Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lingisa ISithunywa Sevangeli Esikhulu Kunazo Zonke

Lingisa ISithunywa Sevangeli Esikhulu Kunazo Zonke

Lingisa ISithunywa Sevangeli Esikhulu Kunazo Zonke

“Yibani abalingisi bami, njengoba nje nami ngingumlingisi kaKristu.”—1 KOR. 11:1.

1. Kungani kufanele silingise uJesu Kristu?

UMPHOSTOLI UPAWULU walingisa uJesu Kristu, iSithunywa Sevangeli esikhulu kunazo zonke. Wakhuthaza namaKristu ayekanye nawo: “Yibani abalingisi bami, njengoba nje nami ngingumlingisi kaKristu.” (1 Kor. 11:1) Ngemva kokuba uJesu ebekele abaphostoli bakhe isibonelo sokuthobeka ngokugeza izinyawo zabo, wathi kubo: “Nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani nenze kanjalo.” (Joh. 13:12-15) NjengamaKristu anamuhla, sinesibopho sokulingisa uJesu Kristu ngamazwi, ngezenzo nangezimfanelo esizibonisayo.—1 Pet. 2:21.

2. Ngisho noma ungamiswanga iNdikimba Ebusayo njengesithunywa sevangeli, isiphi isimo sengqondo ongaba naso?

2 Esihlokweni esandulelayo, sifunde ukuthi isithunywa sevangeli umuntu othunywa njengomshumayeli wevangeli—umuntu oyisa izindaba ezinhle kwabanye. Ngokuphathelene nale ndaba, uPawulu wabuza imibuzo ethile ethakazelisayo. (Funda amaRoma 10:11-15.) Phawula ukuthi lo mphostoli wabuza: “Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo?” Wabe esecaphuna la mazwi esiprofethweni sika-Isaya: “Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!” (Isaya 52:7) Ngisho noma ungamiswanga futhi ungathunyelwanga kwelinye izwe njengesithunywa sevangeli, ungaba nomoya wobuvangeli, ulingisa uJesu njengommemezeli oshisekayo wezindaba ezinhle. Ngonyaka odlule, abamemezeli boMbuso abangu-6 957 852 ‘benza umsebenzi wabavangeli’ emazweni angu-236.—2 Thim. 4:5.

“Sishiyé Zonke Izinto Sakulandela”

3, 4. Yini uJesu ayishiya ezulwini, futhi yini okumelwe siyenze ukuze sibe abalandeli bakhe?

3 Ukuze afeze indima yakhe emhlabeni, uJesu “wazidela, wathatha isimo senceku,” washiya ukuphila nenkazimulo yakhe yasezulwini. (Fil. 2:7) Noma yini esiyenzayo lapho silingisa uKristu ayinakuqhathaniswa nalokho akwenza lapho eza emhlabeni. Kodwa singahlala sigxilile njengabalandeli bakhe, singakhumbuli lokho esasinakho ezweni likaSathane.—1 Joh. 5:19.

4 Ngesinye isikhathi umphostoli uPetru wathi kuJesu: “Bheka! Sishiyé zonke izinto sakulandela.” (Math. 19:27) UPetru, u-Andreya, uJakobe noJohane bawashiya ngokushesha amanetha abo lapho uJesu ethi mabamlandele. Bashiya ibhizinisi lokudoba, benza inkonzo yaba umsebenzi wokuphila kwabo. Ngokokulandisa kweVangeli likaLuka, uPetru wathi: “Bheka! Sizishiyile izinto zethu sakulandela.” (Luka 18:28) Iningi lethu akuzange kudingeke ukuba lishiye zonke ‘izinto zalo’ ukuze lilandele uJesu. Nokho, kuye kwadingeka ukuba ‘sizidele’ ukuze sibe abalandeli bakaKristu futhi sibe izinceku zikaJehova ezimkhonza ngenhliziyo yonke. (Math. 16:24) Leyo nkambo iye yaholela ezibusisweni eziningi. (Funda uMathewu 19:29.) Ukuba nomoya wobuvangeli njengoba silingisa uKristu kujabulisa izinhliziyo zethu, ikakhulukazi uma siye saba nengxenye, ngisho nencane, ekusizeni othile ukuba asondele kuNkulunkulu naseNdodaneni yakhe ethandekayo.

5. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa lokho umuntu ovela kwelinye izwe angase anqume ukukwenza lapho efunda iqiniso leBhayibheli.

5 UValmir, indoda yaseBrazil eyayihlala maphakathi neSuriname, wayenemayini yegolide, eyisidakwa futhi eziphethe kabi. Ngesinye isikhathi esedolobheni, oFakazi BakaJehova baqala ukufunda iBhayibheli naye. Wafunda nsuku zonke futhi wenza izinguquko eziningi wabe esebhapathizwa ngokushesha. Lapho ebona ukuthi umsebenzi wakhe wawenza kube nzima ngaye ukuba aphile ngokuvumelana nokholo lwakhe ayesanda kuluthola, wathengisa ibhizinisi lakhe elalingenisa imali eningi, wabuyela emuva eBrazil ukuze ayosiza umkhaya wakhe ukuba uthole ingcebo engokomoya. Lapho befunda iqiniso leBhayibheli, abantu abaningi abavela kwamanye amazwe bayeka ngokuzithandela imisebenzi yabo emazweni acebile babuyele emakubo ngomgomo wokuyosiza izihlobo nabanye ngokomoya. Abamemezeli boMbuso abanjalo babonisa umoya wobuvangeli wangempela.

6. Yini esingayenza uma singenakukwazi ukuthuthela endaweni enesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso?

6 OFakazi abaningi baye bakwazi ukuthuthela ezindaweni ezinesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso. Abanye bakhonza ngisho nakwamanye amazwe. Kungenzeka ukuthi thina izimo azisivumeli ukuba sithuthe, kodwa singalingisa uJesu ngokwenza konke okusemandleni ethu enkonzweni ngaso sonke isikhathi.

UJehova Usinikeza Ukuqeqeshwa Esikudingayo

7. Iziphi izikole ezikhona zokuqeqesha labo abafuna ukuthuthukisa amakhono abo njengabamemezeli boMbuso?

7 Njengoba nje uJesu aqeqeshwa uYise, nathi singazuza emfundweni uJehova ayinikezayo manje. UJesu ngokwakhe wathi: “Kulotshiwe kubaProfethi ukuthi, ‘Bonke bayofundiswa uJehova.’” (Joh. 6:45; Isaya 54:13) Namuhla kunezikole eziklanyelwe ngokukhethekile ukusihlomisa njengabamemezeli boMbuso. Akungabazeki ukuthi sonke siye sazuza ngandlela-thile eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini emabandleni ethu. Amaphayona anelungelo lokuya eSikoleni Senkonzo Samaphayona. Abaningi asebenesikhathi eside bengamaphayona baye bathola ilungelo lokuya kulesi sikole okwesibili. Abadala nezinceku ezikhonzayo baye baya eSikoleni Senkonzo SoMbuso ukuze bathuthukise ikhono labo lokufundisa nenkonzo abayenzela abafowabo. Abazalwane abaningi abangashadile abangabadala nezinceku ezikhonzayo baye baya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo, esibahlomisela ukuba basize abanye emsebenzini wokushumayela. Abazalwane nodade abaningi abaye bathola izabelo zokuyokhonza njengezithunywa zevangeli kwamanye amazwe baye baqeqeshwa e-Watchtower Bible School of Gilead.

8. Abanye abazalwane bakwazisa kangakanani ukuqeqeshwa okunikezwa uJehova?

8 OFakazi BakaJehova abaningi baye balungisa izimo zabo ukuze baye kulezi zikole. Ukuze uYugu aye eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo eCanada, wayeka umsebenzi wakhe wokuziphilisa ngoba umqashi wakhe wenqaba ukumnika isikhathi sokuya kulesi sikole. Wathi: “Angizisoli. Empeleni ukube banginika leso sikhathi ngoba bengibonisa umusa, babengase balindele ukuba ngihlale phakade kule nkampani ngenxa yalowo musa wabo. Kodwa manje ngingenza noma isiphi isabelo engingase ngisinikwe uJehova.” Ukuze bazuze ekuqeqeshweni okunikezwa uNkulunkulu, abaningi baye bakudela ngokuzithandela lokho ababekubheka njengokuyigugu.—Luka 5:28.

9. Nikeza isibonelo esibonisa ukuthi imfundo engokomBhalo nokuzikhandla ngobuqotho kuyaphumelela.

9 Imfundo engokomBhalo kanye nokuzikhandla ngobuqotho kuphumelela kakhulu. (2 Thim. 3:16, 17) Cabanga ngalokho okwenzeka kuSaulo waseGuatemala. Wazalwa enokukhubazeka okuthile engqondweni, futhi omunye wothisha bakhe watshela unina ukuthi akufanele amphoqe lo mfana ukuba afunde ukufunda ngoba lokho kwakuyomane kumkhungathekise. USaulo wayeka isikole engakwazi ukufunda. Nokho, uFakazi othile wafundisa uSaulo ukufunda, esebenzisa incwajana ethi Apply Yourself to Reading and Writing. Ekugcineni, uSaulo wathuthuka waze wanikeza izinkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Kamuva, unina wahlangana nothisha wakhe enkonzweni yendlu ngendlu. Lapho ezwa ukuthi uSaulo wayesekwazi ukufunda, lo thisha wamcela ukuba eze naye ngesonto elilandelayo. Lapho befika, uthisha wabuza uSaulo, “Uzongifundisani?” USaulo waqala ukufunda isigaba encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Uthisha wathi: “Angikholwa ukuthi nguwe lo osukwazi ukungifundisa.” Wamanga egcwele izinyembezi zenjabulo.

Ukufundisa Okuthinta Inhliziyo

10. Iliphi ithuluzi elihle kakhulu elikhona esingalisebenzisa ekufundiseni iqiniso leBhayibheli?

10 UJesu wasekela ukufundisa kwakhe kulokho uJehova ayemfundise khona ngokuqondile naseziyalezweni eziseZwini likaNkulunkulu elilotshiwe. (Luka 4:16-21; Joh. 8:28) Sisuke silingisa uJesu lapho sisebenzisa iseluleko sakhe futhi sinamathela emiBhalweni. Ngakho, sonke sikhuluma futhi sicabange ngokuvumelana, futhi lokhu kusenza sibe nobunye. (1 Kor. 1:10) Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi “inceku ethembekileyo neqondayo” isilungiselela izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini zokusisiza ukuba sifundise ngendlela efanayo futhi sifeze umsebenzi wethu njengabashumayeli bevangeli! (Math. 24:45; 28:19, 20) Enye yalezi zincwadi yilena ethi Okufundiswa IBhayibheli, manje etholakala ngezilimi ezingu-179.

11. Udade othile waseTopiya wakunqoba kanjani ukuphikiswa esebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli?

11 Ukutadisha imiBhalo sisebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli kungashintsha nezinhliziyo zabaphikisi. Ngesinye isikhathi uLula, udade waseTopiya oyiphayona, wayeqhubela umuntu othile isifundo seBhayibheli lapho kugulukudela isihlobo sakhe futhi sithi leso sifundo sasingadingeki. ULula wabonisana nalesi sihlobo ngomoya ophansi, esebenzisa umfanekiso wemali yomgunyathi osesahlukweni 15 sencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Lona wesifazane wehlisa umoya futhi wabayeka baqhubeka nesifundo. Empeleni, waba khona lapho befunda ngokulandelayo futhi wacela esakhe isifundo seBhayibheli waze wathi uzosikhokhela! Kungakabiphi wayesefunda kathathu ngesonto futhi wathuthuka kahle ngokomoya.

12. Nikeza isibonelo ukuze ubonise indlela abasebasha abangafundisa ngayo amaqiniso eBhayibheli ngokuphumelelayo.

12 Abasebasha bangasiza abanye ngokusebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Lapho uKeanu waseHawaii oneminyaka engu-11 ubudala efunda le ncwadi esikoleni, omunye wabafunda naye ekilasini wambuza, “Kungani ningawagubhi amaholide?” UKeanu wafunda impendulo ngokuqondile esihlokweni sesithasiselo esithi “Kufanele Yini Sigubhe Amaholide?” Wabe esevula ekhasini elinohlu lwezihloko, wabuza lo mfana ukuthi isiphi isihloko ayesithanda kakhulu. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Ngonyaka wenkonzo odlule, oFakazi BakaJehova baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-6 561 426, futhi abaningi babo basebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ngokunenzuzo. Wena uyalisebenzisa yini leli thuluzi ezifundweni zeBhayibheli?

13. Ukutadisha iBhayibheli kungaba nethonya elinamandla kubantu ngayiphi indlela?

13 Ukutadisha imiBhalo ngosizo lwencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli kungaba nethonya elinamandla kulabo abafisa ukwenza intando kaNkulunkulu. Umbhangqwana ongamaphayona akhethekile eNorway waqala isifundo seBhayibheli nomkhaya othile waseZambia. Umbhangqwana waseZambia wawunamadodakazi amathathu futhi ungasayifuni enye ingane. Ngakho, lapho inkosikazi ikhulelwa, wanquma ukusikhipha isisu. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba ubonane nodokotela, wafunda isahluko esinesihloko esithi “Umbono KaNkulunkulu Ngokuphila.” Isithombe sombungu okuleso sahluko sawuthinta ngokujulile lo mbhangqwana kangangokuthi wanquma ukungabe usasikhipha isisu. Waqhubeka uthuthuka kahle ngokomoya futhi lapho indodana yawo izalwa wayiqamba igama lomuntu owayewuqhubela isifundo.

14. Bonisa indlela ukuphila ngokuvumelana nalokho esikufundisayo okungaba ngayo nemiphumela emihle.

14 Isici esibalulekile sendlela kaJesu yokufundisa ukuthi wayephila ngokuvumelana nalokho ayekufundisa. Ukuziphatha okuhle koFakazi BakaJehova abalingisa uJesu kulesi sici, kubahlaba umxhwele abantu abaningi. Usomabhizinisi waseNew Zealand wagqekezelwa imoto futhi kwebiwa isikhwama. Walubika emaphoyiseni lolu daba, futhi athi kuye: “Isikhwama sakho siyotholakala kuphela uma singase sitholwe omunye woFakazi BakaJehova.” UFakazi othile owayediliva amaphephandaba wasithola leso sikhwama. Lapho umnikazi etshelwa ngalokhu, waya emzini walo dade. Wajabula lapho ethola ukuthi amaphepha athile abalulekile ayesekhona. Lo dade wamtshela, “Bekufanele nakanjani ngikuthozisele, ikakhulukazi njengoba ngingomunye woFakazi BakaJehova.” Ekhumbula lokho iphoyisa elalimtshele khona ekuseni ngalo lolo suku, lo somabhizinisi wabamba ongezansi. Kusobala ukuthi amaKristu eqiniso aphila ngokuvumelana nezimfundiso eziseBhayibhelini futhi alingisa uJesu.—Heb. 13:18.

Lingisa Isimo Sengqondo SikaJesu Ngabantu

15, 16. Singabenza kanjani abantu ukuba bakhangwe isigijimi esisishumayelayo?

15 Isimo sengqondo uJesu ayenaso ngabantu sabenza bakhangwa isigijimi sakhe. Ngokwesibonelo, uthando nokuthobeka kwakhe kwenza abantu abaphansi badonsekela kuye. Wababonisa uzwela labo ababeza kuye, wabaduduza ngamazwi anomusa, futhi waphulukisa abaningi. (Funda uMarku 2:1-5.) Thina asikwazi ukwenza izimangaliso, kodwa singabonisa uthando, ukuthobeka nozwela—izimfanelo ezisiza ekudonseleni abantu eqinisweni.

16 Uzwela lwafeza lukhulu lapho uTariua, iphayona elikhethekile, efika emzini wendoda ethile esikhulile egama layo linguBeere, ehlala kwesinye seziqhingi eziceze kakhulu zaseKiribati eSouth Pacific. Nakuba le ndoda yabonisa ukuthi yayingathandi ukulalela, uTariua waphawula ukuthi yayigogeke ingxenye yomzimba futhi wayizwela. Wayibuza: “Usuke wezwa yini ngalokho uNkulunkulu akuthembisa abantu abagulayo nasebekhulile?” Wabe esefunda indinyana esesiprofethweni sika-Isaya. (Funda u-Isaya 35:5, 6.) Ihlabeke umxhwele, le ndoda yathi, “Sekuyiminyaka ngifunda iBhayibheli futhi ngihanjelwa umvangeli wasesontweni lami, kodwa angikaze ngiyibone le ndaba eBhayibhelini.” Kwaqalwa isifundo seBhayibheli noBeere, futhi wathuthuka kahle ngokomoya. Yebo, wayekhubazeke kakhulu, kodwa manje usebhapathiziwe futhi uphathiswe ukunakekela iqembu elingalodwa. UBeere uyakwazi ukusihamba sonke leso siqhingi eshumayela izindaba ezinhle.

Qhubeka Ulingisa UKristu

17, 18. (a) Ungaba kanjani umshumayeli wevangeli ophumelelayo? (b) Labo abayithatha ngokungathí sina inkonzo yabo bayotholani?

17 Njengoba okuhlangenwe nakho okujabulisayo kwasenkonzweni kubonisa ngokuphindaphindiwe, singaba abashumayeli bevangeli abaphumelelayo uma sihlakulela futhi sibonisa izimfanelo ezaboniswa uJesu. Yeka ukuthi kufaneleka kanjani-ke ukulingisa uKristu njengabashumayeli bevangeli abashisekayo!

18 Lapho abathile beba abafundi bakaJesu ekhulwini lokuqala, uPetru wabuza: “Siyotholani ngempela?” UJesu waphendula: “Wonke umuntu oshiye izindlu noma abafowabo noma odadewabo noma uyise noma unina noma abantwana noma amasimu ngenxa yegama lami uyokwamukela okuphindwe kaningi futhi azuze ngefa ukuphila okuphakade.” (Math. 19:27-29) Yilokho nathi esiyokuthola uma siqhubeka silingisa uJesu Kristu, iSithunywa Sevangeli esikhulu kunazo zonke.

Ungaphendula Kanjani?

• UJehova usiqeqesha kanjani ukuba sibe abashumayeli bevangeli?

• Kungani incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli iphumelela enkonzweni yethu?

• Singasilingisa kanjani isimo sengqondo uJesu ayenaso ngabantu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 17]

Lapho uJesu ethi uPetru, u-Andreya, uJakobe noJohane mabamlandele, bakwenza lokho ngaphandle kokulibala

[Isithombe ekhasini 19]

Izincwadi ezinjengethi “Okufundiswa IBhayibheli” zisisiza ukuba sifundise ngendlela efanayo