Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

USathane waxoshwa nini ezulwini?—IsAm. 12:1-9.

Nakuba incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ingasisho isikhathi esiqondile sokuxoshwa kukaSathane ezulwini, iyakhuluma ngezenzakalo eziwuchungechunge ezingasisiza ukuba sihlawumbisele ukuthi waxoshwa nini. Isenzakalo sokuqala siwukuzalwa koMbuso KaMesiya. Ngemva kwaso, “kwagqashuka impi ezulwini” eyaholela ekunqotshweni kukaSathane nasekuxoshweni kwakhe ezulwini.

ImiBhalo ibonisa ngokucacile ukuthi u-1914 unyaka okwaphela ngawo “izikhathi ezimisiwe zezizwe” nokwamiswa ngawo uMbuso. * (Luka 21:24) Yagqashuka ngokushesha kangakanani impi ezulwini eyaholela ekuxoshweni kukaSathane?

IsAmbulo 12:4 sithi: “Udrako [uSathane] waqhubeka emi phambi kowesifazane owayesezobeletha, ukuze kuthi lapho esebelethile, ashwabadele umntanakhe.” Lokhu kubonisa ukuthi uSathane wayefuna ukuwuchitha ngokushesha uMbuso owawusanda kumiswa, uma kungenzeka, lapho nje uzalwa. Nakuba ukungenela kukaJehova kwamvimbela uSathane ukuba afeze inhloso yakhe embi, uSathane wayezimisele futhi engadeli emzamweni wakhe wokuchitha lo Mbuso owawusanda kumiswa. Ngakho-ke, kusobala ukuthi “uMikayeli nezingelosi zakhe” babengezukuchitha sikhathi ekuthatheni isinyathelo sokususa ‘udrako nezingelosi zakhe’ ezulwini ukuze kungabi nalutho oluphazamisa lo Mbuso. Lokhu kusikisela ukuthi ukunqotshwa nokuxoshwa kukaSathane kwenzeka ngokushesha ngemva kokuzalwa koMbuso ngo-1914.

Okunye okufanele sikucabangele ukuvuswa kwamaKristu agcotshiwe okwaqala ngokushesha ngemva kokumiswa koMbuso, njengoba kubonisa ubufakazi bemiBhalo. * (IsAm. 20:6) Njengoba kungashiwo ukuthi abafowabo bakaKristu abagcotshiwe bahlanganyela noJesu ekulweni nodrako nezingelosi zakhe, impi yasezulwini nokuxoshwa kukaSathane namademoni akhe kumelwe ukuba yase iphelile ngesikhathi kuqala ukuvuswa kwabafowabo bakaKristu.

Ngakho, iBhayibheli alisisho ngokuqondile isikhathi uSathane namademoni akhe abaxoshwa ngaso ezulwini. Noma kunjalo, kusobala ukuthi lokhu kwenzeka ngokushesha ngemva kokubekwa kukaJesu Kristu esihlalweni sobukhosi ezulwini ngo-1914.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 6 Bheka INqabayokulinda ka-January 1, 2007, amakhasi 27-28, izigaba 9-13.