Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Funda Emaphutheni Ama-Israyeli

Funda Emaphutheni Ama-Israyeli

Funda Emaphutheni Ama-Israyeli

AMA-ISRAYELI ayazi ukuthi uJehova wayelindeleni kuwo njengoba ayengena eZweni Lesithembiso. Wayewayalile esebenzisa uMose, wathi: “Kumelwe nibaxoshe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu futhi niyibhubhise yonke imifanekiso yabo yamatshe, nayo yonke imifanekiso yabo yensimbi ebunjiweyo kufanele niyibhubhise, nazo zonke izindawo zabo eziphakemeyo ezingcwele kufanele nizibhuqe.”—Num. 33:52.

Abantu bakwa-Israyeli kwakungafanele benze isivumelwano nezakhamuzi zezwe, noma baganiselane nazo. (Dut. 7:2, 3) Ngempela, abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe babexwayisiwe: “Zilinde ukuba ungenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, funa kube lugibe phakathi kwakho.” (Eks. 34:12) Noma kunjalo, ama-Israyeli awamlalelanga uNkulunkulu futhi angena ogibeni. Yini eyawaholela kulesi simo? Iziphi izifundo eziyisixwayiso esingazifunda kulokho okwenzeka kuwo?—1 Kor. 10:11.

Ubudlelwane Nezizwe Bawaholela Ekukhulekeleni Izithombe

Ngenkathi edla iZwe Lesithembiso, ama-Israyeli anqoba ezimpini zawo zokuqala lapho elwa nezakhamuzi zezwe. Nokho, abantwana bakwa-Israyeli abayilalelanga ngokugcwele imiyalo kaNkulunkulu. Abazixoshanga izitha zabo. (AbaHl. 1:1–2:10) Kunalokho, njengoba bahlala phakathi ‘kwezizwe eziyisikhombisa’ ezazikulelo zwe, ukuxhumana kwabo njalo nabantu balezo zizwe kwaholela ebunganini nabo. (Dut. 7:1) Lokhu kwaba naliphi ithonya kubantwana bakwa-Israyeli? IBhayibheli lithi: “Bazithathela amadodakazi awo ukuba abe abafazi babo, banika amadodana awo amadodakazi abo, bakhonza onkulunkulu bawo. Ngakho abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, futhi base bemkhohliwe uJehova uNkulunkulu wabo bakhonza oBhali nezigxobo ezingcwele.” (AbaHl. 3:5-7) Kubantu bakwa-Israyeli, ubudlelwane nezakhamuzi zalelo zwe baholela ekuganiselaneni nazo nasekukhulekeleni izithombe. Lapho sekuganiselenwe, ancipha amathuba okuba ama-Israyeli azixoshe lezo zizwe ezingamaqaba ezweni. Ukukhulekela kweqiniso kwangcoliswa, futhi ama-Israyeli aqala ukukhonza onkulunkulu bamanga.

Njengoba izakhamuzi zaseZweni Lesithembiso zase zingabangane nawo, zaba ingozi enkulu ngokomoya kuma-Israyeli kunangesikhathi ziseyizitha. Cabangela enye indlela okungenzeka angcoliswa ngayo ngokwenkolo.

Ukulima Kwawaholela Ekukhulekeleni UBhali

Lapho bengena eZweni Lesithembiso, abantwana bakwa-Israyeli bayeka ukuba imihambima futhi abaningi baba abalimi. Izindlela zokulima abazisebenzisa cishe zazifana nezazisetshenziswa abantu ababelima kuleyo ndawo ngaphambi kwabo. Kusobala ukuthi ama-Israyeli awagcinanga ngokusebenzisa izindlela zokulima zaseKhanani. Ukuzihlanganisa nabantu bendawo kwawayengela nasekwamukeleni izinkolelo zabo ezihlobene nokulima.

AbaseKhanani babekhulekela oBhali abaningi—onkulunkulu okwakucatshangwa ukuthi benza inhlabathi ivunde. Ngaphandle kokulima nokuvuna, ngokuhamba kwesikhathi ama-Israyeli ahlanganyela ekudumiseni onkulunkulu baseKhanani njengabaletha isivuno esiyinala. Ngakho, ama-Israyeli amaningi ayenza sengathi akhulekela uJehova, kodwa empeleni ayeyizihlubuki zoqobo.

Isixwayiso Esinamandla Kithi Namuhla

Lapho eqala ukuhlangana nabantu baseZweni Lesithembiso, kungenzeka ukuthi ama-Israyeli ayengahlosile ukuhileleka ekukhulekeleni uBhali nokuzitika ngamanyala okuhambisana nakho. Kodwa ukuba nobudlelwane nabo kwaholela kulokho kanye. Akufanele yini siyilindele leyo miphumela ebuhlungu uma siba nobudlelwane nalabo abangase babe nobungane kodwa abangenazo izinkolelo, izindinganiso nezimiso zobuKristu njengathi? Yiqiniso, kungase kudingeke sixhumane ngandlela-thile nabangakholwa emsebenzini, esikoleni, noma mhlawumbe nasekhaya. Nokho, okwenzeka kuma-Israyeli kuyisixwayiso kithi sokuthi ukufuna ukuba nobudlelwane obunjalo kuwukuzidonsela amanzi ngomsele. IBhayibheli linaleli qiniso elingenakuphikwa: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Kor. 15:33.

Namuhla, sibhekana nezinselele eziningi ezicishe zifane nalezo ama-Israyeli abhekana nazo. Umphakathi wanamuhla nawo unonkulunkulu abaningi. Bahlanganisa imali, osaziwayo kwezokuzijabulisa, ompetha kwezemidlalo, izinhlangano zezombusazwe, abaholi benkolo abathile ngisho namalungu omkhaya. Noma ikuphi kulokhu kungase kube into ebaluleke kakhulu ekuphileni kwethu. Ukusondelana kakhulu nabantu abangamthandi uJehova kungaholela ekulimaleni kwethu ngokomoya.

Ubulili obungemthetho babuvelele ekukhulekeleni uBhali futhi bakhanga, bayenga ama-Israyeli amaningi. Izingibe ezifanayo zisabamba abathile phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, umuntu onelukuluku lokwazi nongaqaphile angangcolisa unembeza wakhe ohlanzekile ngokuchofoza inkinobho ye-computer nje esekhaya. Yeka ukuthi kungadabukisa kanjani uma umKristu engayengwa izithombe ezingcolile zobulili kuyi-Internet!

“Bayajabula Abagcina Izikhumbuzo Zakhe”

Ukulalela uJehova noma ukungamlaleli endabeni yokukhetha abangane kuyisinqumo somuntu siqu. (Dut. 30:19, 20) Ngakho, kudingeka sizibuze: ‘Ngizilibazisa nobani? Zinjani izimiso nokuziphatha kwabo? Ingabe bayamkhulekela uJehova? Ingabe ukuzihlanganisa nabo kuyongikhuthaza ukuba ngibe umKristu ongcono?’

Umhubi wahlabelela: “Bayajabula abangenaphutha endleleni yabo, abahamba ngomthetho kaJehova. Bayajabula abagcina izikhumbuzo zakhe; bayaqhubeka bemfuna ngayo yonke inhliziyo.” (IHu. 119:1, 2) Ngempela, “uyajabula wonke umuntu owesaba uJehova, ohamba ngezindlela zakhe.” (IHu. 128:1) Endabeni yokukhetha abangane, kwangathi singafunda emaphutheni ama-Israyeli futhi simlalele ngokuphelele uJehova.—IzAga 13:20.

[Isithombe ekhasini 26]

Ukuba nobudlelwane nalabo abangamthandi uJehova kungasiholela ekukhulekeleni izithombe