Uhlu Lokuphakathi
Uhlu Lokuphakathi
August 15, 2008
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO ZALA MASONTO:
September 29, 2008–October 5, 2008
UJehova Ngeke Abashiye Abaqotho Bakhe
IKHASI 3
IZINGOMA: 114, 223
October 6-12, 2008
Londoloza Ubuqotho Ngenhliziyo Enobunye
IKHASI 7
IZINGOMA: 38, 8
October 13-19, 2008
Dumisa UJehova Ngokuziphatha Ngendlela Enesithunzi
IKHASI 12
IZINGOMA: 48, 136
October 20-26, 2008
UJehova Uzikhathalela Ngesisa Izinceku Zakhe Esezikhulile
IKHASI 17
IZINGOMA: 58, 216
October 27, 2008–November 2, 2008
Ingabe Ulukhuluma Kahle ‘Ulimi Oluhlanzekile’?
IKHASI 21
IZINGOMA: 78, 169
Injongo Yezihloko Ezifundwayo
Izihloko Ezifundwayo 1, 2 AMAKHASI 3-11
Lezi zihloko zidingida okwenzeka lapho ama-Israyeli ehlukana eba umbuso wasenyakatho nowaseningizimu futhi zibonisa indlela uJehova angabashiyi ngayo abaqotho bakhe. Zigcizelela isidingo sokuba sihlakulele ubuqotho obusuka enhliziyweni manje ukuze singanqotshwa isilingo sokuthanda izinto ezibonakalayo noma sokugabadela.
Isihloko Esifundwayo 3 AMAKHASI 12-16
Lesi sihloko sibonisa indlela ukwazisa isithunzi sikaNkulunkulu okufanele kusithinte ngayo. Sidingida lokho esingakufunda ngesithunzi endleleni uJesu aphatha ngayo abanye. Funda nangendlela enesithunzi esingaphatha ngayo abanye.
Isihloko Esifundwayo 4 AMAKHASI 17-21
Funda ukubheka amaKristu asekhulile ngendlela uJehova awabheka ngayo. Phawula indlela iBhayibheli elisisiza ngayo ukuba sihloniphe ulwazi nokuhlangenwe nakho kwawo, sicabangele imizwa yawo futhi siwasize ukuba ahlale ematasa ezintweni ezingokomoya.
Isihloko Esifundwayo 5 AMAKHASI 21-25
Esebenzisa umprofethi wakhe uZefaniya, uJehova wathi: “Ngiyokwenza izizwe ukuba zishintshele olimini oluhlanzekile.” (Zef. 3:9) Thola ukuthi luyini ‘ulimi oluhlanzekile.’ Bona ukuthi iziphi izinyathelo ongazithatha ukuze ulwazi kahle. Thola nokuthi ungalusebenzisa kanjani lolu limi oluyingqayizivele ukuze udumise uJehova.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI:
IKHASI 26
IKHASI 29
Izithunywa Zevangeli Zifaniswa Nesikhonyane
IKHASI 30