Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ulukhuluma Kahle ‘Ulimi Oluhlanzekile’?

Ingabe Ulukhuluma Kahle ‘Ulimi Oluhlanzekile’?

Ingabe Ulukhuluma Kahle ‘Ulimi Oluhlanzekile’?

“Ngiyokwenza izizwe ukuba zishintshele olimini oluhlanzekile, ukuze zonke zibize igama likaJehova.”—ZEF. 3:9.

1. Isiphi isipho esimangalisayo esisinikwe uJehova?

ULIMI luyisipho esingasungulwanga umuntu, kodwa esasungulwa uMdali womuntu, uJehova uNkulunkulu. (Eks. 4:11, 12) Akazange agcine ngokunika umuntu wokuqala u-Adamu ikhono lokukhuluma kodwa nelokusungula amagama amasha futhi ngaleyo ndlela andise amagama awaziyo. (Gen. 2:19, 20, 23) Yeka ukuthi lokhu kwaba isipho esimangalisa kangakanani! Siye senza isintu ukuba sikwazi ngisho nokukhuluma noYise osezulwini futhi sidumise igama lakhe elikhazimulayo.

2. Kungani abantu bengasakhulumi ulimi olulodwa?

2 Phakathi namakhulu angu-17 okuqala okuba khona komuntu, bonke abantu babekhuluma ulimi olulodwa vo, ‘beneqoqo elilodwa lamagama.’ (Gen. 11:1) Ngemva kwalokho kwaba nokuhlubuka kwangosuku lukaNimrode. Ngokuphambene neziyalezo zikaJehova, abantu abangalaleli babuthana endaweni kamuva eyabizwa ngokuthi iBhabhele, bezimisele ukuhlala endaweni eyodwa. Baqala ukwakha umbhoshongo omkhulu, hhayi ngenjongo yokukhazimulisa uJehova, kodwa ukuze ‘bazenzele igama lodumo.’ Ngakho uJehova wasanganisa ulimi lokuqala lwalabo bantu abayizihlubuki futhi wabenza bakhuluma izilimi ezihlukahlukene. Ngakho, bahlakazekela kuwo wonke umhlaba.—Funda uGenesise 11:4-8.

3. Kwenzekani lapho uJehova esanganisa ulimi lwezihlubuki eBhabhele?

3 Namuhla kunezinkululungwane zezilimi—abanye bathi zingaphezu kuka-6 800—ezikhulunywa emhlabeni. Ngalunye lwazo lunendlela ehlukile yokucabanga. Ngakho, kubonakala sengathi lapho uJehova uNkulunkulu esanganisa ulimi lwalezo zihlubuki, wasula yonke inkumbulo yolimi lwazo olufanayo lwangaphambili. Akazange nje afake ezingqondweni zazo amagama amasha kodwa washintsha nezindlela zazo zokucabanga wafaka nezinhlelo ezintsha zolimi. Akumangazi ukuthi lowo mbhoshongo wabizwa ngokuthi “uKusangana” noma iBhabhele! (Gen. 11:9) Kuyathakazelisa ukuthi iBhayibheli kuphela elinikeza incazelo eyanelisayo ngemvelaphi yezilimi ezihlukahlukene ezikhona namuhla.

Ulimi Olusha Oluhlanzekile

4. UJehova wabikezela ukuthi kwakuyokwenzekani esikhathini sethu?

4 Nakuba ukulandisa kweBhayibheli ngokungenela kukaNkulunkulu eBhabhele kungase kuthakazelise, kunokuthile okuthakazelisa nokubaluleke kakhulu okuye kwenzeka esikhathini sethu. Ngomprofethi wakhe uZefaniya, uJehova wabikezela: “Ngaleso sikhathi ngiyokwenza izizwe ukuba zishintshele olimini oluhlanzekile, ukuze zonke zibize igama likaJehova, ukuze zimkhonze zilinganisene ihlombe nehlombe.” (Zef. 3:9) Luyini lolu ‘limi oluhlanzekile,’ futhi singafunda kanjani ukulukhuluma kahle?

5. Luyini ulimi oluhlanzekile, futhi ukushintshela kulolu limi kube namiphi imiphumela?

5 Ulimi oluhlanzekile luyiqiniso ngoJehova uNkulunkulu nangezinjongo zakhe njengoba litholakala eZwini lakhe, iBhayibheli. Lolo “limi” luhlanganisa ukuliqonda kahle iqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu nendlela oyongcwelisa ngayo igama likaJehova, ulwele ubukhosi bakhe futhi ulethe izibusiso zaphakade kubantu abathembekile. Ukushintshela kulolu limi kunamiphi imiphumela? Sitshelwa ukuthi abantu ‘bayobiza igama likaJehova’ futhi ‘bayomkhonza belinganisene ihlombe nehlombe.’ Ngokungafani nokwenzeka eBhabhele, lokhu kushintshela olimini oluhlanzekile kuye kwaphumela ekudunyisweni kwegama likaJehova nasebunyeni babantu bakhe.

Ukufunda Ulimi Oluhlanzekile

6, 7. (a) Yini ehilelekile ekufundeni ulimi olusha, futhi lokhu kusebenza kanjani ekufundeni ulimi oluhlanzekile? (b) Sizoxoxa ngani manje?

6 Lapho umuntu eqala ukufunda olunye ulimi, kumelwe enze okungaphezu kokubamba ngekhanda amagama amasha. Ukufunda ulimi olusha kuhilela ukufunda indlela entsha yokucabanga nokusebenzisa uhlelo olusha lwalolo limi. Indlela yokucabanga namahlaya kungase kuhluke kolunye ulimi. Kudingeka ufunde ukusebenzisa izitho zokukhuluma, njengolimi, ngendlela ehlukile ukuze uphimisele imisindo emisha. Kuyafana nalapho siqala ukufunda ulimi oluhlanzekile lweqiniso leBhayibheli. Kudingeka okungaphezu kokufunda izimfundiso zeBhayibheli ezimbalwa eziyisisekelo. Ukulwazi kahle lolu limi olusha kuhilela ukulungisa ukucabanga kwethu nokuguqula izingqondo zethu.—Funda eyabaseRoma 12:2; Efesu 4:23.

7 Yini eyosisiza ukuba singaluqondi nje kuphela ulimi oluhlanzekile kodwa futhi silukhulume kahle? Njengokufunda noma iluphi ulimi, kunezindlela ezithile eziyisisekelo ezingasisiza ukuba silukhulume kahle ulimi lweqiniso leBhayibheli. Make sixoxe ngezinyathelo ezimbalwa eziyisisekelo ezisetshenziswa abantu ukufunda olunye ulimi futhi sibone indlela lezo zinyathelo ezingasisiza ngayo ukuba sifunde lolu limi olusha olungokomfanekiso.

Ukulukhuluma Kahle Ulimi Oluhlanzekile

8, 9. Yini okumelwe siyenze uma sifuna ukufunda ulimi oluhlanzekile, futhi kungani lokhu kubalulekile?

8 Lalelisisa. Ekuqaleni ungase ungezwa lutho nhlobo lapho kukhulunywa ulimi ongalwazi. (Isaya 33:19) Kodwa njengoba umuntu efunda ukulalelisisa, uyoqala ukuzwa amagama athile nezindlela asetshenziswa ngazo. Ngendlela efanayo, siyayalwa: “Kudingekile ukuba sizinake ngaphezu kokujwayelekile izinto esizizwile, ukuze singalokothi sikhukhuleke.” (Heb. 2:1) UJesu wabayala ngokuphindaphindiwe abalandeli bakhe: “Onezindlebe makalalele.” (Math. 11:15; 13:43; Marku 4:23; Luka 14:35) Yebo, kudingeka ‘silalele futhi sithole umqondo’ walokho esikuzwayo ukuze sithuthuke ekuqondeni ulimi oluhlanzekile.—Math. 15:10; Marku 7:14.

9 Ukulalela kudinga ukugxilisa ingqondo, kodwa kuyawufanelekela umzamo. (Luka 8:18) Lapho sisemihlanganweni yobuKristu, ingabe siyagxila kulokho okushiwoyo, noma siyaphazamiseka? Kubaluleke kakhulu ukuba senze konke okusemandleni ukuze sigxilise ingqondo kulokho okushiwoyo. Kungenjalo, singaba buthuntu ekuzweni.—Heb. 5:11.

10, 11. (a) Ngaphandle kokulalelisisa, yini enye okumelwe siyenze? (b) Yini enye ehilelekile ekukhulumeni ulimi oluhlanzekile?

10 Lingisa izikhulumi eziqephuzayo. Abafunda ulimi olusha bakhuthazwa ukuba bangagcini nje ngokulalelisisa kodwa nokuba bazame ukulingisa indlela yokubiza amagama nezindlela zokukhuluma zezikhulumi eziqephuzayo. Lokhu kusiza abafundi ukuba bagweme umkhuba wokubiza kabi amagama okungathi kamuva kuyenze ingaphumeleli imizamo yabo yokukhuluma nabanye. Nathi kufanele sifunde kulabo ‘asebenekhono lokufundisa’ ulimi olusha. (2 Thim. 4:2) Cela usizo. Zimisele ukwamukela ukulungiswa lapho wenza amaphutha.—Funda amaHebheru 12:5, 6, 11.

11 Ukukhuluma ulimi oluhlanzekile akuhileli nje kuphela ukukholelwa iqiniso nokulifundisa abanye kodwa kuhilela nokuvumelanisa ukuziphatha kwethu nemithetho kanye nezimiso zikaNkulunkulu. Ukulingisa abanye kuyosisiza ekwenzeni lokhu. Lokhu kuhlanganisa ukulingisa ukholo nentshiseko yabo. Kuhlanganisa nokulingisa yonke inkambo yokuphila kukaJesu. (1 Kor. 11:1; Heb. 12:2; 13:7) Uma siphikelela ekwenzeni lokhu, umphumela uyoba ubunye phakathi kwabantu bakaNkulunkulu, kube sengathi bakhuluma ngendlela efanayo.—1 Kor. 4:16, 17.

12. Ukubamba ngekhanda kuhileleke kanjani ekufundeni ulimi olusha?

12 Funda ukubamba ngekhanda. Abafunda ulimi kudingeka babambe ngekhanda izinto eziningi ezintsha, ezihlanganisa amagama nezinkulumo ezintsha. KumaKristu, ukubamba ngekhanda kungaba usizo olunamandla ekwazini kahle ulimi oluhlanzekile. Ngokuqinisekile siyobe senza kahle uma sibamba ngekhanda amagama ezincwadi zeBhayibheli ngokulandelana kwazo. Abanye baye bakwenza umgomo wabo ukubamba ngekhanda amavesi athile eBhayibheli. Abanye baye bakuthola kuzuzisa ukubamba ngekhanda izingoma zoMbuso, amagama ezizwe zakwa-Israyeli nawabaphostoli abangu-12, kanye nezimfanelo ezakha izithelo zomoya. Endulo, ama-Israyeli amaningi afunda ukubamba ngekhanda amahubo. Ezikhathini zanamuhla, umfanyana othile wayewazi njengoba enjalo amavesi eBhayibheli angaphezu kwangu-80, eneminyaka eyisithupha nje ubudala. Ingabe nathi singalisebenzisa kangcono leli khono eliwusizo?

13. Kungani kubaluleke kangaka ukuphindaphinda?

13 Ukuphindaphinda kusiza inkumbulo, futhi izikhumbuzo ezitholwa njalo ziyingxenye esemqoka yemfundo yethu yamaKristu. Umphostoli uPetru wathi: “Ngiyohlale ngilungele ukunikhumbuza ngalezi zinto, nakuba nizazi futhi nimi niqinile eqinisweni elikhona kini.” (2 Pet. 1:12) Kungani sidinga izikhumbuzo? Kungenxa yokuthi zijulisa ukuqonda kwethu, zisenze sibe nombono obanzi futhi ziqinisa ukuzimisela kwethu ukuhlale siqinile ngokomoya. (IHu. 119:129) Ukuzibukeza njalo izindinganiso nezimiso zikaNkulunkulu kusisiza ukuba sizihlolisise futhi silwe nokuthambekela kokuba ‘abantu abezwayo abayizikhohlwa.’ (Jak. 1:22-25) Uma singazikhumbuzi njalo ngeqiniso, ezinye izinto ziyothonya izinhliziyo zethu futhi singase singaqhubeki nokulukhuluma kahle ulimi oluhlanzekile.

14. Yini eyosisiza lapho sifunda ulimi oluhlanzekile?

14 Funda ngokuzwakalayo. (IsAm. 1:3) Abanye abafundi bazama ukuzifundisa ulimi olusha ngokufunda buthule. Lokhu akubi nemiphumela emihle kakhulu. Lapho sifunda ulimi oluhlanzekile, ngezinye izikhathi kungase kudingeke sifunde “ngezwi eliphansi,” okusiza ekugxiliseni ingqondo. (Funda iHubo 1:1, 2.) Lokhu kwenza ukwaziswa esikufundayo kuhlale ezingqondweni zethu. NgesiHebheru, inkulumo ethi “ukufunda ngezwi eliphansi” ihlobene eduze nokuzindla. Njengoba nje kudingeka ukuba ukudla esikudlayo kugayeke ukuze kusizuzise ngokugcwele, kudingeka ukuzindla ukuze sikuqonde ngokucacile esikufundayo. Ingabe sizinika isikhathi esanele sokuzindla ngalokho esikufundayo? Ngemva kokufunda iBhayibheli, kumelwe sicabange ngokujulile ngalokho esikufundile.

15. Singalufunda kanjani “uhlelo” lolimi oluhlanzekile?

15 Hlaziya uhlelo lolimi. Njengoba ufunda ulimi olusha kufika isikhathi lapho kuba inzuzo khona ukutadisha imithetho, uhlelo lolimi, noma indlela amagama ahlanganiswa ngayo. Lokhu kusenza siqonde indlela ulimi olwakheke ngayo, kusenze sikwazi nokulukhuluma kahle. Njengoba nje ulimi lunendlela yokwakha imisho, nolimi oluhlanzekile lweqiniso lemiBhalo ‘lunesibonelo samazwi anempilo.’ (2 Thim. 1:13) Kudingeka silingise leso ‘sibonelo.’

16. Ikuphi ukuthambekela okudingeka sikunqobe, futhi singakwenza kanjani lokhu?

16 Qhubeka uthuthuka. Umuntu angase afunde okwanele ngolimi ukuze nje akwazi ukuxoxa kodwa abese eyeka ukuthuthuka. Kungenzeka okufanayo kulabo abakhuluma ulimi oluhlanzekile. (Funda amaHebheru 5:11-14.) Yini engakusiza ukuba unqobe lokhu kuthambekela? Ngomqondo ongokomfanekiso singathi kumelwe uzimisele ukwandisa amagama owaziyo alolu limi. “Njengoba sesiyishiyile imfundiso yokuqala ephathelene noKristu, masiphokophelele ekuvuthweni, singaphindi sibeke isisekelo futhi, okungukuthi, ukuphenduka emisebenzini efile, nokholo kuNkulunkulu, imfundiso ngobhapathizo nokubeka izandla, uvuko lwabafileyo nesahlulelo saphakade.”—Heb. 6:1, 2.

17. Kungani kubalulekile ukuba ukwenze umkhuba ukutadisha? Bonisa.

17 Beka izikhathi zokutadisha eziqondile. Ukutadisha kafushane kodwa kaningi kungcono kunokutadisha isikhathi eside kodwa ngokuqabukelayo. Tadisha ngezikhathi lapho uphapheme futhi kungelula ukuba uphazamiseke. Ukufunda ulimi olusha kunjengokuqala indlela ehlathini. Lapho ihanjwa njalo iyabhuduleka kube lula ukuhamba kuyo. Uma leyo ndlela ingasetshenziswa isikhathi eside kungakabiphi iyokwena. Ngakho, kubalulekile ukuphikelela nokulufunda njalo lolu limi! (Dan. 6:16, 20) Ngosizo lomthandazo, ‘hlala uphapheme ngakho konke ukuqinisela’ endabeni yokukhuluma ulimi oluhlanzekile lweqiniso leBhayibheli.—Efe. 6:18.

18. Kungani kufanele sikhulume ulimi oluhlanzekile ngawo wonke amathuba?

18 Lukhulume! Lukhulume! Lukhulume! Abanye abafunda ulimi olusha bangase bangabaze ukulukhuluma ngoba benamahloni noma besaba ukuthi bazokwenza amaphutha. Lokhu kuyobenza bangathuthuki. Endabeni yokufunda ulimi kuthiwa ukulusebenzisa kukwenza ugcine usulwazi. Lapho umfundi elukhuluma njalo ulimi olusha, uyokhululeka ngokwengeziwe ukulusebenzisa. Ngokufanayo, kudingeka sikhulume ulimi oluhlanzekile ngawo wonke amathuba. “Ngenhliziyo umuntu ubonisa ukholo kube ngukulunga, kodwa ngomlomo umuntu uvuma obala kube yinsindiso.” (Roma 10:10) ‘Asivumi obala’ kuphela lapho sibhapathizwa kodwa nalapho sikhuluma ngoJehova ngawo wonke amathuba, kuhlanganise nalapho sisenkonzweni. (Math. 28:19, 20; Heb. 13:15) Imihlangano yethu yobuKristu isinika ithuba lokusho imisho emifushane necacile ngolimi oluhlanzekile.—Funda amaHebheru 10:23-25.

Ngobunye Masisebenzise Ulimi Oluhlanzekile Ukuze Sidumise UJehova

19, 20. (a) Iyiphi into emangalisayo efezwa oFakazi BakaJehova osukwini lwethu? (b) Yini ozimisele ukuyenza?

19 Yeka indlela okwakuyojabulisa ngayo ukuba seJerusalema ngeSonto ekuseni, ngo-Sivanu 6, ngonyaka ka-33 C.E.! Ekuseni ngalolo suku, ngaphambi kokuba kushaye u-9:00, abantu ababebuthene ekamelweni eliphezulu “baqala ukukhuluma ngezinye izilimi” ngokuyisimangaliso. (IzE. 2:4) Namuhla, izinceku zikaNkulunkulu azinaso isipho sokukhuluma ngezilimi. (1 Kor. 13:8) Noma kunjalo, oFakazi BakaJehova bamemezela izindaba ezinhle zoMbuso ngezilimi ezingaphezu kuka-430.

20 Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi sikhuluma luphi ulimi, sonke simunye ekukhulumeni ulimi oluhlanzekile lweqiniso leBhayibheli! Ngandlela-thile, lokhu kushintsha lokho okwenzeka eBhabhele. Abantu bakaJehova badumisa igama lakhe njengokungathi ngolimi olulodwa. (1 Kor. 1:10) Kwangathi singazimisela ukuqhubeka sikhonza ‘silinganisene ihlombe nehlombe’ nabafowethu nodadewethu emhlabeni wonke njengoba kunanini ngaphambili sifunda ukukhuluma kahle ulimi olulodwa, kube inkazimulo kuBaba wethu osezulwini, uJehova.—Funda iHubo 150:1-6.

Ungaphendula Kanjani?

• Luyini ulimi oluhlanzekile?

• Kuhilelani ukukhuluma ulimi oluhlanzekile?

• Yini ezosisiza ukuba silukhulume kahle ulimi oluhlanzekile?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 23]

Thuthukisa Indlela Olukhuluma Kahle Ngayo Ulimi Oluhlanzekile

ngokulalelisisa.

Luka 8:18; Heb. 2:1

ngokulingisa izikhulumi eziqephuzayo.

1 Kor. 11:1; Heb. 13:7

ngokufunda ukubamba ngekhanda nangokuphindaphinda.

Jak. 1:22-25; 2 Pet. 1:12

ngokufunda ngokuzwakalayo.

IHu. 1:1, 2; IsAm. 1:3

ngokuhlaziya “uhlelo lolimi.”

2 Thim. 1:13

ngokuqhubeka uthuthuka.

Heb. 5:11-14; 6:1, 2

ngokubeka izikhathi zokutadisha eziqondile.

Dan. 6:16, 20; Efe. 6:18

ngokulukhuluma.

Roma 10:10; Heb. 10:23-25

[Izithombe ekhasini 24]

Ngobunye abantu bakaJehova bakhuluma ‘ulimi oluhlanzekile’