Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Uzikhathalela Ngesisa Izinceku Zakhe Esezikhulile

UJehova Uzikhathalela Ngesisa Izinceku Zakhe Esezikhulile

UJehova Uzikhathalela Ngesisa Izinceku Zakhe Esezikhulile

“UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.”—HEB. 6:10.

1, 2. (a) Ukubona umuntu osempunga kungase kukukhumbuzeni? (b) UJehova uwabheka kanjani amaKristu asekhulile?

LAPHO ubuka izimpunga ebandleni, azikukhumbuzi yini ukulandisa okusencwadini yeBhayibheli kaDaniyeli? Embonweni awunikeza uDaniyeli, uJehova uNkulunkulu wazibonakalisa enezinwele ezimhlophe. UDaniyeli wabhala: “Ngaqhubeka ngibhekile kwaze kwaba nezihlalo zobukhosi ezibekwayo futhi oMdala Wezinsuku wahlala phansi. Izembatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, futhi izinwele zekhanda lakhe zazinjengoboya obuhlanzekile.”—Dan. 7:9.

2 Uma uvolo ungakenziwa lutho ngokuvamile uba nombala omhlophe. Ngakho, izinwele ezimhlophe nesiqu esithi “oMdala Wezinsuku” kubonisa ukuthi uNkulunkulu mdala futhi uhlakaniphe kakhulu, yingakho kufanele simhloniphe ngokujulile. OMdala Wezinsuku, uJehova, ubabheka kanjani-ke abesilisa nabesifazane abathembekile asebekhulile? IZwi likaNkulunkulu lithi “ubumpunga bungumqhele wobuhle lapho butholakala endleleni yokulunga.” (IzAga 16:31) Yebo, uma umKristu othembekile esempunga noma esenezinwele ezimhlophe, lolo phawu lokukhula lumenza abe muhle emehlweni kaNkulunkulu. Ingabe nawe unombono ofana nokaJehova ngabafowenu nodadewenu asebekhulile?

Kungani Ziyigugu Kangaka?

3. Kungani asebekhulile esikholwa nabo beyigugu kangaka kithi?

3 Lezi zinceku zikaNkulunkulu ezithandekayo esezikhulile zihlanganisa amalungu eNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, ababonisi ababejikeleza nabasajikeleza, amaphayona ashisekayo nabamemezeli boMbuso abavuthiwe—abafowethu nodadewethu abakhonza ngokwethembeka emabandleni esikuwo. Kungenzeka wazi abathile osekungamashumi eminyaka beshumayela izindaba ezinhle ngentshiseko futhi abaye baba izibonelo ezinhle kwabasha, babakhuthaza futhi balolonga ukuphila kwabo. Abanye esikholwa nabo asebekhulile baye bathwala imithwalo yemfanelo esindayo, bakhuthazelela noshushiso ngenxa yezindaba ezinhle. UJehova ‘nenceku ethembekileyo neqondayo’ bakwazisa kakhulu konke abákwenza esikhathini esidlule nabasakwenza ukuze bathuthukise umsebenzi woMbuso.—Math. 24:45.

4. Kungani kufanele sihloniphe amaKristu asekhulile futhi siwathandazele?

4 Lezi zimpunga ezithembekile ziyakufanelekela ukubongwa nokuhlonishwa ezinye izinceku zikaJehova uNkulunkulu. Empeleni, uMthetho kaNkulunkulu owanikezwa ngoMose ubonisa ukuthi ukucabangela nokuhlonipha asebekhulile kuhlobene nokwesaba uJehova. (Lev. 19:32) Kufanele sibathandazele njalo laba bafowethu nodadewethu abathembekile futhi sibonge uNkulunkulu ngemisebenzi yabo yothando. Umphostoli uPawulu wathandazela izisebenzi ayekanye nazo ezithandekayo, ezisezincane nesezikhulile.—Funda eyoku-1 Thesalonika 1:2, 3.

5. Singazuza kanjani ngokuba nobudlelwane nabakhulekeli bakaJehova asebekhulile?

5 Ngaphezu kwalokho, bonke ebandleni bangazuza ngokuba nobudlelwane namaKristu asekhulile. Ngokutadisha, ngokuphawula izinto, nangokuhlangenwe nakho kwabo, abakhulekeli bakaJehova abathembekile asebekhulile baye baqongelela ulwazi oluyigugu. Baye bafunda ukubonisa ukubekezela nobubele, futhi ukucobelela isizukulwane esilandelayo ulwazi abanalo kubanikeza injabulo nokwaneliseka okukhulu. (IHu. 71:18) Nina enisebasha, hlakaniphani, nikhe kulolu lwazi, ngendlela ebeningakha ngayo amanzi emthonjeni ojulile.—IzAga 20:5.

6. Ungababonisa kanjani asebekhulile ukuthi ubazisa ngempela?

6 Uke ubatshele yini asebekhulile ukuthi uyabazisa njengoba nje noJehova ebazisa? Enye indlela ongakwenza ngayo lokhu iwukubatshela ukuthi uyabathanda ngenxa yokwethembeka kwabo nokuthi uyayazisa imibono yabo. Ngaphezu kwalokho, ngokwenza lokho okufunda kubo, ubonisa ukuthi ubahlonipha ngempela. AmaKristu amaningi asekhulile ayazikhumbula izeluleko ezihlakaniphile azithola kwabathembekile abadala kunawo nendlela ukuzilalela okwawazuzisa ngayo ukuphila kwawo konke. *

Bonisa Isisa Ngezindlela Ezingokoqobo

7. UJehova uwunikeza obani umthwalo wemfanelo oyinhloko wokunakelela asebekhulile?

7 Ngokuyinhloko, uNkulunkulu unikeza imindeni enamalungu akhulile umthwalo wemfanelo wokuwondla. (Funda eyoku-1 Thimothewu 5:4, 8.) UJehova uyajabula lapho imindeni isifeza isibopho sayo sokunakekela izihlobo esezikhulile, kanjalo ibonise ukuthi iyabakhathalela asebekhulile njengoba naye ebakhathalela. UNkulunkulu uyayisekela futhi ayibusise le mindeni ngemizamo yayo nangakho konke ukuzidela kwayo. *

8. Kungani amabandla kufanele abonise ukuthi ayawakhathalela amaKristu asekhulile?

8 Ngokufanayo, uJehova uyajabula lapho amalungu ebandla esiza abathembekile asebekhulile abantulayo kodwa abangenazo izihlobo ezikholwayo noma ezizimisele ukubanakelela. (1 Thim. 5:3, 5, 9, 10) Ngokwenza lokhu, amabandla abonisa ukuthi ‘anozwela, uthando lobuzalwane nobubele besisa’ ngasebekhulile. (1 Pet. 3:8) Ukukhathalela kwawo amalungu ebandla asekhulile kuchazwa kahle uPawulu lapho ebonisa ukuthi uma ilungu elilodwa lomzimba womuntu lihlupheka, “wonke amanye amalungu ahlupheka kanye nalo.” (1 Kor. 12:26) Ukuthatha isinyathelo esingokoqobo, sibe nozwela ngasebekhulile kubonisa ukuthi senza ngokweseluleko sikaPawulu: “Qhubekani nithwalisana imithwalo yomunye nomunye, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.”—Gal. 6:2.

9. Iziphi izinkinga ukukhula okungase kuzibangele umuntu?

9 Yiziphi izinkinga ezihlupha asebekhulile? Abaningi bayashesha ukukhathala. Bangase babe nomuzwa wokuthi ukwenza ngisho izinto ezivamile—ukuya kwadokotela, ukuyokhokha izikweletu, ukuhlanza indlu, ukupheka—kungaphezu kwamandla abo. Ngenxa yokuthi ukukhula ngokuvamile kwenza umuntu abe nenhliziyo emnyama futhi angawanxaneli kangako amanzi, asebekhulile bangase bacabange ukuthi akusadingeki bathole okudliwayo noma okuphuzwayo ngendlela okufanele ngabe bakuthola ngayo. Kungenzeka okufanayo nangokudla okungokomoya. Amehlo abo angasaboni kahle nezindlebe zabo ezingasezwa kahle kungase kwenze kube nzima ngabo ukufunda nokulalela emihlanganweni yobuKristu futhi ukuzilungisa ukuze baye kuyo kungase kubakhathaze. Yini-ke abanye abangayenzela laba asebekhulile?

Indlela Ongasiza Ngayo

10. Yini abadala abangayenza ukuze baqinisekise ukuthi asebekhulile bathola usizo olungokoqobo?

10 Emabandleni amaningi, asebekhulile banakekelwa ngendlela eyisibonelo. Abafowethu nodadewethu abanothando bayabasiza ngokubayela ezitolo, ukubaphekela nokubahlanzela izindlu. Babasiza ukuba batadishe, balungele ukuya emihlanganweni futhi baphume njalo enkonzweni. OFakazi abasebasha bayabaphelezela futhi babasize ngokubathwala ngezimoto zabo. Uma asebekhulile bengasakwazi ukuphuma endlini, bangaxhunywa ngocingo ngesikhathi semihlangano, noma baqoshelwe izinkulumo. Noma nini lapho kungenzeka, abadala bayaqikelela ukuthi kuba nezindlela ezingokoqobo zokunakekela izidingo zasebekhulile ebandleni. *

11. Landisa indlela omunye umkhaya owasiza ngayo umzalwane osekhulile.

11 AmaKristu ngamanye angabonisa umoya wokungenisa izihambi futhi abe nesandla esivulekile. Ngemva kokuba umzalwane othile osekhulile eshonelwe umkakhe, akabange esakwazi ukukhokhela indawo yokuhlala njengoba yayingasekho imali yomhlalaphansi yomkakhe. Yena nomkakhe babefundele umkhaya othile iBhayibheli—ubaba, umama namantombazane amabili eve eshumini nambili. Lo mkhaya wawunendlu enkulu, ngakho wamnikeza amakamelo amabili. Iminyaka engu-15 babedla ndawonye, bejabula ndawonye futhi bejabulela uthando lobuzalwane. Izingane zazuza lukhulu okholweni nakokuhlangenwe nakho kwakhe okuningi, futhi naye wazuza ebudlelwaneni obujabulisayo. Lo mzalwane osekhulile wahlala nalo mkhaya kwaze kwaba yilapho eshona eneminyaka engu-89. Lo mkhaya usambonga namanje uNkulunkulu ngezibusiso eziningi owazithola ngokuhlala nalo mzalwane. Awuzange ‘ulahlekelwe umvuzo wawo’ ngokusiza umfundi kaJesu Kristu owawukhonza naye.—Math. 10:42. *

12. Yini ongayenza ukuze ubonise ukuthi uyabahlonipha abafowethu nodadewethu asebekhulile?

12 Ungase ungabi sesimweni sokusiza umzalwane noma udade osekhulile ngendlela lo mkhaya owasiza ngayo, kodwa ungase ukwazi ukusiza asebekhulile ukuba baye emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini. Ungabamemela nasekhaya noma uhambe nabo lapho niyoshaywa umoya. Ungabavakashela, ikakhulu lapho begula noma bengakwazi ukuphuma endlini. Ngaphezu kwalokho, kufanele ngaso sonke isikhathi sibaphathe njengabantu abadala abavuthiwe. Uma nje izingqondo zabo zisasebenza kahle, amaKristu asekhulile kufanele ahilelwe kuzo zonke izinqumo eziwathintayo. Ngisho nalawo anezingqondo esezithanda ukubaleka, ayabona uma engasahlonishwa.

UJehova Ngeke Awukhohlwe Umsebenzi Wenu

13. Kungani kubalulekile ukucabangela imizwa yamaKristu asekhulile?

13 Kubalulekile ukucabangela imizwa yasebekhulile. Kuvamile ukuba asebekhulile baphatheke kabi kakhulu ngokuthi abasakwazi ukwenza zonke izinto ababekwazi ukuzenza besebasha futhi beseyimiqemane. Ngokwesibonelo, udade owayeseneminyaka engaba ngu-50 ekhuthele enkonzweni kaJehova futhi eyiphayona elivamile waphathwa isifo esiwohlozayo esasenza kube umshikashika ukuya emihlanganweni. Lapho eqhathanisa inkonzo yakhe yangaphambili nokulinganiselwa kwakhe manje, wagebisa ikhanda wakhala, wathi, “Angisewusizo lwalutho manje.”

14. Isiphi isikhuthazo izinceku zikaJehova esezikhulile ezingasithola encwadini yamaHubo?

14 Uma ungumuntu osekhulile, wake waba nayo yini imizwa efanayo ebuhlungu? Ziba khona yini izikhathi lapho uba nomuzwa wokuthi uJehova ukushiyile? Kungenzeka ukuthi umhubi wazizwa ngendlela efanayo lapho esekhulile, ngoba wanxusa uJehova: “Ungangilahli esikhathini sokuguga; ungangishiyi lapho nje amandla ami ephela. . . . O Nkulunkulu, ungangishiyi, kuze kube ngisho nasekugugeni nasebumpungeni.” (IHu. 71:9, 18) Yebo, uJehova wayengeke amshiye umqambi walelo hubo, futhi nawe ngeke akushiye. Kwelinye ihubo, uDavide wazwakalisa ukuqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyamsekela. (Funda iHubo 68:19.) Uma ungumKristu othembekile osekhulile, qiniseka ngokuthi uJehova unawe futhi uzoqhubeka ekuphasa usuku nosuku.

15. Yini engasiza asebekhulile ukuba bahlale benombono ofanele?

15 UJehova akakukhohlwa lokho nina boFakazi bakhe asebekhulile eniye nakwenza nalokho enikwenzela inkazimulo yakhe manje. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” (Heb. 6:10) Ngakho, kugwemeni ukuba nombono ongafanele nokucabanga ukuthi ngenxa yokuthi senikhulile aniselona usizo kuJehova. Esikhundleni sokucabanga ngezinto ezicindezelayo nezingakhi, zamani ukucabanga ngezakhayo. Jabulelani izibusiso eninazo nethemba lenu ngekusasa! UMdali wethu uqinisekisa ukusinika “ikusasa nethemba” okungcono kakhulu. (Jer. 29:11, 12; IzE. 17:31; 1 Thim. 6:19) Cabangani ngethemba eninalo, lwelani ukuhlala nibasha enhliziyweni nasengqondweni, futhi ningalokothi nikuthathe kancane ukubaluleka kwenu ebandleni! *

16. Kungani omunye umzalwane osekhulile acabanga ukuthi kufanele ayeke ukukhonza njengomdala, kodwa indikimba yabadala yamkhuthaza kanjani?

16 Cabanga ngoJohan oneminyaka engu-80 ubudala kodwa omnakekela ngokwethembeka umkakhe, uSannie, oxhwaliswe ukugula. * Odade bayashintshana ngokuhlalisa uSannie ukuze uJohan akwazi ukuya emihlanganweni nasenkonzweni. Nokho, muva nje, uJohan wazizwa engasenamandla okuthwala lesi simo futhi waqala ukucabanga ukuthi akusafanele aqhubeke engumdala webandla. Egcwele izinyembezi, wabuza: “Kusasiza ngani ukuba kwami umdala? Awukho umsebenzi owusizo engisawenza ebandleni.” Abanye abadala bamqinisekisa ngokuthi okuhlangenwe nakho nokwahlulela kwakhe kuwusizo olungenakuqhathaniswa. Bamncenga ukuba aqhubeke ekhonza njengomdala, ngisho noma ayekwenza kwakulinganiselwe. Ekhuthazeke kakhulu, uJohan uyaqhubeka ekhonza njengomdala futhi ibandla liyabusiseka ngalokho.

UJehova Ukhathalela Ngempela

17. IBhayibheli liwanikeza siphi isiqinisekiso amaKristu asekhulile?

17 ImiBhalo ikwenza kucace ukuthi asebekhulile bangaqhubeka bechuma ngokomoya naphezu kwezinkinga ezihambisana nokuguga. Umhubi wathi: “Labo abatshalwé endlini kaJehova . . . bayoqhubeka bechuma nasebumpungeni, bayohlala bekhuluphele bencwaba.” (IHu. 92:13, 14) Umphostoli uPawulu, okungenzeka ukuthi wayenenkinga ethile yempilo, akazange ‘ayeke, ngisho noma umuntu ayenguye ngaphandle ayewohloka.’—Funda eyesi-2 Korinte 4:16-18.

18. Kungani esikholwa nabo asebekhulile nabantu ababanakelelayo bedinga usizo lwabanye?

18 Izibonelo eziningi zanamuhla zifakazela ukuthi asebekhulile ‘bangaqhubeka bechuma.’ Kodwa izinselele zokugula nokuguga zingase ziqede amandla, ngisho nakulabo abanamalungu omkhaya akhathalelayo nazimisele ukubasiza. Abanakekeli nabo bangase bakhathale. Ibandla linelungelo nomthwalo wemfanelo wokulubonisa ngokoqobo uthando lwalo ngasebekhulile nangalabo ababanakekelayo. (Gal. 6:10) Ngokusiza ngalezi zindlela siyobe singabatsheli ukuba bahambe ‘bafudumale futhi basuthe’ sibe singabasizi ngezindlela ezingokoqobo.—Jak. 2:15-17.

19. Kungani amaKristu athembekile asekhulile engabheka ikusasa ngokuqiniseka?

19 Ukukhula kungase ngandlela-thile kuphazamise imisebenzi yomKristu, kodwa ukuhamba kweminyaka akuluqedi uthando uJehova analo ngezinceku zakhe esezikhulile ezithembekile. Kunalokho, wonke la maKristu athembekile ayigugu emehlweni akhe futhi akasoze awashiya. (IHu. 37:28; Isaya 46:4) UJehova uyowasekela futhi awaqondise phakathi nayo yonke iminyaka yawo yokukhula.—IHu. 48:14.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 6 Bheka isihloko esithi “Asebekhulile Bayisibusiso Kwabasebasha,” kuyi-Nqabayokulinda ka-June 1, 2007.

^ par. 7 Bheka i-Phaphama! ka-February 8, 1994, amakhasi 3-10.

^ par. 10 Kwamanye amazwe, lokhu kungase kuhlanganise ukusiza asebekhulile ukuba bathole usizo lukahulumeni. Bheka isihloko esithi “UNkulunkulu Uyabakhathalela Asebekhulile,” kuyi-Nqabayokulinda ka-June 1, 2006.

^ par. 11 Bheka isihloko esithi “UJehova Uyasikhathalela Njalo,” kuyi-Nqabayokulinda ka-September 1, 2003.

^ par. 16 Amagama ashintshiwe.

Ungaphendula Kanjani?

• Kungani ubheka amaKristu athembekile asekhulile njengayigugu?

• Singabonisa kanjani ukuthi siyabahlonipha abakhulekeli asebekhulile esikanye nabo?

• Yini engasiza izinceku zikaJehova esezikhulile ukuba zibe nombono ofanele?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 18]

Amalungu ebandla abazisa kakhulu asebekhulile