Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:

• Iyiphi inselele enkulu amanye amaKristu aye abhekana nayo ngemva kokushada, futhi yini okufanele alwele ukuyenza?

Amanye amaKristu angase aqaphele ukuthi kuncane afana ngakho nabantu ashade nabo. Njengoba azi ukuthi isahlukaniso esingasekelwe emiBhalweni asilona ikhambi elamukelekayo, kudingeka azikhandle ukuze alondoloze umshado wawo.—4/15, ikhasi 17.

• Iziphi izinselele umKristu ohlala ekhaya lasebekhulile angase abhekane nazo?

Kungenzeka akabajwayele abantu abasebandleni elisensimini yekhaya lasebekhulile. Iningi labantu abakulelo khaya lingase libe nezinkolelo ezihlukile kwezakhe futhi lingase lizame ukumenza ahlanganyele ezinkonzweni ezingokwenkolo. Izihlobo ezingamaKristu namalungu ebandla lendawo kufanele bazazi lezi zinkinga, bamsekele futhi bamnakekele.—4/15, amakhasi 25-27.

• Iziphi izinyathelo ezine ezingasiza abantu abashadile ukuba baxazulule izinkinga?

Bekani isikhathi sokuxoxa ngezinkinga. (UmSh. 3:1, 7) Veza umbono wakho ngokwethembeka nangenhlonipho. (Efe. 4:25) Lalela futhi uhloniphe imizwa yoshade naye. (Math. 7:12) Vumelanani ngekhambi, futhi nilisebenzise. (UmSh. 4:9, 10)—5/1, amakhasi 10-12.

• Lapho uJesu esinxusa ukuba sithandazele ukuthethelelwa kwamacala, wayesho maphi amacala?

Ukuqhathanisa uMathewu 6:12 noLuka 11:4 kukwenza kucace ukuthi uJesu wayekhuluma ngezono. Kudingeka silingise uNkulunkulu ngokuzimisela ukuthethelela.—5/15, ikhasi 9.

• Amalungu eNdikimba Ebusayo akhonza kumaphi amakomiti?

IKomiti Yabaqondisi; iKomiti Yezisebenzi; iKomiti Yokunyathelisa; iKomiti Yenkonzo; iKomiti Yokufundisa; iKomiti Yokubhala.—5/15, ikhasi 29.

• Yini esenza siqiniseke ukuthi iSikhukhula sangosuku lukaNowa samboza wonke umhlaba?

UJesu wayekholelwa ukuthi lesi Sikhukhula saba khona futhi samboza wonke umhlaba. Izixwayiso eziseBhayibhelini zisekelwe eSikhukhuleni sangempela esamboza umhlaba wonke.—6/1, ikhasi 8.

• Ingabe ukuziphatha okuchazwe kweyabaseRoma 1:24-32 kubhekisela kumaJuda noma kwabeZizwe?

Le ncazelo ingasebenza kuwo womabili la maqembu, kodwa umphostoli uPawulu wayekhuluma ngokuqondile ngama-Israyeli asendulo ayesehluleke amakhulu amaningi eminyaka ukulalela uMthetho. Ayezazi izinqumo zikaNkulunkulu ezilungile, kodwa ayengaphili ngokuvumelana nazo.—6/15, ikhasi 29.

• Ikuphi iTel Arad, futhi kungani ibalulekile?

Leli gquma lakwa-Israyeli elisentshonalanga yoLwandle Olufile lilapho kwakukhona umuzi wasendulo wase-Aradi. Kuleli gquma, abavubukuli baye bathola izindengezi zobumba ezazisetshenziswa njengezibhebhe zokubhala. Ezinye zinamagama atholakala eBhayibhelini, futhi zibonisa ukuthi igama likaNkulunkulu lalisetshenziswa emibhalweni yezwe.—7/1, amakhasi 23-24.

• Kungani ukuzibekela imigomo efinyelelekayo kungandisa injabulo yethu?

Uma silwela ukufinyelela imigomo engenangqondo kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, sizibangela ukucindezeleka okungadingekile. Noma kunjalo, akufanele siteteme, sisebenzise izimo esizicabangelayo njengezaba zokunciphisa enkonzweni.—7/15, ikhasi 29.

• Yini engathiya ukukhulumisana phakathi kwabazali nabasanda kweva eminyakeni eyishumi nambili?

Izithiyo kungase kube ukuthi osemusha unamahloni, ufuna ukuzimela nokuba kuhlonishwe izindaba zakhe. Abazali bangase bazame ukukhuthaza osemusha ukuba axoxe ezimweni ezivamile futhi balwele ukuqonda okungale kwakushoyo.—8/1, amakhasi 10-11.