Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJesu Kristu—ISithunywa Sevangeli Esikhulu Kunazo Zonke

UJesu Kristu—ISithunywa Sevangeli Esikhulu Kunazo Zonke

UJesu Kristu—ISithunywa Sevangeli Esikhulu Kunazo Zonke

“Ngingummeleli ovela kuye, Yena ungithumile.”—JOH. 7:29.

1, 2. Siyini isithunywa sevangeli, futhi ubani ongase abizwe ngokuthi uyiSithunywa Sevangeli esikhulu kunazo zonke?

YINI efika engqondweni yakho uma uzwa igama elithi “isithunywa sevangeli”? Abanye bacabanga ngabavangeli abathunywa eLobukholwa, abaningi babo abazigaxa kwezombusazwe nakwezemnotho zamazwe abakhonza kuwo. Nokho, njengomunye woFakazi BakaJehova cishe ucabanga ngezithunywa zevangeli ezithunywa iNdikimba Ebusayo ukuba ziyoshumayela izindaba ezinhle emazweni ahlukahlukene emhlabeni wonke. (Math. 24:14) Lezi zithunywa zevangeli zinikela ngokungenabugovu ngesikhathi nangamandla azo emsebenzini omuhle kakhulu wokusiza abantu ukuba basondele kuJehova uNkulunkulu futhi babe nobuhlobo obuyigugu naye.—Jak. 4:8.

2 Elithi “isithunywa sevangeli” nelithi “izithunywa zevangeli” awaveli kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele. Kodwa umbhalo waphansi wencwadi yabase-Efesu 4:11 we-New World Translation of the Holy Scriptures—With References usikisela ukuthi igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “abavangeli” lingahunyushwa nangokuthi “izithunywa zevangeli.” UJehova unguMvangeli omkhulu kunabo bonke, kodwa akanakubizwa ngokuthi uyiSithunywa Sevangeli esikhulu kunazo zonke ngoba akakaze athunywe muntu. Nokho, uJesu Kristu wathi ngoYise wasezulwini: “Ngingummeleli ovela kuye, Yena ungithumile.” (Joh. 7:29) Ebonisa uthando olukhulu ngezwe lesintu, uJehova wathumela emhlabeni iNdodana yakhe ezelwe yodwa. (Joh. 3:16) UJesu angabizwa ngokuthi uyiSithunywa Sevangeli esikhulu kunazo zonke ngoba esinye sezizathu zokuthunyelwa kwakhe emhlabeni ‘kwakuwukufakazela iqiniso.’ (Joh. 18:37) Waphumelela ngempela ekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso futhi inkonzo yakhe isasizuzisa namanje. Ngokwesibonelo, singazisebenzisa izindlela zakhe zokufundisa enkonzweni yethu kungakhathaliseki ukuthi siyizithunywa zevangeli noma cha.

3. Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

3 Indima kaJesu njengommemezeli woMbuso iphakamisa imibuzo enjengale: UJesu wabhekana nani emhlabeni? Kungani ukufundisa kwakhe kwakuphumelela? Iziphi izinto ezenza inkonzo yakhe yaphumelela?

Waba Nomoya Ovumayo Esabelweni Sakhe Esisha

4-6. Iziphi ezinye zezinguquko uJesu abhekana nazo lapho efika emhlabeni?

4 Izithunywa zevangeli zanamuhla namanye amaKristu aye athuthele lapho kunendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso kungase kudingeke bazivumelanise nezinga lokuphila eliphansi kunalelo abalijwayele. Kodwa umahluko okhona phakathi kwezimo zikaJesu zasemhlabeni nezasezulwini, lapho ayehlala khona noYise nezinye izingelosi ezazikhonza uJehova ngezisusa ezimsulwa, mkhulu ngendlela esingasoze sayiqonda. (Jobe 1:6; 2:1) Yeka ukuthi kwaba yinto ehluke kanjani ukuphila nabantu abanesono ezweni elonakele! (Marku 7:20-23) Kwadingeka nokuba abekezelele umbango phakathi kwabafundi bakhe ayesondelene kakhulu nabo. (Luka 20:46; 22:24) Yiqiniso, wazisingatha kahle kakhulu zonke izinto abhekana nazo emhlabeni.

5 UJesu akazange avele akhulume ulimi lwabantu ngokuyisimangaliso; kwadingeka aqale ukulufunda esewusana. Yeka ushintsho uma kuqhathaniswa nomsebenzi ayewenza wokuqondisa izingelosi ezulwini! Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wakhuluma okungenani olunye ‘lwezilimi zabantu.’ Lwaluhluke ngokuphelele ‘kolwezingelosi.’ (1 Kor. 13:1) Nokho, akekho umuntu owake wakhuluma amazwi amnandi njengoJesu.—Luka 4:22.

6 Cabanga nangolunye ushintsho olukhulu iNdodana kaNkulunkulu eyabhekana nalo lapho ifika emhlabeni. Nakuba uJesu engazange azuze ngofuzo isono sika-Adamu, waba ngumuntu njengalabo kamuva ababeyoba “abafowabo,” noma abalandeli bakhe abagcotshiwe. (Funda amaHebheru 2:17, 18.) Ngobusuku bokugcina bokuphila kwakhe emhlabeni, uJesu wakugwema ukucela uYise osezulwini ukuba athumele “amalegiyona ezingelosi angaphezu kwayishumi nambili.” Kodwa cabanga nje ngezingelosi ayenegunya phezu kwazo njengoMikayeli iNgelosi Enkulu! (Math. 26:53; Jude 9) Yebo, uJesu wazenza izimangaliso; kodwa lokho akwenza ngesikhathi esemhlabeni kwakukuncane kakhulu uma kuqhathaniswa nalokho ayengakufeza ukube wayesezulwini.

7. AmaJuda enzenjani ngokuphathelene noMthetho?

7 Ngaphambi kokuba uJesu, “uLizwi,” abe ngumuntu, kungenzeka ukuthi wayenguMkhulumeli kaNkulunkulu owahola ama-Israyeli ehlane. (Joh. 1:1; Eks. 23:20-23) Nokho, ama-Israyeli ‘ayamukele uMthetho njengoba wadluliselwa yizingelosi kodwa ayengawugcinanga.’ (IzE. 7:53; Heb. 2:2, 3) Empeleni, abaholi benkolo abangamaJuda bekhulu lokuqala abazange bakuqonde okwakushiwo uMthetho. Ngokwesibonelo, cabanga ngomthetho weSabatha. (Funda uMarku 3:4-6.) Ababhali nabaFarisi ‘abazinakanga izindaba zoMthetho ezibaluleke kakhulu, okuwukuthi, ubulungisa nesihe nokwethembeka.’ (Math. 23:23) Noma kunjalo, uJesu akazange adikile ayeke ukumemezela iqiniso.

8. Kungani uJesu engasisiza?

8 UJesu wayenomoya ovumayo. Wayeshukunyiswa uthando ayenalo ngabantu futhi efuna ngempela ukubasiza. Akazange nanini aphelelwe umoya wobuvangeli. Ngenxa yokwethembeka kwakhe kuJehova lapho esemhlabeni, uJesu “waba isisusa sensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo.” Ngaphezu kwalokho, “ngenxa yokuthi yena ngokwakhe uye wahlupheka lapho evivinywa, uyakwazi ukusiza labo abavivinywayo [njengathi].”—Heb. 2:18; 5:8, 9.

Wayeqeqeshwe Kahle Njengomfundisi

9, 10. Ikuphi ukuqeqeshwa uJesu akuthola ngaphambi kokuba athunyelwe emhlabeni?

9 Ngaphambi kokuba amaKristu anamuhla ahambe ayokhonza njengezithunywa zevangeli, iNdikimba Ebusayo ihlela ukuba aqeqeshwe. Ingabe uJesu Kristu waqeqeshwa? Yebo, kodwa akafundanga ezikoleni zorabi ngaphambi kokuba agcotshwe njengoMesiya; futhi akazange afundiswe ezinyaweni zabaholi benkolo abathile abavelele. (Joh. 7:15; qhathanisa nezEnzo 22:3.) Pho kungani ayengumfundisi owayefaneleka kangaka?

10 Kungakhathaliseki ukuthi uJesu wayefundeni kunina uMariya, nakusingayise uJosefa, ukuqeqeshelwa inkonzo okubaluleke kakhulu wakuthola eMthonjeni ophakeme kunayo yonke. Ekhuluma ngalokhu, uJesu wathi: “Angikhulumanga okusuka kimi siqu, kodwa uBaba ngokwakhe owangithuma unginike umyalo ngokuqondene nokuthi yini okumelwe ngiyisho nokuthi yini okumelwe ngiyikhulume.” (Joh. 12:49) Phawula ukuthi iNdodana yayinikezwe iziyalezo eziqondile ngalokho okwakufanele ikufundise. Akungabazeki ukuthi uJesu wachitha isikhathi esiningi elalela iziyalezo zikaYise ngaphambi kokuba eze emhlabeni. Kukhona yini okunye ukuqeqeshwa okungcono ayengakuthola?

11. UJesu wabonakalisa indlela uYise ayebheka ngayo isintu ngezinga elingakanani?

11 Kusukela ekudalweni kwayo, iNdodana yayisondelene kakhulu noYise. Ngesikhathi engakabi umuntu, uJesu wafunda indlela uNkulunkulu ayebheka ngayo abantu ngokuqaphelisisa indlela ayesebenzelana ngayo nabo. INdodana yabonakalisa uthando uNkulunkulu ayenalo ngesintu kangangokuthi njengokuhlakanipha okwenziwe samuntu, yayingase ithi: “Izinto engangizithanda [yilezo] ezaziphathelene namadodana abantu.”—IzAga 8:22, 31.

12, 13. (a) Yini uJesu ayifunda ngokubheka indlela uYise ayesebenzelana ngayo nama-Israyeli? (b) UJesu wakusebenzisa kanjani ukuqeqeshwa akuthola?

12 Ukuqeqeshwa okwatholwa iNdodana kwakuhlanganisa nokubheka indlela uYise ayesingatha ngayo izimo ezingezinhle. Ngokwesibonelo, cabanga ngokusebenzelana kukaJehova nama-Israyeli ayengalaleli. UNehemiya 9:28 uthi: “Ngokushesha nje lapho esephumule, ayephinda futhi enze okubi phambi kwakho [Jehova], futhi wawuwashiya esandleni sezitha zawo ezaziwanyathela. Khona-ke ayebuya acele kuwe usizo, wena uzwe usemazulwini uwakhulule ngokwesihe sakho esikhulu, njalo-nje.” Ngokusebenza noJehova nangokubheka indlela ayesingatha ngayo izinto, uJesu wafunda ukuba nozwela olufanayo ngabantu ayebashumayeza.—Joh. 5:19.

13 UJesu wakusebenzisa lokhu kuqeqeshwa njengoba ababonisa uzwela abafundi bakhe lapho esebenzelana nabo. Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, bonke abaphostoli ayebathanda kakhulu “bamshiya babaleka.” (Math. 26:56; Joh. 13:1) Umphostoli uPetru waze waphika uKristu kathathu! Noma kunjalo, uJesu akazange ababambele igqubu abaphostoli bakhe futhi babengabuyela kuye. Watshela uPetru: “Ngikunxusele ukuba ukholo lwakho lungapheli; futhi wena, lapho nje usubuyile, uqinise abafowenu.” (Luka 22:32) U-Israyeli ongokomoya kakade usesekelwe esisekelweni “sabaphostoli nabaprofethi,” futhi amatshe ayisisekelo odonga lweJerusalema Elisha anamagama abaphostoli abathembekile abangu-12 beWundlu, uJesu Kristu. Nanamuhla, amaKristu agcotshiwe kanye nabangane bawo abazinikezele, “ezinye izimvu,” bayachuma njengenhlangano eshumayela ngoMbuso evikelwa isandla sikaNkulunkulu esinamandla neholwa iNdodana yakhe ethandekayo.—Efe. 2:20; Joh. 10:16; IsAm. 21:14.

Indlela UJesu Ayefundisa Ngayo

14, 15. Ukufundisa kukaJesu kwakuhluke ngaziphi izindlela kokwababhali nabaFarisi?

14 UJesu wakusebenzisa kanjani ukuqeqeshwa kwakhe lapho efundisa abalandeli bakhe? Lapho siqhathanisa ukufundisa kukaJesu nokwabaholi benkolo bamaJuda, kuyacaca ukuthi indlela kaJesu yokufundisa yayiphakeme kakhulu. Ababhali nabaFarisi ‘babelenze ize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko labo.’ Ngokungafani nabo, lokho uJesu ayekukhuluma kwakungaveli kuye; wanamathela ezwini noma esigijimini sikaNkulunkulu. (Math. 15:6; Joh. 14:10) Nathi kudingeka senze okufanayo.

15 Kunesinye isici esenza uJesu wahluka ngokuphelele kubaholi benkolo. Ekhuluma ngababhali nabaFarisi, wathi: “Zonke izinto abanitshela zona, zenzeni futhi nizigcine, kodwa ningenzi ngokwezenzo zabo, ngoba bayakhuluma kodwa bangenzi.” (Math. 23:3) UJesu wayekwenza lokho ayekufundisa. Ake sicabangele isibonelo esifakazela lokhu.

16. Kungani ungase uthi uJesu wayephila ngokuvumelana namazwi akhe akuMathewu 6:19-21?

16 UJesu wakhuthaza abafundi bakhe ukuba ‘bazibekelele ingcebo ezulwini.’ (Funda uMathewu 6:19-21.) Ingabe yena ngokwakhe waphila ngokuvumelana naleso sikhuthazo? Yebo, wayengakusho kugcwale umlomo lokhu: “Izimpungushe zinemiphandu nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu yona ayinandawo yokubeka ikhanda.” (Luka 9:58) UJesu wayephila ukuphila okulula. Ngokuyinhloko wazigcina ematasa ngokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso, futhi wabonisa ukuthi kusho ukuthini ukungabi nezinkathazo ezibangelwa ukuzibekelela ingcebo emhlabeni. Wabonisa ukuthi kungcono kangakanani ukuzibekelela ingcebo ezulwini, “lapho kungoni nundu nakugqwala khona, nalapho amasela engagqekezi khona ebe.” Uyasilalela yini isikhuthazo sikaJesu sokuzibekelela ingcebo ezulwini?

Izimfanelo Ezenza Ukuba Abantu Bamthande UJesu

17. Iziphi izimfanelo ezenza uJesu waba umshumayeli wevangeli ovelele?

17 Iziphi izimfanelo ezenza uJesu waba umshumayeli wevangeli ovelele? Enye yazo kwakuyisimo sengqondo ayenaso ngabantu ayebasiza. Ukuthobeka, uthando nozwela ezinye zezimfanelo zikaJehova ezinhle uJesu azibonisa. Ake ubone ukuthi lezi zimfanelo zabenza kanjani abantu abaningi bathanda uJesu.

18. Kungani kungase kuthiwe uJesu wayethobekile?

18 Ngemva kokwamukela isabelo sokuza emhlabeni, uJesu “wazidela, wathatha isimo senceku wafana nabantu.” (Fil. 2:7) Kwakuyisenzo sokuthobeka leso. Ngaphezu kwalokho, uJesu akazange ababukele phansi abantu. Akazange abe nesimo sengqondo sokuthi, ‘Mina ngiphuma kude emazulwini, ngakho kufanele ningilalele.’ Ngokungafani nalabo ababezenza omesiya kodwa bengebona, uJesu akazange ashaye icilongo athi unguMesiya weqiniso. Ngezinye izikhathi wayeyala abantu ukuba bangabatsheli abanye ukuthi wayengubani noma ukuthi iziphi izinto ayezenzile. (Math. 12:15-21) UJesu wayefuna abantu bazenzele isinqumo sokumlandela ngokwalokho ababezibonele kona mathupha. Yeka ukuthi abafundi bakhe babebusiseke kanjani ngokuthi iNkosi yabo ayizange ilindele ukuba babe njengezingelosi eziphelele eyayike yahlala nazo ezulwini!

19, 20. Uthando nozwela kwamshukumisa kanjani uJesu ukuba asize abantu?

19 UJesu Kristu wabonisa nothando—imfanelo evelele kaYise osezulwini. (1 Joh. 4:8) UJesu wafundisa izilaleli zakhe eshukunyiswa uthando. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela azizwa ngayo ngombusi othile osemusha. (Funda uMarku 10:17-22.) UJesu “wezwa emthanda” futhi wafuna ukumsiza, kodwa lo mbusi osemusha akazange ayidele impahla yakhe eningi ukuze abe umlandeli kaKristu.

20 Uzwela lwalungenye yezimfanelo ezenza uJesu wathandeka. Abantu ababesabela ekufundiseni kwakhe babecindezelwe izinkinga njengoba kunjalo ngabo bonke abantu abangaphelele. Azi lokho, uJesu wabafundisa ngozwela nangesihawu. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi uJesu nabaphostoli bakhe baba matasa kakhulu kangangokuthi abazange babe nanesikhathi sokudla. Kodwa wenzani uJesu lapho ebona isixuku sibuthene simlindile? “Waba nesihawu ngaso, ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi. Wasifundisa izinto eziningi.” (Marku 6:34) UJesu wasiqaphela isimo esidabukisayo sabantu ayebashumayeza futhi wazikhandla ebafundisa futhi ebenzela izimangaliso. Abanye bakhangwa izimfanelo zakhe ezinhle, bathintwa amazwi akhe futhi baba abafundi bakhe.

21. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

21 Kusenokuningi esingakufunda ngenkonzo kaJesu yasemhlabeni njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa. Iziphi ezinye izindlela esingamlingisa ngazo uJesu Kristu, iSithunywa Sevangeli esikhulu kunazo zonke?

Ungaphendula Kanjani?

• Ikuphi ukuqeqeshwa uJesu akuthola ngaphambi kokuba eze emhlabeni?

• Indlela kaJesu yokufundisa yayiphakeme kanjani kuneyababhali nabaFarisi?

• Iziphi izimfanelo ezenza abantu bamthanda uJesu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

UJesu wazifundisa kanjani izixuku?