Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukulindela Usuku LukaJehova Ngokukhuthazela

Ukulindela Usuku LukaJehova Ngokukhuthazela

Ukulindela Usuku LukaJehova Ngokukhuthazela

“Nezelani okholweni lwenu . . . ukukhuthazela.”—2 PETRU 1:5, 6.

1, 2. Kuyini ukukhuthazela, futhi kungani amaKristu ekudinga?

 USUKU olukhulu lukaJehova luseduze kakhulu. (Joweli 1:15; Zefaniya 1:14) NjengamaKristu azimisele ukuhlala eqotho kuNkulunkulu, sisilindele ngokulangazela isikhathi sokulwelwa kobukhosi bukaJehova. Kodwa okwamanje siyazondwa, sihlanjalazwe, sishushiswe, size sibulawe ngenxa yokholo lwethu. (Mathewu 5:10-12; 10:22; IsAmbulo 2:10) Lokhu kudinga ukukhuthazela—ikhono lokubekezelela ubunzima. Umphostoli uPetru uyasinxusa: “Nezelani okholweni lwenu . . . ukukhuthazela.” (2 Petru 1:5, 6) Kudingeka sikhuthazele ngoba uJesu wathi: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.”—Mathewu 24:13.

2 Sibuye sigule, sibhekane nosizi lokufelwa nolunye uvivinyo. Yeka ukuthi uSathane angajabula kanjani uma singaphelelwa ukholo! (Luka 22:31, 32) Ngokusekelwa uJehova, singakwazi ukukhuthazelela uvivinyo oluhlukahlukene. (1 Petru 5:6-11) Ake ucabangele ezinye zezindaba ezenzeka ngempela ezifakazela ukuthi singakwazi ukulindela usuku lukaJehova ngokukhuthazela nangokholo olunganciphi.

Ukugula Akubayekisanga

3, 4. Nikeza isibonelo esibonisa ukuthi singakwazi ukukhonza uJehova ngokwethembeka naphezu kokugula.

3 UNkulunkulu akasiphulukisi ngokuyisimangaliso manje, kodwa usinikeza amandla okukhuthazelela ukugula. (IHubo 41:1-3) USharon uthi: “Selokhu kwathi nhlo, isihlalo sabakhubazekile besilokhu singumngane wami. Ngazalwa ngikhubazeke ebuchosheni (cerebral palsy), ngakho angikwazanga ukujabulela izinto ezazijatshulelwa ezinye izingane.” Ukwazi ngoJehova nangezithembiso zakhe zempilo enhle kwanikeza uSharon ithemba. Nakuba ekhuluma futhi ehamba kanzima, inkonzo yobuKristu imnikeza injabulo. Eminyakeni engaba ngu-15 edlule wathi: “Impilo yami ingase iqhubeke iwohloka, kodwa ukuthembela kwami kuNkulunkulu nobuhlobo bami naye kuyangiqinisa. Yeka indlela engijabula ngayo ngokuba phakathi kwabantu bakaJehova nokungisekela kwakhe ngokungaphezi!”

4 Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu aseThesalonika ukuba ‘akhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.’ (1 Thesalonika 5:14) Izici ezinjengokudumazeka okukhulu zingabangela ukucindezeleka. Ngo-1993, uSharon wabhala: “Njengoba ngangizizwa njengesehluleki soqobo, . . . ngaba nenkinga yokucindezeleka okukhulu iminyaka emithathu. . . . Abadala bangiduduza futhi bangeluleka. . . . Esebenzisa INqabayokulinda, uJehova walungiselela ngothando ukwaziswa okwasiza ukuba iqondwe kangconywana inkinga yokucindezeleka okukhulu. Ngempela, uyabakhathalela abantu bakhe futhi uyayiqonda imizwa yethu.” (1 Petru 5:6, 7) USharon usakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka njengoba elindele usuku olukhulu lukaJehova.

5. Ibuphi ubufakazi esinabo bokuthi amaKristu angakukhuthazelela ukucindezeleka okukhulu?

5 Amanye amaKristu acindezeleke kakhulu ngenxa yezinto ezenzeka ekuphileni kwawo esikhathini esidlule. UHarley wabona ubudlova obukhulu eMpini Yezwe II obamenza wahlushwa amaphupho amabi empi. Wayememeza uma elele, athi: “Qaphelani! Qaphelani!” Wayephaphama emanzi te umjuluko. Nokho, wakwazi ukuphila ngendlela kaNkulunkulu futhi ngokuhamba kwesikhathi la maphupho awazange esaba mabi kakhulu futhi ayengasamhlaseli njalo.

6. Omunye umKristu wabhekana kanjani nezinkinga ezingokomzwelo?

6 Omunye umKristu okwatholakaka ukuthi unesifo semizwelo eguquguqukayo (bipolar disorder) wayekuthola kunzima kakhulu ukushumayela endlini ngendlu. Nokho, waphikelela ngoba wayeqaphela ukuthi inkonzo isho ukuphila kuye nakulabo abalalelayo. (1 Thimothewu 4:16) Ngezinye izikhathi wayehluleka ngisho nokungqongqoza emnyango, kodwa wathi: “Ngemva kwesikhathi esithile, ngangikwazi ukulawula imizwelo yami, ngiye endlini elandelayo, futhi ngiphinde ngizame. Ngokuqhubeka ngihlanganyela enkonzweni, ngakwazi ukuzigcina ngiphila kahle ngokomoya ngokusesilinganisweni.” Ukuba khona emihlanganweni nakho kwakuyinselele, kodwa lo mzalwane wayeqiniseka ngokubaluleka kobudlelwane obungokomoya. Ngakho, wayenza umzamo odingekayo ukuze abe khona.—Hebheru 10:24, 25.

7. Nakuba abanye besaba ukukhuluma eningini noma ukuba semihlanganweni, bakubonisa kanjani ukukhuthazela?

7 Amanye amaKristu esaba ngokweqile izimo noma izinto ezithile. Ngokwesibonelo, angase esabe ukukhuluma eningini noma ngisho nokuba semihlanganweni. Cabanga indlela okunzima ngayo kuwo ukuphendula emihlanganweni yobuKristu noma ukunikeza inkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini! Kodwa ayakhuthazela, futhi sikwazisa kakhulu ukuba khona nokuhlanganyela kwawo kule mihlangano.

8. Yini ephumelela kakhulu lapho umuntu ebhekene nezinkinga ezingokomzwelo?

8 Ukuphumula nokulala ngokwengeziwe kungamsiza umuntu ukuba akhuthazelele izinkinga ezingokomzwelo. Kungaba kuhle nokuba athole usizo lwezokwelapha. Nokho, kuphumelela kakhulu ukuthembela kuNkulunkulu ngomthandazo. IHubo 55:22 lithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.” Ngakho-ke, ‘thembela ngempela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho.’—IzAga 3:5, 6.

Ukukhuthazelela Usizi Lokufelwa

9-11. (a) Yini engasisiza ukuba sikhuthazelele usizi lapho umuntu esimthandayo efa? (b) Isibonelo sika-Ana singasisiza kanjani ukuba sikhuthazelele usizi?

9 Lapho ukufa kuhlukanisa amalungu omkhaya, lokho kulahlekelwa okukhulu kungabangela usizi olukhulu. U-Abrahama walila lapho efelwa umkakhe amthandayo, uSara. (Genesise 23:2) Ngisho nomuntu ophelele uJesu “wakhala izinyembezi” lapho umngane wakhe uLazaru efa. (Johane 11:35) Ngakho kungokwemvelo ukuba lusizi lapho ukufa kuthatha umuntu omthandayo. Nokho, amaKristu ayazi ukuthi kuyoba novuko. (IzEnzo 24:15) Ngakho, ‘awadabuki njengoba nje kwenza bonke abanye abangenalo ithemba.’—1 Thesalonika 4:13.

10 Singabhekana kanjani nosizi lokufelwa? Mhlawumbe umfanekiso ungasiza. Lapho umngane eye endaweni ekude asivamile ukuphatheka kabi isikhathi eside, ngoba sinethemba lokuphinde simbone lapho ebuya. Ukubheka ukufa komKristu othembekile ngendlela efanayo kungasenza singadabuki kakhulu ngoba siyazi ukuthi ulindele uvuko.—UmShumayeli 7:1.

11 Ukuthembela ngokuphelele ‘kuNkulunkulu wenduduzo yonke’ kuyosisiza ukuba sikhuthazelele usizi lokufelwa. (2 Korinte 1:3, 4) Kuyosisiza nokucabanga ngalokho okwenziwa umfelokazi wangekhulu lokuqala, u-Ana. Wafelwa umyeni wakhe beneminyaka engu-7 nje beshadile. Kodwa ngisho eseneminyaka engu-84 ubudala, wayesanikela inkonzo engcwele kuJehova ethempelini. (Luka 2:36-38) Akungabazeki ukuthi lokhu kuphila kokuzinikela kwamsiza ukuba abhekane ngokuphumelelayo nosizi nesizungu. Ukuhlanganyela njalo emisebenzini yobuKristu, ehlanganisa ukushumayela ngoMbuso, kungasisiza ukuba sikhuthazelele imiphumela yosizi lokufelwa.

Ukubhekana Novivinyo Oluhlukahlukene

12. Iluphi uvivinyo oluhlobene nokuphila komkhaya amanye amaKristu aye alukhuthazelela?

12 Amanye amaKristu kumelwe akhuthazelele uvivinyo oluhlobene nokuphila komkhaya. Ngokwesibonelo, yeka ukuthi ukuphinga komngane womshado kungaba nemiphumela ebuhlungu kanjani! Ngenxa yokushaqeka nosizi, umngane womshado ongenacala angase angakwazi ukulala futhi akhale ezimathonsi. Ukwenza imisebenzi ewubala kungase kumkhathaze aze enze amaphutha noma izingozi. Angase angakwazi ukudla, anciphe emzimbeni, futhi acindezeleke ngokomzwelo. Kungaba nzima ukuhlanganyela emisebenzini yobuKristu. Futhi yeka indlela izingane ezingathinteka kakhulu ngayo!

13, 14. (a) Isiphi isikhuthazo osithola emthandazweni uSolomoni awenza ngenkathi kunikezelwa ithempeli? (b) Kungani sithandazela umoya ongcwele?

13 Lapho sibhekene novivinyo olunjalo, uJehova unikeza usizo esiludingayo. (IHubo 94:19) UNkulunkulu uyayizwa imithandazo yabantu bakhe, njengoba kubonakala emthandazweni weNkosi uSolomoni ngenkathi kunikezelwa ithempeli likaJehova. USolomoni wathandaza kuNkulunkulu: “Kungakhathaliseki ukuthi yimuphi umthandazo, kungakhathaliseki ukuthi yisiphi isicelo somusa esingase senziwe yinoma yimuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli, ngoba yilowo nalowo uyayazi inhlupho yenhliziyo yakhe, futhi empeleni belulele izintende zezandla zabo kule ndlu, khona-ke kwangathi ungezwa wena usemazulwini, indawo yakho yokuhlala emisiwe, uthethelele futhi uthathe isinyathelo unike ngamunye ngokuvumelana nazo zonke izindlela zakhe, ngoba uyayazi inhliziyo yakhe (ngoba nguwe wedwa oyazi kahle inhliziyo yabo bonke abantwana babantu); ukuze bakwesabe zonke izinsuku abaziphila phezu kobuso bomhlabathi owawunika okhokho bethu.”—1 AmaKhosi 8:38-40.

14 Kungasiza ngokukhethekile ukuqhubeka sithandazela umoya ongcwele. (Mathewu 7:7-11) Izithelo zomoya zihlanganisa izimfanelo ezinjengenjabulo nokuthula. (Galathiya 5:22, 23) Yeka impumuzo esiyitholayo lapho uBaba wethu osezulwini ephendula imithandazo yethu—esikhundleni sosizi nokudabuka siba nenjabulo nokuthula!

15. Imiphi imiBhalo engasisiza ukuba sinciphise ukukhathazeka?

15 Kufanele silindele ukukhathazeka okuthile lapho kudingeka sikhuthazelele ukucindezeleka okukhulu. Kodwa okungenani okunye kwalokhu kukhathazeka singakunciphisa uma sikhumbula la mazwi kaJesu: “Yekani ukukhathazeka ngemiphefumulo yenu ngokuqondene nokuthi niyodlani noma niyophuzani, noma ngemizimba yenu ngokuqondene nokuthi niyogqokani. . . . Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga [kukaNkulunkulu], khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.” (Mathewu 6:25, 33, 34) Umphostoli uPetru usinxusa ukuba ‘siphonse zonke izinkathazo zethu phezu kukaNkulunkulu, ngoba uyasikhathalela.’ (1 Petru 5:6, 7) Kuyafaneleka ukwenza imizamo yokuxazulula inkinga. Nokho, ngemva kokuba sesenze esingakwenza, akufanele sivumele ukukhathazeka kuthathe indawo yomthandazo. Umhubi wahlabelela: “Gingqela indlela yakho kuJehova, wethembele kuye, yena uyothatha isinyathelo.”—IHubo 37:5.

16, 17. (a) Kungani singeke sihlale singakhathazeki nhlobo? (b) Yini esiyoyithola uma sisebenzisa eyabaseFilipi 4:6, 7?

16 UPawulu wabhala: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Njengoba kulindelekile, inzalo ka-Adamu engaphelele ngeke ihlale ingakhathazeki nhlobo. (Roma 5:12) Abafazi baka-Esawu abangamaHeti “babeyimbangela yomoya omunyu” kubazali bakhe abesaba uNkulunkulu, u-Isaka noRebheka. (Genesise 26:34, 35) Ukugula kumelwe ukuba kwawakhathaza amaKristu anjengoThimothewu noTrofimu. (1 Thimothewu 5:23; 2 Thimothewu 4:20) UPawulu wayekhathazeka ngamanye amakholwa. (2 Korinte 11:28) Kodwa ‘uMuzwi womthandazo’ uhlale ekulungele ukusiza labo abamthandayo.—IHubo 65:2.

17 Njengoba silindele usuku lukaJehova, “uNkulunkulu wokuthula” uyasisekela futhi asiduduze. (Filipi 4:9) UJehova ‘unesihe nomusa,’ “muhle futhi ukulungele ukuthethelela,” futhi ‘uyakhumbula ukuthi siluthuli.’ (Eksodusi 34:6; IHubo 86:5; 103:13, 14) Ngakho ‘izicelo zethu mazaziwe nguye,’ ngoba lokhu kuyosenza sibe ‘nokuthula kukaNkulunkulu’—ukuzola okungekho muntu ongakuqonda.

18. Njengoba kushiwo kuJobe 42:5, singakwazi kanjani ‘ukubona’ uNkulunkulu?

18 Lapho imithandazo yethu iphendulwa, siyazi ukuthi uNkulunkulu unathi. Ngemva kokuba uJobe ekhuthazelele uvivinyo lwakhe, wathi: “Ngizwile ngawe [Jehova] ngenzwabethi, kodwa manje iso lami liyakubona.” (Jobe 42:5) Ngeso lokuqonda, ukholo nokubonga, singazindla ngokusebenzelana kukaNkulunkulu nathi futhi ‘simbone’ ngendlela esingakaze simbone ngayo. Yeka ukuthula kwengqondo nenhliziyo esikuthola ngobuhlobo obunjalo!

19. Yini eyokwenzeka uma ‘siphonsa zonke izinkathazo zethu kuJehova’?

19 Uma ‘siphonsa zonke izinkathazo zethu kuJehova,’ singakhuthazelela uvivinyo sinokuzola kwangaphakathi okulinda izinhliziyo namandla ethu engqondo. Ekujuleni kwezinhliziyo zethu ezingokomfanekiso, ngeke sikhathazeke, sesabe noma sibe novalo. Izingqondo zethu ngeke zikhathazwe ukudideka noma izinkathazo.

20, 21. (a) Indaba kaStefanu inikeza buphi ubufakazi bokuthi umuntu angazola lapho ebhekene nokushushiswa? (b) Yisho isibonelo sanamuhla sokuzola lapho umuntu ebhekene novivinyo.

20 Umfundi uStefanu wabonisa ukuzola lapho ekhuthazelela uvivinyo olukhulu lokholo lwakhe. Ngaphambi kokuba anikeze ubufakazi bokugcina, wonke amalungu eSanhedrini “abona ukuthi ubuso bakhe babunjengobuso bengelosi.” (IzEnzo 6:15) Ubuso bakhe babunokuzola—njengobengelosi, isithunywa sikaNkulunkulu. Ngemva kokuba uStefanu edalule icala labo lokubulala uJesu, abahluleli “bahlabeka ezinhliziyweni futhi baqala ukumququdela amazinyo.” “Egcwele umoya ongcwele,” uStefanu “wagqolozela ezulwini wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.” Eqiniswe yilowo mbono, uStefanu wathembeka kwaze kwaba sekufeni. (IzEnzo 7:52-60) Nakuba thina singayitholi imibono, singaba nokuzola okuvela kuNkulunkulu lapho sishushiswa.

21 Cabanga ngamazwi ashiwo amaKristu athile abulawa amaNazi phakathi neMpi Yezwe II. Elandisa okwenzeka kuye enkantolo, omunye wathi: “Kwamenyezelwa isigwebo sokufa. Ngalalela, futhi ngemva kokusho amazwi athi, ‘Yiba nokholo kuze kube sekufeni,’ namanye amazwi ambalwa eNkosi yethu, kwase kuphelile. . . . Kodwa ningakhathazeki ngalokho manje. Ngoba nginokuthula nokuzola eningeke nikwazi ukukuqonda!” UmKristu osemusha owayesezobulawa ngokunqunywa wabhalela abazali bakhe: “Sekudlulile kwamabili. Ngisenaso isikhathi sokushintsha umqondo. Kodwa ngingaphinde ngijabule yini kuleli zwe ngemva kokuphika iNkosi yethu? Lutho neze! Kodwa manje qinisekani ukuthi leli zwe ngilishiya ngenjabulo nangokuthula.” Akungabazeki ukuthi uJehova uyazisekela izinceku zakhe eziqotho.

Ungakhuthazela!

22, 23. Yini ongaqiniseka ngayo njengoba ulindele usuku lukaJehova ngokukhuthazela?

22 Ungase ungabhekani nezinselele ezithile esixoxe ngazo. Nokho, uJobe owayesaba uNkulunkulu wayeqinisile lapho ethi: “Umuntu, ozalwa owesifazane, uphila isikhashana futhi ugcwele ukuyaluza.” (Jobe 14:1) Mhlawumbe ungumzali osebenza kanzima ukuze unikeze abantwana bakho isiqondiso esingokomoya. Kumelwe bakhuthazelele uvivinyo esikoleni, kodwa yeka indlela ojabula ngayo lapho bemmelela ngokuqinile uJehova nezimiso zakhe zokulunga! Kungenzeka ubhekene nobunzima nezilingo emsebenzini. Nokho, ungazikhuthazelela lezi zimo nezinye, ngoba ‘uJehova ukuthwalela umthwalo nsuku zonke.’—IHubo 68:19.

23 Ungase uzibheke njengomuntu nje ovamile, kodwa khumbula ukuthi uJehova akasoze awukhohlwa umsebenzi wakho nothando olubonisa kulo igama lakhe elingcwele. (Hebheru 6:10) Ngosizo lwakhe, ungalukhuthazelela uvivinyo lokholo. Ngakho, ngaso sonke isikhathi thandazela ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe futhi uyifake nasezinhlelweni zakho. Uma wenza lokho ungaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyokubusisa futhi akusekele njengoba ulindele usuku lwakhe ngokukhuthazela.

Ungaphendula Kanjani?

• Kungani amaKristu kudingeka akhuthazele?

• Yini engasisiza ukuba sikhuthazelele ukugula nosizi lokufelwa?

• Umthandazo usisiza kanjani ukuba sikhuthazelele uvivinyo?

• Kungani kungenzeka ukuba silindele usuku lukaJehova ngokukhuthazela?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 29]

Ukuthembela kuJehova kusenza sikwazi ukukhuthazelela usizi lokufelwa

[Isithombe ekhasini 31]

Umthandazo osuka enhliziyweni usisiza ukuba sikhuthazelele uvivinyo lokholo