Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IZwi LikaJehova Liyaphila Amaphuzu Avelele Encwadi KaMarku

IZwi LikaJehova Liyaphila Amaphuzu Avelele Encwadi KaMarku

IZwi LikaJehova Liyaphila Amaphuzu Avelele Encwadi KaMarku

IVANGELI likaMarku lifushane kunawo wonke amaVangeli amane. Lalotshwa uJohane Marku eminyakeni engaba ngu-30 ngemva kokufa nokuvuswa kukaJesu Kristu, futhi lilandisa ngendlela esheshayo ngezenzakalo eziningi ezivusa amadlingozi zenkonzo kaJesu yeminyaka emithathu nengxenye.

Njengoba kusobala ukuthi yayibhalelwe abantu abangewona amaJuda, ikakhulukazi amaRoma, incwadi kaMarku ibonisa uJesu njengeNdodana kaNkulunkulu eyenza izimangaliso isemkhankasweni omkhulu wokushumayela. Igcizelela lokho uJesu akwenza kunalokho akufundisa. Ukunaka iVangeli likaMarku kuyoqinisa ukholo lwethu kuMesiya futhi kusishukumisele ukuba sibe abamemezeli abashisekayo besigijimi sikaNkulunkulu enkonzweni yobuKristu.—Heb. 4:12.

INKONZO ENKULU AYENZA EGALILE

(Marku 1:1–9:50)

Ngemva kokulandisa ngomsebenzi kaJohane uMbhapathizi nangezinsuku ezingu-40 uJesu azichitha ehlane ngamavesi angu-14 kuphela, uMarku uqala umlando ovusa amadlingozi wenkonzo kaJesu eGalile. Ukulisebenzisa ngokuphindaphindiwe igama elithi “masinyane” kwenza lo mlando ube nomuzwa wokuphuthuma.—Marku 1:10, 12.

Eminyakeni engaphansi kwemithathu, uJesu uqeda imikhankaso emithathu yokushumayela eGalile. Ezikhathini eziningi uMarku ubhala izenzakalo ngokulandelana kwazo. Uyayishiya iNtshumayelo Yasentabeni, njengoba ezishiya neziningi zezinkulumo zikaJesu ezithanda ukuba zinde.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

1:15—‘Yisikhathi esimisiwe’ sani esase sigcwalisekile? UJesu wayethi isikhathi esimisiwe sokuba aqale inkonzo yakhe sase sigcwalisekile. UMbuso kaNkulunkulu wawususondele ngoba wayesekhona njengomuntu oqokelwe ubukhosi. Abantu abanhliziyo-ziqotho base bengasabela emsebenzini wakhe wokushumayela futhi bathathe izinyathelo ezaziyobenza bamukelwe uNkulunkulu.

1:44; 3:12; 7:36—Kungani uJesu ayengafuni ukuba izimangaliso ayezenza zimenyezelwe? UJesu wayefuna ukuba abantu bazibonele ngokwabo ukuthi wayenguKristu futhi bazenzele isinqumo esisekelwe kulobo bufakazi kunokuba bafinyelele iziphetho ngokusekelwe emibikweni evusa usinga noma mhlawumbe ehlanekezelwe. (Isaya 42:1-4; Math. 8:4; 9:30; 12:15-21; 16:20; Luka 5:14) Wenza okuhlukile endabeni yendoda eyayinamademoni yasezweni lamaGerasa. UJesu wayitshela ukuba iye ekhaya futhi iyibikele izihlobo zayo leyo ndaba. UJesu wayencengiwe ukuba ahambe kuleyo ndawo, ngakho ayemancane amathuba okuba abonane nabantu bakuleyo ndawo noma nje ayengekho nhlobo. Ukuba khona komuntu uJesu ayemenzele okuhle nobufakazi bakhe kwakuyonciphisa izinkulumo ezigxekayo ngokuphathelene nezingulube ezafa.—Marku 5:1-20; Luka 8:26-39.

2:28—Kungani uJesu ebizwa ngokuthi ‘uyiNkosi ngisho neyesabatha’? Umphostoli uPawulu wabhala: “UMthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo.” (Heb. 10:1) Njengoba uMthetho wawushilo, iSabatha laliba ngemva kwezinsuku eziyisithupha zomsebenzi, futhi uJesu welapha abantu abaningi ngalolo suku. Lokhu kwakufanekisela ukuphumula okunokuthula nezinye izibusiso isintu esiyozithola ngaphansi kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane ngemva kokuphela kokubusa okucindezelayo kukaSathane. Ngakho-ke, iNkosi yalowo Mbuso ibuye ibe “yiNkosi yesabatha.”—Math. 12:8; Luka 6:5.

3:5; 7:34; 8:12—UMarku wayengayazi kanjani imininingwane ephathelene nemizwelo kaJesu? UMarku wayengeyena omunye wabaphostoli abangu-12 futhi engeyena umngane kaJesu omkhulu. Inkolelo eyamukelekayo yasendulo ithi uMarku wathola okuningi kokwaziswa kwakhe kumphostoli uPetru, owayengumngane wakhe omkhulu.—1 Pet. 5:13.

6:51, 52—Yikuphi “okwakushiwo yizinkwa” abafundi abangakuqondanga? Emahoreni ambalwa nje ngaphambili, uJesu wayesuthise amadoda angu-5 000 ngezinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili nje, ngaphandle kwabesifazane nabantwana. “Okwakushiwo yizinkwa” okwakufanele abafundi bakuqonde ngaleso senzakalo ukuthi uJehova uNkulunkulu wayenike uJesu amandla okwenza izimangaliso. (Marku 6:41-44) Ukube babebuqondile ubukhulu bamandla uJesu ayenikwe wona, babengeke bamangale kangako lapho ehamba ngokuyisimangaliso phezu kwamanzi.

8:22-26—Kungani uJesu asebenzisa izinyathelo ezimbili lapho ephulukisa impumputhe? Kungenzeka ukuthi uJesu wenza lokhu ngoba eyibonelela. Ukuwavula kancane kancane amehlo omuntu okwase kuyisikhathi eside ejwayele ubumnyama kwakuyowasiza ukuba ajwayelane nokuxhopha kwelanga.

Izifundo Esizitholayo:

2:18; 7:11; 12:18; 13:3. UMarku uchaza amasiko, amagama, izinkolelo nezindawo okungenzeka ukuthi abafundi ababengewona amaJuda babengajwayelene nazo. Ukwenza kucace ukuthi abaFarisi ‘babezila ukudla,’ ukuthi ikorbana ‘iyisipho esinikezelwe kuNkulunkulu,’ ukuthi abaSadusi “bathi alukho uvuko” nokuthi ithempeli ‘lalibonakala’ uma ‘useNtabeni Yeminqumo.’ Njengoba uhlu lozalo lukaMesiya lwaluyothakazelisa amaJuda kakhulu, akaluphathi nakuluphatha. Ngakho, uMarku usibekela isibonelo. Kufanele sicabangele isizinda sezilaleli zethu lapho sisenkonzweni yobuKristu noma sinikeza izinkulumo emihlanganweni yebandla.

3:21. Izihlobo zikaJesu zazingakholwa. Ngakho uyezwelana nalabo abaphikiswa noma abaklolodelwa amalungu omkhaya angakholwa ngenxa yokholo lwabo.

3:31-35. Lapho uJesu ebhapathizwa waba iNdodana kaNkulunkulu yomoya, futhi “iJerusalema eliphezulu” laba unina. (Gal. 4:26) Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu wasondelana nabafundi bakhe, futhi wabazisa ngaphezu kwezihlobo zakhe zegazi. Lokhu kusifundisa ukuba sibeke izithakazelo ezingokomoya kuqala ekuphileni kwethu.—Math. 12:46-50; Luka 8:19-21.

8:32-34. Kufanele sisheshe ukubona lapho abanye besibonisa umusa ongafaneleki futhi siwenqabe. Umlandeli kaKristu kumelwe akulungele ‘ukuzidela,’ okungukuthi ukuzincisha izinto ezithile nokwenqaba izifiso nemigomo yobugovu. Kufanele azimisele ‘ukuthatha isigxobo sakhe sokuhlushwa’—ukuhlupheka, uma kudingeka, noma ukuhlaziswa noma ukushushiswa noma ngisho nokubulawa ngenxa yokuba umKristu. Kumelwe futhi ‘alandele uJesu njalo,’ azivumelanise nendlela yaKhe yokuphila. Inkambo yokuba umfundi ifuna ukuba sihlakulele futhi silondoloze umoya wokuzidela ofana nokaKristu Jesu.—Math. 16:21-25; Luka 9:22, 23.

9:24. Akufanele sibe namahloni okuvuma ukholo lwethu noma okucela ukholo olwengeziwe.—Luka 17:5.

INYANGA YOKUGCINA

(Marku 10:1–16:8)

Ngasekupheleni kuka-32 C.E., uJesu ufika “emingceleni yaseJudiya ngaphesheya kweJordani,” futhi izixuku ziyaphinda zize kuye. (Marku 10:1) Ngemva kokushumayela lapho, ulibangisa eJerusalema.

NgoNisani 8, uJesu useBhethaniya. Lapho besadla kungena owesifazane futhi amthele ngamafutha anamakha ekhanda. Izenzakalo eziqala ngokungena kokunqoba kukaJesu eJerusalema kuze kube ukuvuswa kwakhe zichazwa ngendlela ezalandelana ngayo.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

10:17, 18—Kungani uJesu akhuza umuntu othile owambiza ngokuthi “Mfundisi Omuhle”? Ngalokho kwenqaba ukubizwa ngalesi siqu sokuthopha, uJesu wayisa inkazimulo kuJehova futhi wabonisa ukuthi uNkulunkulu weqiniso ungumthombo wazo zonke izinto ezinhle. Ngaphezu kwalokho, uJesu wagxilisa ukunaka eqinisweni eliyisisekelo lokuthi nguJehova uNkulunkulu kuphela, uMdali wazo zonke izinto, onelungelo lokubeka izindinganiso zokuhle nokubi.—Math. 19:16, 17; Luka 18:18, 19.

14:25—UJesu wayesho ukuthini lapho ethi kubaphostoli bakhe abathembekile: “Angisoze ngiphinde futhi ngiphuze umkhiqizo womvini kuze kube yilolo suku lapho ngiwuphuza umusha embusweni kaNkulunkulu”? UJesu wayengasikiseli ukuthi kunewayini elingokoqobo ezulwini. Nokho, njengoba ngezinye izikhathi iwayini lifanekisela injabulo, uJesu wayebhekisela enjabulweni yokuba nabalandeli bakhe abagcotshiwe abavusiwe eMbusweni.—IHu. 104:15; Math. 26:29.

14:51, 52—Ingubani insizwa ‘eyabaleka inqunu’? NguMarku yedwa okhuluma ngalesi senzakalo, ngakho singaphetha ngokufanele ngokuthi wayekhuluma ngaye ngokwakhe.

15:34—Ingabe amazwi kaJesu athi “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” ayebonisa ukuthi wayentula ukholo? Cha. Nakuba singenakuqiniseka ngesisusa sikaJesu sokusho la mazwi, kungenzeka abonisa ukuthi wezwa ukuthi uJehova wayesisusile isivikelo sakhe ukuze ubuqotho beNdodana yakhe buvivinywe ngokugcwele. Kungenzeka nokuthi uJesu washo lokhu ngoba efuna ukugcwalisa lokho iHubo 22:1 elakubikezela ngaye.—Math. 27:46.

Izifundo Esizitholayo:

10:6-9. Injongo kaNkulunkulu iwukuba abantu abashadile banamathelane. Ngakho-ke, kunokuba bagijimele isahlukaniso, amadoda nabafazi kufanele balwele ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ukuze banqobe noma iziphi izinkinga ezingase ziphakame emshadweni.—Math. 19:4-6.

12:41-44. Isibonelo somfelokazi ompofu sisifundisa ukuthi kufanele sisekele ukukhulekela kweqiniso ngokungenabugovu.

[Isithombe ekhasini 29]

Kungani uJesu atshela le ndoda ukuba ibikele izihlobo zayo konke okwakwenzeke kuyo?