3:20-29.

10. Kungani uJesu abiza uJuda ngokuthi ‘indodana yokubhubha’?

10 Cabanga nangendaba kaJuda Iskariyothe. Waphishekela inkambo yokungathembeki, eba ebhokisini lemali ayeliphathisiwe. (Johane 12:5, 6) Kamuva uJuda waya kubabusi abangamaJuda wayohlela ukukhaphela uJesu ngezinhlamvu zesiliva ezingu-30. Yebo, uJuda wazisola ngemva kokumkhaphela, kodwa akazange aphenduke esonweni sakhe sangamabomu. Ngenxa yalokho, uJuda akakufanelekele ukuvuswa. Yingakho uJesu ambiza ngokuthi ‘indodana yokubhubha.’—Johane 17:12; Mathewu 26:14-16.

Abawonanga Umoya

11-13. INkosi uDavide yona kanjani ngokuqondene noBhati-sheba, futhi indlela uNkulunkulu asingatha ngayo indaba yabo ingasiduduza kanjani?

11 Ngezinye izikhathi, amaKristu angase aqhubeke ekhathazekile ngokwephula kwawo umthetho kaNkulunkulu esikhathini esidlule ngisho nangemva kokuvuma izono zawo ezingathí sina nokuthola usizo olungokomoya kubadala bebandla. (Jakobe 5:14) Uma nathi sinalo muzwa, cishe kuzosizuzisa ukuhlola lokho okushiwo imiBhalo ngalabo abathethelelwa izono zabo.

12 INkosi uDavide yenza isono esibi kakhulu ngokuqondene noBhati-sheba, umka-Uriya. Ngemva kokuba uDavide owayesophahleni lwendlu yakhe ebone lona wesifazane omuhle egeza buqamama, wathi makalethwe esigodlweni sakhe futhi walala naye. Lapho kamuva aziswa ukuthi ukhulelwe, wakha icebo lokuba umyeni wakhe, u-Uriya, alale naye ukuze afihle ukuphinga kwabo. Lapho lelo cebo lingaphumeleli, inkosi yahlela ukuba u-Uriya abulawe empini. Ngemva kwalokho, uBhati-sheba waba umkaDavide futhi wamzalela umntwana, kodwa lowo mntwana washona.—2 Samuweli 11:1-27.

13 Indaba kaDavide noBhati-sheba yasingathwa uJehova. Wamthethelela uDavide, ngokusobala ecabangela izici ezinjengokuphenduka kwakhe nesivumelwano soMbuso ayesenze naye. (2 Samuweli 7:11-16; 12:7-14) Kusobala ukuthi uBhati-sheba wayenesimo sengqondo sokuphenduka, ngoba waba nelungelo lokuba ngunina weNkosi uSolomoni nokhokho kaJesu Kristu. (Mathewu 1:1, 6, 16) Uma siye sona, kuhle ukukhumbula ukuthi uJehova uyasiqaphela isimo sethu sengqondo sokuphenduka.

14. Izinga uNkulunkulu athethelela ngalo libonakala kanjani endabeni yeNkosi uManase?

14 Izinga uJehova athethelela ngalo libonakala nasendabeni yenkosi yakwaJuda, uManase. Yenza okubi emehlweni kaJehova. UManase wamisela uBhali ama-altare, wakhulekela “lonke ibutho lamazulu,” waze wakhela onkulunkulu bamanga ama-altare emagcekeni amabili ethempeli. Wadabulisa amadodana akhe emlilweni, wakhuthaza imikhuba yokusebenzelana nemimoya, futhi wabangela ukuba izakhamuzi zakwaJuda nezaseJerusalema ‘zenze okubi kakhulu ukwedlula izizwe uJehova ayezibhuqile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.’ Akazilalelanga izixwayiso zabaprofethi bakaNkulunkulu. Ekugcineni, inkosi yase-Asiriya yamthumba uManase. Esekuthunjweni, waphenduka futhi ngokuthobeka wathandaza ngokungaphezi kuNkulunkulu owamthethelela futhi wambuyisela esihlalweni sobukhosi eJerusalema, lapho athuthukisa khona ukukhulekela kweqiniso.—2 IziKronike 33:2-17.

15. Isiphi isenzakalo ekuphileni komphostoli uPetru esibonisa ukuthi uJehova uthethelela “ngendlela enkulu”?

15 Ngemva kwamakhulu eminyaka, umphostoli uPetru wona kakhulu ngokuphika uJesu. (Marku 14:30, 66-72) Nokho, uJehova wamthethelela “ngendlela enkulu.” (Isaya 55:7) Ngani? Ngoba waphenduka ngobuqotho. (Luka 22:62) Ngemva kwezinsuku ezingu-50 kwaba nobufakazi obucacile bokuthi uNkulunkulu wayemthethelele lapho enikwa ilungelo lokufakaza ngesibindi ngoJesu ngosuku lwePhentekoste. (IzEnzo 2:14-36) Sikhona yini isizathu sokukholelwa ukuthi uNkulunkulu angenqaba ukuthethelela amaKristu aphenduke ngobuqotho namuhla? Umhubi wahlabelela: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama? Ngoba unentethelelo yeqiniso.”—IHubo 130:3, 4.

Ukunciphisa Ukukhathazeka Ngesono

16. UNkulunkulu usithethelela uma senzani?

16 Izibonelo ezandulele kufanele zisize ekunciphiseni ukukhathazeka kwethu ngokuthi siye sona umoya ongcwele. Zibonisa ukuthi ngempela uJehova uyazithethelela izoni eziphendukayo. Ukuthandaza kuNkulunkulu ngobuqotho kubaluleke kakhulu. Uma sonile, singacela ukuba asithethelele ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo, sesihe sikaJehova, sokungapheleli kwethu okuwufuzo nomlando wethu wenkonzo yokwethembeka. Njengoba siwazi umusa kaJehova ongafanelwe, singacela ukuthethelelwa, siqiniseka ukuthi uyosithethelela.—Efesu 1:7.

17. Yini okufanele siyenze uma sonile futhi sidinga usizo olungokomoya?

17 Kuthiwani uma sonile kodwa sihluleka ukuthandaza ngoba isono sethu sisenze sagula ngokomoya? Mayelana nalokho, umfundi uJakobe wabhala: “[Umuntu onjalo] makabize amadoda amadala ebandla, amthandazele, amgcobe ngamafutha egameni likaJehova. Umthandazo wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse. Futhi, uma enzile izono, uyothethelelwa.”—Jakobe 5:14, 15.

18. Kungani ngisho nokuxoshwa komuntu ebandleni kungasho ngempela ukuthi wenze isono esingenakuthethelelwa?

18 Ngisho noma umenzi wokubi engaphenduki ngaleso sikhathi abese exoshwa ebandleni, akukhona ngempela ukuthi isono sakhe asinakuthethelelwa. Ngokuqondene nomenzi wokubi ogcotshiwe owayesusiwe ekuhlanganyeleni eKorinte, uPawulu wabhala: “Lokhu kukhuza okunikezwa iningi kumanele umuntu onjalo, kangangokuthi, manje ngokuphambene nalokho, kufanele nimthethelele ngomusa futhi nimduduze, ukuze umuntu onjalo ngandlela-thile angagwinywa ukudabuka ngokweqile.” (2 Korinte 2:6-8; 1 Korinte 5:1-5) Nokho, ukuze abantu abonile bavuseleleke ngokomoya kudingeka bamukele usizo olungokomoya lwabadala abangamaKristu olusekelwe eBhayibhelini futhi banikeze ubufakazi bokuphenduka kweqiniso. Kumelwe ‘bathele izithelo ezifanela ukuphenduka.’—Luka 3:8.

19. Yini engasisiza ukuba sihlale ‘siphilile okholweni’?

19 Yini engase ibe nomthelela ekubeni nomuzwa wokuthi sone umoya ongcwele? Ezinye zezici kungase kube ukukhathazeka ngokweqile noma ukuba buthaka emzimbeni. Esimweni esinjalo, umthandazo nokuphumula okwengeziwe kungase kusize. Kufanele siqaphele ngokukhethekile ukuba singamvumeli uSathane asidikibalise bese siyeka ukukhonza uNkulunkulu. Njengoba uJehova engajabuli ngokufa komubi, ngokuqinisekile akathokozi ngokulahlekelwa yinoma iyiphi inceku yakhe. Ngakho, uma sinovalo lokuthi hleze soné umoya, kufanele siqhubeke sizondla ngeZwi likaNkulunkulu, kuhlanganise nezindima eziduduzayo njengamaHubo. Kudingeka siqhubeke siba khona emihlanganweni yebandla futhi sihlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Ukwenza kanjalo kuyosisiza ukuba sibe ‘abaphilile okholweni’ futhi singakhathazeki ngokuthi mhlawumbe siye senza isono esingenakuthethelelwa.—Thithu 2:2.

20. Imiphi imibuzo engasiza umuntu ukuba abone ukuthi akonanga umoya ongcwele?

20 Noma ubani onovalo lokuthi wone umoya ongcwele angase azibuze: ‘Ingabe ngihlambalaze umoya ongcwele? Njengoba ngiye ngaphenduka esonweni sami, ingabe manje sengishintshe umqondo ngokuqondene nokuphenduka kwami? Ngiyakholelwa yini ukuthi uNkulunkulu uyathethelela? Ingabe ngiyisihlubuki esiye salahla ukukhanya okungokomoya?’ Abantu abanjalo cishe bayobona ukuthi abazange bahlambalaze umoya ongcwele kaNkulunkulu nokuthi abazona izihlubuki. Baye baphenduka, futhi bakholelwa ngokuqinile ukuthi uJehova uyathethelela. Uma kunjalo, abawonanga umoya ongcwele kaJehova.

21. Isihloko esilandelayo sizodingida miphi imibuzo?

21 Yeka impumuzo esiba nayo lapho siqiniseka ukuthi asonanga umoya ongcwele! Nokho, esihlokweni esilandelayo sizoxoxa ngemibuzo ehlobene nale ndaba. Ngokwesibonelo, singase sizibuze: ‘Ingabe ngempela ngiholwa umoya ongcwele kaNkulunkulu? Ingabe izithelo zawo ziyabonakala ekuphileni kwami?’

Ithini Impendulo Yakho?

• Kungani singase sithi kungenzeka ukuba umuntu one umoya ongcwele?

• Kusho ukuthini ukuphenduka?

• Obani abona umoya lapho uJesu esemhlabeni?

• Umuntu angakunqoba kanjani ukukhathazeka ngokuthi wenze isono esingenakuthethelelwa?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 17]

Labo ababethi uJesu wenza izimangaliso ngamandla kaSathane bawona umoya ongcwele kaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 18]

Nakuba uPetru aphika uJesu, akenzanga isono esingenakuthethelelwa