Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ukuhlakanipha Kuyisivikelo”

“Ukuhlakanipha Kuyisivikelo”

“Ukuhlakanipha Kuyisivikelo”

IZAGA 16:16 zithi: “O yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuthola ukuhlakanipha kunegolide! Nokuthola ukuqonda kufanele kukhethwe kunesiliva.” Kungani ukuhlakanipha kubaluleke kangaka? Ngoba “ukuhlakanipha kuyisivikelo njengoba nje nemali iyisivikelo; kodwa inzuzo yolwazi iwukuthi ukuhlakanipha kona kuyabalonda abaninikho.” (UmShumayeli 7:12) Nokho, ukuhlakanipha kubalonda kanjani abaninikho?

Ukuba nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, okungukuthi, ukuzuza ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, nokwenza ngokuvumelana nalo, kusisiza ukuba sihambe endleleni evunyelwa uJehova. (IzAga 2:10-12) Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni ithi: “Umendo wabaqotho ungukufulathela okubi. Olonda indlela yakhe ugcina umphefumulo wakhe.” (IzAga 16:17) Yebo, ukuhlakanipha kukhulula abaninikho ezindleleni ezimbi futhi kubalonde! Amazwi afushanisiwe nahlakaniphile asencwadini yezAga 16:16-33 abonisa ukuthi ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kungaba ithonya elihle esimweni sethu sengqondo, kwesikushoyo nasezenzweni zethu. *

‘Yiba Nomoya Othobekile’

Ukuhlakanipha okwenziwe samuntu kuvezwa kuthi: “Ukuziphakamisa nokuziqhenya . . . ngiyakuzonda.” (IzAga 8:13) Ukuziqhenya nokuhlakanipha kuyimpumalanga nentshonalanga. Kufanele senze ngokuhlakanipha futhi siqaphe ukuze singabi nesimo sengqondo sokuqhosha noma sokuzidla. Kufanele siqaphe ikakhulu uma siye saba nempumelelo ezintweni ezithile ekuphileni noma siphathiswe umthwalo wemfanelo ebandleni lobuKristu.

IzAga 16:18 ziyaxwayisa: “Ukuziqhenya kwandulela ukuphahlazeka, nomoya ozidlayo wandulela ukukhubeka.” Cabanga ngokuphahlazeka okukhulu kunakho konke endaweni yonke—ukuwa kwendodana kaNkulunkulu yomoya ephelele eyazenza uSathane uDeveli. (Genesise 3:1-5; IsAmbulo 12:9) Ingabe ayizange ibonise umoya wokuzidla ngaphambi kokuba iphahlazeke? IBhayibheli likhuluma ngalokho lapho lithi umuntu osanda kuguquka akufanele abekwe esikhundleni sokuba umbonisi ebandleni lobuKristu “funa akhukhumale awele esahlulelweni esikhishelwe uDeveli.” (1 Thimothewu 3:1, 2, 6) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuqapha ukuba singakhuthazi abanye ukuba baziqhenye nokuba singakuvumeli ukuba kuqale kithi!

IzAga 16:19 zithi: “Kungcono ukuba nomoya othobekile kanye nabamnene kunokuhlukanisa impango kanye nabaziphakamisile.” Ukuba usizo kwalesi siyalo kubonakala endabeni yenkosi yaseBhabhiloni lasendulo, uNebukhadinezari. Ngokuqhosha yamisa isithombe esikhulu—mhlawumbe esimelele yona uqobo—ethafeni laseDura. Kungenzeka ukuthi lesi sithombe sasibekwe esisekelweni esiphakeme saphakama ngamamitha angu-27. (Daniyeli 3:1) Lesi sithombe esikhulu esiyisikhumbuzo sasihloselwe ukuba uphawu oluhlaba umxhwele lombuso kaNebukhadinezari. Nakuba izinto eziphakeme—njengaleso sithombe, kanye namatshe amade abaziwe, imibhoshongo namabhilidi—zingase zibahlabe umxhwele abantu, akunjalo ngoNkulunkulu. Umhubi wahlabelela: “UJehova uphakeme, nokho uyambona othobekile; kodwa ophakeme umazela kude kuphela.” (IHubo 138:6) Empeleni, “okuphakeme kubantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.” (Luka 16:15) Kungcono ukuba ‘silandele izinto eziphansi’ kunokuba ‘sinake izinto eziphakeme.’—Roma 12:16.

Khuluma ‘Ngokuqondisisa Nangokuthonya’

Ukuba nokuhlakanipha kuyithinta kanjani inkulumo yethu? Inkosi ehlakaniphile iyasitshela: “Obonisa ukuqondisisa endabeni uyothola okuhle, futhi uyajabula othembela kuJehova. Ohlakaniphile enhliziyweni uyothiwa uyaqonda, nomnandi ezindebeni zakhe wenezela ukuthonya. Ukuqondisisa kungumthombo wokuphila kubanikazi bako; nokuyala abayiziwula kungubuwula. Inhliziyo yomuntu ohlakaniphile ibangela ukuba umlomo wakhe ubonise ukuqondisisa, futhi yenezela ukuthonya ezindebeni zakhe.”IzAga 16:20-23.

Ukuhlakanipha kusisiza ukuba sikhulume ngokuqondisisa nangokuthonya. Ngani? Ngoba umuntu onenhliziyo ehlakaniphile uzama ‘ukuthola okuhle’ endabeni futhi ‘uthembela kuJehova.’ Lapho sizama ukuthola okuhle kwabanye, aba maningi amathuba okuba sikhulume kahle ngabo. Kunokuba nokhahlo noma sithande impikiswano, amazwi ethu amnandi futhi ayathonya. Ukuziqondisisa izimo zabanye kusisiza ukuba siqonde ubukhulu bobunzima okungenzeka babhekene nabo nendlela ababhekana nabo ngayo.

Inkulumo ethonywe ukuhlakanipha ibalulekile nasemsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Lapho sifundisa abanye iZwi likaNkulunkulu, umgomo wethu awukhona nje ukudlulisela ukwaziswa okusemiBhalweni. Umgomo wethu ukufinyelela izinhliziyo zabantu. Lokhu kusho ukuthi kufanele sinezele ukuthonya ezindebeni zethu. Umphostoli uPawulu wanxusa umngane wakhe uThimothewu ukuba aqhubeke ezintweni ‘athonyelwa ukuba azikholelwe.’—2 Thimothewu 3:14, 15.

I-Expository Dictionary of New Testament Words, kaW. E. Vine ithi igama lesiGreki elithi “thonya” lisho “ukuguqula ingqondo ngokusebenzisa indlela yokubonisana noma ukucabangela imithetho yokuziphatha.” Ukuze sibe namaphuzu ayokwenza isilaleli sethu sishintshe ingqondo kudingeka siqondisise esikucabangayo, esikuthandayo, izimo nesizinda saso. Singakuthola kanjani lokho kuqondisisa? Umfundi uJakobe uyaphendula: ‘Shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma.’ (Jakobe 1:19) Ngokubuza isilaleli imibuzo nangokukulalela ngokucophelela esikushoyo, singakwazi ukuthola lokho esiyikho ngempela.

Umphostoli uPawulu wayenekhono elivelele lokuthonya abanye. (IzEnzo 18:4) Ngisho nomunye wabaphikisi bakhe, uDemetriyu, umkhandi wesiliva, wavuma: “Lo Pawulu [usithonyile] isixuku esikhulu wasiphendulela komunye umbono, . . . kungekhona e-Efesu nje kuphela kodwa cishe kuso sonke isifunda sase-Asiya.” (IzEnzo 19:26) Ingabe uPawulu wathi wayephumelela ngenxa yekhono lakhe emsebenzini wokushumayela? Lutho neze. Wabheka ukushumayela kwakhe ‘njengokuboniswa komoya namandla kaNkulunkulu.’ (1 Korinte 2:4, 5) Nathi sinosizo lomoya ongcwele kaJehova. Ngenxa yokuthi siyamethemba uJehova, siyaqiniseka ukuthi uzosisiza njengoba sizama ukukhuluma ngokuqondisisa nangokuthonya enkonzweni yethu.

Yingakho “ohlakaniphile enhliziyweni” ebizwa ngokuthi “ukhaliphile” noma “unokuqonda”! (IzAga 16:21, An American Translation; New International Version) Yebo, ukuqondisisa “kungumthombo wokuphila” kulabo abanakho. Kodwa kuthiwani ngeziwula? ‘Ziyakwedelela ukuhlakanipha nesiyalo.’ (IzAga 1:7) Yimiphi imiphumela eziyitholayo ngokwenqaba isiyalo sikaJehova? Njengoba kuphawulwe ngenhla, uSolomoni uthi: ‘Ukuyala abayiziwula kungubuwula.’ (IzAga 16:22) Zithola isiyalo esiqhubekayo, ngokuvamile ngokujeziswa kabuhlungu. Iziwula zingase zizilethele nobunzima, ihlazo, izifo ngisho nokusheshe zife.

Iqhubeka ibonisa izinzuzo zokuhlakanipha enkulumweni yethu, inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Amazwi amnandi ayikhekheba lezinyosi, amnandi emphefumulweni futhi angukuphulukiswa emathanjeni.” (IzAga 16:24) Njengoba uju lumnandi futhi lumqabula ngokushesha umuntu olambile, amazwi amnandi ayakhuthaza futhi ayaqabula. Uju lwakha nomzimba, luyelapha futhi lunempilo. Anjalo namazwi amnandi; ayaphilisa ngokomoya.—IzAga 24:13, 14.

Qaphela ‘Indlela Ebonakala Iqondile’

USolomoni uthi: “Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kodwa ukuphela kwayo kamuva kuyizindlela zokufa.” (IzAga 16:25) Lesi isixwayiso sokumelana nokucabanga okungalungile nokuphishekela inkambo engqubuzana nomthetho kaNkulunkulu. Indlela ethile ingase ibonakale ilungile ngokombono ongokwenyama, kodwa empeleni ingase ingqubuzane nezimiso zokulunga eziseZwini likaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, uSathane angase akhuthaze lokho kukhohlisa ukuze umuntu ashukumiseleke ukulandela inkambo akholelwa ukuthi ilungile, kuyilapho imholela ekufeni.

Asikho isivikelo esingcono ekuzikhohliseni ngaphandle kwenhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda kanye nonembeza okhanyiselwe ulwazi olutholakala eZwini likaNkulunkulu. Lapho senza izinqumo—kungakhathaliseki ukuthi zimayelana nokuziphatha noma ukukhulekela nanoma yini enye—indlela engcono kakhulu yokuqapha ukuzikhohlisa iwukuqondiswa izindinganiso zikaNkulunkulu zokuhle nokubi.

“Iphango Lomuntu Osebenza Kanzima Limsebenzela Kanzima”

Inkosi ehlakaniphile iyaqhubeka: “Umphefumulo womuntu osebenza kanzima umsebenzele kanzima, ngoba umlomo wakhe umcindezele kanzima.” (IzAga 16:26) USolomoni uthi isifiso sokudla sesisebenzi ‘singasisebenzela kanzima’ ngoba indlala ‘iyasicindezela,’ noma iyasishukumisa. I-American Translation ithi: “Iphango lomuntu osebenza kanzima limsebenzela kanzima; ngoba uqhutshwa ukulamba.” Isifiso esivamile, esinjengesokudla, singasishukumisela ukuba sibe abakhiqizayo. Leso sifiso sihle. Nokho, kuthiwani uma isifiso esifanele sivunyelwa ukuba sikhule size sibe ukuhaha? Imiphumela iyafana nokwenzeka lapho umlilo omncane wokupheka obaswa ngaphandle uphenduka umlilo wequbula. Ukuhaha kuyisifiso esingasalawuleki futhi kuyalimaza. Eqaphela le ngozi, umuntu ohlakaniphile ugcina ngisho nezifiso zakhe ezinhle zisesimweni esifanele.

‘Ungahambi Ngendlela Engeyinhle’

Amazwi ethu angase adale umonakalo njengomlilo olangukayo. Echaza imiphumela elimazayo yokufuna amaphutha abanye bese kuhletshwa ngawo, uSolomoni uthi: “Umuntu ongelusizo lwalutho umbulula okubi, futhi ezindebeni zakhe kunjengokungathi kukhona umlilo ohangulayo. Umuntu wezingobe udala umbango, nomnyundeli uhlukanisa abangane.”IzAga 16:27, 28.

Umuntu ozama ukonakalisa idumela lomunye ‘akalusizo lwalutho.’ Kufanele sizame ukubheka okuhle kwabanye futhi sisho izinto ezibanika isithunzi. Kuthiwani ngokulalela labo abasakaza inhlebo elimazayo? Kalula nje amazwi abo angaqala izinsolo ezingasekelwe ndawo, axabanise abangane futhi abangele ukwahlukana ebandleni. Ukuhlakanipha kuyosishukumisela ukuba singabalaleli.

Exwayisa ngamandla okuyenga angenza umuntu alandele inkambo engalungile, uSolomoni uthi: “Umuntu wobudlova uyoyenga umuntu wakubo, futhi ngokuqinisekile umbangela ukuba ahambe ngendlela engeyinhle. Uyacwayiza ngamehlo akhe ukuze acebe izingobe. Eluma izindebe, ngokuqinisekile uphelelisa okubi.”IzAga 16:29, 30.

Ingabe ubudlova bungabayenga abakhulekeli beqiniso? Abantu abaningi namuhla baye bayengelwa ukuba ‘bacebe izingobe.’ Bakhuthaza noma benze ubudlova. Singase sikuthole kulula ukugwema ukuhlanganyela ngokuqondile ebudloveni. Kodwa kuthiwani ngokuyengelwa kubo ngezindlela ezicashile? Ingabe izigidi zabantu aziyengelwanga ekubukeleni ukuzijabulisa noma imidlalo ekhazimulisa ubudlova? Isixwayiso esingokomBhalo sicacile: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) Yeka ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kusivikela kanjani!

Kungathiwani ngomuntu oye wachitha ukuphila kwakhe konke ebonisa ukuhlakanipha nokuqonda futhi ‘ongahambanga ngendlela engeyinhle’? Ukuphila ngendlela elungile kuhle emehlweni kaNkulunkulu futhi kufanele sikuhloniphe. IzAga 16:31 zithi: “Ubumpunga bungumqhele wobuhle lapho butholakala endleleni yokulunga.”

Ngakolunye uhlangothi, intukuthelo engalawuleki yimbi. Izibulo lika-Adamu no-Eva, uKhayini, ‘lavuthela umfowabo u-Abela ngentukuthelo enkulu lamhlasela futhi lambulala.’ (Genesise 4:1, 2, 5, 8) Nakuba ngezinye izikhathi singase sithukuthele kufanele, kumelwe siqaphe ukuba singavumeli intukuthelo yethu ukuba ingalawuleki. IzAga 16:32 zisho ngokucacile: “Owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla, nolawula umoya wakhe ungcono kunothumba umuzi.” Intukuthelo engalawuleki ayilona uphawu lokuba namandla noma lobuhle. Iwubuthakathaka obungabangela ‘umuntu ukuba ahambe ngendlela engeyinhle.’

Lapho ‘Zonke Izinqumo Zivela KuJehova’

Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Inkatho yenzelwa ethangeni, kodwa zonke izinqumo ezenziwa ngayo zivela kuJehova.” (IzAga 16:33) Kwa-Israyeli wasendulo, ngezinye izikhathi uJehova wayesebenzisa izinkatho ukuze azise abantu intando yakhe. Izinkatho zazingamatshe amancane ayimbulunga noma izibhebhe zokhuni noma zamatshe. Okokuqala, kwakucelwa uJehova ukuba anqume endabeni ethile. Kwakube sekufakwa izinkatho emphecweni wengubo bese zikhishwa. Okwakutholakala lapho kwakwamukelwa njengokuvela kuNkulunkulu.

UJehova akasazisebenzisi izinkatho ukuze atshele abantu bakhe akucabangayo. Uye wembula intando yakhe eZwini lakhe, iBhayibheli. Ukuze umuntu azuze ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubalulekile ukuba azuze ulwazi olunembile lweBhayibheli. Ngakho, akufanele sivumele ukuba kudlule ngisho nosuku singazange sifunde imiBhalo ephefumulelwe.—IHubo 1:1, 2; Mathewu 4:4.

[Umbhalo waphansi]

^ Ukuze uthole ingxoxo yezAga 16:1-15 bheka INqabayokulinda ka-May 15, 2007, amakhasi 17-20.

[Isithombe ekhasini 8]

Kungani ukuhlakanipha kungcono kakhulu kunegolide?

[Isithombe ekhasini 9]

Yini enezela ukuthonya ezindebeni zakho lapho usenkonzweni?

[Isithombe ekhasini 10]

“Umuntu ongelusizo lwalutho umbulula okubi”

[Isithombe ekhasini 11]

Intukuthelo engalawuleki ingabangela umuntu “ukuba ahambe ngendlela engeyinhle”

[Isithombe ekhasini 12]

Ubudlova bunamandla okuyenga