Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abathweswa Iziqu ZaseGileyadi Banxuswa Ukuba “Baqale Ukumba”

Abathweswa Iziqu ZaseGileyadi Banxuswa Ukuba “Baqale Ukumba”

Ikilasi Le-123 Lithweswa

Abathweswa Iziqu ZaseGileyadi Banxuswa Ukuba “Baqale Ukumba”

NGOMGQIBELO, ngo-September 8, 2007, abantu abangu-6 352 abavela emazweni angu-41 baba khona lapho ikilasi le-123 le-Watchtower Bible School of Gilead lithweswa iziqu. Ngo-10:00 ekuseni, usihlalo wesimiso, u-Anthony Morris weNdikimba Ebusayo, wamukela izethameli. Ngemva kwamazwi ambalwa okuvula, wethula isikhulumi sokuqala uGary Breaux weKomiti Yegatsha Lase-United States.

UMfoweth’ uBreaux waqinisekisa abafundi ukuthi kungakhathaliseki ukuthi babukeka kanjani, abantu abenza intando kaJehova bahle emehlweni aKhe. (Jer. 13:11) Wanxusa ababethweswa iziqu ukuba balondoloze lolo hlobo lobuhle. Kwalandela uGerrit Lösch weNdikimba Ebusayo owagcizelela ukuthi kuyafaneleka ukulindela umvuzo lapho sikhonza uJehova. (Heb. 11:6) Nokho, isisusa sethu kufanele kube uthando olungenabugovu.

Kwalandela umbonisi woMnyango Wezikole Ezingokwasezulwini, uWilliam Samuelson, owanxusa ababethweswa iziqu ukuba babambelele esabelweni sabo esihloniphekile sokumemezela iNkosi ebusayo futhi bazibonakalise behloniphekile ngokuziphatha kwabo okuhle. * USam Roberson, ongumsizi wombonisi woMnyango Wezikole Ezingokwasezulwini, wabakhuthaza ukuba babheke izimfanelo ezinhle kwabanye ngaso sonke isikhathi. Uma benza kanjalo babeyokwazi ‘ukuthanda bonke abazalwane.’—1 Pet. 2:17.

Ngemva kwalezo zinkulumo ezishukumisayo, uMark Noumair, ofundisa eGileyadi, waxoxa nababethweswa iziqu abaningana abalandisa okuhlangenwe nakho abakuthola enkonzweni yasensimini phakathi nesikole. Bashiya izilaleli zingangabazi ukuthi bayayithanda inkonzo futhi banesifiso sokusiza abanye. UKent Fischer osebenza eHhovisi LaseBethel yasePatterson wabe esexoxa namalungu amaKomiti Amagatsha avela emazweni amathathu anezithunywa zevangeli. Okwashiwo yilaba bazalwane abahle kwaqinisekisa izilaleli, ezazihlanganisa nabazali babaningi balabo ababethweswa iziqu, ukuthi izithunywa zevangeli ezintsha zinakekelwa kahle ezabelweni zazo. U-Izak Marais woMnyango Wezinkonzo Zokuhumusha wabe esexoxa nezithunywa zevangeli ezimbalwa ezingomakad’ ebona futhi okuhlangwenwe nakho kwazo kwazwisa ababethweswa iziqu injabulo ababezoyithola.

Inkulumo eyinhloko esimisweni eyanikezwa uGeoffrey Jackson weNdikimba Ebusayo yayinesihloko esithi “Njengoba Senizwile—Nizokwenzani?” UMfoweth’ uJackson, owakhonza njengesithunywa sevangeli iminyaka engaba ngu-25 eSouth Pacific, waxoxa ngesiphetho seNtshumayelo YaseNtabeni. Kuleyo ntshumayelo, uJesu wakhuluma ngamadoda amabili akha izindlu, enye ihlakaniphile enye iyisiwula. Isikhulumi sabonisa ukuthi kungenzeka ukuthi zombili lezi zindlu zazakhiwe endaweni efanayo. Kodwa indoda eyisiwula yakha phezu kwesihlabathi, kanti ehlakaniphile yemba yaze yafika edwaleni, yakha isisekelo sayo lapho. Lapho kufika isivunguvungu esinamandla, indlu eyakhiwe edwaleni yasinda kodwa eyakhiwe esihlabathini yabhidlika.—Math. 7:24-27; Luka 6:48.

UJesu wachaza ukuthi indoda eyisiwula yayifana nalabo abagcina nje ngokuzwa izimfundiso zakhe. Indoda ehlakaniphile yayifana nalabo abezwa amazwi kaJesu futhi bawasebenzisa. UMfoweth’ uJackson wathi kwababethweswa iziqu, “Uma nikusebenzisa ensimini yenu enikuthole lapho nitadisha iBhayibheli, nizofana nendoda ehlakaniphile.” Lapho ephetha, wanxusa ababethweswa iziqu ukuba “baqale ukumba” ezabelweni zabo zezithunywa zevangeli.

Ekugcineni, ababethweswa iziqu bathola ama-diploma nezabelo zabo, futhi uMfoweth’ uMorris wabanikeza izeluleko ezithile zokubavalelisa. Wabakhuthaza ukuba balandele uJesu njalo futhi bancike njalo emandleni kaJehova. Isimiso sokuthweswa iziqu sabe sesiphethwa.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 UMnyango Wezikole Ezingokwasezulwini oqondiswa iKomiti Yokufundisa wengamela isikole saseGileyadi, esamalungu amaKomiti Amagatsha nesababonisi abajikelezayo.

[Ibhokisi ekhasini 31]

IMINININGWANE YEKILASI

Inani lamazwe amelelwe: 10

Inani lamazwe ababelwe kuwo: 24

Inani labafundi: 56

Isilinganiso seminyaka yobudala: 33,5

Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 17,9

Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 13,8

[Isithombe ekhasini 32]

Ikilasi Le-123 Elithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead

Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Esparza, E.; Papaya, S.; Bilal, A.; Suárez, M.; Evers, E.; Dimichino, K. (2) Rosa, M.; Fujii, R.; Ratey, O.; Leveton, J.; Van Leemputten, M. (3) Boscaino, A.; Beck, K.; Budanov, H.; Braz, C.; Peltz, K.; Siaw, A. (4) Leveton, S.; Santikko, H.; Conte, S.; Wilson, J.; Rylatt, J.; Pierce, S.; Fujii, K. (5) Rosa, D.; Boscaino, M.; Austin, V.; Rodiel, P.; Bilal, P.; Dimichino, P. (6) Ratey, B.; Czyzyk, D.; Clarke, C.; Riedel, A.; Esparza, F.; Siaw, P.; Van Leemputten, T. (7) Rodiel, J.; Evers, J.; Green, J.; Czyzyk, J.; Santikko, M.; Rylatt, M. (8) Peltz, L.; Austin, D.; Riedel, T.; Beck, M.; Pierce, W.; Conte, S.; Green, S. (9) Suárez, J.; Clarke, J.; Papaya, S.; Budanov, M.; Wilson, R.; Braz, R.