Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UBharizilayi—Indoda Eyayikwazi Ukulinganiselwa Kwayo

UBharizilayi—Indoda Eyayikwazi Ukulinganiselwa Kwayo

UBharizilayi—Indoda Eyayikwazi Ukulinganiselwa Kwayo

‘KUNGANI kufanele ngibe umthwalo kuwe?’ La mazwi ashiwo uBharizilayi, indoda eneminyaka engu-80 ubudala, enkosini yakwa-Israyeli uDavide. IBhayibheli lithi le ndoda ‘yayingumuntu omkhulu kakhulu,’ cishe ngenxa yokuthi yayicebile. (2 Samuweli 19:32, 35) UBharizilayi wayehlala ezweni laseGileyadi, indawo enezintaba eziningi empumalanga yoMfula iJordani.—2 Samuweli 17:27; 19:31.

Kwakwenzenjani uBharizilayi aze asho la mazwi kuDavide? Kungani le ndoda esikhulile yakhuluma kanje?

Kuvukelwa Inkosi

UDavide wayezulelwa amanqe. Indodana yakhe u-Absalomu yayimketule esihlalweni sobukhosi ngemva ‘kokweba izinhliziyo zamadoda akwa-Israyeli.’ Kwakusobala ukuthi u-Absalomu wayezobulala noma ubani owayeba sohlangothini lukayise. Ngakho uDavide nezinceku zakhe babaleka eJerusalema. (2 Samuweli 15:6, 13, 14) Lapho uDavide efika eMahanayimi, esempumalanga yeJordani, uBharizilayi wamsiza.

UBharizilayi namanye amadoda amabili basiza uDavide ngezinto eziningi. Lezi zinceku ezintathu eziqotho zabonisa ukuthi zazisiqonda lesi simo sakhe esinzima lapho zikhuluma ngoDavide namadoda akhe: “Abantu balambile, bakhathele futhi bomile ehlane.” UBharizilayi, uShobi noMakiri benza konke okusemandleni ukuze basize ngokunikeza uDavide namadoda akhe imibhede, ukolweni, ibhali, ufulawa, okusanhlamvu okugazingiwe, ubhontshisi, udali, uju, ibhotela, izimvu nezinye izinto ababezidinga.—2 Samuweli 17:27-29.

Ukusiza uDavide kwakuyingozi. Mancane amathuba okuthi u-Absalomu wayeyomyeka angamjezisi umuntu owayechema nale nkosi eyayifaneleka. Ngakho, uBharizilayi wayebonisa isibindi ngokuba qotho kuDavide.

Izinto Ziyamjikela

Ngokushesha ngemva kwalokho, amavukela-mbuso ka-Absalomu anqwamana namadoda kaDavide. Zatholana phezulu ehlathini lakwa-Efrayimi, cishe khona eMahanayimi. Ibutho lika-Absalomu lanqotshwa “kwabulawa abantu abaningi ngalolo suku.” Nakuba u-Absalomu azama ukubaleka, ukufa kwasheshe kwamfica.—2 Samuweli 18:7-15.

UDavide wabuye waba inkosi yakwa-Israyeli engasenambangi. Akubange kusadingeka ukuba abalandeli bakhe baphile njengababaleki. Ngaphezu kwalokho, ukuba qotho kwabo kuDavide kwamenza wabahlonipha futhi wabazisa.

Lapho uDavide esezobuyela eJerusalema, “uBharizilayi waseGileyadi wehla evela eRogelimi ukuze adlulele eJordani kanye nenkosi ayiphelezele iye eJordani.” UDavide wabe esecela okuthile kuBharizilayi owayesekhulile: “Wena wela kanye nami ngizokunika ukudla ukanye nami eJerusalema.”—2 Samuweli 19:15, 31, 33.

Akungatshazwa ukuthi uDavide wayelwazisa kakhulu usizo lukaBharizilayi. Akubonakali sengathi inkosi yayimane nje ifuna ukubonga uBharizilayi ngokumsiza ngezinto ezithile ayezidinga. UBharizilayi ocebile wayengaludingi lolo sizo. Kungenzeka ukuthi uDavide wayefuna ukuba le ndoda esikhulile ibe ilungu lasebukhosini ngenxa yezimfanelo zayo ezinhle. Ukuba kukaBharizilayi yilungu lasebukhosini kwakuyoba ilungelo elikhulu, kumbeke emathubeni okuthola izinzuzo zokuba umngane wenkosi.

Ukuthobeka Nokubhekana Namaqiniso

UBharizilayi waphendula iNkosi uDavide: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuphila kwami, ukuba ngingenyuka kanye nenkosi ngiye eJerusalema? Namuhla ngineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili ubudala. Ngisengakwazi yini ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi, noma isengakunambitha yini inceku yakho lokho engikudlile nengikuphuzile, noma ngisengalilalela yini izwi labahlabeleli besilisa nabesifazane?” (2 Samuweli 19:34, 35) UBharizilayi walibonga ngenhlonipho leli lungelo elihle kangaka. Kungani alenqaba?

Esinye isizathu okungenzeka senza uBharizilayi wanquma ngendlela anquma ngayo ukuthi wayesekhulile futhi enokulinganiselwa okuhambisana nokuguga. Kungenzeka ukuthi uBharizilayi wayenomuzwa wokuthi wayengeke esaphila isikhathi eside. (IHubo 90:10) Wayenze konke ayengakwenza ukuze asekele uDavide, kodwa futhi wayekwazi ukulinganiselwa ayenakho njengoba ayesekhulile. UBharizilayi akazange avumele ukucabanga ngesikhundla nodumo ukuba kumenze angabhekani namaqiniso futhi angacabangeli amandla akhe. Ngokungafani no-Absalomu owayefuna ukuvelela, uBharizilayi wahlakanipha wabonisa ukuthobeka.—IzAga 11:2.

Esinye isizathu okungenzeka senza uBharizilayi wanquma ngendlela anquma ngayo ukuthi wayengafuni ukuba ukulinganiselwa kwakhe kuphazamise imisebenzi yenkosi eyayimiswe uNkulunkulu. UBharizilayi wabuza: “Kungani inceku yakho kufanele ibe ngumthwalo enkosini yami inkosi?” (2 Samuweli 19:35) Nakuba ayesohlangothini lukaDavide, cishe uBharizilayi wabona ukuthi umuntu oseyinsizwa wayengase akwazi ukuzenza kahle izabelo ayezinikezwa. Cishe uBharizilayi wayekhuluma ngendodana yakhe lapho ethi: “Nansi inceku yakho uKimihamu. Mayiwele kanye nenkosi yami; wenze kuyo okuhle emehlweni akho.” Kunokuba uDavide aphatheke kabi, wakwamukela lokhu kusikisela. Empeleni ngaphambi kokuba awele iJordani, uDavide ‘wamanga uBharizilayi wambusisa.’—2 Samuweli 19:37-39.

Ukulinganisela Kuyadingeka

Le ndaba kaBharizilayi igcizelela isidingo sokulinganisela. Akufanele senqabe ilungelo lenkonzo noma sigweme ukuzama ukulithola ngoba singafuni ziphazamiso noma sinomuzwa wokuthi asinakukwazi ukuthwala imithwalo yemfanelo. UNkulunkulu angasisiza lapho sintula khona uma sincika kuye ukuze sithole amandla nokuhlakanipha.—Filipi 4:13; Jakobe 4:17; 1 Petru 4:11.

Ngakolunye uhlangothi, kudingeka sikuvume ukulinganiselwa kwethu. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi kakade umKristu umatasa kakhulu ngezinto ezingokomoya. Uyaqaphela ukuthi uma amukela amalungelo engeziwe, angase angayifezi kahle imithwalo yakhe yemfanelo engokomBhalo enjengokunakekela umkhaya wakhe. Esimweni esinjalo, ukwenqaba amanye amalungelo bekungeke yini kube inkomba yokuthobeka nokulinganisela?—Filipi 4:5; 1 Thimothewu 5:8.

UBharizilayi uyisibonelo esihle futhi siyobe senza kahle ngokuzindla ngaso. Wayeqotho, enesibindi, enesandla esivulekile futhi ethobekile. Ngaphezu kwakho konke, uBharizilayi wayezimisele ukubeka izithakazelo zikaNkulunkulu kuqala, ezakhe zize kamuva.—Mathewu 6:33.

[Ibalazwe ekhasini 15]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

UBharizilayi oneminyaka engu-80 wathatha uhambo olukhathazayo ukuze ayosiza uDavide

IGILEYADI

IRogelimi

ISukoti

IMahanayimi

UMfula IJordani

IGiligali

IJeriko

IJerusalema

KWA-EFRAYIMI

[Isithombe ekhasini 13]

Kungani uBharizilayi asenqaba isicelo sikaDavide?