Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Londoloza Ubuqotho Ngenhliziyo Enobunye

Londoloza Ubuqotho Ngenhliziyo Enobunye

Londoloza Ubuqotho Ngenhliziyo Enobunye

“Ngizohamba eqinisweni lakho. Yenza inhliziyo yami ibe nobunye ukuze yesabe igama lakho.”—IHU. 86:11.

1, 2. (a) NgokweHubo 86:2, 11, yini eyosisiza ukuba sihlale sithembekile kuJehova lapho sivivinywa noma silingwa? (b) Ukuba qotho ngokusuka enhliziyweni kufanele kuhlakulelwe nini?

KUNGANI amaKristu athile ahlala ethembekile iminyaka eminingi naphezu kokuboshwa noma ukushushiswa kamuva ewela ogibeni lokuthanda izinto ezibonakalayo? Impendulo ihlobene nenhliziyo yethu engokomfanekiso—lokho ngempela esiyikho ngaphakathi. IHubo 86 lihlobanisa ukuba qotho nenhliziyo enobunye; okungukuthi, inhliziyo ephelele, engahlukene phakathi. Umhubi uDavide wathandaza: “O qapha umphefumulo wami, ngoba ngiqotho. Sindisa inceku yakho ethembela kuwe—unguNkulunkulu wami.” Waphinde wathandaza: “O Jehova, ngifundise ngendlela yakho. Ngizohamba eqinisweni lakho. Yenza inhliziyo yami ibe nobunye ukuze yesabe igama lakho.”—IHu. 86:2, 11.

2 Uma singathembeli kuJehova ngayo yonke inhliziyo yethu, eminye iminako nezinto esizithandayo kungabenza buthaka ubuqotho bethu kuNkulunkulu weqiniso. Izifiso zobugovu zinjengamabhomu agqitshwe endleleni yethu. Ngisho noma siye sahlala sithembekile kuJehova ngaphansi kwezimo ezivivinyayo, singaba izisulu zezingibe zikaSathane. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukukuhlakulela manje ukuba qotho kuJehova ngokusuka enhliziyweni, ngaphambi kokuba sivivinywe noma silingwe! IBhayibheli lithi: “Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho.” (IzAga 4:23) Singafunda izifundo ezibalulekile ngale ndaba kulokho okwehlela umprofethi wakwaJuda uJehova amthuma enkosini yakwa-Israyeli, uJerobowamu.

“Mangikuphe Isipho”

3. UJerobowamu wasabela kanjani esigijimini sesahlulelo esalethwa umprofethi kaNkulunkulu?

3 Ake ubone lokhu ngeso lengqondo. Umuntu kaNkulunkulu usanda kuletha isigijimi esintinyelayo eNkosini uJerobowamu, esungule ukukhulekelwa kwethole embusweni wasenyakatho wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi. Inkosi ithukuthele iyaveva. Iyala amadoda ukuba asibambe lesi sithunywa. Kodwa uJehova uyayivikela inceku yakhe. Masinyane, isandla inkosi eselule ithukuthele siyashwabana ngokuyisimangaliso ne-altare elisetshenziselwa ukukhulekela kwamanga lihlukana phakathi. Khona manjalo, uJerobowamu uyashintsha. Uncenga umuntu kaNkulunkulu: “Ngicela uncenge uJehova uNkulunkulu wakho ungithandazele ukuba isandla sami siphiliswe.” Umprofethi uyathandaza, futhi isandla senkosi siyaphulukiswa.—1 AmaKh. 13:1-6.

4. (a) Kungani isimemo senkosi sasiwuvivinyo lwangempela lobuqotho bomprofethi? (b) Umprofethi waphendula wathini?

4 UJerobowamu ube esethi kumuntu kaNkulunkulu weqiniso: “Woza siye endlini uthathe okokuzisekela, futhi mangikuphe isipho.” (1 AmaKh. 13:7) Uzokwenzenjani lo mprofethi manje? Asamukele yini isimemo sokuya endlini yenkosi ngemva kokuyitshela isigijimi esiyilahlayo? (IHu. 119:113) Noma asenqabe, nakuba kubonakala sengathi inkosi iyazisola? Akungabazeki ukuthi uJerobowamu angabagidlabeza ngezipho eziphambili abangane bakhe. Uma kuwukuthi umprofethi kaNkulunkulu ubenesifiso esicashile sezinto ezibonakalayo, cishe isimemo senkosi siyisilingo esikhulu kuye. Nokho, uJehova umyale kanje umprofethi: “Akumelwe udle isinkwa noma uphuze amanzi, futhi ungabuyi ngendlela ohambe ngayo.” Ngakho uphendula ngaphandle kokunanaza: “Noma ubunganginika ngisho nengxenye yendlu yakho bengingeke ngihambe nawe ngidle isinkwa noma ngiphuze amanzi kule ndawo.” Umprofethi uyasuka eBhethele ahambe ngenye indlela. (1 AmaKh. 13:8-10) Isinqumo somprofethi sisifundisani ngokuba qotho ngokusuka enhliziyweni?—Roma 15:4.

‘Yaneliseka’

5. Ukuthanda izinto ezibonakalayo kuwuvivinyo lobuqotho ngayiphi indlela?

5 Ukuthanda izinto ezibonakalayo kungase kungabonakali ukuthi kuwuvivinyo lobuqotho, kodwa empeleni kuyilo. Siyasethemba yini isithembiso sikaJehova sokuthi uzosinika lokho esikudinga ngempela? (Math. 6:33; Heb. 13:5) Kunokuba silwele ukuba kumnyama kubomvu sithole ezinye zezinto “ezingcono” ekuphileni esingenamandla okuzithola manje, singakwazi yini ukuphila ngaphandle kwazo? (Funda eyabaseFilipi 4:11-13.) Ingabe siyalingeka ukuba sidele amalungelo angokwasezulwini ukuze sithole lokho esikufuna manje? Ingabe ukuba qotho enkonzweni yethu kuJehova kuza kuqala ekuphileni kwethu? Izimpendulo zethu ngokuyinhloko ziyoxhomeka ekutheni inkonzo yethu kuNkulunkulu siyinikela ngenhliziyo yonke yini. Umphostoli uPawulu wabhala: “Kuyindlela yokuthola inzuzo enkulu, lokhu kuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye nokwaneliswa. Ngoba asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho. Ngakho, uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.”—1 Thim. 6:6-8.

6. Iziphi “izipho” esingase sithenjiswe zona, futhi yini eyosisiza lapho sinquma ukuthi sizamukele yini noma cha?

6 Ngokwesibonelo, emsebenzini singase sithenjiswe ukukhushulelwa esikhundleni esikhokhela kangcono futhi esinezinye izinzuzo. Noma mhlawumbe siyabona ukuthi singathola imali ethe xaxa uma singathuthela kwelinye izwe noma indawo ukuze siyosebenza khona. Ekuqaleni kungase kubonakale sengathi amathuba anjalo ayisibusiso esivela kuJehova. Kodwa ngaphambi kokuba siwagxumele, akufanele yini sihlole izisusa zethu? Umbuzo okufanele sizibuze wona ngokuyinhloko yilo, “Isinqumo sami siyobuthinta kanjani ubuhlobo bami noJehova?”

7. Kungani kubalulekile ukulususa ngokuphelele noma iluphi uthando lwezinto ezibonakalayo?

7 Isimiso sikaSathane sihlale sikhuthaza ukuthanda izinto ezibonakalayo. (Funda eyoku-1 Johane 2:15, 16.) Umgomo kaDeveli uwukonakalisa izinhliziyo zethu. Ngakho-ke, kudingeka sihlale siqaphile ukuze sibone futhi sisuse ngokuphelele noma iluphi uthando lwezinto ezibonakalayo enhliziyweni yethu. (IsAm. 3:15-17) UJesu akazange nakancane alingeke lapho uSathane emthembisa yonke imibuso yezwe. (Math. 4:8-10) Waxwayisa: “Hlalani nivulé amehlo futhi niqaphe yonke inhlobo yokuhaha, ngoba ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Ukuba qotho kuyosisiza ukuba sithembele kuJehova hhayi kithi ngokwethu.

Umprofethi Omdala “Wamkhohlisa”

8. Kwavivinywa kanjani ukuba qotho komprofethi kaNkulunkulu?

8 Izinto ngabe zamhambela kahle umprofethi kaNkulunkulu ukube waqhubeka nohambo lwakhe lokubuyela ekhaya. Nokho, kungakabiphi wabhekana nolunye uvivinyo. IBhayibheli liyalandisa: “Umprofethi othile owayesemdala wayehlala eBhethele, futhi amadodana akhe afika kuye amlandisa” konke okwakwenzeke ngalolo suku. Lapho izwa lokhu le ndoda endala iwacela ukuba ayibophele imbongolo ukuze ijahe umprofethi kaNkulunkulu. Kungakabiphi, imfica esaphumule ngaphansi komuthi omkhulu ithi kuye: “Woza siye endlini udle isinkwa.” Lapho umuntu kaNkulunkulu weqiniso enqaba, le ndoda endala ithi: “Nami ngingumprofethi njengawe, futhi ingelosi ngokwayo ikhulumile kimi ngezwi likaJehova, ithi, ‘Menze abuyele nawe endlini yakho ukuze azodla isinkwa futhi aphuze amanzi.’” Kodwa imiBhalo ithi: “Wamkhohlisa.”—1 AmaKh. 13:11-18.

9. ImiBhalo ithini ngabantu abakhohlisayo, futhi balimaza obani?

9 Asazi ukuthi sasiyini isisusa salo mprofethi omdala, kodwa waqamba amanga. Mhlawumbe le ndoda endala yayike yaba umprofethi othembekile kaJehova. Nokho, kulokhu yayikhohlisa. ImiBhalo ikulahla ngokuqinile ukukhohlisa. (Funda izAga 3:32.) Abantu abakhohlisayo abazilimazi bona kuphela ngokomoya kodwa ngokuvamile balimaza nabanye.

“Waphindela Emuva” Nendoda Endala

10. Umprofethi kaNkulunkulu wasabela kanjani lapho indoda endala immema, futhi waba yini umphumela?

10 Umprofethi wakwaJuda kwakufanele abubone ubuqili balo mprofethi omdala. Wayengazibuza, ‘Uma uJehova ebefuna ukunginika iziyalezo ezintsha, ingabe ingelosi ubezoyithumela komunye umuntu?’ Wayengacela uJehova ukuba acacise ngalezi ziyalezo, kodwa imiBhalo ayibonisi ukuthi wakwenza lokho. Kunalokho, ‘waphindela emuva nale ndoda endala ukuze adle isinkwa endlini yayo aphuze namanzi.’ UJehova akajabulanga ngalokho. Lapho umprofethi okhohlisiwe ekugcineni esebuyela kwaJuda, wahlaselwa ingonyama yambulala. Yeka ukuthi umsebenzi wakhe njengomprofethi waphela ngendlela edabukisa kanjani!—1 AmaKh. 13:19-25. *

11. U-Ahiya wabeka siphi isibonelo esihle?

11 Ngakolunye uhlangothi, umprofethi u-Ahiya, owathunywa ukuba ayogcoba uJerobowamu njengenkosi, wahlala ethembekile waze waba mdala impela. Lapho u-Ahiya esemdala engasaboni nasemehlweni, uJerobowamu wathumela umkakhe ukuba ayobuza u-Ahiya ngendodana yabo eyayigula. U-Ahiya wabikezela ngesibindi ukuthi indodana kaJerobowamu yayizokufa. (1 AmaKh. 14:1-18) Phakathi kwezibusiso eziningi u-Ahiya azithola, kwaba ukuba nelungelo lokuba nengxenye ekulotshweni kweZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Kanjani? Kamuva u-Ezra umpristi wasebenzisa imibhalo ka-Ahiya njengomthombo walokho akuloba.—2 IziKr. 9:29.

12-14. (a) Singafundani kulokho okwehlela umprofethi osemncane? (b) Bonisa ukuthi kungani kunesidingo sokusicabangela kahle nangomthandazo iseluleko seBhayibheli esinikezwa abadala.

12 IBhayibheli alisho ukuthi kungani lo mprofethi osemncane engazange abuze uJehova ngaphambi kokuba aphambuke adle futhi aphuze nale ndoda endala. Kungenzeka yini ukuthi le ndoda endala yayimtshele lokho ayefuna ukukuzwa? Sifundani thina kulokhu? Kudingeka siqiniseke ngokuphelele ukuthi izimfuneko zikaJehova zilungile. Kudingeka futhi sizimisele ukuzilandela, ngisho noma sekunjani.

13 Abanye bezwa lokho bona abafuna ukukuzwa lapho benikezwa iseluleko. Ngokwesibonelo, ummemezeli angase athenjiswe umsebenzi ongase uthathe isikhathi angasichitha nomkhaya wakhe nesemisebenzi engokwasezulwini. Angase acele iseluleko kumdala. Umdala angase aqale ngokuvuma ukuthi akakwazi ukutshela lo mzalwane ukuthi kumelwe awondle kanjani umkhaya wakhe. Umdala angabe esexoxa nalo mzalwane ngezingozi ezingokomoya ezingaba khona ngokwamukela lowo msebenzi awuthenjisiwe. Ingabe lo mzalwane uzokhumbula kuphela amazwi okuqala omdala, noma ingabe uzocabangisisa nangalawo awasho kamuva? Kusobala ukuthi kudingeka lo mzalwane anqume ukuthi ikuphi okuyomzuzisa kangcono ngokomoya.

14 Cabanga ngesinye isibonelo. Udade angase abuze umdala ukuthi kufanele yini ahlale ngokwehlukana nomyeni wakhe ongakholwa. Akungabazeki ukuthi umdala uyomchazela ukuthi isinqumo sokuhlala ngokwehlukana sishiyelwa kuye. Angabe esexoxa naye ngeseluleko seBhayibheli ngale ndaba. (1 Kor. 7:10-16) Ingabe lo dade uzokucabangela ngokufanele okushiwo umdala? Noma, ingabe usenqumile kakade ukuba ashiye umyeni wakhe? Kuyoba ukuhlakanipha ukuba lapho enza isinqumo acabangele ngomthandazo iseluleko esisekelwe eBhayibhelini.

Yiba Nesizotha

15. Sifundani ephutheni lomprofethi kaNkulunkulu?

15 Yini enye esingayifunda ephutheni lomprofethi wakwaJuda? IzAga 3:5 zithi: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.” Kunokuba aqhubeke ethembela kuJehova njengoba ayenzile ngaphambili, kulo mzuzu lo mprofethi wakwaJuda wathembela kokwakhe ukuhlakanipha. Iphutha lakhe lamlahlekisela ukuphila kwakhe negama elihle ayezenzele lona noNkulunkulu. Yeka ukuthi okwamehlela kukugcizelela ngokunamandla kanjani ukubaluleka kokukhonza uJehova ngesizotha nangobuqotho!

16, 17. Yini eyosisiza ukuba sihlale siqotho kuJehova?

16 Inhliziyo yethu enobugovu ithambekele ekusidukiseni. “Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba.” (Jer. 17:9) Ukuze sihlale siqotho kuJehova, kumelwe siqhubeke sizikhandla ukuze sihlubule ubuntu obudala nokuthambekela kwabo ekugabadeleni nasekuzethembeni. Kumelwe sigqoke ubuntu obusha, “obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.”—Funda eyabase-Efesu 4:22-24.

17 IzAga 11:2 zithi: “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” Ukuba nesizotha sithembele kuJehova kusisiza ukuba sigweme amaphutha angasifaka enkingeni enkulu. Ngokwesibonelo, ukudumazeka kungawuphendukezela kalula umbono wethu. (IzAga 24:10) Singase sikhathale ukuhlanganyela esicini esithile senkonzo engcwele bese siqala ukuba nomuzwa wokuthi kwanele esesikwenzile kule minyaka, sicabange ukuthi mhlawumbe kufanele sidedele abanye. Noma singase sifise sengathi singaphila ukuphila “okuvamile.” Nokho, ‘ukuzikhandla ngamandla’ ‘nokuba nokuningi’ njalo “kokukwenza emsebenzini weNkosi” kuyoqapha izinhliziyo zethu.—Luka 13:24; 1 Kor. 15:58.

18. Yini esingayenza uma singazi ukuthi isiphi isinqumo okumelwe sisenze?

18 Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke senze izinqumo ezinzima, kodwa kungasicaceli masinyane ukuthi ikuphi okufanele. Ingabe siyolingeka ukuba sizinqumele ngokuhlakanipha kwethu? Noma nini lapho sizithola sisesimweni esinjalo, kuyoba ukuhlakanipha ukucela uJehova ukuba asisize. UJakobe 1:5 uthi: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile.” UBaba wethu osezulwini uyosinika umoya ongcwele esiwudingayo ukuze senze izinqumo ezinhle.—Funda uLuka 11:9, 13.

Zimisele Ukuhlale Uqotho

19, 20. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

19 Iminyaka enezinxushunxushu eyalandela ukuchezuka kukaSolomoni ekukhulekeleni kweqiniso yakuvivinya kakhulu ukuba qotho kwezinceku zikaNkulunkulu. Kuyiqiniso ukuthi eziningi zayekethisa ngandlela-thile. Noma kunjalo, ezinye zahlala ziqotho kuJehova.

20 Nsuku zonke, sibhekana nokukhetha nezinqumo okuvivinya ubuqotho bethu. Nathi singazibonakalisa sithembekile. Masihlale siqotho kuJehova ngaso sonke isikhathi njengoba senza izinhliziyo zethu zibe nobunye, siqiniseka ngokugcwele ukuthi uyoqhubeka ebabusisa abaqotho bakhe.—2 Sam. 22:26.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 10 IBhayibheli alisho ukuthi ukufa komprofethi omdala kwabangelwa uJehova yini noma cha.

Ungaphendula Kanjani?

• Kungani kufanele sizikhandle ukuze sisuse noma iluphi uthando lwezinto ezibonakalayo enhliziyweni yethu?

• Yini eyosisiza ukuba sihlale siqotho kuJehova?

• Ukuba nesizotha kungasisiza kanjani ukuba sihlale siqotho kuNkulunkulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 9]

Ingabe ukuthola kunzima ukumelana nezilingo?

[Izithombe ekhasini 10]

Ingabe uyosicabangela ngomthandazo iseluleko esisekelwe eBhayibhelini?