Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Hamba Ngezindlela ZikaJehova

Hamba Ngezindlela ZikaJehova

Hamba Ngezindlela ZikaJehova

“Uyajabula wonke umuntu owesaba uJehova, ohamba ngezindlela zakhe.”—IHU. 128:1.

1, 2. Kungani singaqiniseka ukuthi injabulo ingatholakala?

INJABULO—wonke umuntu uyayifuna. Kodwa ngokungangabazeki uzovuma ukuthi ukufisa injabulo ngisho nokulwela ukuyithola akufani nokuba nayo.

2 Nokho, injabulo ingatholakala. IHubo 128:1 lithi: “Uyajabula wonke umuntu owesaba uJehova, ohamba ngezindlela zakhe.” Singaba abajabulayo uma sihlonipha uNkulunkulu futhi sihamba ngezindlela zakhe ngokwenza intando yakhe. Lokhu kungaba naliphi ithonya ekuziphatheni kwethu nasezimfanelweni esizibonisayo?

Zibonakalise Uthembekile

3. Ukwethembeka kuhlobene kanjani nokuzinikezela kwethu kuNkulunkulu?

3 Abesaba uJehova bathembekile njengaye. UJehova wazigcina zonke izithembiso azenza ku-Israyeli wasendulo. (1 AmaKh. 8:56) Ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu kuyisithembiso esibaluleke kunazo zonke esiyoke sizenze, futhi ukuthandaza njalo kuyosisiza ukuba sisigcine. Singathandaza njengomhubi uDavide: “Wena, Nkulunkulu, uzilalele izithembiso zami ezifungelwe. . . . Ngiyolihubela igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngigcwalise izithembiso zami ezifungelwe usuku nosuku.” (IHu. 61:5, 8; UmSh. 5:4-6) Ukuze sibe abangane bakaNkulunkulu, kumelwe sethembeke.—IHu. 15:1, 4.

4. Yini uJefta nendodakazi yakhe abayenza ngokuqondene nesithembiso asenza kuJehova?

4 Ezinsukwini zabaHluleli bakwa-Israyeli, uJefta wenza isithembiso sokuthi uma uJehova emsiza ukuba anqobe abakwa-Amoni, umuntu wokuqala owayeyomhlangabeza lapho ebuya empini wayeyomnikela “abe ngumnikelo wokushiswa.” Nakho-ke esehlangatshezwa indodakazi yakhe enguzinyo-bulala. Benokholo kuJehova, uJefta nendodakazi yakhe eyayingashadile basigcina leso sithembiso. Nakuba ukushada nokuba nabantwana kwakwaziswa kakhulu kwa-Israyeli, indodakazi kaJefta yavuma ukuhlala ingashadile futhi yaba nelungelo lokunikela inkonzo engcwele endlini kaJehova engcwele.—AbaHl. 11:28-40.

5. UHana wazibonakalisa kanjani ethembekile?

5 UHana, owesifazane owesaba uNkulunkulu, wazibonakalisa ethembekile. Wayehlala nomyeni wakhe ongumLevi, u-Elkana, nozakwabo uPhenina, esifundeni sezintaba sakwa-Efrayimi. UPhenina waba nabantwana abaningana futhi wayevame ukuchukuluza uHana oyinyumba, ikakhulu lapho umkhaya uye etabernakele. Kwesinye salezo zenzakalo, uHana wathembisa uJehova ukuthi uma ayengathola indodana wayeyomnika yona. Kungakabiphi, wakhulelwa wabeletha umfana owethiwa ngokuthi uSamuweli. Ngemva kokuba umfana elunyuliwe, uHana wamyisa kuNkulunkulu eShilo, emboleka uJehova ‘zonke izinsuku zokuphila kwakhe.’ (1 Sam. 1:11) Kanjalo wasigcina isithembiso sakhe, engazi nakwazi ukuthi wayeyogcina ebe nabanye abantwana.—1 Sam. 2:20, 21.

6. Ukwethembeka kukaThikhiku kwabonakala kanjani?

6 UThikhiku, umKristu wangekhulu lokuqala, wayeyindoda eqotho “nesikhonzi esithembekile.” (Kol. 4:7) Wahamba nomphostoli uPawulu besuka eGrisi, badabula elaseMakedoniya baya e-Asia Minor futhi mhlawumbe baze bafika naseJerusalema. (IzE. 20:2-4) Kungenzeka ukuthi nguye “umzalwane” owasiza uThithu ukuba ahlele ukuqoqwa komnikelo wokusiza amaKristu aseJudiya ayeswele. (2 Kor. 8:18, 19; 12:18) Lapho uPawulu eboshwe okokuqala eRoma, wacela lesi sithunywa esithembekile ukuba siyise izincwadi kwababekholwa nabo e-Efesu naseKolose. (Efe. 6:21, 22; Kol. 4:8, 9) Ngesikhathi eboshwe okwesibili eRoma, uPawulu wathumela uThikhiku e-Efesu. (2 Thim. 4:12) Uma sithembekile, nathi siyothola izibusiso enkonzweni kaJehova.

7, 8. Kungani singase sithi uDavide noJonathani babengabangane beqiniso?

7 UNkulunkulu ulindele ukuba sibe abangane abathembekile. (IzAga 17:17) UJonathani, indodana yeNkosi uSawule, waba umngane kaDavide. Lapho uJonathani ezwa ukuthi uDavide wayebulele uGoliyati, “umphefumulo [wakhe] wanamathelana nomphefumulo kaDavide, uJonathani waqala ukumthanda njengoba ethanda umphefumulo wakhe.” (1 Sam. 18:1, 3) UJonathani waze waxwayisa uDavide lapho uSawule efuna ukumbulala. Ngemva kokuba uDavide ebalekile, uJonathani wabonana naye futhi benza isivumelwano. Ukukhuluma kukaJonathani ngoDavide kuSawule kwacishe kwamlahlekisela ngokuphila kwakhe, kodwa laba bangane baphinde babonana futhi bavuselela ubuhlobo babo. (1 Sam. 20:24-41) Lapho bebonana okokugcina, uJonathani waqinisa isandla sikaDavide “ngokuphathelene noNkulunkulu.”—1 Sam. 23:16-18.

8 UJonathani wafela empini belwa namaFilisti. (1 Sam. 31:6) Engomeni yokulila, uDavide wathi: “Ngilusizi ngawe, mfowethu Jonathani, wawumnandi kakhulu kimi. Uthando lwakho lwalumangalisa kakhulu kimi kunothando lwabesifazane.” (2 Sam. 1:26) UDavide noJonathani babengabangane beqiniso.

Yiba ‘Othobekile Engqondweni’ Njalo

9. Ukubaluleka kokuthobeka kuboniswa kanjani kubaHluleli isahluko 9?

9 Ukuze sibe abangane bakaNkulunkulu, kumelwe sibe ‘abathobekile engqondweni.’ (1 Pet. 3:8; IHu. 138:6) Ukubaluleka kokuthobeka sikubona kubaHluleli isahluko 9. Indodana kaGideyoni, uJothamu, yathi: “Kwathi ngesinye isikhathi imithi yahamba yayozigcobela inkosi.” Kuleso sahluko, kwakhulunywa ngomuthi womnqumo, umkhiwane nomvini. Le mithi yayimelele abantu ababefaneleka, kodwa abangazange bafune ukubusa ama-Israyeli akubo. Kodwa ijikijolo—elisetshenziselwa nje ukubasa—lamelela ubukhosi buka-Abhimeleki oqhoshayo, umbulali owayeshabashekela ukubusa abanye. Nakuba ‘azenza isikhulu phezu kuka-Israyeli iminyaka emithathu,’ washeshe wafa. (AbaHl. 9:8-15, 22, 50-54) Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuba ‘othobekile engqondweni’!

10. Yini oyifundile ‘ngokunganiki kukaHerode uNkulunkulu inkazimulo’?

10 Ekhulwini lokuqala C.E., kwaba khona ukungezwani phakathi kwenkosi eqhoshayo yaseJudiya uHerode Agripha nezakhamuzi zaseThire naseSidoni, ezafuna ukubuyisana nayo. Ngesinye isikhathi lapho uHerode ekhuluma nesixuku, samemeza: “Yizwi likankulunkulu, akulona elomuntu!” UHerode akazange akwenqabe lokho kudunyiswa, futhi ingelosi kaJehova yamshaya, wafa kabuhlungu “ngoba enganikanga uNkulunkulu inkazimulo.” (IzE. 12:20-23) Kuthiwani uma ngandlela-thile sinekhono lokubeka izinkulumo noma lokufundisa amaqiniso eBhayibheli? Uma kunjalo, masidumise uNkulunkulu ngalokho asivumela ukuba sikwenze.—1 Kor. 4:6, 7; Jak. 4:6.

Yiba Nesibindi, Uqine

11, 12. Indaba ka-Enoke ibonisa kanjani ukuthi uJehova unika izinceku zakhe isibindi namandla?

11 Uma sihamba ngezindlela zikaJehova ngokuthobeka, uyosinika isibindi namandla. (Dut. 31:6-8, 23) U-Enoke, ongowesikhombisa ukusuka ku-Adamu, wahamba noNkulunkulu ngesibindi ngokuphishekela inkambo yobuqotho phakathi kwabantu ababi besikhathi sakhe. (Gen. 5:21-24) UJehova wamqinisa ukuze abatshele isigijimi esinamandla esilahla amazwi nezenzo zabo zokungamhloniphi uNkulunkulu. (Funda uJude 14, 15.) Unaso yini isibindi osidingayo ukuze umemezele izahlulelo zikaNkulunkulu?

12 Osukwini lukaNowa uJehova wabhubhisa abantu abangamhloniphi ngoZamcolo wembulunga yonke. Nokho, isiprofetho sika-Enoke siyasikhuthaza ngoba maduze izinkulungwane zamabutho kaNkulunkulu angcwele zizobhubhisa abantu banamuhla abangamhloniphi uNkulunkulu. (IsAm. 16:14-16; 19:11-16) Ephendula imithandazo yethu, uJehova usinika isibindi sokumemezela isigijimi sakhe, kungakhathaliseki ukuthi sihlobene nezahlulelo zakhe noma nezibusiso eziyotholakala lapho sekubusa uMbuso wakhe.

13. Kungani singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu angasinika isibindi namandla esikudingayo ukuze sibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga ezicindezelayo?

13 Ukuze sibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga ezicindezelayo, sidinga isibindi namandla avela kuNkulunkulu. Lapho u-Esawu ethatha abafazi ababili abangamaHeti, baba “yimbangela yomoya omunyu ku-Isaka noRebheka” abazali bakhe. URebheka waze wabalisa: “Ngiyakwenyanya lokhu kuphila kwami ngenxa yamadodakazi kaHeti. Uma uJakobe [indodana yethu] engathatha umfazi emadodakazini kaHeti njengalawa avela emadodakazini ezwe, kunanzuzoni ukuphila kimi?” (Gen. 26:34, 35; 27:46) U-Isaka wayisukumela le ndaba, watshela uJakobe ukuba ahambe ayofuna inkosikazi kubakhulekeli bakaJehova. Nakuba u-Isaka noRebheka babengenakukushintsha okwakwenziwe u-Esawu, uNkulunkulu wabanika ukuhlakanipha, isibindi namandla okuhlala bethembekile kuye. Uma sithandazela usizo esiludingayo, uJehova uyosenzela okufanayo nathi.—IHu. 118:5.

14. Intombazanyana engumIsrayeli yasibonisa kanjani isibindi?

14 Emakhulwini eminyaka kamuva, intombazanyana engumIsrayeli eyayithunjwe iviyo labaphangi yaba incekukazi endlini yomkhuzi webutho lempi laseSiriya, uNahamani, indoda eyayinochoko. Njengoba yayizwile ngezimangaliso uNkulunkulu ayezenze ngomprofethi u-Elisha, le ntombazane yatshela umkaNahamani ngesibindi: ‘Uma inkosi yami ingaya kwa-Israyeli, umprofethi kaJehova angayiphulukisa ochokweni lwayo.’ UNahamani waya kwa-Israyeli futhi waphulukiswa ngokuyisimangaliso. (2 AmaKh. 5:1-3) Yeka isibonelo esihle le ntombazanyana esibekela intsha encika kuJehova ukuze ibe nesibindi sokufakaza kothisha, kwefunda nabo nakwabanye!

15. Isiphi isenzo sesibindi esenziwa u-Obadiya, umphathi wendlu ka-Ahabi?

15 Isibindi esisinikwa uNkulunkulu sisisiza ukuba sikhuthazelele ushushiso. Cabanga ngo-Obadiya, umphathi wendlu yeNkosi u-Ahabi, owayephila ngesikhathi somprofethi u-Eliya. Lapho iNdlovukazi uJezebeli iyala ukuba kubulawe abaprofethi bakaNkulunkulu, u-Obadiya wafihla abayikhulu “emhumeni ngamashumi amahlanu.” (1 AmaKh. 18:13; 19:18) Ingabe wena ubungaba naso isibindi sokusiza amaKristu ashushiswayo, njengoba u-Obadiya asiza abaprofethi bakaJehova?

16, 17. U-Aristarku noGayu basabela kanjani lapho beshushiswa?

16 Singaqiniseka ukuthi uJehova uyoba nathi uma sishushiswa. (Roma 8:35-39) Enkundleni yemidlalo e-Efesu, izisebenzi ezikanye noPawulu, u-Aristarku noGayu, zathelekelwa isixuku okungenzeka sasibalelwa ezinkulungwaneni. UDemetriyu, umkhandi wesiliva, wayesuse isiphithiphithi. Yena nezinye izingcweti babakha izindawo zokukhulekela zesiliva zikankulunkulukazi u-Arthemisi, futhi ibhizinisi labo elichumayo lalisengozini ngoba umsebenzi kaPawulu wokushumayela wawenza izakhamuzi eziningi ziyeke ukukhulekela izithombe. Isixuku sahudulela u-Aristarku noGayu enkundleni yemidlalo, salokhu simemeza: “Mkhulu u-Arthemisi wabase-Efesu!” Cishe u-Aristarku noGayu base bebona ukuthi libashonele, kodwa umgcini-mibhalo womuzi wasithulisa isixuku.—IzE. 19:23-41.

17 Ukube kwakunguwe owehlelwe yileso senzakalo, ingabe wawuyoshiya phansi, ufune indlela yokuphila engenazinselele kangako? Akukho lutho olusikisela ukuthi u-Aristarku noma uGayu baphelelwa isibindi. Njengoba ayengowaseThesalonika, u-Aristarku wayazi ukuthi ukushumayela izindaba ezinhle kungaletha ushushiso. Ngaphambili, kwakusuke isiphithiphithi lapho uPawulu eshumayela kulowo muzi. (IzE. 17:5; 20:4) Ngenxa yokuthi u-Aristarku noGayu babehamba ngezindlela zikaJehova, wabanika amandla nesibindi ukuze bakhuthazelele ushushiso.

Ukukhathalela Izithakazelo Zabanye

18. UPriska no-Akhwila ‘babezikhathalela’ kanjani izithakazelo zabanye?

18 Kufanele sikhathalele amanye amaKristu, kungakhathaliseki ukuthi njengamanje siyashushiswa noma cha. UPriska no-Akhwila ‘babezikhathalela’ izithakazelo zabanye. (Funda eyabaseFilipi 2:4.) Lowo mbhangqwana oyisibonelo kungenzeka wanikeza uPawulu indawo yokuhlala e-Efesu, lapho uDemetriyu umkhandi wesiliva asusa khona isiphithiphithi osekukhulunywe ngaso. Kungenzeka ukuthi yileso senzakalo esenza u-Akhwila noPriska “bafaka ukuphila kwabo engozini” ngenxa kaPawulu. (Roma 16:3, 4; 2 Kor. 1:8) Namuhla, ukukhathalela abafowethu abashushiswayo kusenza sibe “abaqaphile njengezinyoka.” (Math. 10:16-18) Siyaqapha lapho senza umsebenzi wethu futhi asilokothi sibafake engozini abafowethu ngokudalula amagama abo noma eminye imininingwane kubashushisi.

19. Iziphi izinto ezinhle uDorka ayezenzela abanye?

19 Izithakazelo zabanye sizikhathalela ngezindlela ezihlukahlukene. Amanye amaKristu aswele, futhi singase sikwazi ukuwasiza. (Efe. 4:28; Jak. 2:14-17) Ebandleni laseJopha lekhulu lokuqala, kwakunowesifazane ophanayo ogama lakhe linguDorka. (Funda izEnzo 9:36-42.) UDorka “wayenezenzo eziningi ezinhle nezipho eziningi zesihe,” ngokusobala ezazihlanganisa ukwenzela abafelokazi abaswele izingubo. Ukufa kwakhe ngo-36 C.E. kwabazwisa ubuhlungu obukhulu abafelokazi. UNkulunkulu wasebenzisa umphostoli uPetru ukuze avuse uDorka, futhi kungenzeka ukuthi wasebenzisa ukuphila kwakhe konke eshumayela izindaba ezinhle futhi enzela abanye izinto ezinhle ngenjabulo. Yeka indlela esijabula ngayo ngokuba nodade abakhathalela abanye namuhla!

20, 21. (a) Isikhuthazo singena kanjani endabeni yokukhathalela izithakazelo zabanye? (b) Yini ongayenza ukuze ube okhuthazayo?

20 Sikhathalela abanye ngokubakhuthaza. (Roma 1:11, 12) USila, isisebenzi esikanye noPawulu, wayengumthombo wesikhuthazo. Ngemva kokuba kukhishwe isinqumo ngendaba yokusoka cishe ngo-49 C.E., indikimba ebusayo eJerusalema yathuma amanxusa ukuba ahambise incwadi emakholweni ahlala kwezinye izindawo. USila, uJuda, uBarnaba noPawulu bayihambisa e-Antiyokiya. Kuleyo ndawo, uSila noJuda “bakhuthaza abazalwane ngezinkulumo eziningi futhi babaqinisa.”—IzE. 15:32.

21 Kamuva, uPawulu noSila baboshwa eFilipi kodwa kwaba nokuzamazama komhlaba okwabakhulula. Yeka ukuthi bakujabulela kanjani ukunikeza ubufakazi kumgcini wejele nokumbona yena nendlu yakhe beba amakholwa! Ngaphambi kokuba bahambe kulowo muzi, uSila noPawulu bakhuthaza abazalwane. (IzE. 16:12, 40) NjengoPawulu noSila, lwela ukukhuthaza abanye ngezimpendulo nezinkulumo zakho nangokuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni yasensimini. Futhi lapho ‘unezwi lesikhuthazo,’ unganqikazi ‘ukulisho.’—IzE. 13:15.

Qhubeka Uhamba Ngezindlela ZikaJehova

22, 23. Singazuza kanjani ngempela ezindabeni eziseBhayibhelini?

22 Yeka indlela okufanele sibonge ngayo ngezindaba ezingokoqobo ezilotshwe eZwini likaJehova, “uNkulunkulu waso sonke isikhuthazo”! (2 Kor. 1:3, Byington) Ukuze sizuze kulezi zindaba, kumelwe sizisebenzise ekuphileni kwethu izifundo eziseBhayibhelini futhi sivume ukuholwa umoya ongcwele kaNkulunkulu.—Gal. 5:22-25.

23 Ukuzindla ngezindaba eziseBhayibhelini kuyosisiza ukuba sibonise izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu. Kuyoqinisa ubuhlobo bethu noJehova, osinika “ukuhlakanipha nolwazi nokujabula.” (UmSh. 2:26) Khona-ke, siyokwazi ukujabulisa inhliziyo kaNkulunkulu echichima uthando. (IzAga 27:11) Kwangathi singazimisela ukwenza kanjalo ngokuqhubeka sihamba ngezindlela zikaJehova.

Ungaphendula Kanjani?

• Ungazibonakalisa kanjani uthembekile?

• Kungani kufanele sibe ‘abathobekile engqondweni’?

• Izindaba eziseBhayibhelini zingasisiza kanjani ukuba sibe nesibindi?

• Iziphi izindlela esingakhathalela ngazo izithakazelo zabanye?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 8]

UJefta othembekile nendodakazi yakhe basigcina isithembiso sakhe, nakuba kwakunzima ukukwenza lokho

[Isithombe ekhasini 10]

Basha, nifundeni entombazaneni engumIsrayeli?

[Isithombe ekhasini 11]

UDorka wazinakekela kanjani izidingo zamanye amaKristu?